Voice of Justice

Voice of Justice

2018/11/03

2. Ingabe umuntu angazi kanjani isimo sikaNkulunkulu nomongo?

UNkulunkulu uSomandla,insindiso,Iqiniso

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Abantu bavame ukuthi akuyona into elula ukwazi uNkulunkulu. Kepha, ngithi ukwazi uNkulunkulu akuyona into enzima neze, ngoba uNkulunkulu, njalo uyavumela umuntu ukuthi azibone izenzo Zakhe. UNkulunkulu akakaze ayeke ingxoxo Yakhe nesintu; akakaze azifihle kumuntu, futhi akakaze acashe. Imicabango Yakhe, imibono Yakhe, amazwi Akhe kanye nezenzo Zakhe ziveziwe zonke esintwini. Ngakho, inqobo nje uma umuntu efisa ukwazi uNkulunkulu, angakwazi ukumqonda nokumazi ngezindlela eziningi futhi ezinhlobonhlobo. Isizathu esibanga umuntu ngokungaqondi, acabange ukuthi uNkulunkulu umxwaya ngamabomu, nokuthi uNkulunkulu usicashele ngamabomu isintu, ukuthi uNkulunkulu akananhloso yokuvumela umuntu ukuthi amqonde futhi amazi, ukuthi akazi ukuthi uNkulunkulu ungubani, futhi akafisi ukuqonda uNkulunkulu; nangaphezu kwalokho, akazihluphi ngemicabango, amazwi noma izenzo zoMdali…. Uma sikhuluma iqiniso, uma umuntu esebenzisa isikhathi esingatheni, ukubhekisisa futhi aqonde amazwi noma izenzo zoMdali futhi athi ukulalela imicabango nephimbo le nhliziyo yoMdali, ngeke kube nzima ukubona ukuthi imicabango, amazwi kanye nezenzo zoMdali ziyabonakala futhi zisobala. Ngokunjalo, kuzothatha ukuzikhandla okuncane ukubona ukuthi uMdali uphakathi kwabantu ngaso sonke isikhathi, nokuthi uhlala exoxisana nomuntu kanye nendalo iyonkana, nokuthi wenza izenzo ezintsha zonke izinsuku. Ingqikithi nesimo Sakhe kubonakaliswa engxoxweni Yakhe nomuntu; imicabango nemibono Yakhe iyavezwa ngokuphelele ezenzweni Zakhe; uyaphelekezela futhi abuke isintu ngaso sonke isikhathi. Ukhuluma buthule nesintu nayo yonke indalo ngamazwi Akhe athulile: Ngisemazulwini, ngiphakathi kwendalo Yami. Ngigadile; ngilindile; ngisohlangothini lwakho….

kwesithi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele II” kwethi Ukuqhutshwa kwesithi Izwi Livela Lisenyameni

Ukufinyelela ekwazini ubunjalo bukaNkulunkulu akusiyona indaba encane. Kufanele nakanjani uqonde isimo Sakhe. Ngale ndlela-ke, uyoya ngokuya futhi unganakile, ufinyelela ekwazini ubunjalo bukaNkulunkulu.

kwesithi “Kubaluleke Kakhulu Ukuqonda Isimo SikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Isimo sikaNkulunkulu siyindaba engaqondakali kakhulu kuwo wonke umuntu, futhi ngaphezu kwalokho kuyinto engelula kunoma ngubani ukuyemukela, ngoba isimo sikaNkulunkulu asifani nobuntu bomuntu. UNkulunkulu, naye, unemizwa yakhe yenjabulo, intukuthelo, usizi nentokozo, kodwa le mizwa iyehluka kweyomuntu. UNkulunkulu uyilokhu ayikho futhi unalokhu anakho. Konke akuvezayo nakwembulayo kumela ubunjalo bakhe nomfanekiso wakhe. Lokho ayikho nalokho anakho, kanye nobunjalo nomfanekiso Wakhe, yizinto ezingeke zivalelwe isikhala ngumuntu. Isimo Sakhe sihlanganisa uthando Lwakhe ngesintu, induduzo ngesintu, inzondo ngabantu, futhi ikakhulu, ukusiqonda ngokuphelele isintu. … Isimo sikaNkulunkulu singesoMbusi wezinto eziphilayo eziphakathi kwazo zonke izinto, eseNkosi yayo yonke indalo. Isimo Sakhe simela ukuhlonipheka amandla, ukuphakama, ubukhulu, futhi okubaluleke kakhulu, ukuba phezulu. Isimo Sakhe siwuphawu lwegunya, uphawu lwakho konke okulungile nokuhle. Ngaphezu kwalokho, siwuphawu Lwakhe ongeke [a] acindezelwe noma ahlaselwe ubumnyama kanye nanoma imaphi amandla ezitha, futhi siwuphawu Lwakhe ongasoze oniwe (futhi ongeke akumele ukoniwa) [b] yinoma yini edaliwe. Isimo Sakhe siwuphawu lwamandla aphakeme kakhulu. Akukho muntu noma abantu abangakwazi noma abangaphazamisa umsebenzi Wakhe noma isimo Sakhe.

kwesithi “Kubaluleke Kakhulu Ukuqonda Isimo SikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Injabulo kaNkulunkulu ibangelwa ubukhona nokuvela kokukulunga nokukhanya; ngenxa yokushabalaliswa kobumnyama nobubi. Ujabuliswa ukuthi ulethe ukukhanya nokuphila okumnandi kubantu; injabulo Yakhe yinjabulo elungile, iwuphawu lokuba khona kwakho konke okuhle futhi, okubaluleke kakhulu, iwuphawu lwentokozo. Intukuthelo kaNkulunkulu ibangelwa ukuba khona kokungalungi nokuphazamisa okukudalayo okulimaza isintu Sakhe; ngenxa yokuba khona kobubi nobumnyama, ukuba khona kwezinto ezihlanekezela iqiniso, ngisho nokuba khona kwezinto ezimelana nezinto ezilungile nezinhle. Intukuthelo Yakhe iwuphawu lokuthi azisekho izinto ezimbi, futhi iwuphawu lobungcwele Bakhe. Ukudabuka Kwakhe kubangelwa isintu, anethemba ngaso kodwa esiwele ebumnyameni, ngoba umsebenzi awenza kumuntu awufinyeleli kulokho akulindele, nangenxa yokuthi isintu asithandayo asikwazi sonke ukuphila ekukhanyeni. Uyadabuka ngesintu esingenacala, ngomuntu othembekile kodwa ongazi lutho, nangomuntu olungileyo kodwa ontulayo emibonweni yakhe. Ukudabuka Kwakhe kuwuphawu lokulunga nomusa Wakhe, uphawu lobuhle nobumnene. Injabulo Yakhe, ngokusobala, isuka ekunqobeni izitha Zakhe, nokuthola ukholo lwabantua. Ngaphezu kwalokho, ibangelwa ukuxoshwa nokubhujiswa kwazo zonke izitha bese isintu sithola ukuphila okumnandi nokunokuthula. Injabulo kaNkulunkulu ayifani neyomuntu; kunalokho iwumuzwa wokwamukela izithelo ezinhle, okuwumuzwa ongaphezu kwenjabulo. Injabulo Yakhe iwuphawu lwesintu sikhululeka ekuhluphekeni kusuka manje kuya phambili nophawu lokungena ezweni lokukhanya.

kwesithi “Kubaluleke Kakhulu Ukuqonda Isimo SikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni


Ingabe ubungcwele bukaNkulunkulu ukukholeka Kwakhe? (Yebo.) Ingabe ubungcwele bukaNkulunkulu ukuthembeka Kwakhe? (Yebo.) Ingabe ubungcwele bukaNkulunkulu ukuzidela Kwakhe? (Yebo.) Ingabe ubungcwele bukaNkulunkulu ukuthobeka Kwakhe? (Yebo.) Ingabe ubungcwele bukaNkulunkulu ukuthanda Kwakhe umuntu? (Yebo.) Ingabe ubungcwele bukaNkulunkulu busekunikeleni Kwakhe iqiniso nokuphila ngokukhululekile kumuntu? (Yebo.) Konke lokhu uNkulunkulu akuvezayo kuyingqayizivele; akukho phakathi kwesintu esonakalisiwe, futhi akunakubonwa lapho. Akubonakali ngisho nezwibela lakho ngesikhathi sokonakaliswa komuntu uSathane, hhayi futhi esimweni esikhohlakele sikaSathane hhayi futhi engqikithini noma emvelweni kaSathane. Ngakho konke lokho uNkulunkulu anakho nayikho kuyingqayizivele futhi uNkulunkulu Uqobo Lwakhe kuphela onalolu hlobo lwe ngqikithi, uNkulunkulu Uqobo Lwakhe kuphela onalolu hlobo lwengqikithi.

kwesithi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele VI” kwethi Ukuqhutshwa kwesithi Izwi Livela Lisenyameni

Amazwi nesimo okuhanjiswa phambili futhi kwembulwa uNkulunkulu kumelela intando Yakhe, futhi kumelela isiqu Sakhe. Lapho uNkulunkulu exhumana nomuntu, kungakhathaliseki ukuthi uthini noma wenzani, noma ukuthi wembula siphi isimo, noma ukuthi umuntu usibheka kanjani isiqu sikaNkulunkulu nalokho anakho nayikho, bonke bamelela intando kaNkulunkulu—intando kaNkulunkulu ngomuntu. Lokhu akungatshazwa! Intando kaNkulunkulu ngesintu yilokho afuna abantu babe yikho, lokho afuna bakwenze, indlela afuna baphile ngayo, nendlela afuna bakwazi ngayo ukufeza ukugcwaliseka kwentando kaNkulunkulu. Ingabe lezi zinto azinakwehlukaniseka nesiqu sikaNkulunkulu? Ngamanye amazwi, uNkulunkulu uhambisa phambili isimo Sakhe nakho konke anakho nayikho ngesikhathi esisodwa nenza ngaso izimfuno zomuntu.

kwesithi “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe II” kwethi Ukuqhutshwa kwesithi Izwi Livela Lisenyameni

Izinto nobuyena bukaNkulunkulu, ingqikithi kaNkulunkulu, isimo sikaNkulunkulu—konke sekwenziwe kwaziwa emazwini Akhe esintwini. Lapho ezizwela yena amazwi kaNkulunkulu, umuntu kuyothi ngesikhathi ewenza afike ekuqondeni injongo kaNkulunkulu esemazwini uNkulunkulu awakhulumayo, futhi uyoqonda umthombo nesendlalelo samazwi kaNkulunkulu, futhi aqonde aphinde abe nokwazisa umthelela ohloswe ngamazwi kaNkulunkulu. Kubantu, lezi yizo zonke izinto umuntu okumele azizwe, aziqonde futhi afinyelele kuzo, ukuze afinyelele eqinisweni nokuphila, aqonde izinhloso zikaNkulunkulu, abe ngoguqukile esimweni sakhe, futhi akwazi ukuzithoba ebukhosini nasemalungiselelweni kaNkulunkulu. Khona ngaleso sikhathi umuntu ezizwela, eqonda, futhi, efinyelela kulezi zinto, kancane kancane uyobe esezuze ukuqonda uNkulunkulu, futhi ngaleso sikhathi uyobe esezuze amazinga ehlukene okwazi Yena. Lokhu kuqonda nokwazi akuveli entweni ethile umuntu ayicabangile noma azenzele yona, kodwa kunalokho kuvela, kulokho akwazisayo, akubonayo, akuzwayo, kanye nalokho akufakazelayo ngaphakathi kuye. Kuphela, kungemuva kokwazisa, ukuzibona, ukuzwa, kanye nokuzifakazela lezi zinto, lapho ulwazi lomuntu ngoNkulunkulu luba nohlonze, ulwazi kuphela lolo aluthole ngalesi sikhathi olungoloqobo, oluyilo futhi oluqinisekile, futhi le nqubo—yokuthola ukuqonda okuyikonakona nolwazi lukaNkulunkulu ngokwazisa, ngokubona, ngokuzwa, nokufakazelana namazwi Akhe—yiyo kanye inhlanganyelo phakathi komuntu noNkulunkulu. Phakathi kwalolu hlobo lwenhlanganyelo, umuntu ufinyelela ngempela ekuqondisiseni nasekubambeni izinhloso zikaNkulunkulu, ufinyelela ngempela ekuqondisiseni nasekwazini izinto nobuyena bukaNkulunkulu, ufinyelela ngempela ekuqondisiseni nasekwazini ingqikithi kaNkulunkulu, ufinyelela kancane kancane ekuqondisiseni nasekwazini isimo sikaNkulunkulu, ufika ekubeni nencazelo eyiyo kanye nesiqiniseko sangempela, ngeqiniso lokubusa kukaNkulunkulu ngaphezu kwakho konke okudaliwe. Futhi uzuza ukuqonda okunohlonze nolwazi ngobunjalo kanye nesikhundla sikaNkulunkulu. Phakathi kwalolu hlobo lokuhlanganyela, umuntu uyaguquka, isinyathelo ngesinyathelo, imibono yakhe ngoNkulunkulu, angabe esamcabanga Yena ngokumsusela phezu kweze, noma azinikezele ezinsolweni anazo Ngaye, noma ukungamqondisisi Yena, noma ukumgxeka Yena, noma enze izahlulelo Ngaye, noma amngabaze Yena. Ngenxa yalokhu, umuntu uyoba nezinkulumo-mpikiswano ezimbalwa noNkulunkulu, uyoba nokuxabana okumbalwa noNkulunkulu, nokuthi uyokuba nezigameko ezimbalwa lapho eyovukela uNkulunkulu. Ngakolunye uhlangothi, ukunakekela komuntu nokuzithoba kuNkulunkulu kuyokhula kakhulu, kanti ukuhlonipha kwakhe okukhulu uNkulunkulu, kuyoba ngokoqobo futhi ngokujulile. Phakathi kwalolu hlobo lokuhlanganyela, umuntu ngeke nje kuphela athole iqiniso nokubhapathiswa ekuphileni, kodwa ngesikhathi esifanayo uyobuye athole ulwazi lweqiniso ngoNkulunkulu. Phakathi kwalolu hlobo lokuhlanganyela, umuntu ngeke nje kuphela aguqulwe esimweni sakhe nasekutholeni insindiso, kodwa ngesikhathi esifanayo uyobuye athole ukuhlonipha nokudumisa kweqiniso kwesidalwa esidaliwe sikwenza kuNkulunkulu. Ekubeni kade enalolu hlobo lokuhlanganyela, ukholo lomuntu kuNkulunkulu angeke lusaba yinto engazeki, noma isithembiso esinikezwe ngezindebe zomlomo nje, noma uhlobo lokulandela olungenasisekelo nokwenza izithixo; ngalolu hlobo kuphela lokuhlanganyela ukuphila komuntu kuyokhula kufinyelele ekuvuthweni usuku nosuku, futhi yimanje kuphela lapho isimo sakhe siyoguquka ngokuhamba kwesikhathi, nokholo lwakhe kuNkulunkulu, kancane kancane luyodlula ekungaqondakalini kahle nasokholweni olungaqinisekile lube ukuzithoba ngeqiniso nokunakekela, luze lufinyelele ekuhlonipheni okukhulu ngempela; futhi umuntu uyobuye, ekufuneni uNkulunkulu, kancane kancane aqhubeke asuke esimweni sokuba ongenzi lutho abe sesimweni sokukhuthala; kungalolu hlobo lokuhlanganyela kuphela umuntu ezifinyelela ukuqonda kwangempela kanye nokuqonda uNkulunkulu, ekwazini uNkulunkulu ngeqiniso.

kwesithi Isandulelo sethi Izwi Livela Lisenyameni


Noma ngabe ufike kuliphi izinga ngokwesipiliyoni sakho, awuhlukaniseki nezwi likaNkulunkulu noma iqiniso, futhi nalokhu ukuqonda ngesimo sikaNkulunkulu kanye nalokhu okwaziyo ngalokho uNkulunkulu anakho nayikho, konke kubonakala emazwini kaNkulunkulu; kuxhumene ngendlela engenakuhlukaniswa neqiniso. Isimo sikaNkulunkulu kanye nalokho anakho nayikho, ngokwakho kuyiqiniso; iqiniso liwukubonakaliswa kwesimo sikaNkulunkulu kanye nalokhu anakho nayikho. Lenza lokhu uNkulunkulu anakho nayikho kuqine futhi ukusho ngokugcizelela; likutshela ngqo ukuthi uNkulunkulu uthandani, yini angayithandi, yini Afuna ukuba uyenze futhi yini angayivumeli ukuba uyenze, ibaphi abantu abenyanyayo futhi ibaphi abantu athokoza ngabo. Emva kweqiniso uNkulunkulu alishoyo, abantu bangabona ukwenama, intukuthelo, usizi, nentokozo, kanye nengqikithi Yakhe—lokhu ukwambulwa kwesimo Sakhe. Ngaphandle nje kokwazi lokho uNkulunkulu anakho nayikho, nokuqonda isimo Sakhe ezwini Lakhe, okubaluleke kakhulu isidingo sokufinyelela kulokhu ukuqonda ngokuzwa okuphathekayo. Uma abantu beziqhelelanisa nokuphila kweqiniso ukuze bamazi uNkulunkulu, angeke bakwazi ukuphumelela kulokho. Noma ngabe abantu bengakwazi ukuzuza ukuqonda ezwini likaNkulunkulu, kuzoba nesilinganiso salokhu okubhalwe phansi kanye namazwi, futhi kukhona ukungafani nalokhu uNkulunkulu afana nakho ngempela.

kwesithi “Umsebenzi kaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe III” kwethi Ukuqhutshwa kwesithi Izwi Livela Lisenyameni

Ukuze siqonde isimo sikaNkulunkulu noNkulunkulu uqobo Lwakhe kumele uqale ngento encane kakhulu. Kodwa yini lena encane kakhulu okufanele uqale ngayo? Okokuqala, ngiye ngathola izahluko ezithile zeBhayibheli. Imininingwane engezansi iqukethe amavesi eBhayibheli, wonke ahlobene nesihloko somsebenzi kaNkulunkulu, isimo sikaNkulunkulu, noNkulunkulu uqobo Lwakhe. Ngokukhethekile, lezi zingxenye ngizithole njengezinkomba ezizonisiza nazi umsebenzi kaNkulunkulu, isimo sikaNkulunkulu, noNkulunkulu uqobo Lwakhe. …

…………

… Kodwa injongo yokuthola Kwami lezi zahluko namuhla akukhona ukuthi uzame ukuqonda lezi zindaba nabalingiswa abakuzo. Kunalokho, ukuthi ubone izenzo nesimo sikaNkulunkulu ngala balingiswa, ukuze kube lula ukuthi wazi futhi uqonde uNkulunkulu, ubone uhlangothi Lwakhe lwangempela, uyeke ukugcina ngokubona izinto ngeso lengqondo, uyeke ukuba nemibono Ngaye, futhi kuphele ukudideka onakho Ngaye. Ukuzama ukwenza ingqondo ngesimo sikaNkulunkulu nokuqonda kanye nokwazi uNkulunkulu uqobo Lwakhe ngaphandle kwesisekelo kungakwenza kaningi uzizwe ungenalusizo, ungenamandla, futhi ungaqiniseki ngokuthi uqale kuphi. Yingakho ngicabange ngokusebenzisa leyo ndlela futhi nginenze nimqonde kangcono uNkulunkulu, niyazise kakhulu intando kaNkulunkulu futhi nazi isimo sikaNkulunkulu noNkulunkulu uqobo Lwakhe futhi nikuzwe ngempela ukuba khona kukaNkulunkulu nazise nentando Yakhe ngesintu.

…………

(UGenesise 2:15-17) INKOSI uNkulunkulu yase imthatha umuntu, yambeka ensimini yase-Edene ukuba ayilime futhi ayinakekele. Futhi iNKOSI uNkulunkulu yamyala umuntu, yathi, Kuyo yonke imithi yensimu ungadla ngokuthanda kwakho: Kepha kuwo umuthi wokwazi okuhle nokubi, ungadli: ngoba ngosuku oyodla ngalo kuwo uyakufa nokufa.

…………

Kula mazwi ambalwa alula, singayibona inhliziyo kaNkulunkulu. Kodwa nhloboni yenhliziyo esiyibonayo? Ingabe lukhona uthando enhliziyweni kaNkulunkulu? Ingabe inakho ukukhathazeka? Uthando nokukhathazeka kukaNkulunkulu kula mavesi akunakwaziswa abantu kuphela, kodwa lungazwakala nokuzwakala. Ingabe lokho akulona iqiniso? Manje njengoba sengisho lezi zinto, ingabe nisacabanga ukuthi lawa amazwi ambalwa alula? Awalula ngaleyo ndlela, akunjalo? Ningakwazi ukukubona ngaphambi kwesikhathi lokhu? Uma uNkulunkulu ekutshela yena mathupha la mazwi ambalwa, ungazizwa kanjani ngaphakathi? Uma ungenabo ubuntu, uma inhliziyo yakho iqinile, akukho lutho ozoluzwa, ngeke ulwazise uthando lukaNkulunkulu, futhi ngeke uzame ukuqonda inhliziyo kaNkulunkulu. Kodwa uma ungumuntu ononembeza, onobuntu, uyozizwa ngendlela ehlukile. Uyozwa imfudumalo, uyozizwa unakekelwa futhi uthandwa futhi uyojabula. Akulona yini iqiniso lelo? Lapho uzwa lezi zinto, uyoziphatha kanjani kuNkulunkulu? Ingabe uyonamathelana noNkulunkulu? Ingabe uyomthanda futhi umhloniphe ngokusuka ekujuleni kwenhliziyo yakho uNkulunkulu? Ingabe inhliziyo yakho iyosondelana noNkulunkulu? Ungabona kulokhu ukuthi lubaluleke kangakanani uthando lukaNkulunkulu kumuntu. Kodwa okubucayi nakakhulu ukwazisa komuntu nokuqonda Kwakhe uthando lukaNkulunkulu. Eqinisweni, ingabe uNkulunkulu akasho izinto eziningi ezifanayo phakathi nalesi sigaba somsebenzi Wakhe? Kodwa ingabe abantu banamuhla bayayazisa inhliziyo kaNkulunkulu? Ingabe ningakwazi ukuqonda intando kaNkulunkulu engiqeda kukhuluma ngayo? Anikwazi ngisho nokuyiqonda intando kaNkulunkulu uma ingokoqobo futhi inokwethenjelwa kanje. Yingakho ngithi aninalo ulwazi lweqiniso nokuqonda ngoNkulunkulu. Ingabe lokhu akulona iqiniso?

kwesithi “Umsebenzi KaNkulunkulu, Isimo SikaNkulunkulu, NoNkulunkulu Uqobo Lwakhe I” kwethi Ukuqhutshwa kwesithi Izwi Livela Lisenyameni

Ulwazi ngegunya likaNkulunkulu, amandla kaNkulunkulu, ubunjalo bukaNkulunkulu, kanye nengqikithi kaNkulunkulu angeke kufezeke ngokuthembela ekubukeni ngamehlo engqondo. Njengoba ungeke uthembele ekubukeni ngamehl0 engqondo ukuze wazi igunya likaNkulunkulu, iyiphi indlela ongathola ngayo ulwazi lweqiniso ngegunya likaNkulunkulu? Ngokudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu, ngobudlelwano nokuhlanganyela ndawonye, nangokuzwa amazwi kaNkulunkulu, uzoya ngokuya uba nokulizwa kanye nesiqiniseko ngegunya likaNkulunkulu, ngaleyo ndlela uyozuza ukuqonda okuza kancane kancane kanye nolwazi olwandayo njalo ngalo. Lena yiyo yodwa indlela yokuthola ulwazi ngegunya likaNkulunkulu; azikho izindlela ezinqamulelayo. Ukukucela ukuthi ungabuki ngamehlo engqondo akufani nokuthi ngithi hlala nje, uyethile ulinde ukubhujiswa, noma ukukuvimba ukuthi wenze noma yini. Ukungasebenzisi ingqondo yakho ukucabanga nokubuka ngamehlo engqondo, kusho ukuthi ungasebenzisi ukucabanga ukuqonda, ukungasebenzisi ulwazi ukucwaninga, ukungasebenzisi isayensi njengesisekelo, kodwa kunalokho, ukunanela, ukuthola iqiniso, nokufakazela ukuthi uphethe ubukhosi phezulu kwesimiselo senu, nokuthi amandla Akhe ngaso sonke isikhathi ayamfakazela ukuthi unguNkulunkulu weqiniso uqobo Lwakhe, ngamazwi kaNkulunkulu, ngeqiniso, ngakho konke ohlangabezana nakho empilweni. Yiyo kuphela indlela umuntu angathola ngayo ukuqonda uNkulunkulu. Abanye bathi bafisa ukuthola indlela elula yokufeza le nhloso, kodwa niyakwazi ukuyicabanga indlela enjalo? Ngiyakutshela, asikho isidingo sokucabanga: Azikho ezinye izindlela! Indlela ukuthi uqikelele futhi ubekezelele ukwazi nokuthola iqiniso ngokuthi uNkulunkulu unani futhi ungubani ngamazwi wonke awavezayo nangazo zonke izinto azenzayo. Yiyo kuphela indlela yokwazi uNkulunkulu. Ngoba konke uNkulunkulu anakho nayikho, nazo zonke izinto zikaNkulunkulu, akulona nje igobongo futhi akunalutho—kodwa kuyaphila.

kwesithi “UNkulunkulu Uqobo Lwakhe, Oyingqayizivele I” kwethi Ukuqhutshwa kwesithi Izwi Livela Lisenyameni

Izincazelo:

a. Umbhalo wokuqala ufundeka ngokuthi “kuwuphawu lokungakwazi ukuba.”

b. Umbhalo wokuqala walapha ufundeka ngokuthi “ukungakwazi ukuba (yebo nakanjani, ukungavunyelwa ukuba ube wenze njalo).”

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana