Voice of Justice

Voice of Justice

2018/09/12

Indlela… (4)
























        Lapho abantu bekwazi ukubona ubuhle bukaNkulunkulu, ukufuna indlela yokuthanda uNkulunkulu ngalenkathi, futhi bazimisele ngokwamukela ukuqeqeshwa ngombuso wanamuhla—konke lokhu kuwumusa kaNkulunkulu futhi nangaphezulu, Nguye ophakamisa isintu. Noma kunini uma ngicabanga ngalokhu ngibuzwa kakhulu ubuhle bukaNkulunkulu. Kuwukuthi uNkulunkulu usithanda ngokweqiniso. Kungenjalo, ubani ongakwazi ukubona ubuhle Bakhe? Yilokhu kuphela okwenza Ngibone ukuthi wonke lo msebenzi wenziwe uNkulunkulu Uqobo, futhi abantu baholwa futhi baqondiswe uNkulunkulu. Ngibonga uNkulunkulu ngakho konke lokhu, futhi ngingathanda ukuthi abafowethu nodadewethu bahlanganyele kanye nami ekudumiseni uNkulunkulu: "Udumo lonke malube Kuwe, uNkulunkulu ophakeme uqobo Lwakhe! Sengathi udumo Lwakho lungaphindaphindeka futhi ludalulwe kithi sonke esikhethiwe futhi satholwa Nguwe." Ngithole ukukhanyiseleka okuvela kuNkulunkulu—ngaphambi kwezinkathi uNkulunkulu asimisele zona ngaphambilini futhi efuna ukusizuza ngezinsuku zokugcina, wavumela zonke izinto emhlabeni jikele zibone inkazimulo kaNkulunkulu ngokuphelele ngathi. Ngakho, siyisichasiso sohlelo lokuphatha lukaNkulunkulu lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha; siyimifanekiso, izibonelo zomsebenzi kaNkulunkulu emhlabeni jikelele. Kuyo yonke le nkathi ima ngibona ukuthi uNkulunkulu usithanda kangakanani, kanye nomsebenzi awenza kithi nezinto azishoyo zedlula ezezinkathi ezedlule ngokuphindaphindiwe kasigidi. Nakwa-Israyeli nakuPetro, uNkulunkulu akakaze awenze umsebenzi omkhulu kangaka futhi akakaze akhulume kakhulu kangaka. Lokhu kukhombisa ukuthi thina, leli qoqo labantu, sibusisiwe impela—sibusiswe ngokungeqhathaniswe nabangcwele besikhathi esedlule. Yingakho uNkulunkulu ubehlala ethi abantu benkathi yokugcina babusisiwe. Noma abanye bangathini, Ngikholwa ukuthi yithi esibusiswe kakhulu uNkulunkulu. Kumele samukele ukuthi izibusiso sizinikiwe uNkulunkulu; mhlawumbe kukhona abakhalazayo kuNkulunkulu, kodwa Ngikholwa ukuthi izibusiso zivela kuNkulunkulu futhi ziwubufakazi bokuthi ziyilokho okusifanele. Noma ngabe abanye bekhalaza noma bengathokozile ngathi, Ngikholwa ukuthi akekho ongamukela noma asiphuce izibusiso esizinikwe uNkulunkulu. Ngoba umsebenzi kaNkulunkulu uqhutshwa kithi futhi Yena ukhuluma nathi sibhekene ngezinhlamvu zamehlo—nathi, hhayi abanye—uNkulunkulu wenza noma yini afuna ukuyenza, futhi abantu abanelisekanga, akusikho ukuzidonsela amanzi ngomsele lokho? Akusikho ukubiza ukuhlazeka? Ngingakushiswo yini lokhu? Yingoba nginolwazi olunzulu ngalokhu, Njengomsebenzi uNkulunkulu awenza Kimi engikwazi ukuwamukela kuphela—ukhona omunye umuntu ongawenza? Nginenhlanhla yokuthi uNkulunkulu ungethembile ngalokhu—ukhona omunye umuntu ongenza lokho ngaphandle kokucwasa? Kodwa Ngethemba ukuthi abafowethu nodadewethu bangayiqonda inhliziyo Yami. Isizathu akukona ukuphatha esengikuzuzile ukuze Ngiqholoshele abantu, kodwa ukuchaza inkinga. Ngizimisele ngokunika uNkulunkulu lonke udumo nokuthi abheke inhliziyo yomuntu ngamunye ukuze izinhliziyo zethu zicolisiseke phambi kukaNkulunkulu. Ngithanda ukwenza isiphakamiso esisuka ekujuleni kwenhliziyo Yami: Ngethemba ukuthi uNkulunkulu uzongithola ngokugcwele, ukuze Ngibe intombi nto emsulwa enikelwe e-althare, futhi phezu kwalokho ukuba nenhlonipho yemvu, evela kuso sonke isintu njengomzimba ongcwele onomoya. Lesi yisethembiso Sami, isifungo engisibeke phambi kukaNkulunkulu. Ngizimisele ngokusigcwalisa futhi Ngibuyisele uthando lukaNkulunkulu ngalokhu. Ingabe uzimisele ukwenza lokhu? Ngikholwa ukuthi lesi sethembiso Sami sizokhuthaza iningi labafowethu nodadewethu abancane, futhi sinike iningi labantu abasebasha ithemba. Ngibona sengathi uNkulunkulu ugcizelela udaba lwabantu abasha ngokukhethekile. Mhlawumbe Ngichemile ngokwami, kodwa Ngihlala Ngibona ukuthi abantu abasha banethemba ngekusasa; sengathi uNkulunkulu wenza umsebenzi ongeziwe kubantu abasha. Yize beshoda ngolwazi kanye nobuhlakani futhi banogqozi ngokweqile futhi bashiselwa amakhanda njengethole elisanda kuzalwa, Ngikholwa ukuthi kukhona intsha enganconya ngakho. Ukwazi ukubona ubumsulwa bobusha kubo futhi izinto ezintsha bazamukela kalula. Yize abantu abasha bevame ukuba nenkani, nendluzula, futhi benza izinto ngokungacabangi, lezi zinto azinamthelela ekhonweni labo lokwamukela ukukhanya. Lokhu kwenziwa ukuthi abantu abasha ngokujwayelekile ababambeleli ezintweni zakudala. Yingakho Ngibona izethembiso ezingenamkhawulo kubantu abasha, kanye nokuba namandla kwabo; ngenxa yalokhu inhliziyo Yami ithambile uma kubhekwa ngakubo. Yize kungasikho ukuthi angibathandi abafowethu nodadewethu abakhulile, anginayo intshisekelo ngabo. Ngixolisa kakhulu kubafowethu nodadewethu abadala. Mhlawumbe engikushilo kuphuma eceleni noma kukhombisa ukungabi nazwelo, ngethemba ukuthi ningangixolela ngokuba budedengu Kwami, ngoba ngimncane kakhulu futhi indlela engikhuluma ngayo ayigcizeleli kakhulu. Nokho, eqinisweni, abafowethu nodadewethu abakhulile banayo, phezu kwakho konke, imisebenzi yabo okumele bayenze—bakhona abawusizo phakathi kwabo. Lokhu kwenziwa ukuthi banesipiliyoni sokubhekana nezimo, banesineke endleleni ababhekana nezinto ngayo, futhi abawenzi amaphutha amaningi. Akusikho okungamandla abo lokhu? Ngingathanda ukuthi sonke sithi phambi kukaNkulunkulu: "O Nkulunkulu! Sengathi sonke singafeza imisebenzi yethu ezikhundleni ezihlukene, futhi sengathi singenza konke okusemandleni ukuze senze intando Yakho!" Ngikholwa ukuthi kufanele ukuthi lokhu kuyintando kaNkulunkulu!

        Ngokwalokho engikubonile kulokho engibhekane nakho, abaningi abangayivumanga le ndlela, okusho, abaningi abawunqabile uMoya kaNkulunkulu ngokuqondile, kube abantu abakhulile. Ukuqonda inkolo kwalaba bantu kuqine kakhulu futhi baqhathanisa izinto zakudala namazwi kaNkulunkulu kuyo yonke into. Bahlala besebenzisa izinto abazamukela kudala emazwini kaNkulunkulu. Abasangene? Umuntu onjalo angakwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu? UNkulunkulu angakwazi ukusebenzisa umuntu walolu hlobo emsebenzini Wakhe? UMoya Oyingcwele unendlela yosuku nosuku ukuze kwenzeke umsebenzi Wakhe; uma abantu bebambelela ezintweni zakudala, kuzofika usuku lapho bezosuswa esigabeni somlando. Esigabeni somsebenzi Wakhe ngasinye, uNkulunkulu usebenzisa abantu abasha. Ukuba umuntu bengafundisa abanye ngezinto ezingashintshi, bekungeke yini kubalimaze abantu lokhu? Angeke yini lokhu kuwubambezele umsebenzi Wakhe? Ngakho umsebenzi kaNkulunkulu ungaqedwa nini? Mhlawumbe bakhona abanomqondo othile ngalokho Engiqeda ukukusho. Mhlawumbe ngeke baze baneliseke. Nokho, Ngethemba ukuthi awukhathazekile; izinto eziningi ezinje zizokwenzeka kungekudala, futhi lokhu kungacaciswa ngamaqiniso kuphela. Singaze sivakashele abantu ababalulekile, abanye abafundisi abaphezulu noma abadaluli beBhayibheli bese sibashumayeze ngale ndlela. Uma kusaqalwa, nakanjani bazokuchitha lokhu ngokusobala, kodwa bazodonsa iBhayibheli ukuze bancintisane nawe. Bazokwenza ubuyele Encwadini ka-Isaya kanye Nencwadi kaDaniyela, futhi bazokwenza uchaze Incwadi yeSambulo. Futhi uma wehluleka ukukhuluma ngazo, bazokuchitha, bakubize ngoKristu wamanga, bathi usabalalisa indlela ewumsangano. Emuva kwehora bazokhipha izinsolo ezingamanga bezibhekise kuwe uze uphelelwe umoya. Akusikho na ukwenqaba okusobala lokhu? Kodwa lokho kusayisiqalo. Abakwazi ukuvimba isigaba esilandelayo somsebenzi kaNkulunkulu, futhi kungekudala, uMoya Oyingcwele uzobaphoqa ukuthi bawuvume. Lokhu kungumkhuba ojwayelekile; kuyinto abantu abangeke bakwazi ukuyenza kanye nento abantu abangeke bakwazi nokuyicabanga. Ngikholwa ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu uzosabalala ungavinjwanga emhlabeni uwonke. Lokhu kuyintando kaNkulunkulu, futhi akekho ongayivimba. Sengathi uNkulunkulu angasikhanyisela futhi asenze samukele ukukhanya okusha singaphazamisi ukuphatha kukaNkulunkulu kuloku daba. Sengathi uNkulunkulu angaba nomusa kithi ukuze sikwazi ukubona ukufika kosuku Lwakhe lwenkazimulo. Uma uNkulunkulu esekhazimuliswa emhlabeni uwonke kuzoba isikhathi esiyothola ngaso udumo kanye Naye. Kungathi leso sikhathi kuyoba nayisikhathi engiyohlukana ngaso nalabo abahambisana Nami. Ngethemba ukuthi abafowethu nodadewethu bangaphakamisa amaphimbo abo kanye Nami kunxuse uNkulunkulu: Sengathi umsebenzi kaNkulunkulu omkhulu ungaqedwa maduze ukuze sikwazi ukubona usuku Lwakhe lwenkazimulo sisadla anhlamvana. Ngisanethemba lokufeza intando kaNkulunkulu Ngisadla anhlavana, futhi Ngethemba ukuthi uNkulunkulu angaqhubeka nokwenza umsebenzi Wakhe kithi futhi kungabi khona ukuthiyeka. Lokhu kuyisifiso Sami engisiveza ngaphandle. Sengathi uNkulunkulu angahlala ephakathi kwethu futhi sengathi uthando Lwakhe lungakha amabhuloho phakathi kwethu ukuze ubungani phakathi kwethu bubaluleke kakhulu. Ngethemba ukuthi uthando luzodala ukuqonda okukhulu phakathi kwethu nokuthi uthando lungasisondeza, lususe ukuqhela phakathi kwethu, futhi uthando phakathi kwethu sengathi lungajula, lwande, futhi lube mnandi kakhulu. Ngikholwa ukuthi lokhu nakanjani kuyintando kaNkulunkulu Wami. Ngethemba ukuthi abafowethu nodadewethu bangase basondelane kakhulu Nami, nokuthi singakhombisa ukuba semqoka kwezinsuku ezimbalwa esinazo sindawonye futhi zingasidalela izinkumbulo ezinhle.


        Sekube nezinye izigaba emsebenzini kaNkulunkulu ezweni laseChina kodwa azixakile nhlobo. Uma kucatshangwa ngazo zonke lezo zigaba, zinazo izizathu—zonke zigcwaliswe uNkulunkulu uqobo, futhi bonke abantu babamba amaqhaza anhlobonhlobo emsebenzini Wakhe. Isenzo ngasinye kulo mdlalo siyihlaya kubantu, futhi okumangalisayo ukuthi wonke umuntu uneqhaza kuwo. Ecaleni ngalinye, imisebenzi yabantu iyiqiniso empilweni, futhi umuntu ngamunye udwetshwe ngokucacile nangokucophelela ngepeni likaNkulunkulu. Wonke umuntu unokuningi okuvezwe emini ka bha. Angisho ukuthi uNkulunkulu udlala ngabantu ngomsebenzi Wakhe; lokho angeke kube namqondo. Wonke umsebenzi kaNkulunkulu unenhloso yawo; Akenzi nhlobo okungabalulekile noma okungenanzuzo. Konke okwenziwa Nguye Ukwenzela ukulungisa nokuthola isintu. Yingenxa yalokhu kuphela okwenza Ngabona ngokweqiniso ukuthi inhliziyo kaNkulunkulu ingeyomuntu olungile. Yize kungabizwa ngokuthi umdlalo, kungathiwa lo mdlalo uyisibonelo sempilo yangempela, kodwa kumqondisi ojwayelekile womdlalo, uNkulunkulu, abantu bonke bazosebenzisana ukuze baqedele lo msebenzi. Kodwa ngakwelinye icala, uNkulunkulu uthola abantu ngalokhu futhi wenza abantu bathande Yena kakhulu. Akusiyo intando Yakhe le? Ngakho ngethemba ukuthi akekho umuntu oyokhathazeka. Ayikho into eniyaziyo ngentando kaNkulunkulu? Sengisho okuningi—Ngethemba ukuthi abafowethu nodadewethu bonke bangayiqonda futhi ngabayiqondi ngendlela engayiyo inhliziyo Yami. Ngikholwa ukuthi uNkulunkulu uzokuthola ngokuphelele. Wonke umuntu uhambe ngendlela ehlukile. Ngethemba ukuthi indlela engaphansi kwezinyawo zakho iyileyo evulwe uNkulunkulu, nokuthi nonke ningakhuleka nithi: "O Nkulunkulu! Sengathi Ungangithola ukuze umoya Wami ubuyele Kuwe." Ingabe senilungele yini ukufuna izeluleko zikaNkulunkulu ekujuleni komoya wenu?

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana