Voice of Justice

Voice of Justice

2018/10/10

1. Kungani uNkulunkulu ebizwa ngamagama ahlukene nangezinkathi ezihlukene? Yini ukubaluleka kwamagama kaNkulunkulu?

uNkulunkulu,UNkulunkulu uSomandla

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Kufanele wazi ukuthi uNkulunkulu wayengenalo igama ekuqaleni. Wathatha nje igama elilodwa, amabili noma amaningi ngenxa yokuthi kunomsebenzi okwakufanele awenze futhi kwakufanele aphathe isintu. Noma ngabe yiliphi igama abizwa ngalo—ingabe akazikhethelanga lona? Ingabe ubengadinga wena—omunye wezidalwa Zakhe—ukuba ulinqume? Igama uNkulunkulu abizwa ngalo yilelo elivumelana nalokho umuntu angakwazi ukukuqonda, ngolimi lwesintu, kodwa leli gama umuntu angakwazi ukuliqonda ngokuphelele.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni


Kuyo yonke inkathi uNkulunkulu enza kuyo umsebenzi Wakhe mathupha, usebenzisa igama elihambisana nenkathi ukuze aqoqe umsebenzi ahlose ukuwenza. Usebenzisa leli gama kanye elibonisa ukubaluleka kwaleyo nkathi ukuze limele isimo Sakhe kuleyo nkathi. NguNkulunkulu lo esebenzisa ulimi lwabantu ukuze aveze isimo Sakhe.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ingabe igama likaJesu— “UNkulunkulu unathi”—lisimele sonke isimo sikaNkulunkulu? Lingamchaza ngokugcwele uNkulunkulu? Uma umuntu ethi uNkulunkulu angabizwa kuphela ngokuthi uJesu futhi akufanele abe nelinye igama ngoba uNkulunkulu unesimo esingaguquki, la mazwi anjalo awukuhlambalaza ngempela! Uyakholwa ukuthi igama elithi Jesu, uNkulunkulu unathi, lilodwa lingammela ngokuphelele uNkulunkulu? UNkulunkulu angabizwa ngamagama amaningi, kodwa phakathi kwala magama amaningi, alikho igama elilodwa elingakuqoqa konke ngoNkulunkulu, alikho nelilodwa elingamela uNkulunkulu ngokuphelele. Ngakho uNkulunkulu unamagama amaningi, kodwa wonke la magama amaningi awakwazi ukucacisa isimo sikaNkulunkulu, ngoba isimo sikaNkulunkulu sicebe ngendlela yokuthi singaphezulu kakhulu kunamandla omuntu okumazi. Ayikho indlela yokuthi umuntu, esebenzisa ulimi lwesintu, aqoqe uNkulunkulu ngokugcwele. Isintu sinamagama amancane kakhulu esingaqoqa ngawo konke esikwaziyo ngesimo sikaNkulunkulu: mkhulu, uyahlonipheka, uyamangalisa, akaqondakali, uphakeme, ungcwele, ulungile, uhlakaniphile, njalo njalo. Amagama amaningi ngokweqile! La magama angafiki ndawo awakwazi ukuchaza okuncane umuntu asakubonile kwesimo sikaNkulunkulu. Ngokuhamba kwesikhathi, abanye abaningi benezela amagama ababecabanga ukuthi ayekwazi ukuchaza kangcono ukushisekela okwakusezinhliziyweni zabo: uNkulunkulu mkhulu kakhulu! UNkulunkulu ungcwele kakhulu! UNkulunkulu uthandeka kakhulu! Namuhla, izisho zabantu ezinjengalezi sezifike esicongweni sazo, kodwa umuntu akakakwazi ukukhuluma ngokucacile. Ngakho, ngokomuntu, uNkulunkulu unamagama amaningi, nokho akanalo igama elilodwa, futhi lokhu kungenxa yokuthi isiqu sikaNkulunkulu sinokuningi kakhulu kanti ulimi lomuntu luhlwempu kakhulu. Izwi noma igama elithile elilodwa alinawo amandla okumela uNkulunkulu uqobo, ngakho ingabe ucabanga ukuthi igama likaNkulunkulu lingama ndawonye nje? UNkulunkulu mkhulu kakhulu futhi ungcwele, kodwa awukwazi ukumvumela aguqule igama Lakhe njalo ngenkathi entsha?

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Abanye bathi igama likaNkulunkulu aliguquki, pho kungani igama likaJehova laphenduka uJesu? Kwaphrofethwa ngokuza kukaMesiya, pho kungani kweza indoda egama layo linguJesu? Kungani laguquka igama likaNkulunkulu? Ingabe umsebenzi onjena awenziwanga kudala? UNkulunkulu akakwazi ukwenza umsebenzi omusha namuhla? Umsebenzi wayizolo ungaguqulwa, futhi umsebenzi kaJesu ungalandela lowo kaJehova. Ungeke pho umsebenzi kaJesu ulandelwe omunye umsebenzi? Uma igama likaJehova lingaguqulwa libe nguJesu, pho kungani igama likaJesu nalo lingeke liguqulwe? Lokhu akuyona into engajwayelekile, futhi abantu bacabanga kanjena[a] kuphela ngenxa yokuthatha izinto kalula. UNkulunkulu uyohlale enguNkulunkulu. Noma umsebenzi Wakhe ungaguquka negama Lakhe, isimo Sakhe nobuhlakani ngeke kuguquke kuze kube phakade. Uma ukholelwa ukuthi uNkulunkulu angabizwa ngegama elithi Jesu, lokho kusho ukuthi unolwazi oluncane kakhulu. Ungalokothi uthi uJesu yilona gama likaNkulunkulu kuze kube phakade, ukuthi uNkulunkulu uyolokhu futhi uyohlale ebizwa ngegama elithi Jesu, nokuthi lokho ngeke kushintshe? Ake sithi ngokuqinisekile yigama elithi Jesu eliqede iNkathi Yomthetho laphinde laqeda inkathi yokugcina? Ubani ongathi umusa kaJesu yiwo ongaqeda inkathi?

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma umsebenzi kaNkulunkulu uhlala ufana inkathi ngayinye futhi ebizwa ngegama elifanayo, umuntu angamazi kanjani? Kumele ukuba uNkulunkulu abizwe ngoJehova, futhi ngale kukaNkulunkulu obizwa ngoJehova, noma ngubani obizwa nganoma yiliphi elinye igama akayena uNkulunkulu. Noma uNkulunkulu angabizwa kuphela ngokuthi uJesu, futhi ngaphandle kwegama likaJesu akufanele abizwe ngelinye igama; ngaphandle kukaJesu, uJehova akayena uNkulunkulu, noNkulunkulu uSomandla akayena uNkulunkulu futhi. Umuntu ukholwa ukuthi kuyiqiniso ukuthi uNkulunkulu unamandla, kodwa uNkulunkulu unguNkulunkulu onomuntu, futhi kumele abizwe ngoJesu ngoba uNkulunkulu unomuntu. Ukwenza lokhu, kuwukulandela imfundiso, futhi kuwukuqoqela uNkulunkulu emkhawulweni othile. Ngakho, kuzo zonke izinkathi, umsebenzi uNkulunkulu awenzayo, igama abizwa ngalo, nomfanekiso awuthathayo—umsebenzi awenzayo kuzo zonke izigaba kuze kube namuhla—akulandeli umthetho owodwa, futhi akukho ngaphansi nhlobo kwanoma yimuphi umkhawulo. UnguJehova, futhi usenguye uJesu, kanye noMesiya, noNkulunkulu uSomandla. Umsebenzi Wakhe ungaguquka kancane kancane nokuguquka okuhambisanayo egameni Lakhe. Akukho gama elilodwa elingammela ngokugcwele, kodwa wonke amagama abizwa ngawo ayakwazi ukummela, futhi umsebenzi awenzayo kuzo zonke izinkathi umele isimo Sakhe.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ingabe umfanekiso womuntu oyedwa negama elilodwa kungamela yini uNkulunkulu uqobo Lwakhe? Inkathi nenkathi, uNkulunkulu wenza umsebenzi omusha futhi ubizwa ngegama elisha; angawenza kanjani umsebenzi ofanayo ngezikhathi ezingafani? Anganamathela kanjani kokudala? Igama likaJesu lathathwa ngenxa yomsebenzi wokuhlenga, ngakho ingabe uzobizwa ngegama elifanayo lapho ebuya ezinsukwini zokugcina? Ingabe ubeyobe esenza umsebenzi wokukhulula? Kungani uJehova noJesu bengumuntu oyedwa, kodwa babizwe ngamagama angafani ngezinkathi ezingafani? Ingabe akukhona ngenxa yokuthi izinkathi zemisebenzi yabo zehlukene? Ingabe uNkulunkulu uqobo Lwakhe lonke angabizwa ngegama elilodwa? Uma kunjalo uNkulunkulu kumele abizwe ngegama elehlukile ngenkathi eyehlukile, futhi asebenzise igama ukuze aguqule inkathi futhi ayimele, ngoba alikho elinye igama elingamela uNkulunkulu Uqobo Lwakhe, futhi igama ngalinye likwazi kuphela ukumela ingxenye yesikhathi sesimo sikaNkulunkulu enkathini ethile; konke elidinga ukukwenza ukumela umsebenzi Wakhe. Ngakho, uNkulunkulu angakhetha noma yiliphi igama elimela isimo Sakhe ukuze amele yonke inkathi.

kwesithi “Umuntu Oye Wachaza UNkulunkulu Ngokwemibono Yakhe Angazithola Kanjani Izambulo ZikaNkulunkulu?” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngakho, isikhathi ngasinye lapho lowo nalowo efika, uNkulunkulu ubizwa ngegama elilodwa, umela inkathi eyodwa futhi uvula indlela entsha, athathe igama elisha, okubonisa ukuthi uNkulunkulu uhlala emusha futhi akagugi, okuwukuthi umsebenzi Wakhe awuyeki ukuqhubekela phambili. Umlando uhlala uqhubekela phambili nomsebenzi kaNkulunkulu uhlala uqhubekela phambili. Ukuze uhlelo lweminyaka eziyinkulungwane eziyisithupha lufinyelele esiphethweni, kumele luhlale luqhubeka luya phambili. Usuku nosuku, kufanele enze umsebenzi omusha, unyaka nonyaka kumele enze umsebenzi omusha; kumele aqale izindlela ezintsha, kumele aqale izinkathi ezintsha, aqale umsebenzi omusha nomkhulu, futhi kanye nalokhu alethe amagama amasha nomsebenzi omusha.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Imibhalo engezansi:

a. Umbhalo wokuqala ufundeka kanje “Okusho ukuthi.”

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana