Voice of Justice

Voice of Justice

2018/11/29

1. Ingabe uNkulunkulu weqiniso owadala izulu nomhlaba nakho konke uyedwa noma muthathu?

UNkulunkulu uSomandla,Iqiniso,umusa kaNkulunkulu

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

UFiliphu wathi kuye, Nkosi, sibonise uYihlo, futhi kusanele. UJesu wathi kuye, Isikhathi esingaka ngikanye nani, kodwa awukangazi, Filiphu? ongibonile mina ubonile uBaba; futhi usho kanjani ukuthi, Sibonise uYihlo? Awukholwa ukuthi ngikuBaba, nokuthi uBaba ukimi? amazwi engiwakhuluma kini angiwakhulumi ngokwami: kodwa uBaba ohlezi kimi, wenza imisebenzi. Kholwani yimi ukuthi ngikuBaba, nokuthi uBaba ukimi: uma kungenjalo kholwani yimi ngenxa yemisebenzi” (UJohane 14:8-11).

"Mina noBaba wami simunye" (Johane 10:30).

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

uNkulunkulu Nguye obuse phezu kwazo zonke izinto, futhi olawula zonke izinto. Wadala konke okukhona, uphinda abuse phezu kwakho konke okukhona ahlinzekele konke okukhona. Lesi yisimo sikaNkulunkulu, ubunjalo bukaNkulunkulu lobo. Ngoba zonke izinto kanye nakho konke okukhona, uNkulunkulu Nguye onguMdali, futhi Nguye uMbusi wazo zonke izinto. Lobo wubunjalo ayibo uNkulunkulu, futhi wehlukile kuzo zonke izinto. Asikho isidalwa sikaNkulunkulu—singaba kubantu, noma emhlabeni kamoya—esingasebenzisa noma ini ukuzenza noma ukuthatha indawo kaNkulunkulu nobunjalo kanye nesimo Sakhe, ngokuthi ukhona munye kuphela ezintweni zonke onobunjalo Bakhe, amandla, igunya, kanye nekhono lokubusa phezu kwazo zonke izinto: uNkulunkulu wethu Uqobo ohlukile.

kwesithi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele X” kwethi Ukuqhutshwa kwesithi Izwi Livela Lisenyameni

Kukhona uNkulunkulu oyedwa, noMoya owodwa kaNkulunkulu, njengoba kulotshiwe eBhayibhelini ukuthi “KunoMoya oNgcwele owodwa noNkulunkulu oyedwa kuphela.” … uNkulunkulu unguMoya, kodwa uyakwazi ukuba yinyama aphile phakathi kwabantu, futhi abe ngaphezu kwakho konke. UMoya wakhe uyikho konke futhi uhlale ukhona. Angakwazi ukuba senyameni ngesikhathi esifanayo abe kuyo yonke indawo. Njengoba bonke abantu bethi uNkulunkulu uwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, kusho ukuthi kunoNkulunkulu oyedwa, okwazi ukuba yikho konke! UNkulunkulu unguMoya owodwa, ungumuntu oyedwa; futhi lowo uMoya kaNkulunkulu.

kwesithi “Ingabe UZiqu Zintathu Into Ekhona?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma kukhona phakathi kwenu othi ikhona ngempela le nto kaZiqu Zintathu, akachaze ukuthi uyini ngempela lo Nkulunkulu oyedwa kubantu abathathu. Ungubani uYise oNgcwele? Ingubani iNdodana? Uyini uMoya oNgcwele? Ingabe uJehova unguYise oNgcwele? Ingabe uJesu uyiNdodana? Ngakho uyini pho uMoya oNgcwele? UYise akawona yini uMoya? Ingabe ingxenye ethile yeNdodana ayiwona yini uMoya? Imisebenzi kaJesu yayingeyona yini imisebenzi yoMoya oNgwele? Imisebenzi kaJehova okwesikhathi esithile yayiqondiswa uMoya ofana noJesu? UNkulunkulu oyedwa angaba nemiMoya emingaki? Ngokwencazelo yakho, la bantu abathathu uYise, iNdodana noMoya oNgcwele bamunye; uma kunjalo, kusho ukuthi kunoMoya omthathu, kodwa ukuze kube noMoya omthathu kusho ukuthi kunoNkulunkulu abathathu. Lokhu kusho ukuthi akekho uNkulunkulu oyedwa weqiniso; lo Nkulunkulu angaqhubeka kanjani abe nemvelo yoqobo kaNkulunkulu kuye? Uma uvuma ukuthi kunoNkulunkulu oyedwa, angaba kanjani nendodana aphinde abe ubaba? … ungumuntu oyedwa; futhi lowo uMoya kaNkulunkulu. Uma kuya njengokusho kwakho, uYise, iNdodana kanye noMoya oNgcwele, lokho kusho ukuthi ababona oNkulunkulu abathathu, akunjalo? UMoya ungenye into iNdodana ingenye kanjalo noYise ungenye. Bangabantu abathathu abanezimo ezihlukene ezahlukile, ngakho bahlangana kanjani futhi babe yingxenye kaNkulunkulu oyedwa? UMoya oNgcwele unguMoya; kulula ngabantu ukuba baqonde lokho. Uma kunjalo, kusho ukuthi uYise unguMoya nakakhulu. Akakaze ehlele emhlabeni futhi akazange abe yinyama; unguJehova uNkulunkulu osezinhliziyweni zabantu, impela unguMoya. Uma kunjalo, yibuphi ubuhlobo obukhona phakathi Kwakhe noMoya oNgcwele? Ingabe lobu ubuhlobo obufanayo obuphakathi kukaYise neNdodana? Noma ubuhlobo obufanayo noboMoya oNgcwele kanye noMoya kaYise? Ingabe ingxenye ngayinye yoMoya iyefana? Noma ingabe uMoya oNgcwele uyithuluzi likaYise? Yikuphi ngempela okuyikona? Buyini-ke ubuhlobo phakathi kweNdodana noMoya oNgcwele? Ingabe lobu ubuhlobo obuphakathi kwemiMoya imibili noma ubuhlobo obuphakathi komuntu noMoya? Lena yimpicabadala! Uma kuwukuthi kunoMoya owodwa, kusho ukuthi ayikho indaba yabantu abathathu ngoba ngeke bangenwe uMoya owodwa, uma bengabantu abathathu abahlukene, kusho ukuthi amandla oMoya wabo ngeke afane, futhi akukwazi ukuthi kube noMoya owodwa. Le mfundiso kaYise, iNdodana noMoya oNgcwele iwubulima! Lokhu kwahlukanisa uNkulunkulu ahlukane abe abantu abathathu, ngamunye onesiqu noMoya; angaba kanjani futhi uMoya owodwa noNkulunkulu oyedwa? Ake nisho, ingabe amazulu nomhlaba nakho konke okukuwo kwadalwa uYise, iNdodana noma uMoya oNgcwele? Abanye bathi konke lokhu bakudala ndawonye. Ngakho ubani-ke pho owasindisa isintu? Ingabe nguMoya oNgcwele, yiNdodana noma nguYise? Abanye bathi yiNdodana eyahlenga isintu. Ngakho ingubani ngempela le Ndodana? Ayikona yini ewukubonakaliswa koMoya kaNkulunkulu? UNkulunkulu esesimweni somuntu, uJesu ubiza uNkulunkulu osezulwini ngokuthi Baba. Awazi yini ukuthi uJesu wazalwa ngokoMoya oNgcwele? UnoMoya oNgcwele; noma ungathini, uJesu unoNkulunkulu ezulwini, ngoba uyisimo sikaNkulunkulu soMoya. Le mfundiso yokuthi kuneNdodana ayilona neze iqiniso. NguMoya owodwa owenza zonke izinto; uNkulunkulu Uqobo, okungukuthi, uMoya kaNkulunkulu owenza imisebenzi yakhe. Ubani uMoya kaNkulunkulu? Awuwona yini uMoya oNgcwele? UMoya oNgcwele awusebenzi yini kuJesu? Uma umsebenzi ungenziwanga nguMoya oNgcwele, (okunguMoya kaNkulunkulu) ingabe le misebenzi yenziwa nguNkulunkulu Uqobo? Njengoba ayethandaza, uJesu wabiza uNkulunkulu ezulwini ngokuthi Baba, lokhu wakwenza esesimweni somuntu odaliwe, ngoba uMoya kaNkulunkulu wawumenze waba sesimweni somuntu ovamile, embeswe isimo somuntu. Nakuba ngaphakathi wayenoMoya kaNkulunkulu ngaphandle wayengumuntu ovamile; ngamanye amazwi, wayesephenduke "iNdodana yomuntu" okungukuthi futhi bonke abantu bakhuluma, kuhlanganise naye uJesu Uqobo, njengoba ebizwa ngeNdodana yomuntu, ungumuntu (ngabe umuntu wesilisa noma wesifazane, kunoma yikuphi onesimo sangaphandle somuntu) ozalelwe emndenini nakubantu abajwayelekile. Ngakho-ke, ukubiza kukaJesu uNkulunkulu ezulwini ngokuthi Baba, kuyefana nalapho wena umbiza ngokuthi Baba; Lokho wakusho esesimweni somuntu. Uyawukhumbula uMthandazo weNkosi, uJesu akufundisa ukuba uwubambe ngekhanda? "Baba wethu osezulwini...." Kulo mthandazo, uJesu watshela bonke ukuba babize uNkulunkulu osezulwini ngoBaba. Futhi, njengoba naye umbiza ngoBaba, wakusho lokhu ngokombono noma esesimweni sokulingana nani nonke. Njengoba nani nibiza uNkulunkulu ezulwini ngoBaba, lokhu kubonisa ukuthi uJesu wazilinganisa nani, futhi njengomuntu wasemhlabeni owayekhethwe uNkulunkulu (okungukuthi, iNdodana kaNkulunkulu). Uma ubiza uNkulunkulu "ngoBaba," akukona yini ukuthi umbiza ngoba wena uyisidalwa? Noma kunjalo, naphezu kwegunya uJesu ayenalo ngaphambi kokuba abethelwe, wayemane eyiNdodana yomuntu, eqondiswa uMoya kaNkulunkulu (okungukuthi, uNkulunkulu), njengesinye sezidalwa zasemhlabeni, ngoba wayengakawuqedi umsebenzi wakhe. Ngakho-ke, ukuthobeka nokulalela kuphela okwamgqugquzela ukuba abize uNkulunkulu osezulwini ngoBaba. Nokho, ngokubiza uNkulunkulu (okungukuthi, uMoya osezulwini) ngaleyo ndlela, akusho ukuthi uyiNdodana yoMoya kaNkulunkulu osezulwini. Kunalokho, kumane kusho ukuthi umbono wakhe wehlukile, hhayi kodwa ukuthi ungumuntu owehlukile. Imfundiso yokuthi kunabantu abehlukile ingamanga! Ngaphambi kokuba abethelwe, uJesu wayeseyiNdodana yomuntu ebhekene nokulinganiselwa kwenyama, engenalo igunya eliphelele loMoya. Yingakho ayenza intando kaNkulunkulu uYise ngokombono wesidalwa senyama. Yingakho athandaza kathathu eGetsemane: "Kungabi ngokwentando yami, kodwa eyakho." Ngaphambi kokuba afe esiphambanweni, wayeseyiNkosi, kodwa iNkosi yamaJuda; wayenguKristu, iNdodana yomuntu, kodwa engenawo umzimba wenkazimulo. Yingakho ngokombono womuntu abiza uNkulunkulu ngoBaba. … Ngemva kokuba uJesu esehambile le ndaba kaBaba neNdodana ayibange isaba khona. Leli cebo lasebenza iminyaka ngesikhathi uJesu eseyinyama; ngaphansi kwezimo zonke, ubudlelwane bomuntu oyisidalwa neNkosi yendalo uma ubiza uNkulunkulu ngoBaba. Asikho isikhathi sokuma kwale mfundiso kaZiqu Zintathu owakhiwa uYise, yiNdodana noMoya oNgcwele; yimfundiso yamanga le eyavela ngokuhamba kwesikhathi futhi iyinto engekho!

kwesithi “Ingabe UZiqu Zintathu Into Ekhona?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kusekhona nalabo abathi, uNkulunkulu akashongo yini ukuthi uJesu uyiNdodana yakhe ethandekayo? "UJesu uyiNdodana kaNkulunkulu ethandekayo, ajabula kakhulu ngayo," la mazwi akhulunywa nguNkulunkulu Uqobo. Empeleni uNkulunkulu wayekhuluma Ngaye, ngendlela eyehlukile, kufana ngokuthi uMoya osezulwini unikeza ubufakazi bukaNkulunkulu esesimweni somuntu Ngokwakhe. UJesu enguNkulunkulu osesimweni somuntu Ngokwakhe, hhayi iNdodana Yakhe esezulwini. Uyakuqonda lokho? La mazwi kaJesu athi: "UBaba ukimi nami ngikuBaba," awasho yini ukuthi banguMoya owodwa? Akukona yini ukuthi ngokwesimo somuntu sikaNkulunkulu wazihlukanisela ezulwini nasemhlabeni? Eqinisweni, bamunye; kungakhathaliseki ukuthi isimo sinjani, kumanje nje kunguNkulunkulu ofakaza ngaye Ngokwakhe. Uyaziguqula ngokushintsha kwenkathi ngayinye, ngokuya kwemfuneko yomsebenzi ngokwezigaba ezehlukahlukene ngokwentando Yakhe, njengoba namagama abantu abambiza ngawo nawo eshintsha. Lapho eqala isigaba sokuqala somsebenzi Wakhe, wayebizwa ngokuthi uJehova, uMalusi wama-Israyeli. Esigabeni sesibili, yawebizwa ngokuthi iNkosi noKristu. Kodwa ngaleso sikhathi, uMoya osezulwini wathi uyiNdodana ethandekayo kaNkulunkulu, awushongo ukuthi uwukuphela kweNdodana kaNkulunkulu. Lokhu akwenzekanga. UNkulunkulu angaba kanjani nomntwana oyedwa? Ingabe uNkulunkulu waphenduka waba umuntu? Ngenxa yokuthi wayekwesinye isimo, wayebizwa ngokuthi yiNdodana kaNkulunkulu ethandekayo, ngenxa yalokhu, kube sekuvela ubuhlobo phakathi kukaYise neNdodana. Lokhu kwakubangelwa ukwehlukana kwezulu nomhlaba. UJesu wathandaza esesimweni senyama. Njengoba ayembethe ubuntu obujwayelekile, wakhuluma la mazwi esesimweni somuntu: Umzimba wami ufana nodaliwe. Njengoba ngembatha wona ukuze ngize emhlabeni, manje ngikude kakhulu nezulu. Ngenxa yaleso sizathu, wayengathandaza kuNkulunkulu uYise esesimweni sokuba wumuntu. Lona kwakungumsebenzi Wakhe, ukuze kufezeke injongo kaNkulunkulu. Ngeke sithi akayena uNkulunkulu ngenxa yokuthi wathandaza kuYise esesimweni somuntu. Nakuba ebizwa ngeNdodana kaNkulunkulu ethandekayo, usenguye uNkulunkulu, usesimweni sokuba wuMoya futhi uyingxenye yawo.

kwesithi “Ingabe UZiqu Zintathu Into Ekhona?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Lokhu kusenza sikhumbule amazwi kaNkulunkulu akuGenesise: "Masenze abantu ngomfanekiso wethu, bafane nathi." Ngenxa yokuthi uNkulunkulu wathi "masenze" umuntu ngomfanekiso "wethu" kuba sengathi ukhuluma nothile; njengoba ethi "masenze" kusho ukuthi uNkulunkulu akayedwa. Ngenxa yalokho, abantu baye bacabanga ngokuthi bangabantu abehlukile, kwabe sekuvela imibono kaYise, yiNdodana noMoya oNgcwele. Pho unjani uYise? INdodana yona injani? UMoya oNgcwele wona unjani? Kungenzeka yini ukuthi abantu benziwa ngomfanekiso wokukodwa kwalokhu okuhlanganisiwe kwaba kuthathu? Uma kunjalo, ingabe isimo somuntu siyefana yini nesikaYise, iNdodana noma uMoya oNgcwele? Kulokhu kokuthathu, umuntu wenziwe ngamuphi umfanekiso? Lo mbono owasungulwa abantu, awulona iqiniso futhi uwunangqondo! Lo mbono wehlukanisa uNkulunkulu oyedwa abe ngoNkulunkulu abaningi. Ngesikhathi uMose abhala ngaso uGenesise, kwakungemva kokudalwa kwabantu kuhlanganise nezinye izinto ezadalwa. Ekuqaleni, ngesikhathi kudalwa umhlaba, uMose wayengekho. Kuthe kamuva, uMose ube esebhala iBhayibheli, ngakho wayengazi kanjani ukuthi nguNkulunkulu owakhuluma la mazwi ezulwini? Akukho ayekwazi mayelana nokudala kukaNkulunkulu umhlaba. EBhayibhelini, kuyiTestamente Elidala, ayiphathwa indaba kaYise, iNdodana noMoya oNgcwele, kukhulunywa ngoNkulunkulu oyedwa kuphela weqiniso, uJehova, lapho aqhuba khona umsebenzi Wakhe kwa-Israyeli. Ubizwa ngamagama ehlukahlukene ngokushintsha kwezinkathi, kodwa lokhu akusho ukuthi igama ngalinye libhekisele kumuntu owehlukile. Uma bekunjalo, bekungeke yini kwenze uNkulunkulu akhiwe yinqwaba yabantu? Okulotshwe kuyiTestamente Elidala kuyimisebenzi kaJehova, isiqalo semisebenzi kaNkulunkulu ngeNkathi Yomthetho. Kwakuyimisebenzi kaNkulunkulu leyo, lapho akhuluma khona, kwaba njalo, nalapho ashaya khona umthetho, wama. Akukho lapho ezibiza khona ngoYise ozosebenza, futhi akukho lapho eprofetha khona ngokuza kweNdodana yakhe ezosindisa isintu. Ngesikhathi uJesu eza emhlabeni kwathiwa, uNkulunkulu ube yinyama ukuze asindise sonke isintu, akuzange kufike iNdodana. Njengoba izinkathi zingafani kanjalo, nemisebenzi kaNkulunkulu Uqobo ayifani, wenza imisebenzi Yakhe ngezindlela ezehlukahlukene. Ngaleyo ndlela, ubuyena buyashintsha. Abantu bakholelwa ukuthi uJehova unguYise kaJesu, kodwa uJesu wakwenqaba lokhu, wathi: "Asizange sihlukaniswe ngokuthi Baba neNdodana; Mina noBaba osezulwini simunye. UBaba ukimi nami ngikuBaba; lapho abantu bebona iNdodana, babona uBaba osemazulwini." Siphetha ngokuthi, kungakhathaliseki ukuthi uBaba noma yiNdodana, banguMoya owodwa, ababona abantu abahlukene. Uma umuntu ezama ukuchaza, izinto zibanzima kakhulu ukucacisa indaba yabantu abathathu abahlukene, kanye nobuhlobo obuphakathi kukaYise, iNdodana noMoya oNgcwele. Lapho abantu bekhuluma ngoNkulunkulu ohlukene akumenzi yini angabi ngokoqobo? Umuntu uze amehlukanise ngezigaba, umuntu wokuqala, owesibili nowesithathu; lena kumane nje kuyimibono yabantu, yimibono engenabo ubufakazi obuphathekayo, futhi engekho nhlobo. Uma umbuza lo muntu ukuthi; "Bangaki labo Nkulunkulu? uyothi kunoNkukunkulu oZiqu zintathu onguYise, iNdodana noMoya oNgcwele: uNkulunkulu oyedwa weqiniso. Uma umbuza futhi ukuthi: "Ungubani uYise?" uyothi: "UYise, uMoya kaNkulunkulu osezulwini; uphethe konke, futhi uMnikazi wakho konke okusezulwini." "UJehova yena, ingabe unguMoya" bese ephendula ngokuthi: "Yebo!" Bese-ke umbuza ukuthi "Ingubani iNdodana?" Uyothi: "Hawu, iyiNdodana kaNkulunkulu. Bese uyambuza ukuthi "UJesu wavelaphi." Uyothi: "UJesu wazalwa uMariya ngoMoya oNgcwele." "Ingabe isimo Sakhe asiwona uMoya? Imisebenzi yakhe ayifakazeli yini ukusebenza koMoya oNgcwele? UJehova unguMoya, kanjalo nesimo sikaJesu. Ezinsukwini zokugcina, akukona yini ukuthi kusasebenza uMoya;[a] ngakho bangaba kanjani abantu abahlukene? Akuwona yini uMoya kaNkulunkulu oqhubeka usebenza ngezindlela ezahlukile?" Kanjalo awukho umahluko kulaba bantu. UJesu wazalwa ngoMoya, futhi ngokungangabazeki, imisebenzi Yakhe yayifana ncamashi nemisebenzi yoMoya oNgcwele. Esigabeni sokuqala somsebenzi kaJehova, akazange abe yinyama futhi akabonakalanga kubantu. Ngakho abantu abakubonanga ukubonakala Kwakhe. Kungakhathaliseki ukuthi wayemkhulu noma emude kangakanani, wayesewuMoya, uNkulunkulu Uqobo waqale wadala abantu, okuwukuthi uMoya kaNkulunkulu. Lapho ekhuluma nabantu esemafwini, wayenguMoya. Akekho owayemazi; kuze kwaba yiNkathi Yomusa lapho uMoya kaNkulunkulu uphenduka inyama eJudiya lapho abantu baqala khona ukumbona okokuqala uNkulunkulu esesimweni somuntu njengomJuda. Kodwa abantu babengawuqondi umuzwa wokuba kwakhe nguJehova. Kunjalo, wazalwa ngokoMoya oNgcwele, okungukuthi, wazalwa uMoya kaJehova Uqobo nokuthi uJesu wazalwa engumfanekiso woMoya kaNkulunkulu. Lokho abantu abaqale bakubona uMoya oNgcwele wehla njengejuba, wehlela phezu kukaJesu; kwakungewona uMoya owehlukile kuJesu, kepha kwakunguMoya oNgcwele. Ingabe-ke uMoya kaJesu noMoya oNgcwele bahlukene? Uma uJesu enguJesu, iNdodana, noMoya oNgcwele unguMoya oNgcwele, kodwa bangaba munye kanjani? Umsebenzi wawungeke uqhubeke uma kunjalo. UMoya okuJesu, uMoya esezulwini kanye noMoya kaJehova yinto eyodwa. Lo Moya ungabizwa ngokuthi uMoya oNgcwele, uMoya kaNkulunkulu, amandla ayisiphekupheku, uMoya oyingqayizivele. UMoya kaNkulunkulu uwodwa, ungafeza umsebenzi omningi. Ukwazi ukudala umhlaba, uphinde awubhubhise ngozamcolo; ukwazi ukuhlenga sonke isintu, unganqoba futhi ubhubhise sonke isintu. Wonke lo msebenzi wenziwa nguNkulunkulu Uqobo futhi akekho obengakwazi ukuwenza esikhundleni sikaNkulunkulu ngaphandle Kwakhe. UMoya Wakhe ungabizwa ngegama likaJehova nelikaJesu kuhlanganise nelikaMninimandla Onke. UyiNkosi noKristu. Ungaba nayiNdodana yomuntu. Usemazulwini nasemhlabeni; usezindaweni eziphezulu kakhulu emkhathini nasezixukwini. Uwukuphela kweNkosi yamazulu nomhlaba! Kusukela ngenkathi yokudala kuze kube manje, lo msebenzi ubulokhu wenziwa uMoya kaNkulunkulu Uqobo. Emisebenzini yasezulwini noma enyameni, yonke le misebenzi[b] yenziwa yilo Moya Wakhe. Zonke izidalwa, kungakhathaliseki ukuthi zisezulwini noma emhlabeni zisentendeni yesandla sikaMninimandla Onke; konke lokhu kuwumsebenzi kaNkulunkulu Uqobo futhi akekho ongakwazi ukuwenza esikhundleni Sakhe. Emazulwini, unguMoya abuye abe nguNkulunkulu Uqobo; phakathi kwabantu, uyinyama kodwa aqhubeka enguNkulunkulu Uqobo. Nakuba ebizwa ngamagama amaningi, usenguye Uqobo futhi yonke imisebenzi Yakhe ibonakalisa amandla oMoya Wakhe. Ukusindiswa kwabantu ngokubethelwa esiphambanweni kwakuwukusebenza koMoya Wakhe, kanye nokushumayela ezizweni zonke nasemhlabeni wonke ngezinsuku zokugcina. Ngaso sonke, isikhathi uNkulunkulu angabizwa ngokuthi uMninimandla Onke, uNkulunkulu weqiniso, uNkulunkulu okuwuphela Kwakhe. Ngakho ayikho imfundiso yabantu abahlukene, ingasaphathwa-ke le mfundiso kaYise, iNdodana noMoya oNgcwele! KunoNkulunkulu oyedwa ezulwini nasemhlabeni!

kwesithi “Ingabe UZiqu Zintathu Into Ekhona?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Imibhalo engezansi:

a. Umbhalo wokuqala awunalo igama elithi “emsebenzini.”

b. Umbhalo wokuqala awunalo igama elithi “emsebenzini.”

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana