Voice of Justice

Voice of Justice

2018/09/28

9. Ingabe ukuba senyameni kukaNkulunkulu ukuze enze umsebenzi wokwahlulela kuletha kanjani isiphelo senkolo yesintu ngalo Nkulunkulu ongakacaci kahle kanye nenkathi yokumnyama yokubusa kukaSathane?

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“Futhi kuyakuthi ngezinsuku zokugcina intaba yendlu yeNKOSI imiswe esiqongweni sezintaba, futhi iphakame ngaphezu kwamagquma; nezizwe zonke ziyakugobhozela khona. Futhi abantu abaningi bayakuhamba, futhi bathi, Wozani sikhuphukele entabeni yeNKOSI, endlini kaNkulunkulu kaJakobe; futhi uyakusifundisa izindlela zakhe, futhi sihambe emikhondweni yakhe: ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni, nezwi leNKOSI eJerusalema. Futhi uyakwahlulela phakathi kwezizwe, anqume phakathi kwabantu abaningi: futhi bayakukhanda izinkemba zabo zibe ngamakhuba, nemikhonto yabo ibe ngocelemba: isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa. Wena ndlu kaJakobe, woza, bese sihamba ekukhanyeni kweNKOSI” (Isaya 2:2-5).

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Ukufika kukaNkulunkulu osesimweni somuntu ezinsukwini zokugcina sekulethe isiphetho seNkathi Yomusa. Ufike ikakhulukazi ukuzokhuluma amazwi akhe, ukusebenzisa amazwi ukuphelelisa umuntu, ukukhanyisa nokukhanyisela umuntu, nokususa indawo kaNkulunkulu ongaqondakali enhliziyweni yomuntu. Lokhu akusona isigaba somsebenzi owenziwa nguJesu ngesikhathi efika. Lapho uJesu efika, wenza izimpawu eziningi, wasindisa abagulayo futhi wakhipha amadimoni, futhi wenza umsebenzi wokuhlenga ngokubethelwa. Ngenxa yalokho, emicabangweni yakhe, umuntu ukholwa ukuthi uNkulunkulu kufanele abe njalo. Ngoba ngesikhathi uJesu efika, akawenzanga umsebenzi wokususa umfanekiso kaNkulunkulu ongacacile enhliziyweni yomuntu; lapho efika, wabethelwa, wasindisa abagulayo waphinde wakhipha amadimoni, futhi wasabalalisa ivangeli lombuso wasezulwini. Ohlangothini olulodwa, ukuthatha kukaNkulunkulu isimo somuntu ezinsukwini zokugcina kususa indawo ephethwe nguNkulunkulu ongacacile emicabangweni yabantu, ukuze ungabe usaba khona umfanekiso kaNkulunkulu ongacacile enhliziyweni yomuntu. Ngamazwi nomsebenzi wakhe uqobo, ukuhamba Kwakhe kuzo zonke izindawo nomsebenzi ongokoqobo nojwayeleke ngokumangazayo awenza phakathi kwabantu, wenza ukuthi umuntu azi ubunjalo bukaNkulunkulu, futhi asuse indawo kaNkulunkulu ongacacile enhliziyweni yomuntu. Kolunye uhlangothi, uNkulunkulu usebenzisa amazwi akhulunywa inyama Yakhe ukwenza umuntu aphelele, nokufeza zonke izinto. Lona umsebenzi uNkulunkulu azowufeza ezinsukwini zokugcina.


kwesithi “Ukwazi Umsebenzi kaNkulunkulu Namhlanje” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kunamuhla kuphela, lapho ngiza khona ngoKwami phakathi kwabantu ngikhulume amazwi Ami, ukuthi umuntu unolwazi oluncane Ngami, basusa indawo “Yami” emicabangweni yabo, kunalokho bazakhele indawo kaNkulunkulu owenzayo ngokwazi kwabo. Umuntu unemicabango kanti ugcwele ilukuluku lokwazi okufihlekileyo; ubani ongethande ukubona uNkulunkulu? Ubani ongethande ukuhlangana noNkulunkulu? Kodwa into yinye ethole indawo eqinisekayo enhliziyweni yomuntu uNkulunkulu lowo umuntu amuzwa engabonakali futhi engaphatheki. Ubani obengakubona lokhu uma ngabe bengingamtshelanga ngokusobala? Ubani obezokholwa ngeqiniso ukuthi ngempela ngikhona? Impela ngaphandle kokungabaza nakancane? Kunomehluko omkhulu phakathi kokuba khona “Kwami” enhliziyweni yomuntu “Nami” uqobo, akekho ongaqhathanisa phakathi kwabo. Uma ngabe ngingazange ngiphenduke inyama, abantu ngabe abangazi, noma ngabe ungazile, belungeke lolo lwazi luhlale lungumqondo nje? …

… Ngenxa yokuthi umuntu walingwa waze woniwa uSathane, ngoba uthathekiswe wukucabanga kwemiqondo, Ngibe yinyama ukuze nginqobe ngoKwami bonke abantu, ukuveza yonke imicabango yomuntu, nokuklebhula ukucabanga komuntu. Ngenxa yalokho, umuntu akasabukisi phambi Kwami, futhi akasangikhonzi esebenzisa imicabango yakhe, ngakho “uMina” emqondweni womuntu uchithwe ngokupheleleyo.


kwesithi “Izwi Leshumi Nanye” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ekwakhiweni kombuso ngasebenza ngobuNkulunkulu Bami ngqo futhi ngavumela abantu ukuthi bazi ukuthi nginani futhi basusele olwazini lwamazwi Ami, okwagcina ngokuthi kubavumele ukuthi bathole ulwazi Ngami osenyameni. Ngakho kuqeda ukulangazelela kwesintu sisonke sifuna uNkulunkulu ongacacile futhi kuqede indawo "kaNkulunkulu osezulwini" enhliziyweni yomuntu, okusho ukuthi, kuvumela umuntu ukuthi azi ngezenzo Zami ngisenyameni Yami, ngakho ngiphothule isikhathi Sami emhlabeni.


kwesithi “Izwi Lesishiyagalombili” Lamazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kubo bonke labo abaphila enyameni, ukuguqula isimo sabo kudinga ukuthi babe nemigomo yokulandelwa, futhi ukwazi uNkulunkulu kudinga ukuba ukufakaza ngezenzo Zakhe zangempela nobuso Bakhe bangempela. Kokubili lokhu kungafezwa ngenyama kaNkulunkulu osesimweni somuntu kuphela, futhi kokubili kungafezwa kuphela ngenyama evamile nengokoqobo. Yingakho ukuba sesimweni somuntu kudingekile, futhi yikho okwenza adingwe yiso sonke isintu esikhohlakele. Njengoba abantu kudingeka ukuthi bazi uNkulunkulu, izithombe zoNkulunkulu abangaqondakali futhi abanamandla angaphezu kwemvelo kumele zixoshwe ezinhliziyweni zabo, futhi njengoba kudingeka ukuba balahle isimo sabo esikhohlakele, kumele bazi kuqala isimo sabo esikhohlakele. Uma umuntu enza kuphela umsebenzi ngenjongo yokuxosha izithombe zoNkulunkulu abangaqondakali ezinhliziyweni zabantu, ngeke-ke aphumele ukufeza umphumela ocacile. Izithombe zoNkulunkulu abangaqondakali abasezinhliziyweni zabantu azinakwembulwa, zisuswe noma zixoshwe ngokuphelele ngamazwi kuphela. Ngokwenza kanjalo, ekugcineni kuyoba yinto engenakwenzeka ukukhipha lezi zinto ezijulile kubantu. UNkulunkulu ongokoqobo kuphela nesithombe sangempela sikaNkulunkulu okungangena esikhundleni salezi zinto ezingaqondakali nezinamandla angaphezu kwavamile ukwenza abantu ukuba bamazi kancane kancane, futhi lokhu kungafezwa ngale ndlela kuphela. Umuntu uyabona ukuthi uNkulunkulu ayemfuna ngezinye izikhathi ezedlule akaqondakali futhi unamandla angaphezu kwavamile. Into engazuza lokhu akukhona ukuhola okuqondile kukaMoya, ingasaphathwa eyezimfundiso zomuntu, kodwa uNkulunkulu osesimweni somuntu. Imicabango yomuntu isala ngemuva lapho uNkulunkulu osesimweni somuntu esenza umsebenzi Wakhe, ngoba ukuvama nokuba ngokoqobo kukaNkulunkulu osesimweni somuntu kungqubuzana nonkulunkulu abangaqondakali nabanamandla angaphezu kwavamile abasezingqondweni zabantu. Umcabango oyiwona womuntu ungembulwa kuphela ngokuthi uqhathaniswe noNkulunkulu osesimweni somuntu. Ngaphandle kokumqhathanisa noNkulunkulu osesimweni somuntu, imicabango yomuntu ayisobe yembulwa; ngamanye amazwi, ngaphandle kokuqhathanisa, ukuba ngokoqobo kwezinto ezingaqondakali akusobe kwembulwa. Akekho okwazi ukusebenzisa amazwi ukuze enze lo msebenzi, futhi akekho okwazi ukucacisa lo msebenzi esebenzisa amazwi. NguNkulunkulu kuphela ongenza umsebenzi Wakhe, futhi akekho omunye ongenza lo msebenzi esikhundleni Sakhe. Akunandaba ukuthi ulimi olukhulunywa umuntu lucebe kangakanani, ngeke akwazi ukuveza ukuba ngokoqobo nokuvama kukaNkulunkulu. Umuntu uNkulunkulu angamazi kangcono, futhi ambone ngokucacile, uma uNkulunkulu esebenza Yena mathupha phakathi kwabantu futhi aveze indlela abukeka ngayo nesiqu Sakhe. Lokhu ngeke kufezwe yinoma imuphi umuntu wenyama. Empeleni, uMoya kaNkulunkulu nawo awukwazi ukufeza lokhu.


kwesithi “Isintu Esikhohlakele Siyidinga Kakhulu Insindiso KaNkulunkulu Obe Inyama” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Lapho uNkulunkulu esebenza enyameni Yakhe, labo abamlandelayo abasagcini nje ngokufuna ngemva kwalezo zinto eziyimfihlakalo nezingaqondakali, futhi bayayeka ukuqagela intando kaNkulunkulu ongaqondakali. … Umuntu akakwazi ukuthinta umoya futhi akawuboni, futhi umsebenzi wenyama awukwazi ukushiya ubufakazi noma amaqiniso ngomsebenzi kaNkulunkulu kumuntu. Umuntu akasoze abone ubuso bangempela bukaNkulunkulu, futhi uyohlala ekholwa kuNkulunkulu ongaqondakali ongekho. Umuntu akasoze abone ubuso bangempela bukaNkulunkulu, futhi ngeke ezwe amazwi uNkulunkulu awakhulume mathupha. Imicabango yomuntu, vele, iyize, ayinakungena esikhundleni sobuso bukaNkulunkulu bangempela; isimo sikaNkulunkulu semvelo, nomsebenzi Wakhe uqobo ngeke umelwe umuntu. UNkulunkulu ongabonakali osezulwini nomsebenzi Wakhe kungalethwa emhlabeni uNkulunkulu osesimweni somuntu kuphela ozenzela mathupha umsebenzi Wakhe phakathi kwabantu. Lena indlela enhle kakhulu uNkulunkulu avela ngayo kubantu, abantu abambona ngayo uNkulunkulu futhi bazi ubuso Bakhe, ngeke kufezwe uNkulunkulu ongekho esimweni somuntu.


kwesithi “Isintu Esikhohlakele Siyidinga Kakhulu Insindiso KaNkulunkulu Obe Inyama ” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngenkathi bonke abantu Bami beba nolwazi olukhulu Ngami emva kokwamukela eNgikukhulumileyo kuyoba yisikhathi lapho beyoNgiphila khona, yisikhathi lapho umsebenzi Wami enyameni uyobe uphelelisiwe khona, futhi yisikhathi lapho ubuNkulunkulu Bami buyophilwa enyameni ngokugcwele. Kulesi sikhathi, bonke abantu bazozama ukuNgazi ngisenyameni, bazobe sebazi ngokweqiniso ukuthi uNkulunkulu uvela esenyameni, nokuthi lokhu kuzobe kuyisithelo. … Ekugcineni, abantu bakaNkulunkulu bazokwazi ukudumisa uNkulunkulu ngokweqiniso, bengaphoqelekile, bedumisa ngendumiso evela ezinhliziyweni zabo. Yilokhu okusenhliziyweni kaNkulunkulu ngohlelo Lwakhe lokuphatha lweminyaka eyi-6000. Okungukuthi, kungukubonakaliswa kohlelo lokuphatha leminyaka eyi-6000: ukwenza abantu bonke bazi ukubaluleka kukaNkulunkulu esenyameni—ukubenza bazi ngokubonakalayo uNkulunkulu eba senyameni, okungukuthi, izenzo zikaNkulunkulu esenyameni—ukuze bamphike uNkulunkulu ongacacile, bazi uNkulunkulu ongowanamhlanje, izolo, futhi, okungaphezu kwalokho, nowakusasa, ngeqiniso nangokwempela obe khona kusukela phakade kuya phakade. Yileso sikhathi-ke lapho uNkulunkulu eyothola khona ukuphumula!


kwesithi “Ukuhunyushwa Kwezwi Lesithathu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Into engcono kakhulu ngomsebenzi Wakhe enyameni ukuthi angashiya amazwi anembayo nentando Yakhe ecacile esintwini, kulabo abamlalelayo, ukuze ngemva kwalokho abalandeli Bakhe badlulise ngokunembayo wonke umsebenzi Wakhe wenyama nentando Yakhe kuso sonke isintu kulabo abayemukelayo le ndlela. Umsebenzi kaNkulunkulu wasenyameni kuphela phakathi kwabantu ofeza iqiniso lobukhona nokuhlala phakathi kwabantu kukaNkulunkulu. Yilo msebenzi kuphela ogcwalisa isifiso somuntu sokubona ubuso bukaNkulunkulu, ofakaza ngomsebenzi kaNkulunkulu, futhi uzwe izwi loqobo likaNkulunkulu. UNkulunkulu osesimweni somuntu uqeda inkathi lapho isintu sabona kuphela umhlane kaJehova, bese uqeda nenkolo yesintu kuNkulunkulu ongaqondakali. Ikakhulu, umsebenzi kaNkulunkulu wokugcina osesimweni somuntu uletha sonke isintu enkathini enokwangempela, enobuqobo, futhi ejabulisayo. Akagcini nje ngokuphothula inkathi yomthetho nemfundiso; okubaluleke nakakhulu, wembula esintwini uNkulunkulu ongowempela, ojwayelekile, olungile futhi ongcwele ovula umsebenzi wohlelo lokuphatha, aveze izimfihlakalo nesiphetho sesintu, owadala isintu futhi oqeda umsebenzi wokuphatha futhi obezifihlile izinkulungwane zeminyaka. Uletha inkathi yezinto ezingaqondakali ekupheleni, uphothula inkathi isintu esifisa ngayo ukubona ubuso bukaNkulunkulu kodwa singakwazi, uqeda inkathi isintu esikhonza ngayo uSathane, futhi aholele sonke isintu enkathini entsha. Konke lokhu kuwumphumela womsebenzi kaNkulunkulu enyameni esikhundleni sikaMoya kaNkulunkulu.


kwesithi “Isintu Esikhohlakele Siyidinga Kakhulu Insindiso KaNkulunkulu Obe Inyama” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Namuhla uNkulunkulu ubeka phakathi kwabantu ngenhloso yokuguqula imicabango nomoya wabo kanye nomfanekiso kaNkulunkulu ezinhliziyweni zabo ababe nawo izinkulungwane zeminyaka. Ngaleli thuba, uyomphelelisa umuntu. Okusho ukuthi, ngolwazi lomuntu uyoyishintsha indlela abamazi ngayo nombono wabo Ngaye, ukuze ulwazi lwabo luqale kabusha, nezinhliziyo zabo zivuselelwe futhi ziguqulwe. Ukusebenzelana nokuyala kuyizindlela, kuyilapho ukunqoba nokwenziwa musha kuyimigomo. Ukuqeda ngemicabango engemihle yomuntu, kuxosha uNkulunkulu oyinqaba futhi bekulokhu kuyinhloso kaNkulunkulu, futhi muva nje kube into ephuthumayo Kuye. Ngithemba ukuthi bonke bazocabangisisa ngalokhu.


kwesithi “Umsebenzi Nokungena (7)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Injongo yokufika kukaNkulunkulu enyameni ikakhulukazi, ukwenza ukuba abantu babone imisebenzi yangempela kaNkulunkulu, ukunikeza isiqu uMoya ongenasimo enyameni, kanye nokuvumela abantu ukuba bambone futhi bamthinte. Ngale ndlela, labo abapheleliswe Nguye bazophila ubuyena, bazozuzwa Nguye, futhi babe ngabenhliziyo Yakhe. Ukuba uNkulunkulu wayekhulume ezulwini kuphela, futhi wangeza ngempela emhlabeni, abantu bebezolokhu bengakwazi ukumazi uNkulunkulu, bebezokwazi kuphela ukushumayela imisebenzi kaNkulunkulu besebenzisa okucatshangiwe okungenalutho, futhi bebengeke babe namazwi kaNkulunkulu njengeqiniso. Injongo kaNkulunkulu ngokuza emhlabeni ukwenza njengesibonelo kanye nesifanekiso salabo abazozuzwa uNkulunkulu; kungale ndlela kuphela lapho abantu bengazi khona uNkulunkulu ngempela, futhi bamthinte uNkulunkulu, futhi bambone, kulapho kuphela bengakwazi ukuzuzwa ngeqiniso uNkulunkulu.


kwesithi “Kumele Wazi Ukuthi UNkulunkulu Wokoqobo NguNkulunkulu Uqobo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umuntu uzongabi nemvelo enesono uma esecwengiwe, ngoba uNkulunkulu uzobe esemnqobile uSathane, okusho ukuthi ngeke kube khona ukuphazamisa kwamandla anobutha, futhi azobe engekho amandla anobutha angahlasela inyama yomuntu. Ngakho umuntu uzobe ekhululekile futhi engcwele—uzobe esengene kwiphakade. Uma kuphela amandla anobutha obumnyama eseboshiwe, ilapho umuntu ezobe ekhululekile konke lapho eya khona, futhi ngaphandle kokudlubulunda noma ukuphikisana. USathane kufanele ukuthi aboshwe nje, ukuze umuntu zimhambele kahle izinto; namhlanje izinto azimhambeli kahle ngoba [a] uSathane usavusa uthuthuva yonke indawo emhlabeni, futhi nangenxa yokuthi umsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha wonke awukafiki ekugcineni kwawo. Uma uSathane esenqotshiwe, umuntu uzobe esekhululekile ngokuphelele; uma umuntu ezuza uNkulunkulu futhi ephuma ngaphansi kwamandla kaSathane, uyobona iLanga lokulunga. Impilo efanele umuntu ojwayelekile izobe seyizuzekile futhi; konke okufanele kube ngokomuntu ojwayelekile—njengekhono lokuhlukanisa phakathi kokubi nokuhle, nokuqonda ukuthi kufanele sidle futhi sigqoke kanjani, nekhono lokuphila ngokujwayelekile—konke lokhu kuzobe sekutholakele futhi. Noma u-Eva wayengazange alingwe inyoka, umuntu bekufanele ngabe ubenale mpilo ejwayelekile emuva kokuba esedaliwe ekuqaleni. Bekufanele ngabe wadla, wagqoka, futhi waphila impilo yomuntu ejwayelekile emhlabeni. Kepha emuva kokuba umuntu esonakele, le mpilo yaphenduka iphupho elingenakufezeka, futhi kuze kube inamuhla umuntu akalokothi acabange ngamehlo engqondo izinto ezinjengalezi. Empeleni, le mpilo enhle umuntu ayilangazelelayo, iyisidingo: Ukube umuntu ubengenaso isiphetho esinje, impilo yakhe eyonakele emhlabeni beyingeke ikhawuke, futhi ukuba beyingekho impilo enhle kangaka, bekungeke kube khona isiphetho ngomphumela kaSathane noma isiphetho kule nkathi lapho uSathane ebusa khona emhlabeni. Umuntu kufanele afike embusweni lapho amandla obumnyama engenakufinyelela khona, futhi lapho efika khona, lokho kuyofakazela ukuthi uSathane usehluliwe. Ngale ndlela, uma kungasekho kuthikamezeka nguSathane, uNkulunkulu Uqobo Lwakhe uyolawula isintu, futhi uyoyala aphinde alawule impilo yomuntu yonke; yilokhu kuphela okuyoba ukuhlulwa kukaSathane.


kwesithi “Ukubuyisela Impilo Ejwayelekile Yomuntu Nokumhambisa Endaweni Emangalisayo Okuphokophelwe Kuyo” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Emva kokupheleliswa kwamazwi Ami, umbuso uyasunguleka kancane kancane emhlabeni nomuntu kancane kancane ubuyela esimweni esijwayelekile, ngalokho kusunguleka emhlabeni umbuso enhliziyweni Yami. Embusweni, bonke abantu bakaNkulunkulu babuyelwa yimpilo yomuntu ejwayelekile. Ubusika sebudlulile, kwangena intwasahlobo yomhlaba, lapho okuba yintwasahlobo unyaka wonke. Abantu abasabhekene nezwe lomuntu elidangele, elidabukisayo, abasabekezeleli umoya obandayo womhlaba womuntu. Abantu abalwi bodwa, amazwe awahlomiselani izimpi, azisekho nezingozi negazi eligobhoza ngenxa yezingozi; umhlaba wonke ugcwele injabulo, yonke indawo kugcwele imfudumalo phakathi kwabantu. Ngihamba umhlaba wonke, ngithokoza ngiphezulu esihlalweni Sami soBukhosi, ngihlala nezinkanyezi. Izingelosi zinginikeza amaculo nokugiya okusha. Ukuchoboka/ukuzwela kwazo akusenzi ukuthi kugobhoze izinyembezi ebusweni bazo. Manje, phambi Kwami, angisezwa msindo wezingelosi zikhala, futhi akekho nokhalaza ngobunzima Kimi.


kwesithi “ Izwi Lamashumi Amabili” Lamazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Lapho bonke abantu sebephelelisiwe nazo zonke izizwe zomhlaba seziwumbuso kaKristu, kuyobe sekuyisikhathi-ke sokuduma kwamazulu ayisikhombisa. Usuku lwanamuhla luyigxathu eliya phambili endleleni eya kuleso sigaba, ukuhlasela sekudedelwe esikhathini esizayo. Lolu wuhlelo lukaNkulunkulu—esikhathini esiseduze luyofezeka. Kodwa, uNkulunkulu usekufezile konke akusho. Kanjalo, kusobala ukuthi izizwe zomhlaba ziyizinqaba nje ezisehlabathini eziqhaqhazelayo ngenkathi kusondela umsinga ophakeme. Usuku lokugcina luyasondela nodrako omkhulu obomvu uyoketuka awe ngaphansi kwezwi likaNkulunkulu. Ukuqinisekisa ukuthi uhlelo lukaNkulunkulu lwenzeka ngempumelelo, izingelosi zezulu sezehlele emhlabeni, zenza konke ezingakwenza ukwanelisa uNkulunkulu. UNkulunkulu ngokwakhe osesimweni somuntu usenikele enkundleni yempi ukuhlasela isitha. Noma yikuphi lapho kuvela khona ukuba sesimweni somuntu, isitha siyabulawa kuleyo ndawo. IChina ngeyokuqala ukushabalaliswa, ibhidlizwa yisandla sikaNkulunkulu. UNkulunkulu akayiniki thuba iChina. Ubufakazi bokuqhubeka kokuwa kukadrako omkhulu obomvu bubonakala ekuqhubekeni kokuvuthwa kwabantu. Lokhu ngokusobala kubonwa yinoma ngubani. Ukuvuthwa kwabantu kuwuphawu lokushabalala kwesitha. Lokhu kuyincazelo encanyana yalokhu okuqondiwe “ngokwenza impi.”


kwesithi “Ukuhunyushwa Kwezwi Leshumi” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Lo msebenzi kumele ufezwe ngokuba uNkulunkulu aphakamise izinhlekelele ezinhlobonhlobo emhlabeni. Kodwa uNkulunkulu ngeke avele; ngoba, ngalesi sikhathi, isizwe sikadrako omkhulu obomvu sisazobe siyizwe lobubi, uNkulunkulu ngeke avele, kodwa uzovela ngokusola. Leso yisimo sabalungileyo bakaNkulunkulu, akekho noyedwa ongaphunyula kuso. Ngalesi sikhathi, bonke abahlezi esizweni sikadrako omkhulu obomvu bazohlushwa ngenhlekelele, ngokwemvelo ezofaka phakathi umbuso wasemhlabeni (ibandla). Lesi yiso isikhathi sempela lapho amaqiniso ezovela khona, futhi ngalokho azozwiwa yibo bonke abantu, akekho ozophunyula. Lokhu kunqunyelwe kusengaphambili nguNkulunkulu. Kungenxa yalesi sinyathelo ukuba uNkulunkulu athi, “Manje sekuyisikhathi sokwenza okuningi kwamathalenta omuntu.” Ngoba, esikhathini esizayo, akunakuba khona libandla emhlabeni, nangenxa yenhlekelele, abantu abakwazi ukucabanga ngenye into, kulukhuni futhi ukuba bajabulele ubukhona bukaNkulunkulu bephakathi enhlekeleleni, ngakho, abantu bacelwa ukuba bathande uNkulunkulu ngenhliziyo yabo yonke esikhathini lesi esihle, ukuze bangalahlekelwa yithuba. Ngokudlula kwaleli qiniso, uNkulunkulu umahlulile udrako omkhulu obomvu, ngalokho futhi umsebenzi wobufakazi babantu ngoNkulunkulu ufike esiphelweni; emva kwalokho uNkulunkulu uzoqala isinyathelo esilandelayo somsebenzi, ebeka okungasadingeki ezweni likadrako omkhulu obomvu, bese kuthi ekugcineni abethele abantu emhlabeni wonke ebabhekise phansi esiphambanweni, emva kwalokho uzoshabalalisa sonke isintu—lezi yizinyathelo zesikhathi esizayo somsebenzi kaNkulunkulu.


kwesithi “Ukuhunyushwa Kwezwi Lamashumi Amane Nambili” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Lapho izizwe nabantu bomhlaba wonke bebuyela phambi kwesihlalo Sami sobukhosi, ngizothatha izinto zasezulwini eziningi ngizilethe emhlabeni wabantu, ukuze, ngenxa Yami, ugcwale izinto eziningi ezingenakuqhathaniswa. Uma nje izwe elidala lisekhona, ngizokwehlisela intukuthelo Yami ezizweni zalo, ngenze imbulunga yonke yazi imithetho Yami yokuphatha, futhi ngisole noma ubani oyiphulayo:

Njengoba ngiphendulela ubuso Bami embulungeni ukuba ngikhulume, wonke umuntu uyalizwa izwi Lami, futhi abone yonke imisebenzi engiyenzile embulungeni yonke. Labo abaphikisana nentando Yami, okusho ukuthi, abaphikisana Nami ngokwenza imisebenzi yabantu, bazowela ekusoleni Kwami. Ngizothatha izinkanyezi ezingenakubalwa zamazulu ngizenze kabusha, futhi ngenxa Yami ilanga nenyanga kuzovuselelwa isibhakabhaka ngeke sisaba yilokho ebesiyikho; okuningi okusemhlabeni kuzovuselelwa. Konke kuzophelela ngamazwi Ami. Izizwe eziningi ezisemhlabeni zizohlukaniswa kabusha futhi zithathelwe indawo yisizwe Sami, ukuze izizwe eziphezu komhlaba zishabalale phakade futhi zibe yisizwe esikhonza Mina; zonke izizwe zomhlaba zizobhujiswa, futhi ngeke zisaba khona. Ebantwini abasemhlabeni, bonke labo abangabakasathane bazoqothulwa; bonke abakhonza kuSathane bazofakwa ekujuleni komlilo Wami ovuthayo—okusho ukuthi, ngaphandle kwalabo manje abasendleleni ewumngcingo, bonke abanye bazophenduka umlotha. Lapho ngisola abantu abaningi, labo abasemhlabeni wezinkolo, ngokwamazinga ahlukahlukene, bazobuyela embusweni, benqotshwe yimisebenzi Yami, nabangaphansi kwezinkolo ezithile, ngoba bayobe bekubonile ukuza koNgcwele ephezu kwefu elimhlophe. Bonke abantu beyolandela izinhlobo zabo, futhi bayothola ukusolwa ngokwalokho abakwenzile. Bonke labo abaye bamelana Nami bazoshabalala bonke; futhi labo abazenzo zabo zasemhlabeni bezingahlangani ndawo Nami, ngenxa yendlela abaziphathe kahle ngayo, bazoqhubeka nokuhlala emhlabeni ngaphansi kokubusa kwamadodana Ami nabantu Bami. Ngizozembula ebantwini abaningi nasezizweni eziningi, ngomsindo wezwi Lami emhlabeni wonke ukuze ngimemezele ukuphela komsebenzi Wami omkhulu ukuze bonke abantu babone ngamehlo abo.


kwesithi “ Izwi Lamashumi Amabili Nesithupha” Lamazwi kaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Umbhalo ongezansi:

a. Umbhalo wasekuqaleni uthi “namuhla, kungoba.”

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana