Voice of Justice

Voice of Justice

2018/11/18

2. Yini injongo nokubaluleka kokuthatha kukaNkulunkulu isimo somuntu eShayina ukuze asebenze ngezinsuku zokugcina?

UNkulunkulu uSomandla, ukubuya kweNkosi uJesu okwesibili, ivangeli

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Sonke isigaba somsebenzi kaNkulunkulu senzelwe sonke isintu, futhi siqondiswe kuso sonke isintu. Ngisho noma kungumsebenzi Wakhe enyameni, usaqondiswe kuso sonke isintu; unguNkulunkulu waso sonke isintu, futhi unguNkulunkulu wakho konke okudaliwe nokungadaliwe.
Nakuba umsebenzi Wakhe enyameni unomthamo onomkhawulo, futhi nomgomo walo msebenzi nawo unomkhawulo, isikhathi ngasinye lapho eba inyama khona ukuze enze umsebenzi Wakhe, ukhetha injongo yomsebenzi wakhe enokumela okuphakeme; akakhethi nje ukusebenza neqembu labantu abangavelele, kunalokho ukhetha ukusebenza neqembu elikwaziyo ukumela umsebenzi Wakhe wenyama. Leli qembu labantu likhethwe ngenxa yokuthi umthamo womsebenzi Wakhe unomkhawulo, futhi ulungiselelwe ngokukhethekile umsebenzi wenyama Yakhe. Ukukhetha kukaNkulunkulu lezi zinto emsebenzini Wakhe akuyona into engenasisekelo, kodwa ngokomgomo: Inhloso yomsebenzi kumele izuzise umsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu, futhi kumele imele sonke isintu. Ngokwesibonelo, amaJuda ayekwazi ukumela sonke isintu ngokwamukela ukuhlengwa nguJesu, futhi amaShayina ayakwazi ukumela sonke isintu ngokwamukela ukunqoba kukaNkulunkulu osesimweni somuntu. Kunesisekelo sokumela kwamaJuda sonke isintu, futhi kunesisekelo sokumela kwamaShayina sonke isintu ngokwamukela ukunqoba kukaNkulunkulu osesimweni somuntu. Akukho okwembula ukubaluleka kokuhlengwa ukwedlula umsebenzi wokuhlenga owenziwa phakathi kwamaJuda, futhi akukho okwembula ukuphelela nempumelelo komsebenzi wokunqoba ngokungaphezulu komsebenzi wokunqobaphakathi kwamaShayina.

kwesithi “Isintu Esikhohlakele Siyidinga Kakhulu Insindiso KaNkulunkulu Obe Inyama” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma umsebenzi walesi sigaba uphathelene nokuphelelisa abantu nje kuphela, ngakho ungenziwa eNgilandi, noma eMelika noma kwa-Israyeli; ungenziwa kubantu banoma isiphi isizwe. Kodwa umsebenzi wokunqoba uyakhetha. Isinyathelo sokuqala somsebenzi wokunqoba sithatha isikhathi esifishane; esikakhulukazi, sizosetshenziswa ukuhlambalaza uSathane futhi kunqotshwe umhlaba jikelele. Lowo umsebenzi wokuqala wokunqoba. Umuntu angathi nanoma isiphi isidalwa esikholelwa kuNkulunkulu singapheleliswa ngoba ukupheleliswa kuyinto umuntu angayizuza kuphela emuva koshintsho oluthathe isikhathi eside. Kodwa ukunqotshwa kuhlukile. Isibonelo sonqotshiwe, kufanele kube osele ngemuva kunabo bonke, ophila ebumnyameni obunzulu, futhi olulazeke kunabo bonke, ongazimisele neze ukwemukela uNkulunkulu, futhi oyihlongandlebe kunabo bonke. Lolu uhlobo lomuntu ongafakazela ukuthi wanqotshwa. Inhloso esemqoka yomsebenzi wokunqoba ukwehlula uSathane. Inhloso esemqoka yokuphelelisa abantu, ngakolunye uhlangothi, ukuzuza abantu. Eyokwenza ukuthi abantu babe nobufakazi emuva kokunqotshwa bokuthi lo msebenzi wokunqoba ubekwe lapha, phezu kwabantu abanjengani. Laba bantu abanqotshiwe bazosetshenziswa ukufeza inhloso yokudumaza uSathane.

kwesithi “Abaphelelisiwe Kuphela Abangaphila Impilo Enohlonze” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi kaJehova kwakuwukudala umhlaba, wawuyisiqalo; lesi sigaba somsebenzi siyisiphetho salo msebenzi futhi yiso esiwuphothulayo. Ekuqaleni, umsebenzi kaNkulunkulu wawenziwa abakhethiweyo bakwa-Israyeli futhi wawuyisiqalo senkathi entsha sendawo engcwele kunazo zonke. Isigaba sokugcina somsebenzi senziwa ezweni elingcole kunawo wonke ukuze kwahlulelwe umhlaba futhi ukuze kuqedwe inkathi. Esigabeni sokuqala, umsebenzi kaNkulunkulu wawenziwa endaweni ekhanya kunazo zonke izindawo futhi isigaba sokugcina senziwa endaweni emnyama kunazo zonke, futhi lobu bumnyama buzoqedwa, kulethwe ukukhanya bese kunqotshwa bonke abantu. Lapho abantu abakulezi zindawo ezingcolile futhi ezimnyama kunazo zonke sebenqotshiwe, futhi bonke abantu sebebona ukuthi ukhona uNkulunkulu weqiniso, futhi wonke umuntu eseqiniseka ngokugcwele, lokhu kuyosho ukuthi leli qiniso liyosetshenziselwa ukwenza umsebenzi wokunqoba indawo yonke. Lesi sigaba somsebenzi siwuphawu: lapho kuqedwa lo msebenzi okulesi sigaba, umsebenzi weminyaka eyizi-6 000 wokuphatha uzofika ekugcineni okuphelele. Lapho labo abasebumnyameni obukhulu sebenqotshiwe, akubuzwa ukuthi kuyobe kunjalo kuyo yonke indawo. Njengoba kunje, ngumsebenzi wokunqoba eChina kuphela ophethe uphawu olunomqondo. IChina iveza wonke amandla obumnyama futhi abantu bakhona bamele bonke labo abangabenyama, abakaSathane, abenyama negazi. Ngabantu baseChina abakhohlakaliswe kakhulu ngudrako omkhulu obomvu, obe ngumphikisi omkhulu kaNkulunkulu, obuntu bakhe bubi futhi bungcole kakhulu, futhi ngakho bawumfuziselo omkhulu wawo wonke umphakathi okhohlakele. … Kungani bengilokhu ngithi nilusizo ohlelweni Lwami lokuphatha? Kusebantwini baseChina lapho inkohlakalo, ukungcola, ukungalungi, ukuphikisa nokuhlubuka kubonakala khona ngokuphelele futhi kwembulwa kuzo zonke izinhlobo zakho. Ngakolunye uhlangothi, bangabezinga eliphansi, futhi ngakolunye, ukuphila kwabo, ukucabanga kwabo kusemuva, futhi ukuziphatha kwabo, izimo zenhlalo, imindeni abazalwa kuyo—konke kuphansi futhi kusemuva. Isimo sabo, naso siphansi. Umsebenzi kule ndawo uyafanekisa, futhi ngemva kwalokhu kuhlola, umsebenzi wenziwe ngokuphelele, umsebenzi Wakhe olandelayo uzohamba kangcono kakhulu. Uma lesi sinyathelo somsebenzi singaqedwa, nomsebenzi olandelayo uzophela nakanjani. Uma lesi sigaba somsebenzi sesifeziwe, impumelelo enkulu iyobe isitholakele, futhi umsebenzi wokunqoba kuyo yonke indawo uyobe usufezwe ngokuphelele. Eqinisweni, uma nje umsebenzi okini usuphumelele, lokhu kuyolingana nokuphumelela endaweni yonke.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

AmaShayina awakaze akholelwe kuNkulunkulu futhi awakaze asebenzele uJehova, awakaze asebenzele uJesu. Akwenzayo nje yi-kowtow, ukushisa impepho, ashise iphepha le-joss, adumise u-Buddha. Adumisa izithixo nje—onke ahlubukile ukufikela ezingeni eliphakeme, ngakho izikhundla zabantu eziphansi, zikhombisa kakhulu ukuthi lokho uNkulunkulu akuzuzayo kinina kuyinkazimulo engaphezulu. … Uma ngabe isizukulwana sikaJakobe sabe sizalelwe eShayina, kule siqeshana sezwe, futhi besiyini nonke, bekuzoba yini ukubaluleka komsebenzi owenziwe kinina? Ubezothini uSathane? USathane ubezothi: “Babekusaba, kodwa akekho owakudlulisela kwabanye isikhathi eside. Noma kunjalo, okhokho babo bebekusaba; bebekulalela ukusuka ekuqaleni futhi abanamlando wokukukhaphela. Ukuthi nje emva kwesikhathi lokho akuzange kusadluliselwa kwabalandelayo. Akusona isintu esimnyama kakhulu, esiphansi kakhulu noma esisemuva kakhulu. Bakwamukela ukusuka ekuqaleni. Akukho okubalulekile ekwenzeni lokho ngaleyo ndlela! Uma ngabe ngempela kwenziwa ngale ndlela, ubani ozokweneliseka ngalo msebenzi?” Kuwo wonke umhlaba, amaShayina asemuva ukwedlula bonke abantu. Azalwe esimweni esiphansi, ngokwethembeka okuphansi, ayiziduphunga futhi andikindiki, anobufokazana nokuhlehlela emuva. Angene shi esimilweni sikaSathane, esingcolile nesinokungabi namahloni. Ninakho konke lokhu. Maye ngalezi zimilo ezikhohlakele, emva kokuthi lo msebenzi uqedwe abantu bazobalahla bazokwazi ukulalela ngokuphelele benziwe baphelele. Izithelo ezivela kulolu hlobo lomsebenzi kuphela ezibizwa ngobufakazi phakathi kwendalo!

kwesithi “Ukubaluleka Kokusindisa Isizukulwana SikaMowabi” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ukusebenza ngesizukulwana sikaMowabi manje ukusindisa labo abawele ebumnyameni obukhulu. Yize babeqalekisiwe, uNkulunkulu uzimisele ukuzuza inkazimulo kubona. Lokhu kungenxa yokuthi ekuqaleni, bebengabantu bonke ababengenaye uNkulunkulu ezinhliziyweni zabo—ukubenza ukuba kulabo abamlalelayo nabamthandayo kungaba ukunqoba kweqiniso, kanti izithelo ezinjalo zomsebenzi ngeziyigugu kakhulu nezikholisayo. Lokhu kuphela ukuzuza inkazimulo—le yinkazimulo leyo uNkulunkulu afuna ukuyizuza ngezinsuku zokugcina. Noma laba bantu kungabezikhundla eziphansi, manje sebekwazi ukuzuza insindiso enkulu kangaka, okungukuphakanyiswa nguNkulunkulu ngempela. Lo msebenzi uyezwakala impela, futhi kungenxa yokwahlulela ukuthi azuze laba bantu. Akabasoli ngenhloso, kodwa uzele ukuzobasindisa. Uma ebesenza umsebenzi wokunqoba kwa-Israyeli ngezinsuku zokugcina bekungesize ngalutho; noma ngabe ubuthela izithelo, ubungeke ube nosizo noma ukubaluleka okungako, futhi ubengekwazi ukuzuza yonke inkazimulo. Usebenza kini, okusho ukuthi, labo abawele ezindaweni ezimnyama kakhulu, labo abasemuva kakhulu. Laba bantu abavumi ukuthi kunoNkulunkulu futhi abakaze bazi ukuthi kunoNkulunkulu. Lezi zidalwa zoniwe nguSathane ukufikela lapho zikhohlwa khona ngoNkulunkulu. Baphuphuthekiswe nguSathane futhi abazi kwanhlobo ukuthi kunoNkulunkulu ezulwini. Ezinhliziyweni zenu nidumisa izithixo nonke, nidumisa uSathane—anibona abaphansi kakhulu, abasemuva kakhulu kubantu bonke? Ningabaphansi kakhulu enyameni, niswele noma yikuphi ukukhululeka komphefumulo, nithwele nobunzima. Nibuye nibe ngabantu abasezingeni eliphansi kulo mphakathi, ngaphandle futhi kokukhululeka kwenkolo. Lokhu ukubaluleka kokusetshenzwa kwakho.

kwesithi “Ukubaluleka Kokusindisa Isizukulwana SikaMowabi” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kungani umsebenzi wezinsuku zokugcina wenziwa eShayina, indawo emnyama, nesemuva kunazo zonke? Ukuba kuvezwe ubungcwele nokulunga kukaNkulunkulu. Ngamafuphi, indawo emnyama kakhulu inamathuba angcono okuveza ubungcwele Bakhe. Iqiniso liwukuthi ukwenza konke lokhu kungenxa yomsebenzi kaNkulunkulu. Uyazi manje ukuthi uNkulunkulu osezulwini wehlele emhlabeni futhi uphakathi kwethu, futhi Yena ugqanyiswe phakathi kokungcola nokuhlubuka kwenu, ukuze nikwazi ukuqala ukuqonda uNkulunkulu—akusikho ukuphakanyiswa okukhulu lokhu?

kwesithi “Indlela Isinyathelo Sesibili Somsebenzi Wokunqoba Esithela Ngayo Izithelo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngenkathi uNkulunkulu eza emhlabeni ubengeyena owomhlaba futhi akazange abe senyameni ukuze athokozele umhlaba. Indawo lapho ukusebenza bekungembula kahle isimilo saKhe sibe ngesinomqondo kakhulu yindawo lapho azalelwa khona. Noma ngabe kwabe kuyilizwe elingcwele noma elingcolile, futhi kungenandaba nokuthi usebenza kuphi, ungcwele. Yonke into emhlabeni yadalwa nguYena; ukuthi nje yonke into yoniwe nguSathane. Noma kunjalo, zonke izinto; zonke zisezandleni zaKhe. Ukuza kwaKhe ukuzosebenza ezweni elingcolile ukwembula ubungcwele baKhe; Lokhu ukwenzela umsebenzi waKhe, okusho ukuthi, ubekezelela ukuthobeka okukhulu ukusebenza ngale ndlela ukuze asindise abantu baleli zwe elingcolile. Lokhu kwenzelwe ufakazi futhi okwaso sonke isintu. Okuvunyelwa yilolu hlobo lomsebenzi ukuthi abantu bakubone ukulunga kukaNkulunkulu, futhi kukwazi kakhulu ukuveza ubukhosi bukaNkulunkulu. Ubukhulu nobuqotho bukhonjiswa ngensindiso yeqembu labantu abaphansi okungekho muntu ocabanga ngalo. Ukuzalelwa ezweni elingcolile akubona nakanye ubufakazi bokuthi uphansi; kuvumela nje yonke indalo ukubona ubukhulu nothando lwaKhe lweqiniso esintwini. Uma elokhu enza ngale ndlela kwembuleka uthando lwaKhe olumsulwa kumuntu, uthando lwaKhe olungenasici.

kwesithi “Ukubaluleka Kokusindisa Isizukulwana SikaMowabi” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Yonke imisebenzi kaNkulunkulu emhlabeni wonke jikelele igxile kuleli qembu labantu. Unikele wonke amandla Akhe kini wakudela konke ngenxa yenu; uphinde wabuyisa yonke imisebenzi kaMoya emhlabeni wonke wayinikeza nina. Kungakho ngithi, ninenhlanhla. Ngaphezu kwalokho, ususe inkazimulo Yakhe ku-Israyeli, abantu Bakhe abakhethile, wayiletha kini, ukuze afeze inhloso yohlelo Lwakhe ngokugcwele ngani qembu labantu. Ngakho-ke, niyilabo abazothola ifa likaNkulunkulu, futhi ngaphezulu niyizindlalifa zenkazimulo kaNkulunkulu. Mhlawumbe niyawakhumbula nonke la mazwi: “Ngokuba usizi lwethu olulula, olungolwesikhashana, lusisebenzela isilinganiso esiphezulu kakhulu senkazimulo yaphakade.” Esikhathini esedlule, nisizwile nonke lesi sisho, kodwa akekho owayiqonda incazelo eyiqiniso yala mazwi. Namhlanje, nazi kahle ukubaluleka kwalokhu akushoyo. Lawa mazwi ayilokhu uNkulunkulu azokufeza ngezinsuku zokugcina. Futhi azogcwaliseka kulabo abahlushwe ngonya ngukadrako omkhulu obomvu kulelo zwe lapho ekhona. Udrako omkhulu obomvu uhlupha uNkulunkulu futhi uyisitha sikaNkulunkulu, ngakho kuleli zwe, labo abakholwa kuNkulunkulu bazithola behlazeka futhi behlushwa. Kungakho la mazwi ezoba yiqiniso kini qembu labantu. Njengoba umsebenzi wenziwa ezweni eliphikisa uNkulunkulu, wonke umsebenzi Wakhe uhlangabezane nokuvinjelwa okukhulu futhi amazwi Akhe amaningi awakwazi ukugcwaliseka ngesikhathi esifanele; ngakho abantu balungisiwe ngenxa yamazwi kaNkulunkulu. Lokhu futhi kuyingxenye yokuhlupheka. Kunzima kakhulu kuNkulunkulu ukwenza umsebenzi Wakhe ezweni likadrako omkhulu obomvu, kodwa kungenxa yobunzima obunjalo lapho uNkulunkulu enza izigaba zomsebenzi Wakhe ziveze ubuhlakani Bakhe nemisebenzi emangalisayo. UNkulunkulu uthatha leli thuba ukuphelelisa leli qembu labantu. Ngenxa yokuhlupheka kwabantu, izinga labo, nesimo sabantu esinobusathane kulo mhlaba ongahlanzekile, uNkulunkulu wenza umsebenzi Wakhe wokuhlanza nokunqoba ukuze kulokhu azuze inkazimulo azuze nalabo abafakaza ngezenzo Zakhe. Lokhu kungukubaluleka kwakho konke ukuzidela kukaNkulunkulu ngenxa yaleli qembu labantu. Okusho ukuthi, uNkulunkulu wenza umsebenzi wokunqoba ngalabo abamphikisayo. Ngakho-ke, ukwenza kanjena kuphela okugqamisa amandla amakhulu kaNkulunkulu. Ngamanye amazwi, yilabo abasezweni elingcolile kuphela abafanele ukuthola ifa lenkazimulo kaNkulunkulu, yilokhu kuphela okunganikeza ukugqama kwamandla amakhulu kaNkulunkulu. Yingakho ngithi inkazimulo kaNkulunkulu itholwa ezweni elingcolile nakulabo abahlala kulona. Le yintando kaNkulunkulu. Lokhu kufana nje nasesigabeni somsebenzi kaJesu; wayengakhazimuliswa kuphela phakathi kwalabo baFarisi ababemhlupha. Uma kwakungekhona ukuhlushwa nokukhashelwa nguJudasi, uJesu wayengasoze abe yinhlekisa noma athukwe, ngisho nokubethelwa imbala, futhi ngabe akazange athole inkazimulo. Lapho uNkulunkulu asebenza khona esikhathini ngasinye nalapho enza khona umsebenzi Wakhe wenyama, uthola udumo khona lapho azuze labo ahlose ukubazuza. Lolu uhlelo lomsebenzi kaNkulunkulu, futhi lokhu ukuphatha Kwakhe.

Ukubona ubukhulu bomsebenzi owenziwe nguNkulunkulu ezweni lapho udrako omkhulu obomvu ahlala khona, lowo msebenzi uma uyiswa kwenye indawo, ngabe kade wathela izithelo ezinkulu futhi ngabe wamukelwe kalula ngabantu. Umsebenzi onjalo ubungaba lula kakhulu kulabo befundisi baseNtshonalanga abakholwa kuNkulunkulu, ngoba isigaba somsebenzi kaJesu sisebenza njengesandulelo. Yingakho engakwazi ukuzuza lesi sigaba somsebenzi wokudunyiswa kwenye indawo; okusho ukuthi lapho kunokusekwa okuvela kubo bonke abantu nokubonga okuvela kuzo zonke izizwe, ayikho indawo inkazimulo kaNkulunkulu engaphumula kuyo. Futhi lokhu kuwukubaluleka okungavamile impela lesi isigaba somsebenzi esinakho kuleli zwe.

kwesithi “Ngabe Umsebenzi kaNkulunkulu Ulula Njengoba Umuntu Ecabanga?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Wadala umhlaba wonke; useqhube uhlelo Lwakhe lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha hhayi kuphela kwa-Israyeli kodwa nakuwona wonke umuntu emhlabeni jikelele. Akunandaba ukuthi bahlala eShayina, eMelika, eNgilandi noma eRashiya, wonke umuntu uyinzalo ka-Adamu; bonke benziwe nguNkulunkulu. Akekho noyedwa umuntu ongaphuma esilinganisweni sendalo kaNkulunkulu, futhi akekho noyedwa umuntu ongaphunyuka ekubizweni ngokuthi “bayinzalo ka-Adamu.” Bonke bayizidalwa zikaNkulunkulu, futhi bayinzalo ka-Adamu; bayinzalo ka-Adamu no-Eva owonakaliswa. Akuwona ama-Israyeli kuphela okudaliwe kukaNkulunkulu, kodwa bonke abantu; nokho, abanye endalweni baqalekiswa futhi abanye babusiswa. Ziningi izinto ezifisekayo ngama-Israyeli; uNkulunkulu wayeqale ukusebenza kubo ngokuba babengabantu abangenakho ukukhohlakala njengabo bonke abanye. AmaShayina awubala uma kuqhathaniswa nabo, futhi ngeke bathembe ukubafica; ngakho, uNkulunkulu ekuqaleni wasebenza phakathi kwabantu bakwa-Israyeli, futhi isigaba sesibili somsebenzi Wakhe senziwa kuphela eJudiya. Ngenxa yalokhu, abantu bakha imibono eminingi nemigomo eminingi. Empeleni, uma wayengenza ngokusho kwemibono yabantu, uNkulunkulu wayeyoba nguNkulunkulu wama-Israyeli kuphela; ngale ndlela wayengeke akwazi ukwandisa umsebenzi Wakhe ezizweni Zabezizwe, ngoba ubezobe ewuNkulunkulu wama-Israyeli kunoNkulunkulu wakho konke okudaliweyo. Iziprofetho zathi igama likaJehova liyoba likhulu ezizweni Zabezizwe—kungani babengasho lokhu? Uma uNkulunkulu kwabe kunguNkulunkulu wama-Israyeli kuphela, wayezobe esebenza kwa-Israyeli kuphela. Ngaphezu kwalokho, wayengeke awandise umsebenzi Wakhe, futhi wayengeke asenze lesi siprofetho. Njengoba enza lesi siprofetho, wayezodinga ukwandisa umsebenzi Wakhe ezizweni Zabezizwe nasezizweni nezindawo zonke. Njengoba washo lokhu, wayezokwenza njalo. Lokhu uhlelo Lwakhe, ngoba uyiNkosi eyadala amazulu nomhlaba nezinto zonke, futhi unguNkulunkulu wakho konke okudaliwe. Akunandaba ukuthi usebenza nama-Israyeli noma eJudiya yonke, umsebenzi awenzayo ngumsebenzi womhlaba jikelele nomsebenzi wesintu sonke. Umsebenzi awenzayo namhlanje esizweni sadrago omkhulu obomvu—esizweni Sabezizwe—kusewumsebenzi wesintu sonke. U-Israyeli angaba isisekelo somsebenzi Wakhe emhlabeni; ngokunjalo iShayina ingaba isisekelo somsebenzi Wakhe phakathi kwezizwe Zabezizwe. Akazange manje asigcwalise isiprofetho esithi “igama likaJehova liyoba likhulu ezizweni Zabezizwe”? Isinyathelo sokuqala somsebenzi Wakhe phakathi kwezizwe Zabezizwe siphathelene nalo msebenzi awenzayo esizweni sadrago omkhulu obomvu. Ukuthi uNkulunkulu ethathe isimo sesintu uyasebenza kuleli zwe nokuthi asebenze phakathi kwabantu abaqalekisiwe kuyashayisana esikakhulukazi nemibono yabantu; labantu abaphansi kunabo bonke futhi abanaso isigqi nhlobo. Bonke laba abantu uNkulunkulu ayebalahlile phambilini. Abantu bangalahlwa abanye abantu, kodwa uma belahlwe nguNkulunkulu, laba bantu ngeke babe nasikhundla, futhi bayoba nesigqi esincane kakhulu. Njengengxenye yokudaliwe, ukuphathwa uSathane noma ukulahlwa ngabanye abantu izinto ezibuhlungu zombili, kodwa uma ingxenye yokudaliwe ilahlwe iNkosi yokudaliwe, lokhu kusho ukuthi isikhundla sayo siphansi ngokuphelele. Inzalo kaMowabi yayiqalekisiwe, futhi bazalwa kuleli lizwe elikhinyabezekile ngezinga eliphansi lokuthuthuka; akungabazeki, inzalo kaMowabi abantu abanesikhundla esiphansi ngokweqile esingaphansi kwamandla obumnyama. Ngenxa yokuthi laba bantu babenesikhundla esiphansi kakhulu phambilini, umsebenzi owenziwa phakathi kwabo ukwazi kakhulu ukuchitha imibono yabantu, futhi umsebenzi owusizo kakhulu ohlelweni Lwakhe lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha isiyonke. Ukuthi Yena asebenze phakathi kwalaba bantu yisenzo esingakwazi ukuchitha imibono yabantu; ngalokhu wethula inkathi; ngalokhu uchitha yonke imibono yabantu; ngalokhu uqeda umsebenzi weNkathi Yomusa isiyonke. Umsebenzi Wakhe wokuqala wenziwa eJudiya, ngaphakathi kwesilinganiso sakwa-Israyeli; ezizweni Zabezizwe akazange enze umsebenzi wokwethula-inkathi nhlobo. Isigaba sokugcina somsebenzi Wakhe asenziwa phakathi kwabantu bezizwe Zabezizwe kuphela, kodwa nangaphezu kwalokho, senziwa phakathi kwalabo bantu abaqalekisiwe. Leli phuzu lodwa lingubufakazi obungamhlaza kakhulu uSathane; ngakho, uNkulunkulu “uphenduka” uNkulunkulu wakho konke okudaliwe emhlabeni jikelele futhi uphenduka iNkosi yezinto zonke, lokho okukhonzwayo yiyo yonke into enokuphila.

… Njengoba uNkulunkulu efisa ukwenza umsebenzi Wakhe phakathi kwezidalwa Zakhe, ngokuqinisekileyo, uzowenza uze uphethwe ngempumelelo; uzosebenza phakathi kwalaba bantu abawusizo emsebenzini Wakhe. Ngakho, uchitha wonke amasiko ekusebenzeni phakathi kwabantu; Kuye amagama “qalekisiwe”, “soliwe” kanye “busisiwe” akasho lutho! AmaJuda alungile impela, nabantu abakhethiweyo bakwa-Israyeli abababi futhi; bangabantu abalungile ngokwezinga nobuntu. UJehova ekuqaleni wayethule umsebenzi wakhe phakathi kwabo futhi wenza umsebenzi Wakhe wokuqala, kodwa bekuzoba yize uma Ubengabasebenzisa njengabamukeli bomsebenzi Wakhe wokunqoba manje. Nakuba beyingxenye yokudaliwe futhi benezingxenye ezinhle eziningi, bekuyoba yize ukwenza lesi sigaba somsebenzi phakathi kwabo. Ubengeke akwazi ukunqoba muntu futhi ubengeke akwazi ukukholisa konke okudaliwe. Lokhu ukubaluleka kokudlulisela umsebenzi Wakhe kula bantu besizwe sadrago omkhulu obomvu. Incazelo ejulile lapha isekuthulweni kwenkathi, ekuchitheni Kwakhe yonke imigomo nemicabango yabantu kanye nokuphetha Kwakhe iNkathi Yomusa isiyonke. Uma umsebenzi wakhe wamanje ubuwenziwa phakathi kwama-Israyeli, ngesikhathi uhlelo Lwakhe lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha luphela, bonke abantu babezokholwa ukuthi uNkulunkulu nguNkulunkulu wabakwa-Israyeli bodwa, nokuthi ama-Israyeli kuphela abantu baNkulunkulu abakhethiweyo, nokuthi ama-Israyeli kuphela afanelekile ukudla ifa lesibusiso nesithembiso sikaNkulunkulu. Ngezinsuku zokugcina, uNkulunkulu uthathe isimo sesintu esizweni Sabezizwe sadrago omkhulu obomvu; usewenzile umsebenzi kaNkulunkulu njengoNkulunkulu wokudaliwe; usewuqedile wonke umsebenzi Wakhe wokuphatha, futhi uzoqeda ingxenye ephakathi nendawo yomsebenzi Wakhe esizweni sadrago omkhulu obomvu. Ingqikithi yalezi zigaba ezintathu zomsebenzi insindiso yomuntu—okungukuthi, ukwenza konke okudaliwe kukhonze iNkosi yokudaliwe. … Izigaba ezimbili zangaphambilini zomsebenzi kaNkulunkulu zenziwa kwa-Israyeli. Uma lesi sigaba somsebenzi wakhe ngezinsuku zokugcina ubuwenziwe phakathi kwama-Israyeli namanje, konke okudaliwe kwakungeke kukholwe kuphela ukuthi ama-Israyeli yiwo wodwa abantu baNkulunkulu abakhethiweyo, kodwa uhlelo lokuphatha lukaNkulunkulu lulonke nalo belungeke lufeze umphumelo ohlosiwe. Ngesikhathi izigaba ezimbili zomsebenzi Wakhe zazenziwa kwa-Israyeli, awukho umsebenzi omusha owake wenziwa futhi awukho umsebenzi kaNkulunkulu wokwethula inkathi owake wenziwa ezizweni Zabezizwe. Lesi sigaba somsebenzi wokwethula inkathi wenziwa okokuqala ezizweni Zabezizwe, futhi, ngaphezu kwalokho, wenziwa okukuqala phakathi kwenzalo kaMowabi; lokhu sekuthule inkathi entsha yonke. UNkulunkulu usechithe noma iluphi ulwazi olusemibonweni yabantu futhi akasavumanga ukuthi nanoma iluphi luqhubeke lube khona. Emsebenzini Wakhe usechithile imibono yabantu, nezindlela ezindala zangaphambilini zolwazi lwabantu. Uvumela abantu ukuthi babone ukuthi kuNkulunkulu ayikho imigomo, ukuthi ayikho into endala ngoNkulunkulu, ukuthi umsebenzi awenzayo ukhululekile ngokuphelele, uvuleleke ngokuphelele, ukuthi uneqiniso kunoma yini ayenzayo. Kufanele uthobele yonke into ayenzayo phakathi kokudaliwe. Noma imuphi umsebenzi awenzayo unomqondo futhi wenziwa ngokuhambisana nendlela Yakhe uqobo yokubuka nobuhlakani hhayi ngokuhambisana nokukhetha nokucabanga kwabantu. Wenza lezo zinto eziwusizo emsebenzini Wakhe; uma into ingelona usizo emsebenzini Wakhe ngeke ayenze, noma ngabe ilunge kangakanani! Usebenza futhi akhethe umemukeli nendawo yomsebenzi Wakhe ngokuhambisana nomqondo nenhloso yomsebenzi Wakhe. Akabambeleli emigomweni edlule, futhi akalandeli amafomula amadala; kunalokho uhlela umsebenzi Wakhe ngokuhambisana nokubaluleka komsebenzi; ekugcineni ufuna ukuthola umphumela wawo wangempela kanye nenhloso ebhekiwe. Uma ungaziqondi lezi zinto manje, lo msebenzi ngeke ube namphumela kuwe.

kwesithi “UNkulunkulu UyiNkosi Yayo Yonke Indalo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ukubonakala kukaNkulunkulu ngeke kuhlanganiswe nemicabango yomuntu, futhi uNkulunkulu akanakubonakala nakancane ngokuthanda komuntu. UNkulunkulu wenza izinqumo Zakhe futhi unezinhlelo Zakhe uma enza imisebenzi Yakhe; ikakhulukazi, unezinjongo Zakhe, kanye nezindlela Zakhe. Akudingekile ukuthi axoxisane nomuntu ngemisebenzi ayenzayo noma afune izeluleko kumuntu, nokuthi azise wonke umuntu ngemisebenzi Yakhe. Lokhu yisimo sikaNkulunkulu futhi kakhulukazi, kumele sibonwe nguwo wonke umuntu. …

Kungakhathaleki ukuthi ungowaseMelika, eBrithani, noma esinye isizwe, kumele weqe imingcele yakho, weqe ubuwena, futhi ubone umsebenzi kaNkulunkulu njengesidalwa sikaNkulunkulu. Ngale ndlela, ngeke uvimbe imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu. Ngoba, namuhla, iningi labantu licabanga ukuthi ngeke kwenzeke ukuthi uNkulunkulu abonakale ezweni elithile noma esizweni esithile. Ujule kakhulu umsebenzi kaNkulunkulu, futhi kubalulekile kakhulu ukubonakala kukaNkulunkulu! Ingalinganiswa kanjani ngombono nangokucabanga komuntu? Ngakho ngithi, kumele uphule imicabango yezwe nobuzwe bakho uma ufuna ukubonakala kukaNkulunkulu. Ngale ndlela, ngeke uvinjwe yimicabango yakho, ngale ndlela, uzofaneleka ukwamukela ukubonakala kukaNkulunkulu. Kungenjalo, uzohlala usebumnyameni, futhi ngeke uthole ukuvunywa nguNkulunkulu.

UNkulunkulu unguNkulunkulu waso sonke isintu. Akazenzi owezwe elithile noma owamazwe athile, futhi wenza umsebenzi wohlelo Lwakhe engavinjelwe yinoma isiphi isimo, izwe noma isizwe. Mhlawumbe awukaze usicabange lesi simo noma mhlawumbe uyakuphika ukuba khona kwaso, noma mhlawumbe izwe noma isizwe lapho kubonakala khona uNkulunkulu kuyabandlululwa futhi kuthuthuke kancane kunakho konke emhlabeni. Nokho uNkulunkulu unobuhlakani bakhe. Ngamandla Akhe kanye neqiniso Lakhe kanye nesimo Sakhe uzuze ngokwempela iqembu labantu abanomqondo owodwa Naye. Futhi uzuze iqembu labantu ayefuna ukulenza: iqembu elinqotshwe Nguye, elibekezelela izivivinyo ezibuhlungu kanye nezinhlobo ezahlukahlukene zokuhlupheka futhi elingamlandela kuze kube sekugcineni. Injongo yokubonakala kukaNkulunkulu ngaphandle kokuvinjwa noma kwaluphi uhlobo noma izwe ukuthi akwazi ukuqeda umsebenzi wohlelo Lwakhe. Isibonelo, lapho uNkulunkulu aba yinyama eJudiya, injongo Yakhe kwakuwukwenza umsebenzi wokubethelwa ukuze ahlenge isintu. Kodwa amaJuda ayekholwa ukuthi ngeke ayenze leyo nto uNkulunkulu, futhi acabanga ukuthi ngeke kwenzeke ukuthi uNkulunkulu angaba yinyama athathe isimo seNkosi uJesu. “Okungenakwenzeka” kwabo kwaba isisekelo sokuthi benqabe futhi baphikise uNkulunkulu, futhi ekugcineni kwaholela ekubhidlikeni kuka-Israyeli. Namuhla, abantu abaningi benze iphutha elifanayo. Bamemezela ngokunganaki nje ukusondela kokubonakala kukaNkulunkulu, kodwa futhi bachitha ukubonakala kwakhe; “okungenakwenzeka” kwabo kuphinde kuvimbe ukubonakala kukaNkulunkulu emikhawulweni yemicabango yabo. … Beka eceleni “okungenakwenzeka” kwakho! Uma abantu becabanga ukuthi into ngeke yenzeke, yilapho ingenzeka khona, ngoba ubuhlakani bukaNkulunkulu bukhulu budlula amazulu, mikhulu imicabango kaNkulunkulu idlula eyomuntu, futhi umsebenzi kaNkulunkulu weqa umngcele womcabango womuntu. Kaningi uma into ingenakwenzeka, yilapho kumele kufunwe iqiniso, uma into yedlula umcabango nomqondo womuntu, yilapho iqukethe intando kaNkulunkulu. Ngoba noma yikuphi lapho uNkulunkulu ebonakala khona, uNkulunkulu esenguNkulunkulu, futhi ubunjalo bakhe ngeke bushitshe ngenxa yendawo kanye nendlela abonakala ngayo. Isimo sikaNkulunkulu asishintshi, kungakhathaleki ukuthi imilobo yezinyawo zakhe zikuphi. Noma ngabe imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu ikuphi, unguNkulunkulu waso sonke isintu. Isibonelo, iNkosi uJesu akasiyena uNkulunkulu wama-Israyeli kodwa unguNkulunkulu wabo bonke abantu e-Asia, eYurophu kanye naseMelika. Futhi ukudlula lokho nguyena Nkulunkulu kuphela emhlabeni wonke. Ngakho masifuneni intando kaNkulunkulu futhi sambulelwe ukuzibonakala Kwakhe ezwini Lakhe, futhi silandele imilobo yezinyawo yakhe! UNkulunkulu uyiqiniso, indlela, kanye nokuphila. Amazwi Akhe kanye nokubonakala Kwakhe kuyahambisana, futhi ukuhlela Kwakhe kanye nemilobo yezinyawo Zakhe kuyohlala kutholakala kubantu. Bafowethu nodadewethu, ngiyethemba ukuthi niyakubona ukuvela kukaNkulunkulu kulawa mazwi, futhi nizoqala ukulandela imilobo yezinyawo zakhe niye enkathini entsha, nasezulwini elihle elisha kanye nasemhlabeni omusha olungiselelwe labo abalindele ukubonakala kukaNkulunkulu.

kwesithi “Ukubonakala KukaNkulunkulu Kulethe Inkathi Entsha” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana