Voice of Justice

Voice of Justice

2018/10/08

4. Ukubaluleka kokwahlulela kukaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina kungabonakala emiphumeleni efezwe ngumsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela ezinsukwini zokugcina

insindiso,Iqiniso

(1) Umsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela ezinsukwini zokugcina wenzelwa ukuhlanza, ukusindisa kanye nokuphelelisa umuntu, kanye nokwenza iqembu labanqobayo.

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“Ngenxa yokuthi niligcinile izwi lokubekezela kwami, Nami ngizonigcina ngehora lokulingwa, elizofika ezweni lonke, ukubalinga labo abahlala emhlabeni. Bheka, ngiyeza masinyane: bambelela kulokho onakho, ukuze kungabi namuntu ozothatha umqhele wakho. Lowo onqobayo ngizomenza insika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi angeke esaya ngaphandle: futhi ngizobhala kuye igama likaNkulunkulu wami, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, okuyiJerusalema elisha, elizovela ezulwini kuNkulunkulu wami: futhi ngizobe sengibhala kuye igama lami elisha” (IsAmbulo 3:10-12).

“Laba yilabo abangazange bangcoliswe yisifazane; ngoba basemsulwa. Labo yilabo abalandela iWundlu lapho liya khona. Laba bahlengwa phakathi kwabantu, bayizithelo zokuqala kuNkulunkulu nakuWundlu. Kanti emilonyeni yabo akutholakalanga manga: ngoba abanasici phambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu” (IsAmbulo 14:4-5).

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Namuhla uNkulunkulu uyasahlulela, futhi anisole, futhi anilahle, kodwa yazi ukuthi ukulahlwa kwakho kwenzelwa ukuba ukwazi ukuzazi. Ukulahlwa, isiqalekiso, isahlulelo, ukusolwa konke lokhu kwenzelwa ukuba uzazi, ukuze isimo sakho sikwazi ukuguquka, futhi ngaphezu kwalokho, ukuze uzazi ukuthi ubaluleke kangakanani, futhi ubone ukuthi zonke izenzo zikaNkulunkulu zilungile, futhi zihambisana nesimo Sakhe nezidingo zomsebenzi Wakhe, ukuthi usebenza ngokuhambisana necebo Lakhe lensindiso yabantu, futhi ukuthi unguNkulunkulu olungileyo othanda abantu, nosindisa abantu, owahlulela futhi asole abantu. Uma nje bewazi ukuthi unesikhudla esiphansi, nokuthi ukhohlakele futhi awulaleli, kodwa awazi ukuthi uNkulunkulu ufisa ukucacisa insindiso Yakhe ngokwahlulela nokusola akwenza kuwe namuhla, ngeke ube nayo indlela yokuzwa, okungenani ukwazi ukuqhubekela phambili. UNkulunkulu akezelanga ukuzobulala, noma ukubhubhisa, kodwa ukukwahlulela, ukusola, nokusindisa. Ngaphambi kokuphothula uhlelo Lwakhe lokuphatha oluneminyaka engu-6000 ngaphambi kokuba acacise isiphetho sesigaba ngasinye sabantu. Umsebenzi kaNkulunkulu emhlabeni ungenxa yensindiso, konke kwenzelwa ukwenza labo abamthandayo baphelele ngokugcwele, nokubabuyisela embusweni Wakhe. Noma ngabe iyiphi indlela uNkulunkulu asindisa ngayo abantu, konke kwenzelwa ukuthi bahlukane nemvelo kaSathane endala; okungukuthi, ubasindisa ngokubenza bafune impilo. Uma ungafuni ukuphila ngeke ube nendlela yokwamukela insindiso kaNkulunkulu. Insindiso umsebenzi kaNkulunkulu Uqobo Lwakhe futhi ukufuna impilo yinto abantu okufanele babe nayo ukuze bamukele insindiso. Emehlweni abantu, insindiso iluthando lukaNkulunkulu, futhi uthando lukaNkulunkulu alikona ukusola, ukwahlulela, nokuqalekisa; insindiso kufanele ibe nothando, ububele, futhi, ngaphezu kwalokho, amazwi enduduzo, futhi kufanele lube nezibusiso ezingenamkhawulo oziphiwa uNkulunkulu. Abantu bakholelwa ukuthi uma uNkulunkulu esindisa abantu ukwenza lokhu ngokubathinta futhi abenze banikele ngezinhliziyo zabo kuYe, ngezibusiso nomusa Wakhe. Okungukuthi, uma ethinta abantu uyabasindisa. Insindiso enjengale yinsindiso lapho kunokuhweba okuqhubekayo. Uma nje uNkulunkulu ekupha kona kuphinda phindwe ngamakhulu lapho abantu bengena ngaphansi kwegama likaNkulunkulu, futhi bazame ukwenza kahle kuNkulunkulu futhi bamnike udumo. Lokhu akuyona intando kaNkulunkulu kubantu. UNkulunkulu ufike emhlabeni ukuzosebenza ukuze asindise abantu abakhohlakele—awekho amanga kulokhu; uma kungenjalo, ngokuqinisekile ngeke azokwenza umsebenzi Wakhe ngoKwakhe. Ngaphambilini, indlela Yakhe yensindiso yayikhombisa uthando olukhulu nesihe, kanjalo wanikeza uSathane konke okwakhe ngokushintshisana ukuze azuze abantu bonke. Namuhla akufani nesikhathi sangaphambili: Namuhla, insindiso yenu yenzeka ngezinsuku zokugcina, ngesikhathi kuhlewa ngamunye ngokwemvelo yakhe; izindlela zensindiso yakhoazilona uthando noma isihe, kodwa ukusola nesahlulelo, nesihawu sokushaya, kodwa nazi ukuthi kulokhu kushaya okungenanhliziyo asikho isijeziso nesincane, nikwazi lokho kungakhathaliseki ukuthi amazwi Ami alukhuni kangakanani, okwehlela kunina kungamagama nje alukhuni kakhulu kunina, nazi ukuthi, akukhathaliseki ukuthi lukhulu kangakanani ulaka Lwami, okwehlela nina kusangamazwi emfundiso Yami, akuyona inhloso yami ukunilimaza, noma ukunibhubhisa. Akulona iqiniso leli? Nazi ukuthi namhlanje, noma isahlulelo esilungile noma ukungabi nanhliziyo noma ukusola, konke kungenxa yensindiso. Akukhathaliseki noma namuhla kunohlelo lomuntu ngamunye ngokwemvelo yakhe, noma ukuveza obala izinhlobo zabantu, zonke izinkulumo zikaNkulunkulu ngomsebenzi zenzelwa ukusindisa labo abamthanda ngokweqiniso uNkulunkulu. Isahlulelo esilungile senzelwa ukuhlanza abantu, ukulungiswa kwenhliziyo embi kwenzelwa ukuhlanzwa kwabantu, amazwi alukhuni noma ukusola konke kwenzelwa ukuhlanza, nangenxa yensindiso. Futhi, indlela yensindiso ayifani nesikhathi esedlule. Namuhla, isahlulelo esilungile siyakusindisa, futhi yithuluzi elihle lokunihlukanisa ngamunye ngokwemvelo yakhe, ukusola ngonya kuletha insindiso ephakeme kakhulu—futhi uzothini uma usubhekene nobuso bokusola nesahlulelo? Awuyijabulelanga insindiso kusukela eqaleni kuze sekugcineni? Nimbonile uNkulunkulu esimweni somuntu futhi nabona engumninimandla onke nabona nobuhlakani bakhe, ngaphezu kwalokho, nizwile ukushawa ngokuphindiwe nokuyalwa. Kodwa aniwutholanga umusa omkhulu na? Izibusiso zenu azizinkulu ukwedlula abanye na? Umusa wenu mkhulu kunodumo negcebo eyajatshulelwa uSolomoni! Cabanga: uma inhloso Yami yokuza bekungukuzonisola nokunijezisa, hhayi ukunisindisa, kungenzeka kanjani ukuthi izinsuku zenu zifinyelele esikhathini eside kangaka? Beningakwazi yini nina, zidalwa ezinesono zenyama negazi, ukusinda nibe khona namuhla? Uma inhloso bekungukunijezisa, bengizophendukelani ngibe ngokwenyama futhi ngiqale umsebenzi omkhulu kangaka? Ingabe ngeke kuthathe nje izwi elilodwa ukunijesiza nina bantu? Ngingaba semqondweni wokunibhubhisa ngemva kokunisola? Aniwakholwa yini la mazwi Ami namanje na? Ngingahlenga abantu ngothando nesihawu? Noma Ngingasebenzisa ukubethelwa ukuhlenga abantu? Ingabe imvelo Yami elungileyo ayingcono yini ukwenza abantu bangilalele ngokuphelele. Ingabe iyakwazi ukuhlengisisa abantu kangcono?

Nakuba amazwi Ami eqinile, akhulunyelwa insindiso yabantu, njengoba ngikhuluma amazwi futhi ngingajezisi inyama yabantu. La mazwi enza abantu baphile ekukhanyeni, ukuba nazi ukuthi ukukhanya kukhona, ukuba nazi ukuthi ukukhanya kuyigugu, ikakhulu nazi inzuzo yala mazwi kubantu, nokwazi ukuthi uNkulunkulu uyinsindiso. Nakuba sengiwakhulumile amazwi amaningi okusola nesahlulelo, akenzelwanga nina. Ngize ukuzokwenza umsebenzi Wami, nokukhuluma amazwi Ami, nakuba amazwi Ami eqinile, akhulunywa ukuze ahlulele inkohlakalo yenu nokuhlubuka kwenu. Inhloso Yami yokwenza lokhu kusangukusindisa abantu, inhloso Yami akusiko ukulimaza abantu ngamazwi Ami. Amazwi Ami aqinile ukuze kube khona imiphumela efezwa umsebenzi Wami. Kungokusebenza ngale ndlela kuphela lapho abantu bengakwazi khona ukuzazi futhi bengahlukana nesimo sabo sokuhlubuka. Okubaluleke kakhulu ngalo msebenzi wamazwi ukuvumela abantu ukuthi benze iqiniso ngemva kokuliqondisisa, banze izinguquko esimweni sabo, futhi bazuze ulwazi ngabo uqobo nomsebenzi kaNkulunkulu. Ukusebenza ngokukhuluma kungaveza ubudlelwane phakathi kukaNkulunkulu nabantu, amazwi kuphela angakwazi ukuchaza iqiniso. Ukusebenza ngale ndlela kuyindlela elunge kakhulu ekunqobeni abantu; ngaphandle kwamazwi. Ayikho enye indela yokunikeza abantu ukuqonda kweqiniso okucace kangconywana nonsebenzi kaNkulunkulu, ngakho-ke esigabeni Sakhe sokugcina somsebenzi, uNkulunkulu ukhuluma kubantu ukuze avulele umuntu wonke amaqiniso nezimfihlakalo abangaziqondi, ubavumela ukuthi bazuze indlela eyiqiniso nempilo evela kuNkulunkulu, nokwanelisa intando kaNkulunkulu.

kwesithi “Kufanele Ubeke Eceleni Izibusisio Zesimo Futhi Uqonde Intando KaNkulunkulu Yensindiso Yomuntu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Eqinisweni, umsebenzi owenziwa manje owokuthi abantu bafulathele uSathane, bafulathele ukhokho wabo omdala. Zonke izahlulelo zezwi zihlose ukudalula isimo esikhohlakele sesintu nokwenza abantu baqonde isiqu sempilo. Lezi zahlulelo eziphindaphindiwe zonke zigwaza izinhliziyo zabantu. Isahlulelo ngasinye sinomthelela ngqo emphumeleni wabo kanti sihloselwe ukudala amanxeba ezinhliziyweni zabo khona bezoyeka zonke lezo zinto ngaleyo ndlela bagcine beyazi impilo; bazi lo mhlaba ongcole kangaka, futhi bazi ubuhlakani bukaNkulunkulu nokuba nguSomandla futhi bazi lesi sintu esonakaliswe nguSathane. Ngokwanda kwalolu hlobo lwesijeziso nesahlulelo, yilapho inhliziyo yomuntu ingalimala kakhulu futhi yilapho umoya wakhe ungaphaphanyiswa. Ukuphaphamisa imimoya yalaba bantu abakhohlakele ngokweqile futhi abakhohliswe ngokujulile, yinhloso yalolu hlobo lokwahlulela. Umuntu akanamoya, okusho ukuthi, umoya wakhe wafa kudala kanti akazi ukuthi kukhona izulu, akazi ukuthi kukhona uNkulunkulu futhi akazi nangempela ukuthi uyazabalaza egodini lokufa; kungenzeka kanjani ukuthi azi ukuthi uphila kulesi sihogo esibi emhlabeni? Kungenzeka kanjani ukuthi azi ukuthi lesi sidumbu sakhe esibolayo sinani, ngenxa yokukhohlakala kukaSathane, sesiwele eHayidesi yokufa? Kungenzeka kanjani ukuthi azi ukuthi yonke into emhlabeni yoniwe yisintu nokuthi ngeke iphinde ilungiseke? Futhi kungenzeka kanjani ukuthi azi ukuthi uMdali uze emhlabeni namhlanje ukuzofuna idlanzana labantu abakhohlakele angabasindisa? Nangemva kokuba umuntu esezwe yonke inhlobo yokucwengwa nokwahlulelwa, isazela sakhe esifiphele, asithinteki nakancane, futhi sicishe singakwazi nhlobo ukuphendula. Isintu sikhohlakele ngokweqile! Lolu hlobo lokwahlulelwa lufana nesichotho esinesihluku esisuka esibhakabhakeni, luwusizo olukhulu kakhulu kumuntu. Ngaphandle kokwahlulela abantu kanje, ngabe akukho mphumela futhi bekuyoba nzima kakhulu ukusindisa abantu kuleliwa losizi. Ngaphandle kwalo msebenzi, bekuzoba nzima kakhulu ukuthi abantu baphume eHayidesi ngoba izinhliziyo zabo kade zafa kudala kanye nemimoya yabo kudala yaxovwa ngezinyawo nguSathane. Ukusindisa wena osubishe ekujuleni kokonakala kudinga ukuthi umenyezwe kanzima, wahlulelwe ngomfutho, yilapho-ke kuphela leyo nhliziyo yakho ebanda qa iyophaphama. Inyama yakho, izifiso zakho eziwukumosha, umhawu wakho, inkanuko yakho kwakhele kwajula kuwe. Lezi zinto zilawula inhliziyo yakho njalo njalo ngendlela yokuthi awunamandla okulahla lelijoka laleyo micabango elwayo futhi ephuphile. Awufisi ukushintsha isimo sakho samanje, ube futhi ungafisi ukuphunyuka ekuqhutshweni ubumnyama. Umane uboshiwe yilezo zinto.

kwesithi “Abaphelelisiwe Kuphela Abangaphila Impilo Enohlonze” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ebhekene nesimo somuntu nangendlela abheka ngayo uNkulunkulu, uNkulunkulu wenze umsebenzi omusha, uvumela umuntu abe nolwazi kanye nomthobela Yena, kanjalo nothando nobufakazi. Yingakho, umuntu kufanele abhekane nokucwengwa nguYe uNkulunkulu, kanjalo nokwahlulelwa nguYe, ukumazi kanye nokuthenwa nguYe, ngaphandle kwalokho umuntu ngeke abe nakho ukumazi uNkulunkulu, futhi ngeke akwazi ukumthanda ngokweqiniso kanye nokufakaza ngaYe. Ukucwengwa nguNkulunkulu komuntu akukona nje okokuzuzisa uhlangothi olulodwa, kodwa kunomphumela onezinhlangothi eziningi. Kungale ndlela kuphela lapho uNkulunkulu enza umsebenzi wokucwenga kulabo abazimisele ukufuna iqiniso, ukuze ukuzimisela komuntu kanye nothando kwenziwe kuphelele nguNkulunkulu. Kulabo abazimisele ukufuna iqiniso, nalabo abalangazelele uNkulunkulu, ayikho into ebaluleke ngaphezu kwale, noma ewusizo ukwedlula, ukudlula ukucwengwa. Isimo sikaNkulunkulu asaziwa noma asiqondwa kalula ngumuntu, ngoba uNkulunkulu, ekugcineni, unguNkulunkulu. Ekupheleni kwakho konke, akwenzeki ukuthi uNkulunkulu abe nesimo esifanayo nesomuntu, yingakho kungelula ukuba umuntu asazi isimo saKhe. Iqiniso umuntu akazalwa nalo, futhi akulula ukuba liqondwe yilabo abangcoliswe nguSathane; umuntu akanalo iqiniso, futhi akanawo amandla okuphila ngeqiniso, futhi uma engahlupheki, futhi angacwengwa noma ahlulelwe, lapho-ke amandla akhe ngeke apheleliswe. Kubo bonke abantu, ukucwengwa kubuhlungu, futhi kunzima ukukwemukela—kodwa noma kunjalo kungesikhathi sokucwengwa lapho uNkulunkulu enza isimo saKhe sokulunga sicace bha kumuntu, futhi azise nomuntu izidingo nezimfuno zaKhe, futhi ahlinzeke ngokukhanya okuthe xaxa, kanye nokuthenwa nokusebenzelana; ngokuqhathaniswa phakathi kwamaphuzu namaqiniso, unikeza umuntu ulwazi oluthe xaxa ngaye nangeqiniso, aphinde anikeze umuntu ukuqonda okukhulu ngentando kaNkulunkulu, ngaleyo ndlela avumele umuntu ukuba abe nothando lweqiniso nolumsulwa lukaNkulunkulu. Lezi yizinhloso zikaNkulunkulu lapho enza ukucwengwa kwethu. Wonke umsebenzi awenzayo uNkulunkulu unezinhloso kanye nokubaluleka kwawo; uNkulunkulu akawenzi umsebenzi ongenamsebenzi nanhloso, futhi akawenzi umsebenzi ongeke uhlomulise umuntu. Ukucwengwa akuchazi ukususa abantu phambi kukaNkulunkulu, futhi akuchazi ukubashabalalisa esihogweni. Kuchaza ukushintsha isimo somuntu ngesikhathi sokucwengwa, ukushintsha izintshisekelo zakhe, imibono yakhe yakudala, ukushintsha uthando lwakhe ngoNkulunkulu, kanye nokushintsha impilo yakhe yonke. Ukucwengwa ukuvivinywa kwangempela komuntu, kanye nendlela yangokoqobo yokuqeqeshwa, futhi kungesikhathi sokucwengwa kuphela lapho uthando lwakhe lungenza umsebenzi walo ophelele.

kwesithi “Ukuthola Ukucwengisiswa Kuphela Okungenza Umuntu Athande UNkulunkulu Ngokweqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Lapho uNkulunkulu enza umsebenzi wokucwenga umuntu, umuntu uyahlupheka, uthando lwakhe ngoNkulunkulu luba lukhulu, futhi amandla amakhulu kaNkulunkulu enziwa acace kumuntu. Lapho kuncipha ukucwengwa komuntu, luyancipha nothando lwakhe ngoNkulunkulu, futhi aba mancane namandla kaNkulunkulu enziwa abe sobala kuye. Lapho kuba kukhulu ukucwengwa kwakhe nobuhlungu nalapho kwanda usizi lwakhe, luyojula nakakhulu uthando lwakhe lweqiniso ngoNkulunkulu, luyoba qotho nakakhulu ukholo lwakhe kuNkulunkulu, lujule nakakhulu ulwazi lwakhe ngoNkulunkulu. Ezintweni enizodlula kuzo, nizobona ukuthi labo abadlula ekucwengweni okukhulu nasezinhlungwini, nokusebenzelana okukhulu kanye nesiyalo, bamthanda ngojulile uNkulunkulu, futhi baba nolwazi olunzulu kanye nokuqonda ngoNkulunkulu. Labo abangakaze badlule kunoma yikuphi ukusebenzelana kodwa abanolwazi olungatheni, yilokhu kuphela abangakusho: “Nkulunkulu muhle kakhulu, abantu ubanika umusa ukuze bajabule Ngaye.” Uma abantu bedlule ekusebenzelaneni nasesiyalweni, kusho ukuthi bayokwazi ukukhuluma ulwazi lweqiniso ngoNkulunkulu. Ngakho lapho umsebenzi kaNkulunkulu umangalisa ngokwengeziwe kumuntu, uba yigugu futhi ubaluleke nakakhulu; lapho ungaqondakali ngokwengeziwe kini futhi ungahambisani kakhulu nemicabango yenu, lapho umsebenzi kaNkulunkulu ukwazi kakhulu khona ukuninqoba, ukunizuza, futhi uniphelelise. Incazelo yomsebenzi kaNkulunkulu ibanzi kakhulu! Ukube akamcwenganga ngale ndlela umuntu, ukube akasebenzanga ngale ndlela, umsebenzi kaNkulunkulu ubungeke ube namiphumela futhi ubungeke ubaluleke. Lesi isizathu sencazelo engajwayelekile yokukhetha Kwakhe iqembu labantu ngezinsuku zokugcina. Ngokwedlule, kwathiwa uNkulunkulu wayezokhetha futhi alizuze leli qembu. Lapho uba mkhulu umsebenzi awenza kini, luyajula futhi luhlanzeke nakakhulu uthando lwenu, futhi uba mkhulu umsebenzi kaNkulunkulu, umuntu ukuthanda kakhulu ukuhlakanipha Kwakhe futhi luyajula nolwazi lomuntu Ngaye. Phakathi nezinsuku zokugcina, iminyaka engu-6 000 yecebo likaNkulunkulu lokuqondisa iyophela. Kungenzeka yini iphele kalula kanjalo? Lapho enqoba isintu, ingabe umsebenzi Wakhe uyophela? Ingabe kuyoba lula kanjalo? Abantu bacabanga ukuthi kulula kakhulu, kodwa lokho okwenziwa uNkulunkulu akulula ngaleyo ndlela. Akunandaba ukuthi kukuyiphi ingxenye yomsebenzi kaNkulunkulu, konke akuqondakali kumuntu. Ukube benikwazi ukukuqonda, umsebenzi kaNkulunkulu ubungeke ubaluleke noma ube yigugu. Umsebenzi owenziwe uNkulunkulu awuqondakali, awuhambisani nhlobo nemibono yenu, futhi lapho ushayisana nemibono yenu, ukufakazela nakakhulu ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu unenjongo; ukube ubuhambisana nemibono yenu, ubungeke ube nenjongo. Namuhla, nizwa sengathi umangalisa kakhulu, futhi lapho umangalisa, yilapho nicabanga khona nakakhulu ukuthi uNkulunkulu akaqondakali, futhi niyabona ukuthi zinkulu kangakanani izenzo zikaNkulunkulu. Ukube Wenza umsebenzi ngokunganaki ukuze anqobe kuphela abantu, ngemva kokuqedwa kwalo msebenzi, kusho ukuthi umuntu ubengeke akwazi ukubona ukubaluleka komsebenzi kaNkulunkulu. Nakuba niye nacwengisiswa kancane namuhla, kuyinzuzo enkulu ekukhuleni kwempilo yenu—ngakho ubunzima obunjalo buyisidingo esikhulu kini. Namuhla, nithole ukucwengwa kancane, kodwa nakanjani kamuva nizokwazi ukubona ngempela izenzo zikaNkulunkulu, futhi akugcineni niyothi: “Izenzo zikaNkulunkulu zimangalisa kakhulu!” Lawo kuyoba amazwi asezinhliziyweni zenu. Ngemva kokubona ukucwenga kukaNkulunkulu isikhashana (uvivinyo[a] lwezikhonzi nezikhathi zokulungiswa), abanye abantu ekugcineni bathi: “Kunzima ngempela ukukholelwa kuNkulunkulu!” Lobu “bunzima” buveza ukuthi izenzo zikaNkulunkulu aziqondakali, ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu unenjongo enkulu futhi uyigugu, futhi kufaneleka kakhulu ukuthi ube yigugu kumuntu. Uma, ngemva kokuba ngenze umsebenzi omkhulu kangaka, ngingenalo noluncane ulwazi, ingabe umsebenzi Wami usabalulekile? Kuyokwenza uthi: Kunzima ngempela ukukhonza uNkulunkulu, izenzo zikaNkulunkulu zimangalisa kakhulu, uNkulunkulu uhlakaniphe ngempela! Unothando olukhulu! Uma, ngemva kokulubona isikhashana, ukwazi ukusho amazwi anjalo, lokho kufakazela ukuthi uwuzuzile umsebenzi kaNkulunkulu okuwe.

kwesithi “Labo Abapheleliswayo Kumele Bacwengisiswe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Engikushoyo namuhla ukwahlulela izono zabantu kanye nokungalungi kwabo, ukuqalekisa ukuhlubuka kwabantu. Ukukhohlisa nokugwegwa kwabo, kanye namazwi nezenzo zabo, zonke lezi zinto ezingahambisani nentando Yakhe kuzobhekana nokwahlulelwa, futhi ukuhlubuka kwabantu kuyalahlwa njengokuyisono. Ukhuluma ngokuvumelana nezimiso zokwahlulela, futhi uveza isimo Sakhe sokulunga ngokwahlulela ukungalungi kwabo, ukuqalekisa ukuhlubuka kwabo, futhi adalule bonke ubuso babo obubi. Ubungcwele bumela isimo Sakhe sokulunga; ubungcwele Bakhe empeleni buyisimo Sakhe sokulunga. Isisekelo samazwi Ami namuhla ukukhuluma, ukwahlulela, kanye nokwenza umsebenzi wokunqoba ngenxa yezimo zenu ezikhohlakele. Yilokhu kuphela okuwumsebenzi wangempela, futhi yilokhu kuphela okungabeka ngokuphelele ubungcwele bukaNkulunkulu obala. Uma ubungenaso nhlobo isimo senkohlakalo, uNkulunkulu ubengeke akwahlulele, nawe ubungeke ukwazi ukubona isimo Sakhe sokulunga. Njengoba unesimo senkohlakalo, uNkulunkulu ngeke aze akudedele. Ubungcwele Bakhe bubonakaliswa ngalokhu. … Ngenxa yalokhu kwahlulelwa nikwazile ukubona ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu olungile, ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu ongcwele. Ngenxa yobungcwele nokulunga Kwakhe unahlulele futhi waletha ulaka Lwakhe phezu kwenu. Ngenxa yokuthi angaveza isimo Sakhe sokulunga uma ebona ukuhlubuka kwesintu, nangenxa yokuthi angaveza ubungcwele Bakhe uma ebona ukungcola kwesintu, lokhu kwanele ukuveza ukuthi unguNkulunkulu uqobo Lwakhe ongcwele nongenasici, kodwa futhi ohlala ezweni elingcolile.

kwesithi “Indlela Isinyathelo Sesibili Somsebenzi Wokunqoba Esithela Ngayo Izithelo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UNkulunkulu wenza umsebenzi wokwahlulela nokusola ukuze abantu bezomazi, nangenxa yobufakazi Bakhe. Ngaphandle kokwahlulela Kwakhe isimo senkohlakalo yomuntu, abantu ngeke basazi isimo Sakhe sokulunga esingavumeli amacala, futhi ngeke bashintshe ulwazi lwabo oludala ngoNkulunkulu bashintshele kolusha. Ngenxa yobufakazi Bakhe, nangenxa yokuphatha Kwakhe, ukwenza kube sobala, lokhu okwenza ukuthi abantu bamazi uNkulunkulu, bashintshe isimo sabo, babe nobufakazi obuzwakalayo ngoNkulunkulu ngokuvela kukaNkulunkulu emphakathini.

kwesithi “Yilabo Abazi UNkulunkulu Kuphela Abangafakaza ngoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umuntu uphilela inyama, okusho ukuthi uphila esihogweni futhi ngaphandle kokwahlulela nokusola kukaNkulunkulu umuntu wenyanyeka njengoSathane. Kungenzeka kanjani ukuba umuntu abe ngcwele? UPetru wayekholelwa ukuthi ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu kwakuyisivikelo kanye nomusa okukhulu kakhulu kumuntu. Ukusola nokwahlulela sikaNkulunkulu kuphela okungenza umuntu aphaphame, azonde inyama kanye noSathane. Isandla sikaNkulunkulu esiqinile sikhulula umuntu ekuthonyweni nguSathane, simkhulula ezweni lakhe elincane, simphilise ekukhanyeni kokuba khona kukaNkulunkulu. Akukho ukusindiswa okungcono kunokusola nokwahlulela! … Ekuphileni kwakhe, uma umuntu efuna ukuhlanzwa futhi enze umehluko esimweni sakhe, uma efisa ukuphila impilo enenjongo afeze indima yakhe njengesidalwa kuyomele amukele Ukwahlulela nokusola kukaNkulunkulu futhi angasivumeli isiyalo sikaNkulunkulu nokushaywa nguNkulunkulu ukuba kusuke kuye, ukuze akhululeke ekukhohlisweni nasekuthonyweni nguSathane aphile ekukhanyeni kukaNkulunkulu. Yazi kahle ukuthi ukusola nokwahlulela kukaNkulunkulu kungukukhanya, kuwukukhanya kwensindiso yomuntu nokuthi asikho isibusiso esingcono, umusa noma isivikelo somuntu.

kwesithi “Izinto UPetru Abhekana Nazo: Ulwazi Lwakhe Ngokusolwa Nangokwahlulelwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uma ufisa ukupheleliswa, kumele ukuqonde ukubaluleka komsebenzi kaNkulunkulu. Kumele ukuqonde ngokukhethekile ukubaluleka kokusola kanye nokwahlulela Kwakhe, nokuthi kungani kusetshenziswa kubantu. Ingabe uyakwazi ukwamukela? Uma wahlulelwa kanjalo, ingabe uyakwazi ukufinyelela ezingeni elifana nelikaPetru, kanye nasolwazi lwakhe? Uma ufuna ulwazi ngoNkulunkulu kanye nemisebenzi kaMoya oNgcwele futhi ufuna nokuguqula izindlela zakho, uzoba nethuba lokupheleliswa. … okulwelayo kungafani nendlela uPetru apheleliswa ngayo, uma kunjalo, ngokwemvelo, angeke ube noshintsho endleleni yakho yokuphila. Uma ungumuntu ofuna ukupheleliswa, kumele unikeze ubufakazi, uzobe usuthi: “Kulezi zinyathelo ngezinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu, ngiwamukele umsebenzi wokusola nokwahlulela kukaNkulunkulu futhi nakuba ngibekezelele ukuhlupheka okunzima, sengiye ngayazi indlela uNkulunkulu aphelelisa ngayo umuntu, ngiwutholile umsebenzi owenziwe nguNkulunkulu, ngizuze ulwazi ngokulunga kukaNkulunkulu futhi ukusola Kwakhe kungisindisile. Isimo Sakhe sokulunga sehlele kimi, sangilethela izibusiso kanye nomusa, nokuthi Ukwahlulela nokusola Kwakhe kungivikele futhi kwangingcwelisa. Ukube angisolwanga futhi ngahlulelwa uNkulunkulu, ukube akaze angithethise ngabe angizange ngimazi uNkulunkulu futhi ngabe angisindiswanga. Namuhla ngiyabona njengesidalwa, akukhona ukuthi umuntu ujabulela konke okwenziwe uMdali, kodwa okubaluleke kakhulu, ukuthi zonke izidalwa kufanele zijabulele isimo sokulunga sikaNkulunkulu, futhi zijabulele izahlulelo Zakhe zokulunga, ngoba umuntu kufanele asijabulele isimo sikaNkulunkulu. Njengesidalwa esonakaliswe nguSathane, umuntu kufanele ajabule ngesimo sokulunga sikaNkulunkulu. Esimweni Sakhe sokulunga kunokusola nokwahlulela futhi ngaphezu kwalokho kunothando olukhulu. Nakuba ngingakwazi ukuthola uthando lukaNkulunkulu ngokugcwele namuhla, ngibe nenhlanhla yokulubona, futhi ngibusisiwe ngakho.” Lena yindlela labo abaphelelisiwe abahamba kuyo, nolwazi abakhuluma ngalo. Abantu abanjalo bafana noPetru; bayizwile indlela uPetru aphila ngayo. Abantu abanjalo kuseyilabo abazuze ukuphila, abaneqiniso. Uma umuntu ezwa lokho kuphila kuze kube sekugcineni, phakathi nokwahlulela kukaNkulunkulu, ngokuqinisekile uyoziphunyula ethonyeni likaSathane futhi azuzwe nguNkulunkulu.

kwesithi “Izinto UPetru Abhekana Nazo: Ulwazi Lwakhe Ngokusolwa Nangokwahlulelwa” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngike ngasho phambilini ukuthi iqembu labanqobi lizuzwe eMpumalanga, abanqobi abaphuma ekuhluphekeni okukhulu. Asho ukuthini lawa mazwi? Asho ukuthi laba bantu abazuziwe bahlonipha ngeqiniso ngemva kokwahlulelwa nokusolwa, ukusetshenzwa nokuthenwa, nazo zonke izinhlobo zokucwenga. Ukukholwa kwabantu abanjalo akufiphele futhi akukhona okucatshangwayo nje, kodwa kuyiqiniso. Ababonanga zimpawu nezimangaliso, noma naziphi izimanga; abakhulumi ngezincwadi ezinzima nezimfundiso, noma ngemibono ejulile; kunalokho baneqiniso, namazwi kaNkulunkulu, nolwazi lweqiniso likaNkulunkulu. Ingabe iqembu elinjengaleli akufanele liwenze acace amandla kaNkulunkulu?

kwesithi “Konke Kuyafezeka Ngezwi LikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Imibhalo yaphansi:

a. Umbhalo wokuqala awunayo inkulumo ethi “ukulingwa kuka.”

(2) Umsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela ezinsukwini zokugcina ukwahlukanisa konke ngokuhambisana nohlobo lwakhona, nokuphothula inkathi yonke, kanye nokuba ekugcineni kufezekiswe umbuso kaKristu.

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohlezi kuso, obuso bakhe babalekelwa yizulu nomhlaba; akutholelwanga indawo. Ngase ngibona abafileyo, abakhulu nabancane, bemi phambi kukaNkulunkulu; futhi izincwadi zavulwa: nenye incwadi yavulwa, okungeyokuphila: nabafileyo bahlulelwa ngalokho okulotshiwe ezincwadini, njengokwemisebenzi yabo. Nolwandle lwakhipha abafileyo ababekulo; nokufa nesihogo kwakhipha abafileyo ababekukho: base behlulelwa yilowo nalowo njengokwemisebenzi yakhe. Futhi ukufa nesihogo kwaphonswa echibini lomlilo. Lokhu kungukufa kwesibili. Futhi lowo ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila waphonswa echibini lomlilo” (IsAmbulo 20:11-15).

“Bheka, ithabanekeli likaNkulunkulu likubantu, futhi uyakuhlala nabo, futhi bona babe abantu bakhe, futhi uNkulunkulu ngokwakhe uzokuba nabo, futhi abe nguNkulunkulu wabo. Futhi uNkulunkulu uzozesula zonke izinyembezi emehlweni abo; akusayikuba khona ukufa, nokudabuka, nokukhala, ngisho nobuhlungu abusayikuba khona: ngoba izinto zakuqala sezidlulile” (IsAmbulo 21:2-4).

“Imibuso yalo mhlaba izoba imibuso yeNkosi yethu, noKristu wayo; futhi uzobusa kuze kube ngunaphakade” (IsAmbulo 11:11-15).

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Lapho ngidala umhlaba, ngenza zonke izinto ngokwezinhlobo zazo, ngenza zonke izinto ngohlobo lwazo. Njengoba ukuphela kohlelo Lwami lokuphatha lusondela, ngizobuyisela indalo esimweni sayo sokuqala, konke ngizokubuyisela endleleni okwakwenziwe ngayo ekuqaleni, ngiguqule konke ngezinga elikhulu, ukuze konke kubuyele esifubeni sohlelo Lwami. Isikhathi sesifikile!

kwesithi “Izwi Lamashumi Amabili Nesithupha” Lamazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi wezinsuku zokugcina ukwahlukanisa bonke ngokohlobo lwabo, ukuze kuphothulwe uhlelo lukaNkulunkulu lokuphatha, ngoba isikhathi sesisondele futhi usuku lukaNkulunkulu selufikile.

kwesithi “UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Izinsuku zokugcina yilapho zonke izinto ziyohlukaniswa khona ngokwezinhlobo ngokunqoba. Ukunqoba umsebenzi wezinsuku zokugcina; ngamanye amazwi, ukwahlulela isono somuntu ngamunye kuwumsebenzi wezinsuku zokugcina. Ngaphandle kwalokho, abantu bangahlukaniswa kanjani? Umsebenzi wokwahlukanisa owenziwa phakathi kwenu uyisiqalo salowo msebenzi kuyo yonke indawo. Ngemva kwalokhu, abantu bakuzo zonke izizwe kuyo yonke indawo bayowubona umsebenzi wokunqoba. Lokhu kusho ukuthi wonke umuntu endalweni uyohlukaniswa ngokohlobo lwakhe, eza phambi kwesihlalo sokwahlulelwa ukuze ahlulelwe. Akekho umuntu noma into engaphunyuka kulokhu kusolwa, futhi akekho ongagwema lokhu kuhlukaniswa ngezinhlobo; bonke bayobekwa ngokwezigaba zabo. Lokhu kungenxa yokuthi sekuseduze ukuba zonke izinto nawo wonke amazulu nomhlaba kufike ekupheleni kwakho. Umuntu angaphunyuka kanjani ekupheleni kokuba khona kwakhe?

kwesithi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi wamanje wokunqoba umsebenzi ohloselwe ukucacisa ukuthi isiphetho somuntu siyoba yini. Kungani ngithi ukusola nokwahlulela kwanamuhla kuyisahlulelo esiphambi kwesihlalo esikhulu sobukhosi sezinsuku zokugcina? Anikuboni lokhu? Kungani umsebenzi wokunqoba uyisigaba sokugcina? Awukhona yini ukuvezwa kwesigaba ngasinye umuntu ayophelela kuso? Awukhona yini ukuvumela wonke umuntu, enkambweni yomsebenzi wokunqoba wokusola nokwahlulela, ukuvezwa kobunjalo bangempela kanye nokuhlelwa ngokwezinhlobo kamuva? Kunokuthi lokhu ukunqoba isintu, kungaba ngcono ukuthi lokhu kuveza ukuthi isigaba ngasinye somuntu siyophelelaphi. Lokho kusho ukuthi, lokhu kuwukwahlulela izono zabo nokuveza izigaba ezihlukahlukene zabantu, kunqunywe ngaleyo ndlela ukuthi babi noma balungile. Ngemva komsebenzi wokunqoba kulandela umsebenzi wokuklomelisa abalungile nokujezisa ababi: Abantu abalalela ngokugcwele, okusho ukuthi abanqotshwe ngokugcwele, bayobekwa esigabeni esilandelayo sokusakaza umsebenzi endaweni yonke; abanganqotshiwe bayobekwa ebumnyameni futhi bayobhekana nenhlekelele. Ngakho abantu bayohlukaniswa ngokohlobo lwabo, abenzi bokubi bayokwenziwa iqembu lezikhohlakali, ngeke baphinde bayibone inhlamvu yelanga, nabenzi bokuhle bayokwenziwa iqembu labalungile, ukuze bathole ukukhanya futhi baphile phakade ekukhanyeni. Ukuphela kwazo zonke izinto sekuseduze, ukuphela komuntu kucaciswe kwakhanya bha emehlweni akhe, futhi zonke izinto ziyobekwa ngezinhlobo zazo. Ngakho abantu bangakwazi kanjani ukuphunyuka kulokhu? Ukwembulwa kokuphela kwesigaba ngasinye somuntu kuphela lapho ukuphela kwazo zonke izinto sekuseduze, futhi kuphela phakathi nomsebenzi wokunqoba indawo yonke (okubandakanya wonke umsebenzi wokunqoba oqala ngomsebenzi wamanje). Lokhu kwembulwa kokuphela kwaso sonke isintu kwenziwa phambi kwesihlalo sokwahlulela, ngendlela yokusola, nangendlela yomsebenzi wokunqoba wezinsuku zokugcina.… Isigaba sokugcina sokunqoba sihloselwe ukusindisa abantu nokwambula isiphetho sabantu. Siwukuveza ukonakala ngokwedlulele kwabantu ngokubahlulela nokubenza baphenduke, bavuke, bazabalazele impilo nendlela efanele yokuphila komuntu. Siwukuvusa izinhliziyo zabandikindiki nabanezinhliziyo ezilukhuni nokuveza ukuhlubuka kwabo kwangaphakathi ngokwahlulela. Nokho, uma abantu bengakakwazi ukuphenduka, bengakakwazi ukuhamba endleleni efanele empilweni yomuntu futhi bengakakwazi ukushiya inkohlakalo, khona-ke ngeke batakulwe, uSathane uyobagwinya. Lokhu ukubaluleka kokunqoba—ukusindisa abantu nokwembula iziphetho zabo. Iziphetho ezinhle, iziphetho ezimbi—zonke zembulwe emsebenzini wokunqoba. Ukuthi abantu bayosindiswa noma bayoqalekiswa kwembulwa phakathi nomsebenzi wokunqoba.

kwesithi “Iqiniso Langaphakathi Lomsebenzi Wokunqoba (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Izinsuku zokugcina sezifikile. Zonke izinto ezidalweni ziyohlukaniswa ngokohlobo lwazo futhi zehlukaniswe ngezigaba ezehlukene ngokwemvelo yazo. Lona ngumzuzu lapho uNkulunkulu embula khona umphumela wabantu nesiphetho sabo. Uma abantu bengabhekani nokusola nokwahlulela, ngeke kube khona indlela yokudalula ukungalaleli kanye nokungalungi kwabo. Kungokusola nokwahlulela kuphela lapho kuyokwambula khona isiphetho sazo zonke izinto. Umuntu uveza konke ayikho kuphela lapho ethola ukusola nokwahlulela. Ububi buyobekwa nobubi, ubuhle bubekwe nobuhle futhi sonke isintu siyohlukaniswa ngokohlobo lwaso. Ngokusolwa nokwahlulelwa, umphumela wakho konke okudaliwe uyokwambulwa, ukuze ububi buthole ukujeziswa nobuhle buklonyeliswe, nabo bonke abantu babe ngaphansi kokubusa kukaNkulunkulu. Wonke lo msebenzi kufanele ufezeke ngokusola nokwahlulela okulungile. Ngenxa yokuthi inkohlakalo yomuntu isifike esicongweni kanye nokungalaleli kwakhe kube kubi kakhulu, yisimo esilungile sikaNkulunkulu kuphela, leso esilumbanise ikakhulu ukusola nokwahlulela futhi esembulwa ngezinsuku zokugcina, esingaguqula ngokuphelele futhi siphelelise umuntu. Yilesi simo kuphela esingadalula ububi futhi ngalokhu sijezise kabuhlungu bonke abangalungile.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (3)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngabe manje sewuyaqonda ukuthi kuyini ukwahlulela nokuthi iqiniso liyini? Uma sewuqonda, ngiyakunxusa ukuthi uthobele ngokulalela ukwahlulelwa, kungenjalo awusoze waba nethuba lokunconywa nguNkulunkulu noma lokuyiswa nguye embusweni Wakhe. Labo abamukela ukwahlulela kuphela kodwa abangakwazi ukuhlanzwa, okusho ukuthi, labo ababalekayo phakathi komsebenzi wokwahlulela, bayohlala bezondwa futhi belahlwa nguNkulunkulu. Izono zabo ziningi kakhulu, futhi zinkulu, kunezabaFarisi, ngoba bayamphika uNkulunkulu futhi bangamahlubuka kuNkulunkulu. Abantu abanjalo abangafanelekile ngisho ukwenza umsebenzi bayothola isijeziso esinzima kakhulu, isijeziso futhi esingapheli. UNkulunkulu akasoze ayeka noma ngubani omhlubukayo owake wathi wethembekile kuye ngamazwi kepha wayesemhlubuka. Abantu abanjalo bayothola impindiselo ngokujeziswa ngokomoya, umphefumulo, nangokomzimba. Ngabe lokhu akusikho kanye ukwembulwa kwesimo sokulunga sikaNkulunkulu? Ngabe lokhu akusiyo injongo kaNkulunkulu yokwahlulela umuntu kanye nokumembula? UNkulunkulu ubeka bonke labo abenza zonke izinhlobo zemisebenzi emibi ngesikhathi sokwahlulela endaweni egcwele imimoya emibi ukuze le mimoya emibi ibhubhise imizimba yabo yenyama ngokuthanda. Imizimba yabo ikhipha iphunga lesidumbu, futhi nesijeziso esibafanele sinjalo. UNkulunkulu ubhala phansi ezincwadini zomlando wabo isono ngasinye salawo makholwa amanga angethembekile, abaphostoli bamanga kanye nabasebenzi bamanga; kuthi uma isikhathi sesifanele, ubaphosa phakathi kwemimoya engcolile ukuze imizimba yayo engcolile ingcolise yonke imizimba yabo ngokuthanda ukuze bangaphindi babe senyameni futhi bangaphindi babone ukukhanya. Labo bakhohlisi abenza umsebenzi ngesikhathi esisodwa kodwa abakwazi ukuhlala bethembekile kuze kube sekugcineni babalwa uNkulunkulu phakathi kwabantu abakhohlakele ukuze bahambe emiyalelweni yabantu abakhohlakele, babe yingxenye yoquqaba olungahlelekile; ekugcineni, uNkulunkulu uyobabhubhisa. UNkulunkulu uyabachitha futhi akabanaki labo abangakaze bethembeke kuKristu noma bazinikele ngemizamo ethile, futhi uyobabhubhisa bonke ngokuguquka kwezinkathi. Ngeke besaba khona emhlabeni, kube kuncane kakhulu ukuthola indlela engena embusweni kaNkulunkulu. Labo abangakaze bathembeke kuNkulunkulu kodwa abaphoqwa yisimo ukuthi babhekane Naye ngokushampuza nje bayobalwa phakathi kwalabo abasebenzela abantu Bakhe. Bambalwa kakhulu kubantu abanjalo abangasinda, kuyilapho iningi labo liyobhubha nalabo abangafanelekile ngisho ukwenza umsebenzi. Ekugcineni, uNkulunkulu uyofikisa embusweni Wakhe bonke labo abanomqondo ofana nokaNkulunkulu, abantu namadodana kaNkulunkulu kanjalo nalabo abahlelelwe uNkulunkulu ukuthi babe ngabefundisi. Sinjalo isithelo sikaNkulunkulu asiveza ngomsebenzi Wakhe. Kulabo abangakwazi ukungena kwesinye salezi zigaba ezimiswe nguNkulunkulu, bayobalwa phakathi kwabantu abangakholwa. Futhi nakanjani ungazicabangela nje ukuthi isiphetho sabo siyoba yini. Sengikushilo konke okumele ngikusho kuwe; indlela oyikhethayo iyoba yisinqumo sakho. Okumele ukuqonde yilokhu: Umsebenzi kaNkulunkulu awulindi noma ubani ongakwazi ukuhambisana nesivinini Sakhe, futhi isimo sikaNkulunkulu sokulunga asikhombisi musa kunoma yimuphi umuntu.

kwesithi “UKristu Wenza Umsebenzi Wokwahlulela Ngeqiniso” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Lapho izizwe nabantu bomhlaba wonke bebuyela phambi kwesihlalo Sami sobukhosi, ngizothatha izinto zasezulwini eziningi ngizilethe emhlabeni wabantu, ukuze, ngenxa Yami, ugcwale izinto eziningi ezingenakuqhathaniswa. Uma nje izwe elidala lisekhona, ngizokwehlisela intukuthelo Yami ezizweni zalo, ngenze imbulunga yonke yazi imithetho Yami yokuphatha, futhi ngisole noma ubani oyiphulayo:

Njengoba ngiphendulela ubuso Bami embulungeni ukuba ngikhulume, wonke umuntu uyalizwa izwi Lami, futhi abone yonke imisebenzi engiyenzile embulungeni yonke. Labo abaphikisana nentando Yami, okusho ukuthi, abaphikisana Nami ngokwenza imisebenzi yabantu, bazowela ekusoleni Kwami. Ngizothatha izinkanyezi ezingenakubalwa zamazulu ngizenze kabusha, futhi ngenxa Yami ilanga nenyanga kuzovuselelwa isibhakabhaka ngeke sisaba yilokho ebesiyikho; okuningi okusemhlabeni kuzovuselelwa. Konke kuzophelela ngamazwi Ami. Izizwe eziningi ezisemhlabeni zizohlukaniswa kabusha futhi zithathelwe indawo yisizwe Sami, ukuze izizwe eziphezu komhlaba zishabalale phakade futhi zibe yisizwe esikhonza Mina; zonke izizwe zomhlaba zizobhujiswa, futhi ngeke zisaba khona. Ebantwini abasemhlabeni, bonke labo abangabakasathane bazoqothulwa; bonke abakhonza kuSathane bazofakwa ekujuleni komlilo Wami ovuthayo—okusho ukuthi, ngaphandle kwalabo manje abasendleleni ewumngcingo, bonke abanye bazophenduka umlotha. Lapho ngisola abantu abaningi, labo abasemhlabeni wezinkolo, ngokwamazinga ahlukahlukene, bazobuyela embusweni, benqotshwe yimisebenzi Yami, nabangaphansi kwezinkolo ezithile, ngoba bayobe bekubonile ukuza koNgcwele ephezu kwefu elimhlophe. Bonke abantu beyolandela izinhlobo zabo, futhi bayothola ukusolwa ngokwalokho abakwenzile. Bonke labo abaye bamelana Nami bazoshabalala bonke; futhi labo abazenzo zabo zasemhlabeni bezingahlangani ndawo Nami, ngenxa yendlela abaziphathe kahle ngayo, bazoqhubeka nokuhlala emhlabeni ngaphansi kokubusa kwamadodana Ami nabantu Bami. Ngizozembula ebantwini abaningi nasezizweni eziningi, ngomsindo wezwi Lami emhlabeni wonke ukuze ngimemezele ukuphela komsebenzi Wami omkhulu ukuze bonke abantu babone ngamehlo abo.

kwesithi “Izwi Lamashumi Amabili Nesithupha” Lamazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Labo abakwazi ukuma baqine phakathi nomsebenzi kaNkulunkulu wokwahlulela nokusola phakathi nezinsuku zokugcina—okungukuthi, phakathi nomsebenzi wokugcina wokuhlanza—kuyoba yilabo abayongena ekuphumuleni kokugcina kanye noNkulunkulu; ngakho, labo abangena ekuphumuleni bayobe bekhululiwe ethonyeni likaSathane futhi bayobe bezuzwe uNkulunkulu ngemva kokudlula kwabo emsebenzini Wakhe wokuhlanza wokugcina. Laba bantu abazuzwe uNkulunkulu bayongena ekuphumuleni kokugcina. Isici somsebenzi kaNkulunkulu wokusola nokwahlulela ukuhlanza isintu, futhi usuku lokuphumula kokugcina. Ngale kwalokho, bonke abantu bebengeke bekwazi ukulandela uhlobo lwabo noma ukungena ekuphumuleni. Lo msebenzi uwukuphela kwendlela yokungena ekuphumuleni. Umsebenzi kaNkulunkulu wokuhlanza kuphela oyohlanza isintu ekungalungini kwaso, futhi umsebenzi Wakhe wokusola nokwahlulela kuphela oyoletha ukukhanya ezintweni ezingalaleli eziphakathi kwesintu, ngalokho wehlukanise labo abangasindiswa kulabo abangeke basindiswe, nalabo abayosala kulabo abangeke basale. Lapho umsebenzi kaNkulunkulu uphela, abantu abayosala bayohlanzwa futhi bajabulele okunye ukuphila kwabantu okumangalisayo emhlabeni njengoba bengena endaweni ephakeme yabantu; ngamanye amazwi, bayongena osukwini lokuphumula lwabantu, baphile noNkulunkulu. Ngemva kokuba labo abangeke basale sebesoliwe futhi bahlulelwa, imikhuba yabo ababeyenza iyokwembulwa ngokuphelele; ngemva kwalokho bayobhujiswa njengoSathane, ngeke baphinde bavunyelwe ukuba baphile emhlabeni. Isintu sakusasa ngeke sibe nohlobo olunjena lwabantu; laba bantu abakulungele ukungena ezweni lokuphumula, futhi abakulungele ukungena osukwini lokuphumula uNkulunkulu ayolujabulela nabantu, ngoba kuhloswe ukuthi bajeziswe futhi babi, ababona abantu abalungile.

kwesithi “UNkulunkulu Nomuntu Bayongena Ndawonye Ekuphumuleni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi Wakhe wasekugcineni wokujezisa ababi nokunika abalungile umvuzo wenziwa ukuze kuhlanzwe ngokuphelele sonke isintu, ukuze alethe ukuphumula kwaphakade kuso sonke isintu esingcwele. Lesi sigaba somsebenzi Wakhe siwumsebenzi obucayi kakhulu. Siyisigaba sokugcina sawo wonke umsebenzi Wakhe wokuqondisa. Uma uNkulunkulu engababhubhisanga ababi kodwa ebayeka basale, sonke isintu besingeke sikwazi ukungena ekuphumuleni, futhi uNkulunkulu ubengeke akwazi ukuletha sonke isintu endaweni engcono. Lolu hlobo lomsebenzi belungeke luphele ngokuphelele. Lapho eqeda umsebenzi Wakhe, sonke isintu siyoba ngcwele ngokuphelele. Kungale ndlela kuphela lapho uNkulunkulu engaphila ngayo ekuphumuleni ngokuthula.

kwesithi “UNkulunkulu Nomuntu Bayongena Ndawonye Ekuphumuleni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umbuso afisa ukuwumisa embusweni Wakhe. Isintu asifisayo yilesi esimkhonzayo, esimlalela ngokuphelele futhi esinenkazimulo Yakhe. Uma engabasindisi abantu abonakalisiwe, okushiwo indalo Yakhe kuyophenduka ize; ngeke esaba nalo igunya kubantu, futhi umbuso Wakhe ngeke ukwazi ukuba khona emhlabeni. Uma engazibhubhisi lezo zitha ezingamlaleli, ngeke akwazi ukuthola inkazimulo Yakhe egcwele, futhi ngeke akwazi ukumisa umbuso phezu komhlaba. Lezi izimpawu zokuqedwa komsebenzi Wakhe nezimpawu zokufezwa kwezinto Zakhe ezinkulu.

kwesithi “UNkulunkulu Nomuntu Bayongena Ndawonye Ekuphumuleni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Lapho umsebenzi wokunqoba sewuqediwe, umuntu uzolethwa ezweni elihle. Le mpilo, phela, izobe isesekhona emhlabeni, kodwa izobe ingasafani nhlobo nempilo yomuntu yanamuhla. Yimpilo sonke isintu esizoba nayo lapho isintu sonkana sesinqotshiwe, kuzoba isiqalo esisha somuntu emhlabeni, futhi ukuba isintu sibe nempilo enhle kangako, kuyobe kuwubufakazi bokuthi isintu sesingene embusweni omusha futhi omuhle. Kuzoba wukuqala kwempilo yomuntu noNkulunkulu lapha emhlabeni. Isisekelo sempilo enhle kangaka kufanele kube wukuthi, emuva kokuthi umuntu esenziwe waba msulwa futhi wanqotshwa, uyazithoba phambi koMdali. Ngakho, umsebenzi wokunqoba, isigaba sokugcina somsebenzi kaNkulunkulu ngaphambi kokuthi isintu singene esiphethweni esimangalisayo. Impilo enje impilo yesikhathi esizayo yomuntu emhlabeni, yimpilo enhle kunazo zonke emhlabeni, uhlobo lwempilo elangazelelwa ngumuntu, inhlobo umuntu angakaze ayithole emlandweni womhlaba, Ngumphumela wokugcina womsebenzi wokuphatha weminyaka eyizi-6,000, yilokho isintu esikulangazelelayo kunakho konke, futhi kuyisithembiso sikaNkulunkulu kumuntu.

kwesithi “Ukubuyisela Impilo Ejwayelekile Yomuntu Nokumhambisa Endaweni Emangalisayo Okuphokophelwe Kuyo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngihamba ngaphezu kwabo bonke abantu kanti ngibuka yonke indawo. Akukho nakunye okubukeka kukudala, kanti akekho umuntu osabukeka ngendlela ayeyiyo. Ngiphumula esihlalweni sobukhosi, ngincika emhlabeni wonkana, nganeliseke ngokugcwele, ngoba zonke izinto sezikwazile ukubuyisa ubungcwele bazo ngingakwazi ukuphinda ngihlale ngokuthula ngaphakathi eSiyoni, futhi nabantu emhlabeni bangakwazi ukuphila impilo enokuthula nenokugculiseka ngaphansi kobuholi Bami. Izizwe zonke zikwazile ukuphatha konke okusesandleni Sami, zonke zikwazile ukubuyisa ubuhlakani bazo kanye nokubukeka kwazo kwaphambilini; azisamboziwe wuthuli manje, kepha, embusweni Wami zimsulwa njengejaspi, kanti isizwe ngasinye sinobuso obufana nobalowo ongcwele osenhliziyweni yomuntu, ngoba umbuso Wami umisiwe phakathi kwabantu.

kwesithi “Izwi Leshumi Nesithupha” Lamazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana Ezwini Elivela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana