Voice of Justice

Voice of Justice

2018/11/20

2. Kungani uNkulunkulu ebusisa ibandla elamukela nelithobela umsebenzi Wakhe? Kungani eqalekisa izinhlangano zezenkolo?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla,ivangeli,Iqiniso

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Ngoba labo abakwezenkolo bayehluleka ukwamukela umsebenzi kaNkulunkulu omusha, futhi babambelela emsebenzini wakudala, ngakho uNkulunkulu ubalahlile labo bantu, futhi wenza umsebenzi Wakhe omusha kubantu abamukela lo msebenzi omusha. Laba ngabantu abasebenzisana nomsebenzi Wakhe omusha, futhi umsebenzi wokuphatha ungafezeka ngale ndlela kuphela.

kwesithi “Umsebenzi KaNkulunkulu Nokwenza Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Bonke labo abasemgudwini kaMoya oNgcwele baphethwe ubukhona kanye nokuqondisa kukaMoya oNgcwele, futhi labo abangekho ngaphakathi komgudu kaMoya oNgcwele bangaphansi kokulawula kukaSathane, futhi abanawo umsebenzi kaMoya oNgcwele. Abantu abasemgudwini kaMoya oNgcwele yilabo abamukela umsebenzi omusha kaNkulunkulu, labo ababambisanayo emsebenzini kaNkulunkulu omusha. … Labo abamukela umsebenzi omusha kaMoya oNgcwele, bazophila ngaphakathi komgudu kaMoya oNgcwele, bamukela ukunakekelwa nokuvikelwa uMoya oNgcwele. Labo abazimisele ngokwenza iqiniso bakhanyiselwa uMoya oNgcwele, futhi labo abangazimisele ngokwenza iqiniso bayaqondiswa uMoya oNgcwele, futhi bangaze bajeziswe. Ngisho noma umuntu unjani, kuncike ekutheni basemgudwini kaMoya oNgcwele, uNkulunkulu uzothwala ijoka labo bonke abamukela umsebenzi Wakhe omusha ngenxa yegama Lakhe. … Akunjalo kubantu abangawamukeli umsebenzi omusha: Bangaphandle komgudu koMoya oNgcwele. … Akukho okwenziwa yilabo abangekho emgudwini kaMoya ONgcwele abahlangene nomsebenzi omusha kaMoya oNgcwele. Ngenxa yalokhu, noma bengaba kuphi, abaqondiswanga uMoya oNgcwele, futhi, phezu kwakho konke, ngaphandle abakhanyiselwanga uMoya oNgcwele. Ngoba bonke bangabantu abangenalo uthando lweqiniso, futhi bayazondwa futhi bachithwe uMoya oNgcwele. Babizwa ngokuthi bangabenzi bobubi ngoba baphila enyameni, futhi benza noma yini ebathokozisayo ngaphansi kwegama likaNkulunkulu. Ngenkathi uNkulunkulu esebenza, abazisondezi Kuye ngamabomu, futhi bagijimela kwelinye icala elingahambisani Naye. Ukwehluleka komuntu ukusebenzisana noNkulunkulu kuwukuhlubuka kuNkulunkulu okukhulu ngokwakho, ukungasho lutho ngokubaleka ngamabomu kwabantu kuNkulunkulu. Ngabe-ke, bazokuthola ukuphindiselwa ngokufanele? Ngokubalwa kokwenza okubi kwalaba bantu, abanye abantu bayehluleka ukungabathuki, kanti uNkulunkulu uyabaziba. Kumuntu, kubukeka sengathi ukwenza kwabo kuphathelene negama likaNkulunkulu, kuNkulunkulu, abanabo ubudlelwano negama Lakhe noma abanabufakazi Ngaye. Noma bangenzani laba bantu, akuhlangene noNkulunkulu: akuhlangene negama Lakhe kanye nomsebenzi Wakhe wanamuhla. Laba bantu bayazihlaza, futhi babonakalisa uSathane; bangabenzi bobubi abasebenzela usuku lolaka. Namuhla, noma bengenzani, futhi kuncike ekutheni bangaphazamisi ukuphatha kukaNkulunkulu futhi abangahlangene nhlobo nomsebenzi kaNkulunkulu, abantu abanjalo ngeke babhekane nembuyiselo ehambisanayo, ngoba usuku lolaka alukafiki. Kuningi abantu abakholwa ukuthu uNkulunkulu ukube usebhekene nakho, futhi bacabanga ukuthi abenzi bobubi kumele babhekane nempindiselo ebafanele ngokushesha. Kodwa njengoba umsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha ungakafiki ekugcineni, futhi nosuku lolaka alukafiki, abangalungile bayaqhubeka nokwenza ukwenza kokungalungi. Abanye bathi labo abasenkolweni abanabo ubukhona noma umsebenzi kaMoya oNgcwele, futhi bahlambalaza igama likaNkulunkulu; pho kungani uNkulunkulu engababhubhisi, kunalokho usabekezelela ukuhlubuka kwabo? Laba bantu, ababonakalisa uSathane futhi abaveza inyama, abazi, bangabantu abaphansi, bangabantu abaxakile. Ngeke bakubone ukufika kolaka lukaNkulunkulu ngaphambi kokuba baqonde ukuthi uNkulunkluu uwenza kanjani umsebenzi Wakhe kubantu, futhi uma sebenqotshwe ngokuphelele, labo abenza ububi bazothola impindiselo, futhi akekho noyedwa kubo oyokwazi ukubalekela usuku lolaka. Manje akusona isikhathi sokujeziswa komuntu, kodwa isikhathi sokwenziwa komsebenzi wokunqoba, ngaphandle uma kukhona labo abakhubaza ukuphatha kukaNkulunkulu, lapho beyojeziswa ngokobubi bezenzo zabo. Ngesikhathi sokuphatha isintu kukaNkulunkulu, bonke labo abasemgudwini kaMoya oNgcwele banobuhlobo noNkulunkulu. Labo abazondwayo futhi abachitshwa uMoya oNgcwele baphila ngaphansi kwethonya likaSathane, futhi abakwenzayo akunabudlelwano noNkulunkulu. Yilabo abamukela umsebenzi kaNkulunkulu omusha kuphela, nababambisana noNkulunkulu, abanobudlelwane noNkulunkulu, ngoba umsebenzi kaNkulunkulu ubhekiswe kuphela kulabo abamamukelayo, hhayi bonke abantu, ngisho noma bayawemukela noma cha. Umsebenzi owenziwa uNkulunkulu uhlala ubheke kokuthile, awenzelwa nje ubala. Labo abahambisana noSathane abakulungele ukufakazela uNkulunkulu, futhi abakulungele ukusebenzisana noNkulunkulu.

kwesithi “Umsebenzi KaNkulunkulu Nokwenza Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Okubaluleke kakhulu ekulandeleni uNkulunkulu ukuthi konke kumele kuye ngokwamazwi kaNkulunkulu: Noma ngabe uphokophelela ukungena ekuphileni noma ukugcwalisa intando kaNkulunkulu, yonke into kumele igxile emazwini kaNkulunkulu. Uma lokhu okukhulumayo nalokhu okuphokophelelayo kungagxilile emazwini kaNkulunkulu, lokhu kusho ukuthi awuwazi amazwi kaNkulunkulu, futhi awuwazi umsebenzi kaMoya Ongcwele. UNkulunkulu ufuna abantu abalandela ezinyathelweni zaKhe. Noma ngabe kuhle futhi kumsulwa kangakanani obukuqonda ngaphambi kwalokhu, uNkulunkulu akakufuni, futhi uma ungakwazi ukuhlukana nezinto ezinjalo, zizoba isithiyo ekungeneni ekusaseni lakho. Babusisiwe bonke laba abakwazi ukulandela ukukhanya kwamanje kukaMoya Ongcwele. … Labo abalandela umsebenzi wamanje kaMoya Ongcwele, nabakwazi ukulandela izinyathelo zikaNkulunkulu, ngendlela yokuthi balandela uNkulunkulu noma kuphi lapho ebaholela khona—laba abantu ababusisiwe nguNkulunkulu. Labo abangawulandeli umsebenzi wamanje kaMoya Ongcwele abakangeni emsebenzini wamazwi kaNkulunkulu, futhi noma bengasebenza kangakanani, noma bengahlupheka kangakanani, noma bengaba matasa kangakanani, konke lokho akusho lutho kuNkulunkulu, futhi ngeke abancome. Namuhla, bonke laba abalandela amazwi kaNkulunkulu basendleleni eyodwa noMoya Ongcwele; labo abangawazi amazwi kaNkulunkulu bangaphandle kwendlela kaMoya Ongcwele, kanti futhi abantu abanjalo uNkulunkulu akajabuli ngabo. Umsebenzi ohlukene namazwi kaMoya Ongcwele ngumsebenzi wenyama, wemiqondo, futhi awukwazi ukuhambisana nentando kaNkulunkulu. Uma abantu bephila phakathi komqondo wenkolo, kusho ukuthi abakwazi ukwenza nanoma yini ehambisana nentando kaNkulunkulu, yize besebenzela uNkulunkulu, bamsebenzela ingakashintshi indlela abacabanga ngayo, futhi abakwazi ukusebenza ngokuhambisana nentando kaNkulunkulu. Labo abangakwazi ukulandela umsebenzi kaMoya Ongcwele abayiqondi intando kaNkulunkulu, kanti labo abangayiqondi intando kaNkulunkulu ngeke bamsebenzele uNkulunkulu. UNkulunkulu ufuna umsebenzi ofuna inhliziyo yaKhe; akafuni umsebenzi womqondo nenyama. Uma abantu bengakwazi ukulandela izinyathelo zomsebenzi kaMoya Ongcwele, kusho ukuthi baphila ngemiqondo, kanti ukusebenza kwabantu abafana nalaba kuyaphazamisa. Ukusebenza okunjalo kuphambene noNkulunkulu, ngalokho labo abangakwazi ukulandela izinyathelo zikaNkulunkulu nakanjani baphikisana noNkulunkulu, futhi akunakwenzeka bavumelane noNkulunkulu. “Ukulandela umsebenzi kaMoya Ongcwele” kusho ukuqonda intando kaNkulunkulu namuhla, ukwazi ukwenza ngokwezidingo zamanje zikaNkulunkulu, ukwazi ukuthobela nokulandela uNkulunkulu namuhla, nokungena ngokuhambisana namazwi amuva kaNkulunkulu. Lona ngumuntu olandela umsebenzi kaMoya Ongcwele futhi osendleleni kaMoya Ongcwele. Abantu abafana nalaba akukona ukuthi bafanelwe ukuthola ukubongwa nguNkulunkulu nokubona uNkulunkulu, kodwa abazokwazi isimo sikaNkulunkulu emsebenzini wakamuva kaNkulunkulu, futhi bazokwazi imiqondo yabantu nokungathobeki, nendalo yomuntu kanye nesiqu, emsebenzini waKhe wakamuva; futhi, bayakwazi ukuthi bashintshe kancane kancane esimweni sabo ngenkathi besebenza. Ngabantu abafana nalaba kuphela abakwaziyo ukuzuza uNkulunkulu, nasebethole indlela yeqiniso. Labo abasuswa ngomsebenzi kaMoya Ongcwele abantu abangakwazi ukulandela umsebenzi wakamuva kaNkulunkulu, abahlamuka umsebenzi wakamuva kaNkulunkulu. Ukuthi abantu abafana nalaba baphikisa uNkulunkulu ngokusobala kungenxa yokuthi umfanekiso kaNkulunkulu awufani nalona abazenzele wona emiqondweni yabo—ngenxa yokuthi baphikisa uNkulunkulu ngokusobala bahlulele uNkulunkulu, okuholela ekutheni uNkulunkulu abazonde futhi abachithe. Ukuba nolwazi lomsebenzi wakamuva kaNkulunkulu akuyona into elula, kodwa uma abantu bengathobela umsebenzi kaNkulunkulu bafune umsebenzi kaNkulunkulu, bazokwazi ukuba nethuba lokubona uNkulunkulu, futhi bazokwazi ukuba nethuba lokuzuza ukuqondiswa okusha nguMoya Ongcwele. Labo abaphikisa umsebenzi kaNkulunkulu ngenhloso abakwazi ukuthola ulwazi ngoMoya Ongcwele noma ukuqondiswa nguNkulunkulu; ngalokhu, noma abantu bayawuthola umsebenzi wakamuva kaNkulunkulu noma cha kuncike emseni kaNkulunkulu, kuncike ekulandeleni kwabo, futhi kuncike ezinhlosweni zabo.

Babusisiwe bonke labo abakwazi ukuthobela amazwi kaMoya Ongcwele. Akukhathaleki ukuthi babenjani, noma uMoya Ongcwele wayesebenza kanjani ngaphakathi kubo—labo asebezuze umsebenzi wakamuva yibo ababusiseke kakhulu, kanti labo abangakwazi ukulandela umsebenzi wakamuva namuhla bayasuswa.

kwesithi “Yazi Umsebenzi Wakamuva KaNkulunkulu Bese Ulandela Ezinyathelweni ZikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Labo abangakwazi ukulandela ezinyathelweni zikaNkulunkulu abakwazi ukuthola lolo hlobo lwempilo. Bazobe sebezehlisele ebumnyameni, lapho beyokhala futhi bagedle amazinyo abo; bangabantu abakholwa kuNkulunkulu kodwa abangamlandeli, abakholwa uNkulunkulu kodwa abangalaleli wonke umsebenzi Wakhe. Njengoba umuntu ekholwa kuNkulunkulu, kumele alandele eduze ezinyathelweni zikaNkulunkulu, isinyathelo nesinyathelo; kumele "alandele iMvana noma ngabe iya kuphi." Yilaba bantu kuphela abafuna indlela yeqiniso, yibo abazi umsebenzi kaMoya oNgcwele. Abantu ababhala izincwadi nezimfundiso yilabo abakhishiwe ngumsebenzi kaMoya oNgcwele. Esikhathini ngasinye, uNkulunkulu uzoqala umsebenzi omusha, futhi esikhathini ngasinye, kuzoba nesiqalo esisha kubantu. Uma umuntu elandela iqiniso lokuthi "uJehova nguNkulunkulu" futhi "uJesu nguKristu," okungamaqiniso asebenza kuphela enkathini eyodwa, umuntu-ke akasoze ahambisana nomsebenzi kaMoya oNgcwele, futhi uyohlala engakwazi ukuzuza umsebenzi kaMoya oNgcwele. Noma ngabe uNkulunkulu usebenza kanjani, umuntu ulandela ngaphandle kokungabaza, futhi ulandela eduze. Ngale ndlela, umuntu ubengasuswa kanjani uMoya ONgcwele? Noma ngabe wenzani uNkulunkulu, inqobo uma umuntu enesiqiniseko sokuthi umsebenzi kaMoya oNgcwele, futhi ehambisana nomsebenzi kaMoya oNgcwele ngaphandle kokunqikaza, futhi ezama ukuhlangabezana nezidingo zikaNkulunkulu, pho angajeziswa kanjani? … Umuntu ukholwa ukuthi ama-Israyeli ayenephutha "ngokukholwa kuJehova bese engakholwa kuJesu," kodwa abantu abaningi babamba iqhaza kulokhu "ukukholwa kuJehova bachithe uJesu" futhi "balangazela ukubuya kukaMesiya, kodwa baphikisa uMesiya obizwa ngokuthi uJesu." Akumangazi-ke ukuthi abantu basaphila ngaphansi kukaSathane emuva kokwamukela isigaba esisodwa somsebenzi kaMoya oNgcwele, futhi abakazitholi izibusiso zikaNkulunkulu. Lokhu akudalwa ukuhlubuka komuntu? AmaKristu emhlabeni jikelele angahambisananga nomsebenzi omusha wanamuhla abambelele enkolweni yokuthi asenhlanhleni, ukuthi uNkulunkulu uzofeza izifiso zabo ngazinye. Nokho abakwazi ukusho baqiniseke ukuthi kungani uNkulunkulu ezobayisa ezulwini lesithathu, futhi abanasiqiniseko ngokuthi uJesu uzobalanda egibele ifu elimhlophe, futhi bengesho nakancane ngokuqiniseka ukuthi uJesu uzofika ngempela na egibele phezu kwefu elimhlophe ngalolo suku abalucabangayo. Bonke balangazele, futhi badidekile; nabo uqobo abazi nokuthi ngabe uNkulunkulu uzothatha omunye nomunye wabo, ingcosane yabantu abehlukene, bakuwo wonke amahlelo. Umsebenzi owenziwa uNkulunkulu manje, inkathi yamanje, intando kaNkulunkulu - abaqondi kutho kulokhu, futhi akukho okunye abangakwenza ngaphandle kokubala izinsuku ngeminwe yabo. Yilabo kuphela abalandela ezinyathelweni zeMvana kuze kube sekugcineni abayokwazi ukuthola izibusiso zokugcina, kanti labo bantu “abahlakaniphile,” abangakwazi ukulandela kuze kube sekugcineni kepha bekholwa ukuthi bakuzuze konke, ngeke bakwazi ukubona ukuvela kukaNkulunkulu. Bonke bakholwa ukuthi bangabantu abakhaliphe kakhulu emhlabeni, futhi bayakunqamula ukuqhubeka kokuthuthukisa umsebenzi kaNkulunkulu ngaphandle kwesizathu, futhi kubukeka sengathi bakholwa ngokugcwele ukuthi uNkulunkulu uzobayisa ezulwini, lapho "abathembeke kuNkulunkulu kakhulu, abalandela uNkulunkulu, abalandela amazwi kaNkulunkulu." Noma "bethembeke ngokweqile" amazwini akhulunywe uNkulunkulu, amazwi abo nezenzo kusabonakala kunyanyisa kakhulu ngoba kuphikisana nomsebenzi kaMoya oNgcwele, futhi benza inkohliso nobubi. Labo abangalandeli kuze kube sekugcineni, abasilelayo emsebenzini kaMoya oNgcwele, futhi ababambelela emsebenzini omdala abahlulekanga nje ukugcwalisa ukwethembeka kuNkulunkulu kuphela, kodwa, baphenduke labo abaphikisana noNkulunkulu, baba yilabo abachitha isikhathi esisha, futhi abazojeziswa. Ngabe bakhona abadabukisa ngaphezu kwabo? Abaningi baze bakholwe ukuthi labo abachitha umthetho omdala futhi bamukele umsebenzi omusha abananembeza. Laba bantu, abakhuluma ngonembeza kuphela, futhi bengawazi umsebenzi kaMoya oNgcwele, bazogcina sebenqanyulelwe amathuba okuthuthuka ngobabo onembeza. Umsebenzi kaNkulunkulu awulandeli imfundiso, futhi yize kungumsebenzi Wakhe uqobo, uNkulunkulu akabambeleli kuwo. Lokho okumele kuphikwe kuyaphikwa, lokho okumele kunqunywe kuyanqunywa. Kepha umuntu uzenza isitha sikaNkulunkulu ngokubambelela engxenyeni encane yomsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha. Akukhona ukuxaka komuntu lokhu? Akukhona ukungazi komuntu lokhu? Uma abantu belokhu benovalo futhi beqaphele kakhulu ngenxa yokwesaba ukungazitholi izibusiso zikaNkulunkulu, yilapho behluleka khona ukuthola izibusiso ezinkulu, kanye nokuthola isibusiso sokugcina. Labo bantu abalandela umthetho njengezigqila bonke bakhombisa ukwethembeka okukhulu emthethweni, futhi abaveza lokho kwethembeka emthethweni, yibo abangabahlubuki abaphikisana noNkulunkulu. Ngoba manje ekuyiNkathi Yombuso hhayi iNkathi yoMthetho, futhi umsebenzi wanamuhla ungeqhathaniswe nomsebenzi wakudala, futhi umsebenzi wakudala ungeqhathaniswe nomsebenzi wanamuhla. Umsebenzi kaNkulunkulu sewuguqukile, futhi ukwenza komuntu nakho sekuguqukile; akusewona owokubambelela emthethweni noma ukuthwala isiphambano. Ngakho, ukwethembeka kwabantu emthethweni nasesiphambanweni akuzukuthola ukuvunywa uNkulunkulu.

kwesithi “Umsebenzi KaNkulunkulu Nokwenza Komuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umuntu ukholelwa ukuthi ngemva kokubethelwa novuko, uJesu wabuyela ezulwini ngefu elimhlophe, wabe esethola indawo Yakhe ngakwesokunene Sophezu Konke. Ngokufanayo, umuntu ucabanga ukuthi uJesu uzophinde ehle ngefu elimhlophe (leli fu libhekisela efwini lelo uJesu anyuka ngalo lapho ebuyela ezulwini), phakathi kwalabo abebelokhu bemlinde ngokulangazela iminyaka eyizinkulungwane nokuthi uzoba nesithombe nezembatho zamaJuda. Ngemva kokuvela kubantu, uyobanika ukudla futhi enze amanzi okuphila ukuba agobhoze phambi kwabo futhi aphile nabantu, egcwele umusa nothando, ephila futhi engokoqobo. Njalo njalo. Nokho uJesu uMsindisi akazange akwenze lokhu; wenza okuphambene nalokho umuntu ayekucabanga. Akazange afike kulabo abebelokhu belinde ukubuya Kwakhe futhi akazange abonakale kubo bonke abantu njengoba ayegibele ifu elimhlophe. Usefikile, kodwa abantu abamazi, futhi bayaqhubeka bengakunaki ukufika Kwakhe. Abantu bamane bamlinda ngokungenasidingo futhi bengaboni ukuthi usehlile ngefu elimhlophe (ifu eliwuMoya Wakhe, amazwi Akhe kanye nesimo semvelo Yakhe yonke nakho konke ayikho), manje usephakathi kweqembu labantu abangabanqobi azobakha phakathi nezinsuku zokugcina. Abantu abakwazi lokhu: Nakuba uMsindisi ongcwele uJesu egcwele uthando futhi ebakhonzile abantu, angasebenza kanjani “emathempelini” agcwele ukungcola nemimoya emibi? Nakuba umuntu elokhu elinde ukufika Kwakhe, angabonakala kanjani kulabo abadla inyama yabangalungile baphuze igazi labangalungile, bagqoke izingubo zabangalungile, abakholelwa Kuye kodwa bengamazi futhi abaqhubeka bemphanga? Abantu bazi kuphela ukuthi uJesu uMsindisi ugcwele uthando nobubele, futhi ungumnikelo wesono oyisihlawulelo. Kodwa umuntu akaqondi nakancane ukuthi Yena unguNkulunkulu Uqobo, ochichima ukulunga, ubukhosi, ulaka nesahlulelo, onegunya futhi abe nesithunzi. Nakuba kunjalo umuntu usakulangazelela futhi ukomele ukubuya koMkhululi, futhi ngisho noma Izulu linyakaza ngenxa yemithandazo yabantu, uJesu uMsindisi akabonakali kulabo abakholelwa Kuye kodwa bengamazi.

kwesithi “Umsindisi Usebuyile ‘Esefwini Elimhlophe’” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kungani ngithi labo abasemhlabeni wezenkolo abakholelwa kuNkulunkulu futhi bangabenzi bobubi, abawuhlobo olufanayo noSathane? Uma ngithi bangabenzi bobubi, kungenxa yokuthi abayiqondi intando kaNkulunkulu noma babone ubuhlakani Bakhe. UNkulunkulu akawuvezi umsebenzi Wakhe kubo nhlobo; bangabantu abayizimpumputhe, abangayiboni imisebenzi kaNkulunkulu. Yilabo abashiywe nguNkulunkulu, abanganakekelwe futhi abangavikelwe uNkulunkulu, ingasaphathwa eyomsebenzi kaMoya Oyingcwele. Labo abangenawo umsebenzi kaNkulunkulu bangabenzi bobubi futhi bamelene noNkulunkulu.

kwesithi “Bonke Abangamazi UNkulunkulu Bayilabo Abaphikisana NoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Abafuni ukuvumela isimo sikaNkulunkulu noma uNkulunkulu wangempela uqobo Lwakhe ukuba angene ezinhliziyweni zabo. Bafuna nje ukwanelisa izifiso zabo, imicabango nezinto abazifunayo. Ngakho laba bantu bangase bakholelwe kuNkulunkulu, balandele uNkulunkulu, futhi bangaze ngisho balahle ithemba emindenini yabo nasemisebenzini yabo, kodwa ngeke bayeke izindlela zabo ezimbi. Abanye baze bantshontshe noma badle iminikelo, noma baqalekise uNkulunkulu ngasese, kuyilapho abanye bengase basebenzise izikhundla zabo ukuze bazifakazele bephindelela, bazikhukhumeze futhi bancintisane noNkulunkulu ngenxa yabantu noma isithunzi. Basebenzisa izindlela ezehlukahlukene nezikali ukuze benze abantu babakhonze, bahlale befuna ukunqoba abantu futhi babalawule. Abanye baze ngisho bakhohlise abantu ngenhloso babenze bacabange ukuthi bangoNkulunkulu ukuze baphathwe njengoNkulunkulu. Abasoze batshela abantu ukuthi bonakalisiwe, nokuthi nabo bakhohlakele futhi banenkani, abangabakhonzi, nokuthi kungakhathaliseki ukuthi benzani kusancike ekuphakanyisweni kukaNkulunkulu nalokho okufanele ngabe bayakwenza. Kungani bengazisho lezi zinto? Ngoba besaba kakhulu ukuthi bazosuke bengabe besayithola indawo yabo ezinhliziyweni zabantu. Yingakho abantu bengamdumisi uNkulunkulu, bengafakazi ngoNkulunkulu, ngoba abakaze bazame ukuqonda uNkulunkulu.

kwesithi “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe I” kwethi Ukuqhutshwa kwesithi Izwi Livela Lisenyameni

Alenqabe ngamabomu iqiniso, naphezu kokucaca kwalo. Amadodana okuhlubuka! Kunjengokungathi, manje njengoba inkosi yesihogo yehlele esihlalweni sobukhosi, ayiziqhwaga ezihlukumeza abanye. Mangaki afuna iqiniso nalandela ukulunga? Onke ayizilwane njengezingulube nezinja, ahola iqembu lezinambuzane odakeni ukuze amakhanda azo asangane bese esusa uthuthuva.[1] Akholelwa ukuthi inkosi yawo yesihogo inkulu kunawo wonke amakhosi, awaboni ukuthi awazidluli ngalutho izimpukane ezibhuza ekudleni okubolile. Akukhona nje lokho kuphela, akunyundela ngonya ukuba khona kukaNkulunkulu ngokuncika kubazali bawo abayizingulube nezinja. Izimpukane ezincane zicabanga ukuthi abazali bazo bakhulu njengomkhoma onamazinyo.[2] Aziboni yini ukuthi zincane, kodwa abazali bazo bayizingulube nezinja ezingcole izikhathi eziyizigidigi ukwedlula zona? zingakuboni ukuba phansi kwazo, ziyatshakadula nephunga lalezo zingulube nezinja futhi ziyazikhohlisa ngekusasa lezizukulwane ezizayo. Lokho kushayisa amahloni! Anezimpiko eziluhlaza emhlane (lapha kukhulunywa ngokusho kwawo ukuthi akholelwa kuNkulunkulu), aqala ukukhohliseka futhi ahambe ezishaya isifuba ngobuhle bawo, efaka ngesinyelela ukungcola kumuntu. Ayizigelekeqe, njengokungathi amaphiko amabili othingo lwenkosazane amibalabala anokungcola, ngakho ahlasela ukuba khona kukaNkulunkulu weqiniso (lapha kukhulunywa ngesimo sangaphakathi sezinkolo zomhlaba). Kuncane umuntu akwaziyo ngalokho, nakuba amaphiko empukane emahle, awahluke ndawo namaphiko empukane encane egcwele ukungcola namagciwane. Emandleni ezingulube nezinja zabo zabazali, avuka umbhejane ngaphesheya kwezwe (lana kukhulunywa ngezikhulu zenkolo ezishushisa uNkulunkulu ngenxa yokwesekwa kakhulu yizwe zikhaphele uNkulunkulu weqiniso neqiniso) ngamanga axakile. Kunjengokungathi izipoki zabaFarisi abangamaJuda zibuyele kuNkulunkulu ezweni likadrako omkhulu obomvu, esidlekeni sawo sakudala. Aphinde aqala umsebenzi wawo wokushushisa, aqhubeka nomsebenzi wawo wezinkulungwane zeminyaka. Leli qembu elibolile nakanjani lizogcina libhujisiwe emhlabeni! Kubonakala sengathi ngemva kwezinkulungwane eziningi zeminyaka, imimoya engcolile isingabakhohlisi namaqili kakhudlwana. Ihlale icabanga ngezindlela zokuwudicilela phansi ngobukhoshosho umsebenzi kaNkulunkulu. Eminyakeni eyizinkulungwane eziningi edlule ibilokhu ifuna ukuphamba nokukhohlisa abantu ezweni. Lokhu kwacishe kwamthukuthelisa kakhulu uNkulunkulu waletha isililo, kunzima ukuthi azithibe ekubuyeni ezulwini lesithathu ukuze abaqothule.

kwesithi “Umsebenzi Nokungena (7)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umhlaba uyawa! IBhabhiloni alikwazi kwenza lutho! Umhlaba wenkolo—ungahlala kanjani ungabhujiswa ngamandla Ami emhlabeni? Ubani osalokotha ukungangilaleli nokungiphikisa? Ababhali? Zonke izikhulu zenkolo? Ababusi nabasemagunyeni emhlabeni? Izingelosi? Ubani ongabungazi ukuphelela nokwenela komzimba Wami? Phakathi kwabo bonke abantu, ubani ongaculi amaculo Ami angaphezi, ubani ojabule ngokungapheli? … Kungenzeka kanjani ukuba amazwe emhlabeni angashabalali? Kungenzeka kanjani ukuba amazwe emhlabeni angawi? Kungani abantu Bami bengahalalisi? Kungani bengaculi ngenjabulo?

kwesithi “Izwi Lamashumi Amabili Nambili” Lamazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana Ezwini Elivela Lisenyameni

Imibhalo engezansi:

1. “Kuyilapho lingajeziswa ngobuningi” kubonisa ukuthi udeveli uqhubeka nokuphambana ikhanda kanye nokuvuka umbhejazana.

2. “Unhlakanhlaka ngokuphelele” kubhekisela endleleni yokuziphatha kobudlova kukadeveli okungabekezeleleki kubantu.

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana