Voice of Justice

Voice of Justice

2018/10/05

1. UNkulunkulu wahlenga isintu Enkathini Yomusa, pho kungani esadinga ukwenza umsebenzi Wakhe wokwahlulela ezinsukwini zokugcina?

insindiso,Iqiniso

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“ngakho uzoba ngcwele, ngoba Mina ngingcwele” (uLevitikusi 11:45).

“nobungcwele, ngaphandle kwakho akekho umuntu oyobona iNkosi” (Heb 12: 14).

“Futhi uma noma ngabe yimuphi umuntu ezwa amazwi ami, engawakholwa, angimahluleli: ngoba angizanga ukuzokwahlulela umhlaba, kodwa ukusindisa umhlaba. Lowo ongalayo, engawamukeli namazwi ami, ukhona ozomahlulela: izwi engilikhulumile, lona lizomehlulela ezinsukwini zokugcina” (Johane 12:47-48).
Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Ngaleso sikhathi umsebenzi kaJesu wawungukuhlengwa kwaso sonke isintu. Izono zabo bonke ababekholwa Kuye zazithethelelwa; uma nje ukholwa Kuye, wayengakukhulula; uma ukholwa Kuye, wawungasesona isoni, wawukhululiwe ezonweni zakho. Yilokhu okwakushiwo ukusindiswa nokulungiswa ngokukholwa. Nokho, kulabo ababekholwa, kwasala labo ababehlubuka futhi bephikisa uNkulunkulu, okwakusadingeka baqedwe kancane kancane. Ukusindiswa akuzange kuchaze ukuthi umuntu wayesezuzwe uJesu ngokugcwele kodwa kwakusho ukuthi lowo muntu wayengaseyena owesono, okuwukuthi wayesethethelelwe izono zakhe: Uma nje ukholwa, wawungeke uphinde ube ngowesono.

kwesithi “Umbono Womsebenzi KaNkulunkulu (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Lapho uJesu enza umsebenzi Wakhe, ulwazi lomuntu ngaye lwalungakacaci. Umuntu wayelokhu ecabanga ukuthi uyindodana kaDavide futhi emmemezela njengomphrofethi omkhulu neNkosi enomusa eyakhulula umuntu esonweni. Abanye, ngenxa yokholo, baphulukiswa ngokuthinta nje umphetho wengubo Yakhe; abangaboni base bebona ngisho nababefile babuyiselwa ekuphileni. Nokho, umuntu akazange ayithole impande ejulile yesimo sobuSathane esonakele kuye futhi akakwazanga ukuyilahla. Umuntu wathola umusa omkhulu, njengokuthula kanye nenjabulo enyameni, isibusiso sawo wonke umndeni ngenxa yokholo loyedwa, nokuphulukiswa kwabagulayo kanye nokunye. Okunye kwakuyizenzo ezinhle zomuntu kanye nokubonakala kwazo kobuNkulunkulu; uma umuntu ayengaphila ngaleyo ndlela, wayebhekwa njengekholwa elihle. Amakholwa anjalo kuphela ayengangena ezulwini ngemva kokufa, okusho ukuthi ayesindiswa. Kodwa, ekuphileni kwawo, awazange ayiqonde nhlobo indlela yokuphila. Ayemane enze izono, azivume njengenjwayelo ngaphandle kokuguqula izindlela zawo; zazinjalo izimo zabantu zemvelo ngeNkathi Yomusa. Ingabe abantu sebethole insindiso ephelele? Cha! Ngakho, ngemva kokuba leso sigaba sesiphelile, usekhona umsebenzi wokwahlulela nokusola. Lesi sigaba senza umuntu abe msulwa ngamazwi ukuze umuntu anikwe indlela okumele ayilandele. Lesi sigaba sasingeke sibe nezithelo noma nenjongo ukube saqhubeka ngokuxoshwa kwamadimoni, ngoba isimo sesono somuntu asinakuxoshwa futhi umuntu angakwazi kuphela ukuma uma exolelwa izono zakhe. Umuntu uxolelwe iziphambeko zakhe ngenxa yomnikelo wesono ngoba umsebenzi wokubethelwa usufike ekugcineni futhi uNkulunkulu usemnqobile uSathane. Kodwa isimo somuntu esingalungile sisephakathi kumuntu futhi umuntu usuke esengasenza isono futhi aphikisane noNkulunkulu; uNkulunkulu akakasizuzi isintu. Yingakho kulesi sigaba somsebenzi uNkulunkulu esebenzisa izwi ukuze embule ukungalungi kwesimo somuntu, aphinde acele ukuba umuntu enze ngendlela efanele. Lesi sigaba sibaluleke kakhulu kunesingaphambili futhi sinezinzuzo ezengeziwe, okwamanje yizwi elinika ngokuqondile umuntu ukuphila futhi lenze isimo somuntu sibe sisha ngokuphelele; yisigaba somsebenzi esenziwe ngokucophelela okukhulu. Ngakho, ukuba kukaNkulunkulu senyameni ezinsukwini zokugcina kugcwalise ukubaluleka kokuba kwakhe enyameni futhi kwaluphetha ngokugcwele uhlelo lokuphatha kukaNkulunkulu lokusindisa umuntu.

kwesithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Isoni esifana nawe, esisanda kuhlengwa, futhi esingakaguquki, noma sapheleliswa nguNkulunkulu, ungayifuna inhliziyo kaNkulunkulu? Nina, enisenobumina bakudala, kuyiqiniso ukuthi nisindiswe nguJesu, nokuthi anibaliwe njengezoni ngenxa yensindiso kaNkulunkulu, kodwa lokhu akufakazeli ukuthi aninasono, nokuthi aningcolile. Ningaba ngcwele kanjani uma ningakaguquki? Ngaphakathi kini, nigcine ukungcola, ubugovu nokudelela, kodwa nisafuna ukwehla noJesu— ngabe ninenhlanhla! Niphuthwe isinyathelo ekukholweni kwenu kuNkulunkulu: Nihlengiwe nje, kodwa anikaguquki. Ukuthi nifune inhliziyo kaNkulunkulu, uNkulunkulu kufanele azenzele Ngokwakhe umsebenzi wokukuguqula nowokukuhlanza; uma uhlengiwe kuphela, ngeke ukwazi ukuzuza ukungcweliswa. Ngale ndlela ngeke ukulungele ukwabelana ngezibusiso ezinhle zikaNkulunkulu ngoba weqe isinyathelo emsebenzini kaNkulunkulu sokuphatha umuntu, okuyisinyathelo esisemqoka sokuguqulwa nokupheleliswa. Manje-ke wena, soni esisanda kuhlengwa, awukwazi ukuthola ifa likaNkulunkulu ngqo.

kwesithi “Okumayelana Namagama nokuthi Ungubani” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Nakuba umuntu esekhululiwe futhi wathethelelwa izono zakhe, kubhekwa kuphela uNkulunkulu engakhumbuli izono zomuntu futhi engamphathi umuntu ngokwezono zakhe.Nokho, lapho umuntu ephila esenyameni futhi engakhululiwe esonweni, angase aqhubeke nesono, alokhu eqhubeka embula ukonakala kwesimo sobusathane. Yile mpilo umuntu ayiphilayo, umjikelezo ongapheli wokona nokuthethelelwa. Iningi labantu liyona emini livume izono ntambama. Ngaleyo ndlela, ngisho umnikelo wesono uhlezi usebenza kumuntu, awukwazi ukumsindisa umuntu esonweni. Kusaqedwe ingxenye kuphela yomsebenzi ngoba umuntu usenesimo esonakele.

kwesithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kumuntu, ukubulawa kukaJesu esiphambanweni kwasonga umsebenzi wokuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu, kwahlenga sonke isintu, futhi kwamkhulula ukuba athathe izihluthulelo zeHayidesi. Wonke umuntu ucabanga ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu usufezwe ngokugcwele. Eqinisweni, kuNkulunkulu, kufezwe ingxenye encane yalo msebenzi. Usasihlengile kuphela isintu; akakasinqobi, uma wakhipha ububi bukaSathane kumuntu. Yingakho uNkulunkulu ethi, “Nakuba ukuba kwaba umuntu kwangizwisa ubuhlungu ngaze ngafa, lokho kwakungeyona yonke inhloso yokuba Kwami umuntu. UJesu iNdodana Yami engiyithandayo futhi waphanyekwa esiphambanweni ngenxa Yami, kodwa akawuqedanga wonke umsebenzi Wami. Wenza ingxenye yawo.” Ngakho uNkulunkulu waqala isiwombe sesibili secebo lokuqhubeka nomsebenzi wakhe enyameni. Ekugcineni, uNkulunkulu ufuna ukuphelelisa nokuzuza wonke umuntu amsindise ezandleni zikaSathane, yingakho uNkulunkulu ezimisele ukuphinde azifake engozini yokungena enyameni.

kwesithi “Umsebenzi Nokungena (6)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Yize uJesu enza umsebenzi omningi kubantu, waqeda kuphela ukuhlengwa kwabantu waba umnikelo wezono zabantu, wangasisusa isimo senkohlakalo yomuntu. Ukusindisa umuntu ngokugcwele ekuthonyweni uSathane akudingi kuphela ukuthi uJesu athathe izono zabantu njengomnikelo wesono, kodwa kudinga ukuba noNkulunkulu enze umsebenzi omkhulu ukuze kuqedwe nya lesi simo somuntu, esiye sonakaliswa uSathane. Ngakho, ngemva kokuba umuntu ethethelelwe izono zakhe, uNkulunkulu wayesebuyele enyameni ukuze aholele abantu enkathini entsha, waqala umsebenzi wokujezisa nokwahlulela, kanti umsebenzi Wakhe usubeke abantu endaweni ephezulu. Bonke labo abathobela ukubuswa nguNkulunkulu bazothokozela iqiniso eliphezulu bathole nezibusiso ezinkulu. Bazophila ekukhanyeni, bazuze iqiniso, indlela, nokuphila.

kwesithi Isandulelo sethi Izwi Livela Lisenyameni

Umsebenzi ngezinsuku zokugcina uwukukhuluma amazwi. Zinkulu izinguquko ezingenzeka kubantu ngamazwi. Izinguquko ezenzekile kulaba bantu ekwamukeleni la mazwi zinkulu kakhulu kunalezo zangeNkathi Yomusa ekwamukeleni lezo zibonakaliso nezimangaliso. Ngoba, eNkathini Yomusa, amadimoni asuka kumuntu ngenxa yokubekwa kwezandla nemithandazo kodwa izimo zokonakala ngaphakathi kumuntu zahlala zikhona. Umuntu wayephulukiswa ekuguleni kwakhe futhi exolelwa izono zakhe, kodwa umsebenzi wendlela yokuthi izimo zobusathane ezonakalise ngayo umuntu zingaxoshwa kanjani kumuntu awenziwanga kuye. Umuntu wayephulukiswa ekuguleni kwakhe futhi ethethelelwa izono zakhe ngokukholwa kwakhe, kodwa umsebenzi wesimo semvelo yesono kumuntu asisuswanga, saqhubeka sahlala kuye. Izono zomuntu zathethelelwa ngoNkulunkulu osenyameni kodwa akusho ukuthi umuntu akanaso isono phakathi kuye. Izono zomuntu zazingathethelelwa ngomnikelo wesono kodwa umuntu akakakwazi ukuxazulula indaba yokuthi angabe esasenza isono nokuthi le mvelo yakhe yokona ingakhishwa kanjani ngokuphelele futhi iguqulwe. Izono zomuntu zaxolelwa ngenxa yomsebenzi wokubethelwa kukaNkulunkulu kodwa umuntu waqhubeka ephila enkathini endala, yendlela yesimo esonakele sobusathane. Kanjalo-ke umuntu kumele asindiswe ngokuphelele esimweni esikhohlakele sobusathane ukuze imvelo yesono ikhishwe ngokuphelele futhi ingaphinde ibe khona, kanjalo kwenzelwa ukuba isimo somuntu siguqulwe. Lokhu kudinga ukuba umuntu aqonde indlela yokukhula ekuphileni, indlela yokuphila kanye nendlela yokuguqula isimo sakhe. Kudinga nokuba umuntu enze ngokuvumelana nale ndlela ukuze isimo somuntu semvelo sizoguquka kancane kancane futhi usengaphila phansi kokukhanya futhi usengenza zonke izinto ezivumelana nentando kaNkulunkulu, alahle isimo sobusathane esonakele futhi akhululeke ethonyeni likaSathane lobumnyama ngaleyo ndlela aphume ngokugcwele esonweni. Kungaleso sikhathi kuphela lapho umuntu eyothola khona insindiso ephelele.

kwesithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

umuntu akakwazi ukusindiswa ezonweni zakhe ngokugcwele ngokuphulukisa abagulayo nokuxosha amadimoni futhi angeke enziwe aphelele ngokwambulwa kwezibonakaliso nezimangaliso. Igunya lokuphulukisa nelokuxosha amadimoni limnikeza umusa kuphela umuntu kodwa inyama yomuntu isengekaSathane futhi isimo esonakele sobusathane sisekumuntu. Ngamanye amazwi, lokho okungakahlanzwa kusengokwesono nokungcola. Kungemuva kokuba umuntu esehlanziwe ngamazwi kuphela lapho engazuzwa nguNkulunkulu futhi angcweliswe. Uma kungekho okwenziwe ngaphezu kokuxosha amadimoni kumuntu nokumkhulula, lokho kungukumsusa kuphela ezandleni zikaSathane nokumbuyisela kuNkulunkulu. Nokho, akakahlanzwa noma akakashintshwa nguNkulunkulu, futhi futhi usalokhu onakele. Phakathi kumuntu kusekhona ukungcola, ukuphikisa futhi nokuvukela; umuntu ubuyele kuphela kuNkulunkulu ngokukhululwa, kodwa umuntu akanalo ulwazi ngaye futhi uyamelana futhi uyamlahla uNkulunkulu. Ngaphambili kokuhlengwa komuntu, ubutha obuningi bukaSathane base bufakiwe kuye. Ngemva kweminyaka eyizinkulungwane yokonakala kukaSathane, umuntu usevele enemvelo kuye yokuphika uNkulunkulu. Ngakho, lapho umuntu esekhululiwe, akukho okungaphezu kokukhululwa kwakhe, lapho umuntu ethengwa khona ngenani eliphezulu, kodwa imvelo enobuthi kuye ingakasuswa. Umuntu osengcoliswe kangaka kumele aguquke kuqala ukuze afanele ukukhonza uNkulunkulu. Umuntu uyokwazi kahle ukungcola nokungalungi okukuye ngenxa yokwahlulela nokusola futhi uyokwazi ukuguquka bese ehlanzeka. Kungale ndlela kuphela lapho umuntu eyokwazi khona ukubuyela ngaphambi kwesihlalo sikaNkulunkulu. Wonke umsebenzi owenziwe namuhla wenzelwe ukuba umuntu ahlanzwe futhi aguqulwe; ngokwahlulela nokusola ngezwi kanye nokucwengwa, umuntu angakuxosha ukonakala kuye bese ehlanzeka. Kunokuba kuthiwe lesi sigaba somsebenzi esensindiso kungafaneleka kangcono ukuthi kuthiwe umsebenzi wokuhlanzwa.

kwesithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Iminyaka eyizi-6,000 yomsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha ihlukaniswe ezigabeni ezintathu: iNkathi Yomthetho, iNkathi Yomusa kanye neNkathi Yombuso. Le zigaba ezintathu zomsebenzi zonke ezokusindiswa kwesintu, okusho ukuthi, ezokusindiswa kwesintu esonakaliswe kakhulu nguSathane. Ngesikhathi esifanayo, kepha, ezokuthi uNkulunkulu alwe noSathane. Ngakho, njengoba umsebenzi wensindiso uhlukaniswe izigaba ezintathu, ngokunjalo impi noSathane ihlukaniswe izigaba ezintathu, futhi le zingxenye zombili zomsebenzi kaNkulunkulu zenzeka ngesikhathi esisodwa. Impi noSathane, empeleni, eyokusindiswa kwesintu, futhi ngenxa yokuthi umsebenzi wokusindiswa kwesintu akuyona into engaqedwa ngempumelelo esigabeni esisodwa, impi noSathane nayo ihlukaniswe ngezigaba nezinkathi, futhi nempi iliwa noSathane ngokuhambisana nezidingo zomuntu kanye nezinga lokonakaliswa kwakhe nguSathane. … Emsebenzini wensindiso yomuntu, izigaba ezintathu zenziwe, okusho ukuthi impi noSathane ihlukaniswe izigaba ezintathu ngaphambi kokuhlulwa okuphelele kukaSathane. Kepha iqiniso elingaphakathi lomsebenzi wonkana wempi noSathane imiphumela yawo itholakala ngokuthela umusa phezu komuntu, kanye nokuba umhlabelo wesono womuntu, ukuthethelela izono zomuntu, ukunqoba umuntu, nokuphelelisa umuntu. Empeleni, impi eliwa noSathane akukhona ukuhloma ngezikhali ubhekane noSathane, kodwa insindiso yomuntu, ukusebenza impilo yomuntu, kanye nokushintsha isimo somuntu ukuze afakazele uNkulunkulu. USathane unqotshwa kanje. USathane unqotshwa ngokushintsha isimo esikhohlakele somuntu. Uma uSathane esehluliwe, okusho ukuthi, uma umuntu esesindisiwe ngokuphelele, uSathane ojabhile uyoboshwa ngokuphelele, futhi ngaleyo ndlela, umuntu uyobe esesindisiwe ngokuphelele. Ngakho, ingqikithi yensindiso yomuntu impi noSathane, kanti impi noSathane ibonakaliswa esikakhulukazi ensindisweni yomuntu. Isigaba sezinsuku zokugcina, lapho umuntu ezonqotshwa khona, isigaba sokugcina sempi noSathane, kanti futhi umsebenzi wokusindiswa okuphelele komuntu emandleni kaSathane. Inhloso yangaphakathi yokunqotshwa komuntu ukubuya kokusamuntu kukaSathane, umuntu owonakaliswe nguSathane, kuMdali, emuva kokunqotshwa kwakhe, ngalokho uyoshiya uSathane futhi abuyele ngokuphelele kuNkulunkulu. Ngale ndlela umuntu uyobe esesindisiwe ngokuphelele. Ngakho, umsebenzi wokunqoba umsebenzi wokugcina empini ebhekene noSathane, kanye nesigaba sokugcina ekuphatheni kukaNkulunkulu ukuze kuhlulwe uSathane. Ngaphandle kwalo msebenzi, ukusindiswa komuntu okuphelele bekungeke kwenzeke neze ekugcineni, ukuhlulwa ngokuphelele kukaSathane nakho bekungeke kwenzeke neze, futhi isintu besingeke neze sikwazi ukungena esiphethweni esimangalisayo, noma ukukhululeka ethonyeni likaSathane. Ngenxa yalokho, umsebenzi wokusindiswa komuntu ngeke uphethwe ngaphambi kukuthi impi kuphothulwe impi eliwa noSathane, ngoba umnyombo womsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu ungenxa yokusindiswa kwesintu. Isintu sasekuqaleni sasisezandleni zikaNkulunkulu, kodwa ngenxa yokulingwa nguSathane nokonakaliswa, umuntu waboshwa nguSathane futhi wawela ezandleni zomubi. Ngakho, uSathane waba yinto yokunqotshwa emsebenzini wokuphatha kaNkulunkulu. Ngoba uSathane wamngena umuntu, uma umuntu ezosindiswa, kufanele ahlwithwe ezandleni zikaSathane. Uma umuntu ekhululiwe ethonyeni nokuboshwa nguSathane, uSathane uyojabhiswa, umuntu ekugcineni uyobuyiselwa emuva, futhi uSathane uyohlulwa. Futhi ngenxa yokuthi umuntu usekhululiwe ethonyeni elimnyama likaSathane, umuntu uyoba impango yayo yonke le mpi, futhi uSathane uyoba umenziwa oyojeziswa uma le mpi seyiphelile, emuva kwalokho umsebenzi usuwonkana wokusindiswa komuntu uyobe usuqediwe.

kwesithi “Ukubuyisela Impilo Ejwayelekile Yomuntu Nokumhambisa Endaweni Emangalisayo Okuphokophelwe Kuyo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Uhlelo lokuphatha lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha luhlukaniswe lwaba yizigaba ezintathu zomsebenzi. Asikho isigaba esisodwa esingamelela zontathu izinkathi kodwa kunalokho singamelela ingxenye eyodwa yakho konke. Igama likaJehova ngeke lisimelele sonke isimo sikaNkulunkulu. Ngenxa yokuthi wenze umsebenzi eNkathini Yomthetho akusho ukuthi angaba nguNkunkulu kuphela ngaphansi komthetho. UJehova wahlela imithetho yomuntu futhi waloba phansi imiyalo, ecela abantu ukuba bakhe ithempeli nama-altare; umsebenzi awenza umelele iNkathi Yomthetho kuphela. Umsebenzi awenza awusho ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu oyala abantu ukuba bagcine umthetho, uNkulunkulu osethempelini noma uNkulunkulu ophambi kwe-altare. Lokhu akunakushiwo. Umsebenzi ngaphansi komthetho umelela kuphela inkathi eyodwa. Ngakho, uma uNkulunkulu enze umsebenzi eNkathini Yomthetho kuphela, umuntu ubengachaza uNkulunkulu athi, “UNkulunkulu unguNkulunkulu osethempelini. Ukuze sikhonze uNkulunkulu, kumele sigqoke izingubo zabapristi bese singena ethempelini.” Ukube umsebenzi oseNkathini Yomusa awuzange wenziwe futhi ukube iNkathi Yomthetho iqhubekile kwaze kwaba namuhla, umuntu ubengeke akwazi ukuthi uNkulunkulu unesihe nothando. Ukube umsebenzi weNkathi Yomthetho awuzange wenziwe, kodwa kwenziwe kuphela umsebenzi weNkathi Yomusa, umuntu ubeyokwazi kuphela ukuthi uNkulunkulu angamkhulula umuntu futhi amthethelele izono. Abantu bebeyokwazi kuphela ukuthi ungcwele futhi akanacala, angazidela futhi abulawe ngenxa yomuntu. Umuntu ubeyokwazi lokhu kuphela futhi angakuqondi okunye. Ngakho inkathi ngayinye imelele isimo sikaNkulunkulu. INkathi Yomthetho imelele izingxenye ezithile, iNkathi Yomusa imelele izingxenye ezithile futhi lena imelele okunye. Isimo sikaNkulunkulu singambulwa ngokuphelele ngokuhlanganisa lezi zinkathi ezintathu. Umuntu angakuqonda kahle kuphela lapho eziqaphela zonke lezi zigaba. Kungeqiwe nesisodwa isigaba. Isimo sikaNkulunkulu semvelo niyokwazi ukusiqonda ngokuphelele lapho senazi lezi zigaba ezintathu zomsebenzi. Ukuqeda kukaNkulunkulu umsebenzi Wakhe ngeNkathi Yomthetho akusho ukuthi unguNkulunkulu ongaphansi komthetho nokuthi ukupheleliswa komsebenzi Wakhe wokukhulula isintu akubonisi ukuthi uNkulunkulu uyohlezi ekhulula abantu. Le yimiphumela yokucabanga kwabantu. INkathi Yomusa isifike ekugcineni, kodwa angeke uthi uNkulunkulu ungowesiphambano kuphela nokuthi isiphambano sisho ukusindisa kukaNkulunkulu. Uma nenza kanjalo, nichaza uNkulunkulu. Kulesi sigaba, uNkulunkulu umane enza umsebenzi wezwi kodwa ngeke nithi uNkulunkulu akasoze aba nesihe kubantu nokuthi konke akulethile ukusola nokwahlulela. Umsebenzi wezinsuku zokugcina ubeka obala umsebenzi kaJehova nokaJesu nazo zonke izimfihlakalo umuntu angaziqondi. Lokhu kwenziwe ukuze kwambulwe isiphetho sohambo nokuphela komuntu bese kuphetha wonke umsebenzi wensindiso esintwini. Lesi sigaba somsebenzi wezinsuku zokugcina siphetha zonke izinto. Zonke izimfihlakalo ezingaqondwa ngumuntu kumele zicaciswe ukuze umuntu athole ukwazi ngazo futhi azazi enhliziyweni. Kungaleyo nkathi lapho abantu beyohlukaniswa khona ngokwezinhlobo zabo. Kusekupheleni kohlelo lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha kuphela lapho abantu beyoqonda isimo siNkulunkulu ngokuphelele, ngoba ukuphatha Kwakhe kuyobe sekufike ekugcineni.

kwesithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana