Voice of Justice

Voice of Justice

2018/10/15

2. Yini umehluko phakathi kwendlela iNkosi uJesu asebenze ngayo Ngenkathi Yomusa kanye nendlela uNkulunkulu uSomandla asebenze ngayo Ngenkathi Yombuso?

Isiphambano,Iqiniso

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Ngesikhathi sokuthatha Kwakhe isimo somuntu kokuqala, kwakudingeka ukuba uNkulunkulu aphulukise abagulayo futhi axoshe amadimoni ngoba umsebenzi Wakhe kwakungukuhlenga. Ukuze ahlenge isintu sisonke, Yena kwakudingeka ukuba abe nomusa futhi athethelele. Umsebenzi awenza ngaphambi kokuba abethelwe ukuphulukisa abagulayo nokuxosha amadimoni, okwakubikezela ukusindisa Kwakhe isintu esonweni nasemanyaleni. Ngenxa yokuthi kwakuyiNkathi yoMusa, kwakufanelekile ukuba Yena aphulukise abagulayo, ngaleyo ndlela abonise izibonakaliso nezimangaliso, ezazimele umusa kuleyo nkathi; ngoba iNkathi yoMusa yayigxile ekupheni umusa, okufanekiswa ngokuthula, injabulo, nezibusiso eziphathekayo, konke okuyizimpawu zokholo lwabantu kuJesu. Okuwukuthi, ukuphulukisa abagulayo, ukuxosha amadimoni nokupha umusa, kwakungamakhono emvelo, enyama kaJesu eNkathini yoMusa, ayengumsebenzi kaMoya owawubonakala enyameni.

kwesithi “Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi owenziwa nguJesu wawuhambisana nezidingo zomuntu ngaleso sikhathi. Umsebenzi Wakhe kwakuwukuhlenga abantu, ukubaxolela izono zabo, ngakho-ke sonke isimo Sakhe kwakungesokuthobeka, ukubekezela, uthando, ubumnene, ukuqinisela, umusa, kanye nomusa wothando. Wabusisa abantu kakhulu wabalethela umusa omningi, nazo zonke izinto ababengase bazithokozele, wabanika ukuze bazithokozele: ukuthula nenjabulo, ukubekezela nothando, umusa Wakhe kanye nomusa wothando. Kulezo zinsuku, konke lokhu umuntu ayehlangabezana nakho kwakuyinala yezinto okumele azithokozele: Izinhliziyo zabo zazinoxolo futhi ziqinisekile, umoya wabo wawududuzekile, futhi babeqiniswe uMsindisi uJesu. Ukuthi babengazuza lezi zinto kwakungumphumela wenkathi ababephila kuyo. ENkathini yoMusa abantu base bonakaliswe uSathane, ngakho-ke umsebenzi wokuhlenga bonke abantu wawudinga inala yomusa, ukuqinisela okungapheli nokubekezela, phezu kwalokho, umnikelo owanele wokuhlawula izono zabantu, ukuze kufike emphumeleni wawo. Lokhu okwabonwa abantu eNkathini yoMusa kwakungumnikelo Wami nje wokuhlawulela isono sabantu, okungukuthi, uJesu. Konke ababekwazi ukuthi uNkulunkulu wayengaba nomusa nokuqinisela, futhi konke abakubona kwaba umusa kaJesu kuphela kanye nomusa wothando. Lokhu kwakungenxa yokuthi babephila eNkathini yoMusa. Ngakho-ke ngaphambi kokuthi bahlengwe, kwakumele bathokozele izinhlobo eziningi zomusa omkhulu uJesu abanika wona; yilokhu kuphela okwakuyinzuzo kubo. Ngale ndlela, babezoxolelwa izono zabo ngokuthokozela kwabo umusa, futhi bebezothola ithuba lokuhlengwa ngokuthokozela ukuqinisela nokubekezela kukaJesu. Ukuqinisela nokubekezela kukaJesu kuphela okwenza ukuthi bakwazi ukuthola intethelelo nokuthokozela inala yomusa ebekwe phezu kwabo nguJesu – njengoba uJesu athi, “Angizanga ukuzohlenga abalungile kodwa izoni, ukuze izono zabo zixolelwe”.…Ngokuthanda kukaJesu abantu, ebaxolela izono zabo ebanika umusa owanele nomusa nothando, abantu bakwazi ukusindiswa, babizwa ngezimvu ezazilahlekile ezabuyiswa uJesu ngenani eliphakeme. USathane wayengekwazi ukugxambukela kulo msebenzi, ngoba uJesu waphatha abalandeli Bakhe njengomama onothando ephethe usana ezingalweni zakhe. Akazange abathukuthelele noma abenyanye, kodwa wayegcwele induduzo; akazange athukuthele phakathi kwabo, kodwa wabayeka nezono zabo wabushaya indiva ubulima nokungazi kwabo, waze wathi, “Xolela izikhathi ezingamashumi ayisikhombisa aphindwe kasikhombisa.” Ngakho-ke inhliziyo Yakhe yaguqula izinhliziyo zabanye. Kwaba ngale ndlela lapho abantu bathola khona intethelelo yezono ngokubekezela Kwakhe.

kwesithi “Iqiniso Mayelana Nomsebenzi Enkathini Yokuhlengwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UMoya oNgcwele usebenza ngokuhambisana nenkathi, hhayi nje ngokuthanda noma ngemithetho ebekiwe. Inkathi isiguqukile futhi inkathi entsha kumele ifike nomsebenzi omusha. Lokhu kuyiqiniso ngazo zonke izigaba zomsebenzi futhi umsebenzi Wakhe awuphindwa nhlobo. ENkathini Yomusa, uJesu wenza umsebenzi omningi, njengomsebenzi wokuphulukisa, ukuxosha amadimoni, ukubeka izandla kubantu ngokubathandazela nokubabusisa. Nokho, ukuqhubeka nokwenza lowo msebenzi namuhla ngeke kusize ngalutho. UMoya oNgcwele wasebenza ngaleyo ndlela ngaleso sikhathi ngoba kwakuyiNkathi Yomusa futhi umuntu wayeboniswe umusa owanele ukuze ajabule. Akudingekanga ukuba umuntu akhokhe okuthile ukuze athole umusa, kuphela nje uma enokholo. Bonke babephathwe ngomusa. Manje inkathi isiguqukile futhi umsebenzi kaNkulunkulu usuqhubekele phambili; ngokusola nokwahlulela Kwakhe, ukuvukela komuntu nezinto ezingcolile kumuntu zizokhishelwa ngaphandle. Njengoba kwakunjalo ngesigaba sokukhululwa, uNkulunkulu kwadingeka ukuba enze umsebenzi onjalo, ebonisa abantu umusa owanele ukuba bajabule ngawo, ukuze akhulule umuntu esonweni, nangomusa wamxolela umuntu izono zakhe. Lesi sigaba senzelwe ukwambula ububi kumuntu ngokusola, ukwahlulela, ukushaya kwamagama ukuze ngemva kwalokho basindiswe. Lo msebenzi ujule kakhulu kunokukhulula isintu. NgeNkathi Yomusa, umuntu wathola umusa owanele futhi wayesewutholile kakade lo musa futhi awusakulungele ukuba utholwe ngabantu. Umsebenzi onjalo manje usuphelelwe yisikhathi futhi angeke usenziwa. Manje, umuntu usindiswa ngokwahlulelwa yizwi. Ngemva kokwahlulelwa, kokusolwa nangemva kokucwengwa komuntu, ubuntu bakhe buyaguquka. Ingabe lokhu akungenxa yamazwi engiwakhulumile? Isigaba ngasinye somsebenzi senziwe ngokuvumelana nokuthuthuka kwaso sonke isintu nenkathi. Wonke umsebenzi unokuthile kuwo okubalulekile; wenzelwa ukusindisa kokugcina, ukuze isintu sibe nekusasa elihle nokuthi ekugcineni umuntu ahlukaniseke ngokohlobo ayilo.

kwesithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

uma uNkulunkulu eba yinyama manje, umsebenzi Wakhe ukubonakalisa isimo Sakhe, ikakhulu ngokusola nokwahlulela. Esebenzisa lokhu njengesisekelo, uletha iqiniso kubantu, akhombise ezinye izindlela zokwenza, ngalokhu bese efinyelela kulokhu akuphokophele kokunqoba abantu nokubasindisa esimweni sabo esonakele. Yilokhu okusemsebenzini kaNkulunkulu eNkathini Yombuso.

kwesithi “Isandulela” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Engikushoyo namuhla ukwahlulela izono zabantu kanye nokungalungi kwabo, ukuqalekisa ukuhlubuka kwabantu. Ukukhohlisa nokugwegwa kwabo, kanye namazwi nezenzo zabo, zonke lezi zinto ezingahambisani nentando Yakhe kuzobhekana nokwahlulelwa, futhi ukuhlubuka kwabantu kuyalahlwa njengokuyisono. Ukhuluma ngokuvumelana nezimiso zokwahlulela, futhi uveza isimo Sakhe sokulunga ngokwahlulela ukungalungi kwabo, ukuqalekisa ukuhlubuka kwabo, futhi adalule bonke ubuso babo obubi.

kwesithi “Indlela Isinyathelo Sesibili Somsebenzi Wokunqoba Esithela Ngayo Izithelo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Abantu abakwazi ukuguqula izimilo ngokwabo, kumele badlule ekuhlulelweni nasekujezisweni baphinde badlule ekulungisweni okubuhlungu kwamazwi kaNkulunkulu, noma bafakwe uswazi, bayalwe, futhi bathenwe ngamazwi Akhe. Emva kokuthi kwenzeke konke lokhu sebengakwazi ukuthi bakwazi ukumlalela nokuzinikela kuNkulunkulu, ngaphandle kokuzama ukumkhohlisa ngokwenza izinto bengazicabangisisanga kahle. Kwenziwa ngaphansi kokulungiswa yizwi likaNkulunkulu ukuthi abantu babe noguquko esimilweni. Yilabo kuphela abavezwa obala, bahlulelwa, bayalwa. baphinde basebenzisane namazwi Akhe bangeke baphinde benze izinto ngokunganaki, bayoba nesizotha baphinde baziphathe ngokuzihlonipha. Okubaluleke kakhulu ukuthi bayakwazi ukuthobela amazwi oqobo kaNkulunkulu baphinde bathobele nomsebenzi kankulunkulu, noma ngabe wehlukile kumicabango yabantu, bayakwazi ukubeka eceleni balalele ngenhloso.

kwesithi “Labo Abasimo Sabo Siguqukile Yilabo Abangena Esimweni Sangempela Seqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UNkulunkulu unezindlela eziningi zokuphelelisa umuntu. Usebenzisa zonke izindlela zezimo ukuze abhekane nesimo sokukhohlakala somuntu, asebenzise izinto ezehlukene ukuze abeke umuntu obala; ngakolunye uhlangothi ubhekana nomuntu, ngakolunye ubeka umuntu obala, kolunye uveza umuntu, agubhe aveze “izimfihlakalo” zisekujuleni kwenhliziyo yomuntu, akhombise umuntu ubunjalo bakhe ngokuveza izimo zakhe eziningi. UNkulunkulu uphelelisa umuntu ngezindlela eziningi—ngezambulo, ngokubhekana naye, ngokumcwengisisa, nokumsola—ukuze umuntu akwazi ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu owenzayo.

kwesithi “Yilabo Kuphela Abagxila Ekwenzeni Abangapheleliswa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngokusemthethweni uNkulunkulu useqalile ukuphelelisa abantu. Ukuze bapheleliswe, abantu kufanele badlule esambulweni, ekwahlulelweni, ekusolweni ngamazwi kaNkulunkulu, kanye nokubhekana nezilingo nokucwengwa ngaamazwi Akhe (okufana nesilingo sabenzi benkonzo). Ngaphezu kwalokho abantu kufanele bakwazi ukumela ukulingwa ngokufa. Okusho ukuthi, umuntu owenza intando kaNkulunkulu uzokwazi ukuveza indumiso evela ekujuleni kwenhliziyo yakhe phakathi kwesahlulelo sikaNkulunkulu, ukusola, nezilingo futhi uyakwazi ukulalela uNkulunkulu ngokugcwele futhi bazidele bona uqobo, kanjalo bathande uNkulunkulu ngenhliziyo eqotho, engaguquguquki, nemsulwa; onjalo umuntu ophelele, futhi kungumsebenzi uNkulunkulu afuna ukuwenza, futhi kuyilokho uNkulunkulu afuna ukukufeza. Abantu abanakufinyelela kalula eziphethweni ngezindlela zokusebenza zikaNkulunkulu, futhi bangalandela ukungena ekuphileni kuphela. Lokhu kuyisisekelo.

kwesithi “Ezinyathelweni Zomsebenzi kaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kufezwa ngani ukupheleliswa komuntu kuNkulunkulu? Ngesimo saKhe sokulunga. Isimo sikaNkulunkulu ekuqaleni senziwe ukulunga, ulaka, ubukhosi, ukwahlulela, kanye nokuqalekisa, kanti nokuphelelisa kwaKhe umuntu kwenzeka ngokwahlulelwa. Abanye abantu abaqondi, babuza ukuthi kungani uNkulunkulu ekwazi ukwenza umuntu apheleliswe ngokwahlulela nokuqalekisa. Bathi uma uNkulunkulu engaqalekisa umuntu, ngeke umuntu afe? Uma uNkulunkulu engahlulela umuntu, ngeke alahlwe? Pho angenziwa kanjani apheleliswe? Amazwi anjengalawa ashiwo ngabantu abangawazi umsebenzi kaNkulunkulu. Into eqalekiswa uNkulunkulu ukungalaleli komuntu, futhi into ayahlulelayo Yena yizono zomuntu. Yize noma ekhuluma amagama ahlabayo, futhi ngaphandle kozwelo noluncane, uveza konke lokho okungaphakathi kumuntu, futhi ngenxa yalawa mazwi ahlabayo Wambula okusemqoka okungaphakathi kumuntu, kodwa ngokwahlulela okunjenga lokhu, unikeza umuntu ulwazi olujulile lomongo wenyama, futhi ngaleyo ndlela umuntu uzinikela ekuzithobeni phambi kukaNkulunkulu. Inyama yomuntu yenziwe ngesono, kanti ekaSathane, ayilaleli, nokuyilokho uNkulunkulu akusolayo—ngakho-ke, ukuvumela umuntu azazi, amazwi okwahlulela kukaNkulunkulu kufanele amfikele futhi kumele kusetshenziswe lonke uhlobo lokucwenga; yilapho kuphela lapho umsebenzi kaNkulunkulu uzosebenza ngempumelelo.

kwesithi “Ukubhekana Nezilingo Ezibuhlungu Kuphela Okungakwenza Wazi Ubuhle BukaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Emehlweni abantu, insindiso iluthando lukaNkulunkulu, futhi uthando lukaNkulunkulu alikona ukusola, ukwahlulela, nokuqalekisa; insindiso kufanele ibe nothando, ububele, futhi, ngaphezu kwalokho, amazwi enduduzo, futhi kufanele lube nezibusiso ezingenamkhawulo oziphiwa uNkulunkulu. Abantu bakholelwa ukuthi uma uNkulunkulu esindisa abantu ukwenza lokhu ngokubathinta futhi abenze banikele ngezinhliziyo zabo kuYe, ngezibusiso nomusa Wakhe. Okungukuthi, uma ethinta abantu uyabasindisa. Insindiso enjengale yinsindiso lapho kunokuhweba okuqhubekayo. Uma nje uNkulunkulu ekupha kona kuphinda phindwe ngamakhulu lapho abantu bengena ngaphansi kwegama likaNkulunkulu, futhi bazame ukwenza kahle kuNkulunkulu futhi bamnike udumo. Lokhu akuyona intando kaNkulunkulu kubantu. UNkulunkulu ufike emhlabeni ukuzosebenza ukuze asindise abantu abakhohlakele—awekho amanga kulokhu; uma kungenjalo, ngokuqinisekile ngeke azokwenza umsebenzi Wakhe ngoKwakhe. Ngaphambilini, indlela Yakhe yensindiso yayikhombisa uthando olukhulu nesihe, kanjalo wanikeza uSathane konke okwakhe ngokushintshisana ukuze azuze abantu bonke. Namuhla akufani nesikhathi sangaphambili: Namuhla, insindiso yenu yenzeka ngezinsuku zokugcina, ngesikhathi kuhlewa ngamunye ngokwemvelo yakhe; izindlela zensindiso yakhoazilona uthando noma isihe, kodwa ukusola nesahlulelo, nesihawu sokushaya, kodwa nazi ukuthi kulokhu kushaya okungenanhliziyo asikho isijeziso nesincane, nikwazi lokho kungakhathaliseki ukuthi amazwi Ami alukhuni kangakanani, okwehlela kunina kungamagama nje alukhuni kakhulu kunina, nazi ukuthi, akukhathaliseki ukuthi lukhulu kangakanani ulaka Lwami, okwehlela nina kusangamazwi emfundiso Yami, akuyona inhloso yami ukunilimaza, noma ukunibhubhisa. Akulona iqiniso leli? Nazi ukuthi namhlanje, noma isahlulelo esilungile noma ukungabi nanhliziyo noma ukusola, konke kungenxa yensindiso. Akukhathaliseki noma namuhla kunohlelo lomuntu ngamunye ngokwemvelo yakhe, noma ukuveza obala izinhlobo zabantu, zonke izinkulumo zikaNkulunkulu ngomsebenzi zenzelwa ukusindisa labo abamthanda ngokweqiniso uNkulunkulu. Isahlulelo esilungile senzelwa ukuhlanza abantu, ukulungiswa kwenhliziyo embi kwenzelwa ukuhlanzwa kwabantu, amazwi alukhuni noma ukusola konke kwenzelwa ukuhlanza, nangenxa yensindiso. Futhi, indlela yensindiso ayifani nesikhathi esedlule. Namuhla, isahlulelo esilungile siyakusindisa, futhi yithuluzi elihle lokunihlukanisa ngamunye ngokwemvelo yakhe, ukusola ngonya kuletha insindiso ephakeme kakhulu—futhi uzothini uma usubhekene nobuso bokusola nesahlulelo? Awuyijabulelanga insindiso kusukela eqaleni kuze sekugcineni?…Cabanga: uma inhloso Yami yokuza bekungukuzonisola nokunijezisa, hhayi ukunisindisa, kungenzeka kanjani ukuthi izinsuku zenu zifinyelele esikhathini eside kangaka? Beningakwazi yini nina, zidalwa ezinesono zenyama negazi, ukusinda nibe khona namuhla? Uma inhloso bekungukunijezisa, bengizophendukelani ngibe ngokwenyama futhi ngiqale umsebenzi omkhulu kangaka? Ingabe ngeke kuthathe nje izwi elilodwa ukunijesiza nina bantu? Ngingaba semqondweni wokunibhubhisa ngemva kokunisola? Aniwakholwa yini la mazwi Ami namanje na? Ngingahlenga abantu ngothando nesihawu? Noma Ngingasebenzisa ukubethelwa ukuhlenga abantu? Ingabe imvelo Yami elungileyo ayingcono yini ukwenza abantu bangilalele ngokuphelele. Ingabe iyakwazi ukuhlengisisa abantu kangcono?

Nakuba amazwi Ami eqinile, akhulunyelwa insindiso yabantu, njengoba ngikhuluma amazwi futhi ngingajezisi inyama yabantu. La mazwi enza abantu baphile ekukhanyeni, ukuba nazi ukuthi ukukhanya kukhona, ukuba nazi ukuthi ukukhanya kuyigugu, ikakhulu nazi inzuzo yala mazwi kubantu, nokwazi ukuthi uNkulunkulu uyinsindiso. Nakuba sengiwakhulumile amazwi amaningi okusola nesahlulelo, akenzelwanga nina. Ngize ukuzokwenza umsebenzi Wami, nokukhuluma amazwi Ami, nakuba amazwi Ami eqinile, akhulunywa ukuze ahlulele inkohlakalo yenu nokuhlubuka kwenu. Inhloso Yami yokwenza lokhu kusangukusindisa abantu, inhloso Yami akusiko ukulimaza abantu ngamazwi Ami. Amazwi Ami aqinile ukuze kube khona imiphumela efezwa umsebenzi Wami. Kungokusebenza ngale ndlela kuphela lapho abantu bengakwazi khona ukuzazi futhi bengahlukana nesimo sabo sokuhlubuka.

kwesithi “Kufanele Ubeke Eceleni Izibusisio Zesimo Futhi Uqonde Intando KaNkulunkulu Yensindiso Yomuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana