Voice of Justice

Voice of Justice

2018/09/25

7. Kungani kuthiwa izimo ezimbili zikaNkulunkulu esenyameni ziphelelisa ukubaluleka kokuba sesimweni somuntu?

Isiphambano,Amazwi kaNkulunkulu

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

“Kanjalo noKristu wanikelwa kanye ukuba athwale izono zabaningi; futhi kulabo abamfunayo uyakubonakala ngokwesibili ngaphandle kwesono kube ngukusindiswa” (Heberu 9:28).
“Ekuqaleni kwakukhona uLizwi, uLizwi wayenoNkulunkulu, futhi uLizwi wayenguNkulunkulu” (Johane 1:1).

Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:

Ukuba senyameni kokuqala kwakungokokuhlenga isintu esonweni ngomzimba wenyama kaJesu, okuwukuthi, wasindisa umuntu esiphambanweni kodwa isimo sokukhohlakala kukaSathane kwasala kumuntu. Ukuba senyameni kwesibili akuseyikho ukusebenza njengomhlatshelo wesono kodwa ukusindisa ngokugcwele labo ababekhululwe esonweni. Lokhu kwenzelwa ukuba labo abathethelelwe bakhululwe ezonweni zabo futhi bahlanzwe ngokuphelele ukuze bathole ukuguquka esimweni, ngalokho bagqashule ethonyeni lobumnyama bukaSathane babuyele phambi kwesihlalo sikaNkulunkulu. Kungale ndlela kuphela lapho umuntu eyongcweliswa ngokugcwele. UNkulunkulu uqale umsebenzi wensindiso eNkathini Yomusa ngemva kokuphela kweNkathi Yomthetho. UNkulunkulu ngeke aphethe umsebenzi Wakhe wokwahlulela nokusola umuntu ngokuvukela bese engena ekuphumuleni zingakafiki izinsuku zokugcina. Ngakho, ezigabeni ezintathu zomsebenzi, kukabili kuphela lapho uNkulunkulu ebe yinyama khona ukuze azenzele Yena mathupha umsebenzi kubantu. Lokhu kungenxa yokuthi yisigaba esisodwa kuphela ezigabeni ezintathu zomsebenzi esiwukuhola abantu ezimpilweni zabo, ngenkathi lezi ezinye ziwumsebenzi wensindiso. UNkulunkulu angaphila nabantu kuphela lapho eba yinyama futhi akuzwe ukuhlupheka okusemhlabeni, nokuthi aphile enyameni yomuntu ojwayelekile. Kungaleyo ndlela kuphela lapho enganika umuntu oyisidalwa Sakhe izwi elisebenzisekayo alidingayo. Umuntu uthola insindiso egcwele evela kuNkulunkulu ngenxa kaNkulunkulu osenyameni, hhayi ngemithandazo abayithumela ezulwini. Ngoba umuntu uyinyama; akakwazi ukubona uMoya kaNkulunkulu futhi kunzima kakhulu ukuya Kuye. Umuntu angakwazi ukuzihlanganisa noNkulunkulu osenyameni; futhi ngaye kuphela angaqonda amazwi kanye namaqiniso futhi athole insindiso ephelele. Ukuba senyameni kwesibili kwanele ukususa izono zomuntu futhi kumcwebise ngokugcwele. Ngakho ukuba senyameni kwesibili kuzophetha wonke umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni futhi kuphelelise ukubaluleka kukaNkulunkulu osenyameni.

kwesithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Lapho uJesu enza umsebenzi Wakhe, ulwazi lomuntu ngaye lwalungakacaci. Umuntu wayelokhu ecabanga ukuthi uyindodana kaDavide futhi emmemezela njengomphrofethi omkhulu neNkosi enomusa eyakhulula umuntu esonweni. Abanye, ngenxa yokholo, baphulukiswa ngokuthinta nje umphetho wengubo Yakhe; abangaboni base bebona ngisho nababefile babuyiselwa ekuphileni. Nokho, umuntu akazange ayithole impande ejulile yesimo sobuSathane esonakele kuye futhi akakwazanga ukuyilahla. Umuntu wathola umusa omkhulu, njengokuthula kanye nenjabulo enyameni, isibusiso sawo wonke umndeni ngenxa yokholo loyedwa, nokuphulukiswa kwabagulayo kanye nokunye. Okunye kwakuyizenzo ezinhle zomuntu kanye nokubonakala kwazo kobuNkulunkulu; uma umuntu ayengaphila ngaleyo ndlela, wayebhekwa njengekholwa elihle. Amakholwa anjalo kuphela ayengangena ezulwini ngemva kokufa, okusho ukuthi ayesindiswa. Kodwa, ekuphileni kwawo, awazange ayiqonde nhlobo indlela yokuphila. Ayemane enze izono, azivume njengenjwayelo ngaphandle kokuguqula izindlela zawo; zazinjalo izimo zabantu zemvelo ngeNkathi Yomusa. Ingabe abantu sebethole insindiso ephelele? Cha! Ngakho, ngemva kokuba leso sigaba sesiphelile, usekhona umsebenzi wokwahlulela nokusola. Lesi sigaba senza umuntu abe msulwa ngamazwi ukuze umuntu anikwe indlela okumele ayilandele. Lesi sigaba sasingeke sibe nezithelo noma nenjongo ukube saqhubeka ngokuxoshwa kwamadimoni, ngoba isimo sesono somuntu asinakuxoshwa futhi umuntu angakwazi kuphela ukuma uma exolelwa izono zakhe. Umuntu uxolelwe iziphambeko zakhe ngenxa yomnikelo wesono ngoba umsebenzi wokubethelwa usufike ekugcineni futhi uNkulunkulu usemnqobile uSathane. Kodwa isimo somuntu esingalungile sisephakathi kumuntu futhi umuntu usuke esengasenza isono futhi aphikisane noNkulunkulu; uNkulunkulu akakasizuzi isintu. Yingakho kulesi sigaba somsebenzi uNkulunkulu esebenzisa izwi ukuze embule ukungalungi kwesimo somuntu, aphinde acele ukuba umuntu enze ngendlela efanele. Lesi sigaba sibaluleke kakhulu kunesingaphambili futhi sinezinzuzo ezengeziwe, okwamanje yizwi elinika ngokuqondile umuntu ukuphila futhi lenze isimo somuntu sibe sisha ngokuphelele; yisigaba somsebenzi esenziwe ngokucophelela okukhulu. Ngakho, ukuba kukaNkulunkulu senyameni ezinsukwini zokugcina kugcwalise ukubaluleka kokuba kwakhe enyameni futhi kwaluphetha ngokugcwele uhlelo lokuphatha kukaNkulunkulu lokusindisa umuntu.

kwesithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UNkulunkulu wokuqala owayesesimweni somuntu akazange awuqede umsebenzi wokuba sesimweni somuntu; waqeda isigaba sokuqala kuphela leso okwakubalulekile ukuba uNkulunkulu asenze esesimweni somuntu. Ngakho, ukuze aqede umsebenzi wokuba sesimweni somuntu, uNkulunkulu ubuyele enyameni futhi, ukuphila konke ukujwayeleka nobunjalo benyama, okungukuthi, enza ukuba iZwi likaNkulunkulu lizibonakalise enyameni ejwayelekile futhi evamile ngokuphelele, ngalokho ephetha umsebenzi ayewushiye engawuqedanga esesesimweni somuntu. Inyama yesibili ethathe isimo somuntu ngokwengqikithi isafana neyokuqala, kodwa ingokoqobo ngisho nakakhulu, ijwayeleke nakakhulu kuneyokuqala. Ngenxa yalokho, ubuhlungu uNkulunkulu wesibili osesimweni somuntu abubekezelelayo bukhulu kakhulu kunobokuqala, kodwa lokhu kuhlupheka kungenxa yenkonzo Yakhe esesimweni somuntu okuhlukile kunokuhlupheka komuntu owonakele. Futhi kuvela ekujwayelekeni neqiniso lenyama Yakhe. Ngenxa yokuthi wenza inkonzo Yakhe emzimbeni ongokoqobo nojwayelekile, inyama kumele ibhekane nokuhlushwa okukhulu. Ukuvama Kwakhe nokuba ngokoqobo kwenyama Yakhe, kusho ukuhlupheka okukhulu nakakhulu lapho enza inkonzo Yakhe. UNkulunkulu usebenza enyameni ejwayeleke kakhulu, engesona nhlobo isimangaliso. Ngenxa yokuthi inyama Yakhe ijwayelekile futhi kumele ithwale umsebenzi wokusindisa abantu, uhlupheka nakakhulu kunenyama enamandla angajwayelekile—konke lokho kuhlupheka kusukela eqinisweni nokujwayeleka kwenyama Yakhe. Kusukela kulokho kuhlupheka le mizimba emibili esesimweni somuntu eyabhekana nakho lapho yenza izinkonzo Zayo, lokhu kwenza kubonakale ukubaluleka kwenyama ethathe isimo somuntu. Ukuvama Kwakhe nokuba ngokoqobo kwenyama Yakhe, kusho ukuhlupheka okukhulu nakakhulu okumele akubekezelele njengoba enza umsebenzi, abantu baba nombono omubi nakakhulu kwande nezingozi ezingamehlela. Nokho, lapho inyama iba ngokoqobo nakakhulu, yilapho iba nezidingo kanye nobuntu obujwayelekile nakakhulu, kuba yilapho ikwazi khona ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu enyameni. Kwakuyinyama kaJesu eyabethelwa esiphambanweni, inyama Yakhe le anikela ngayo njengomhlatshelo wesono; kwakungenyama enobuntu obujwayelekile anqoba ngayo uSathane futhi wasindisa umuntu esiphambanweni ngokuphelele. Futhi kulapho eyinyama ephelele lapho uNkulunkulu wesibili osesimweni somuntu enza umsebenzi wokunqoba futhi ehlule uSathane. Yinyama ejwayelekile futhi engokoqobo ngokuphelele kuphela engenza umsebenzi wokunqoba sewuwonke futhi inikeze ubufakazi obunamandla. Okuwukuthi, umsebenzi [a] wokunqoba umuntu wenziwa ukuba uphumelele ngeqiniso nokujwayeleka kukaNkulunkulu osesimweni somuntu, hhayi ngezimangaliso nezambulo ezingaphezu kwamandla emvelo. Inkonzo yalo Nkulunkulu osesimweni somuntu ukukhuluma, futhi ngaleyo ndlela anqobe futhi aphelelise umuntu; ngamanye amazwi, umsebenzi kaMoya owenzeka enyameni, umsebenzi wenyama, ukukhuluma bese ngalokho unqobe, wembule, uphelelise futhi ususe umuntu ngokuphelele. Ngakho, kungomsebenzi wokunqoba lapho umsebenzi kaNkulunkulu enyameni uyofezeka ngokugcwele. Umsebenzi wokuqala wokuhlenga wawungukuqala komsebenzi wokuba sesimweni somuntu; inyama eyenza umsebenzi wokunqoba izoqeda wonke umsebenzi wokuthatha isimo somzimba wenyama. Uma siwuhlukanisa ngokobulili, omunye ungowesilisa kanti omunye ungowesifazane; kulokhu, incazelo yokuthatha isimo somuntu kukaNkulunkulu seyiphelele. Le ncazelo iqeda imibono eyiphutha yabantu ngoNkulunkulu: UNkulunkulu angaba yikho kokubili owesilisa nowesifazane, futhi uNkulunkulu osesimweni somuntu eqinisweni akanabo ubulili. UNkulunkulu wenza kokubili owesilisa nowesifazane futhi akehlukanisi ngokobulili. Kulesi sigaba somsebenzi uNkulunkulu akazenzi izibonakaliso nezimangaliso, ukuze umsebenzi uphumelele ngamazwi. Ngaphezu kwalokho, kulesi sikhathi umsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu akuwona owokuphulukisa abagulayo nowokuxosha amadimoni, kodwa ungowokunqoba umuntu ngokukhuluma, okusho ukuthi ikhono eyazalwa nalo le nyama kaNkulunkulu ethathe isimo somuntu, ukukhuluma amazwi nokunqoba umuntu, hhayi ukwelapha abagulayo nokuxosha amadimoni. Umsebenzi Wakhe ebuntwini obujwayelekile akukhona ukuba enze izimangaliso, akukhona ukwelapha abagulayo nokuxosha amadimoni, kodwa ukukhuluma, ngakho inyama kaNkulunkulu yesibili ibonakala ijwayeleke kakhulu kubantu kuneyokuqala. Abantu bayabona ukuthi ukuba kukaNkulunkulu esimweni somuntu akuwona amanga; kodwa loNkulunkulu osesimweni somuntu uhlukile kunoJesu osesimweni somuntu nakuba bobabili bengoNkulunkulu abasesimweni somuntu, kodwa abafani ncamashi. UJesu wayenobuntu obujwayelekile, ubuntu obuvamile, kodwa wayelandelwa izibonakaliso nezimangaliso eziningi. Kulo Nkulunkulu osesimweni somuntu, amehlo abantu angeke abone izimangaliso noma izibonakaliso, noma ukuphulukisa abagulayo nokuxosha amadimoni, noma ukuhamba phezu kolwandle, noma ukuzila ukudla izinsuku ezingamashumi amane…. Akenzi umsebenzi ofana nalowo owenziwa uJesu, kungekhona ukuthi inyama Yakhe ihlukile kwekaJesu empeleni, kodwa ngenxa yokuthi akuyona inkonzo Yakhe ukuphulukisa abagulayo nokuxosha amadimoni. Akawudicileli phansi umsebenzi Wakhe noma aphazamise umsebenzi Wakhe. Njengoba enqoba umuntu ngamazwi Akhe angempela, asikho isidingo sokuba amthobise ngezimangaliso ngakho lesi sigaba singesokuqedela umsebenzi wokuba sebuntwini kukaNkulunkulu. UNkulunkulu osesimweni somuntu ombona namuhla uyinyama ephelele futhi akukho simangaliso esingaqondakali Ngaye. Uyagula njengabanye abantu, udinga ukudla nokokugqoka njengabanye, eyinyama ngokuphelele. Uma ngalesi sikhathi, uNkulunkulu osesimweni somuntu wayenza izimangaliso nezimangaliso ezingajwayelekile, uma wayephulukisa abagulayo, exosha amadimoni noma abulale nje ngezwi elilodwa, umsebenzi wokunqoba bewungenziwa kanjani? Umsebenzi ungasakazeka kanjani ezizweni zabeZizwe? Ukuphulukisa abagulayo nokuxosha amadimoni kwakuwumsebenzi weNkathi Yomusa, isinyathelo sokuqala emsebenzini wokuhlenga futhi manje njengoba uNkulunkulu esemsindisile umuntu esiphambanweni, akasawenzi lowo msebenzi. Uma ezinsukwini zokugcina “UNkulunkulu” ofana nokubonakala kukaJesu, lowo owaphulukisa abagulayo, waxosha amadimoni futhi owabethelwa ngenxa yomuntu, “lowo Nkulunkulu,” nakuba efana nalowo ochazwa eBhayibhelini futhi kulula kumuntu ukuba amamukele, ubengeke, empeleni abe inyama egqokwe nguMoya kaNkulunkulu, kodwa egqokwe ngumoya omubi. Ngoba kuyisimiso somsebenzi kaNkulunkulu ukungalokothi aphinde lokho asekufezile. Ngakho, umsebenzi kaNkulunkulu wesibili osesimweni somuntu uhlukile kulowo wokuqala. Ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu wenza umsebenzi wokunqoba enyameni evamile, ejwayelekile; aphulukise abagulayo, angeke abethelwe ngenxa yabantu kodwa uyakhuluma nje kuphela amazwi esesimweni somuntu, anqobe abantu esesimweni somuntu. Inyama enjalo kuphela ebonakalisa ukuba uNkulunkulu othathe isimo somuntu; inyama enjalo kuphela engafeza umsebenzi kaNkulunkulu enyameni.

kwesithi “Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Kungani ngithi incazelo yokuba uNkulunkulu abe sesimweni somuntu ayipheleliswanga emsebenzini kaJesu? Yingenxa yokuthi uLizwi akabanga yinyama ngokuphelele. Lokho uJesu akwenza kuphela kwakuyingxenye yomsebenzi kaNkulunkulu esesimweni somuntu; Wenza kuphela umsebenzi wokuhlenga futhi akazange awuqede umsebenzi wokuzuza umuntu ngokuphelele. Ngalesi sizathu, uNkulunkulu ube yinyama futhi ngezinsuku zokugcina. Lesi sigaba somsebenzi senziwa enyameni ejwayelekile, senziwe umuntu ojwayelekile kakhulu, obuntu bakhe obungababazeki nakancane. Ngamanye amazwi, uNkulunkulu ube umuntu ophelele, futhi ungumuntu obuntu bakhe bungobukaNkulunkulu, umuntu ophelele, inyama ephelele, owenza umsebenzi. Emehlweni omuntu, uyinyama nje engababazeki nhlobo, umuntu ojwayeleke kakhulu okhuluma ulimi lwasezulwini, ongabonisi zibonakaliso, ongenzi zimangaliso, kungasaphathwa ukuthi adalule iqiniso langempela ngenkolo emahholo amakhulu emihlangano. Umsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu wesibili, ubonakala kubantu ungafani kakhulu nokaNkulunkulu wokuqala owayesesimweni somuntu kangangokuthi kusengathi akukho nokuncane kuyo okufanayo futhi akukho okwenziwa emsebenzini wokuqala okungabonakala kulesi sikhathi. Nakuba umsebenzi wenyama ethathe isimo somuntu yesibili uhlukile kunalowo weyokuqala, lokho akufakazi ukuthi umthombo wabo awuwodwa. Ukuthi umthombo Wabo uyafana yini, kuncike ekutheni uhlobo olunjani lomsebenzi owenziwe ngabantu abangokwenyama hhayi owenziwe yingaphandle Labo. Ngesikhathi sezigaba ezintathu zomsebenzi Wakhe, uNkulunkulu usebe sesimweni somuntu kabili, futhi kuzo zombili izikhathi umsebenzi kaNkulunkulu othathe isimo somuntu uqala inkathi entsha, wethula umsebenzi omusha; ukuthatha umzimba womuntu kokubili kuyahambisana. Kuyinto engenakwenzeka ukuba amehlo omuntu abone ukuthi yomibili le mizimba empeleni ivela emthonjeni owodwa. Akubuzwa, kungaphezu kokubona komuntu noma ukucabanga komuntu. Kodwa engqikithini Yayo iyafana ngoba imisebenzi Yayo ivela kuMoya ofanayo. Ukuthi yomibili le mizimba ethathe isimo somuntu ivela emthonjeni ofanayo angeke kwahlulelwe ngesikhathi noma indawo ezalelwe kuyo, noma ezinye izinto ezifana nalezo, kodwa ngomsebenzi waphezulu obonakaliswe Yiyo. Umzimba othathe isimo somuntu wesibili awenzi nowodwa umsebenzi owenziwa nguJesu, ngoba umsebenzi kaNkulunkulu awuhambisani nalokho okubonakala eningini njengokulungile, kodwa isikhathi ngasinye uvula indlela entsha. Umzimba wesibili awuhlosile ukujulisa noma ukuqinisa umthelela womzimba wokuqala ezingqondweni zabantu, kodwa ukuhambisana nawo nokuwuphelelisa ukuze ulwazi ngoNkulunkulu lujule kubantu, nokuba ugqashule yonke imithetho esezinhliziyweni zabantu nokususa zonke izithombe eziyinkohliso ngoNkulunkulu ezinhliziyweni zabo. Kungashiwo ukuthi asikho nesisodwa isigaba somsebenzi kaNkulunkulu uqobo esinganikeza umuntu ulwazi oluphelele Ngaye; isigaba ngasinye sinikeza ingxenye, hhayi lonke ulwazi Ngaye. Nakuba uNkulunkulu ezivezile isimo Sakhe ngokuphelele, ngenxa yokuthi ukuqonda komuntu kunomkhawulo, ulwazi lwakhe ngoNkulunkulu lulokhu lungaphelele. Kuyinto engenakwenzeka, ngokusebenzisa ulimi lwabantu, ukuveza isimo sikaNkulunkulu sisonke; kungasaphathwa ukuthi kuncane kangakanani isigaba ngasinye somsebenzi Wakhe esingakuveza ngoNkulunkulu ephelele? Usebenza esesimweni somuntu embozwe ubuntu Bakhe obujwayelekile, futhi umuntu angamazi kuphela ngezenzo zobunkulunkulu Bakhe kuphela, hhayi ngomzimba Wakhe obonakalayo. UNkulunkulu uba sesimweni somuntu ukuze avumele ukuba umuntu amazi ngemisebenzi Yakhe ehlukahlukene, futhi asikho isigaba somsebenzi Wakhe esifana nesinye. Yingale ndlela kuphela umuntu angaba khona nolwazi oluphelele ngomsebenzi kaNkulunkulu esenyameni, hhayi ngokubopheleka engxenyeni eyodwa.

kwesithi “Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

uJesu wenza isinyathelo somsebenzi owagcwalisa kuphela ubuqu bokuthi “uLizwi wayekuNkulunkulu”: Iqiniso lokuthi uNkulunkulu wayekuNkulunkulu, nokuthi uMoya kaNkulunkulu wawusenyameni futhi ungasuki kuYe, okungukuthi, inyama kaNkulunkulu osenyameni yayinoMoya kaNkulunkulu, okungubufakazi obuqand’ikhanda bokuthi ukuba kukaJesu enyameni kwakungokokuqala uNkulunkulu esenyameni. Lesi sigaba somsebenzi sagcwalisekisa incazelo yangempela “kaLizwi eba yinyama,” saba nencazelo ejulile yokuthi “uLizwa wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu,” futhi sikwenza uwakholelwe ngokuqinile amazwi athi “Ekuqaleni wayekhona uLizwi.” Okungukuthi, ngesikhathi kudalwa uNkulunkulu wayenamazwi, amazwi aKhe ayenaye engasuki kuYe, kanti inkathi yokugcina yenza kucace bha ngamandla negunya lamazwi aKhe, avumele abantu babone wonke amazwi Akhe—ukuzwa wonke amazwi aKhe. Unjalo umsebenzi wesigaba sokugcina. … Ngenxa yokuthi lona ngumsebenzi wokuba senyameni kwesibili—okuyisikhathi sokugcina uNkulunkulu esenyameni—uphelelisa ngokugcwele ukubaluleka kokuba senyameni, wenza futhi uqhubekisela phambili ngokugcwele umsebenzi kaNkulunkulu esenyameni, futhi uqeda inkathi yokuba senyameni kukaNkulunkulu.

kwesithi “Isenzo (4)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

NgeNkathi Yomusa, uNkulunkulu akawenzanga umsebenzi wezwi, kodwa wachaza ukubethelwa ukuze ahlenge bonke abantu. IBhayibheli lichaza kuphela ukuthi kungani uJesu kwakumele abethelwe, kanye nokuhlupheka okwakumele adlule kukho esiphambanweni, nokuthi umuntu kumele abethelwe kanjani ngenxa kaNkulunkulu. Ngale nkathi, wonke umsebenzi owenziwa uNkulunkulu wawugxile ekubethelweni. NgeNkathi Yombuso, uNkulunkulu osesimweni somuntu ukhuluma amazwi ukuze anqobe bonke abantu abakholwa kuYe. Leli “yiZwi elivela enyameni;” uNkulunkulu uze ngezinsuku zokugcina ukuze ezokwenza umsebenzi Wakhe, okungukuthi, uze ukuzoqedela ukubaluleka kweZwi elivela enyameni. Ukhuluma amazwi kuphela, futhi kumbalwa lapho kunamaqiniso khona. Le yiyona ingqikithi yeZwi elivela enyameni, futhi uma uNkulunkulu osesimweni somuntu ekhuluma amazwi Akhe, lokhu ukuvela kweZwi enyameni, futhi kuwuLizwi eliza enyameni. “Ekuqaleni kwakukhona uLizwi, uLizwi wayenoNkulunkulu, futhi uLizwi wayenguNkulunkulu, futhi uLizwi waba yinyama.” Lo (umsebenzi wokuvela kukaLizwi enyameni) umsebenzi uNkulunkulu azowuqeda ezinsukwini zokugcina, futhi yisahluko sokugcina sohlelo Lwakhe lonke lokuphatha, ngakho-ke uNkulunkulu kumele eze emhlabeni azoveza amazwi Akhe enyameni. Lokhu okwenziwe namuhla, lokhu okuzokwenziwa esikhathini esizayo, lokhu okuzofezwa nguNkulunkulu, isiphetho sokugcina somuntu, labo abazosindiswa, labo abazobhujiswa, njalo njalo—lo msebenzi okumele ufezeke ekugcineni ubekwe wacaca, futhi wonke umi ngohlelo ukuze uqede ukubaluleka kwangempela kweZwi elivela enyameni. Izinqumo zokuphatha nomthetho-sisekelo okwakukhishiwe kuqala, labo abazobhujiswa, labo abazongena ekuphumuleni—la mazwi onke kumele agcwaliswe. Lona ngumsebenzi omkhulu oqedelwe uNkulunkulu osesimweni somuntu ngesikhathi sezinsuku zokugcina. Wenza abantu baqonde ukuthi labo abahlelelwe uNkulunkulu kusengaphambili baya ngakuphi nokuthi labo abangamiselwanga kusengaphambili uNkulunkulu bona baya ngakuphi, ukuthi abantu Bakhe namadodana Akhe bazohlukaniswa kanjani, kuzokwenzekani ku-Israyeli, kuzokwenzekani eGibhithe—esikhathini esizayo, wonke la mazwi azofezwa. Izinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu zinyusa isivinini. UNkulunkulu usebenzisa izwi njengendlela yokuveza kumuntu ukuthi yini okumele yenziwe inkathi ngayinye, yikuphi okumele kwenziwe nguNkulunkulu osesimweni somuntu wezinsuku zokugcina, kanye nenkonzo Yakhe okumele yenziwe, kanti wonke la mazwi enzelwe ukufeza ukubaluleka kwangempela kweZwi elivela enyameni.

kwesithi “Konke Kuyafezeka Ngezwi LikaNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UNkulunkulu uze emhlabeni ikakhulukazi ukuze afeze iqiniso lokuthi “uLizwi uba yinyama,” okusho ukuthi, uze ukuze amazwi Akhe azonikezwa esenyameni (hhayi njengasesikhathini sikaMose eTestamenteni Elidala, lapho uNkulunkulu ayekhuluma ngokuqondile esesibhakabhakeni). Ngemva kwalokho ngalinye lamazwi Akhe lizogcwaliseka phakathi neNkathi Yombuso Weminyaka Eyinkulungwane, azoba amaqiniso asobala emehlweni abantu, futhi abantu bazowabona ngamehlo abo ngaphandle kokungabaza. Lena yincazelo yangempela yokuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu. Okungukuthi, umsebenzi kaMoya ufezwa ngenyama, nangamazwi. Lena incazelo enembayo yokuthi “uLizwi waba yinyama” nethi “Ukubonakala kukaLizwi enyameni.” UNkulunkulu kuphela ongakhuluma intando kaMoya, futhi uNkulunkulu osenyameni kuphela ongakhulumela uMoya; amazwi kaNkulunkulu enziwe acaca ekubeni sesimweni somuntu kukaNkulunkulu, futhi wonke umuntu uqondiswa yiwo. Akekho okhululiwe, bonke bakhona ngaphakathi kwalo mngcele. Yingala mazwi kuphela lapho abantu bengakwazi khona; labo abangazuzi ngale ndlela bayaziphuphela nje uma becabanga ukuthi bangathola amazwi avela ezulwini. Lelo gunya libonakaliswe uNkulunkulu ekuguqulweni abe yinyama: ukwenza ukuba bonke bakholwe. Ngisho kuthiwa ompetha abaqeqeshiwe noma abefundisi bezinkolo angeke bakwazi ukukhuluma la mazwi. Kumele bazithobe kuwo, futhi akekho ongakwazi ukuqalisa kabusha. UNkulunkulu uzosebenzisa amazwi ukuze anqobe umhlaba wonke. Uzokwenza lokhu hhayi ngokuguqulelwa enyameni, kodwa ngokusebenzisa amazwi avela umlonyeni kaNkulunkulu obe yinyama ukuze anqobe bonke abantu emhlabeni wonke; yilokhu kuphela okunguLizwi eba yinyama, futhi yilokhu kuphela ukubonakala kukaLizwi enyameni. Mhlawumbe, kubantu, kubonakala sengathi uNkulunkulu akakenzi msebenzi ongako—kodwa uNkulunkulu kufanele akhlume nje amazwi Akhe kubantu ukuze bakholwe ngokuphelele, futhi kubo ukuze bathuthumele. Ngaphandle kwamaqiniso abantu bayamemeza futhi bakhamuluke; ngamazwi kaNkulunkulu, bayathula. UNkulunkulu nakanjani uzolifeza leli qiniso, ngoba kuyicebo Lakhe lesikhathi eside: ukufeza ukufika kukaLizwi emhlabeni.

kwesithi“Umbuso Weminyaka Eyinkulungwane Usufikile” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

UNkulunkulu akasiye nje kuphela uMoya oNgcwele, lowo Moya, uMoya onamandla aphindwe kasikhombisa, uMoya osibekela konke, kodwa futhi ungumuntu, umuntu ojwayelekile, umfokazana okwempela. Akasiye owesilisa kuphela, kodwa futhi owesifazane. Bayafana ngokuthi bonke bazalwa ngabantu, bese behluka ngokuthi omunye uzelwe ngokoMoya kanti omunye uzelwe ngokwenyama kodwa esuselwa kuMoya ngqo. Bayafana ngokuthi zozimbili lezi zinyama zikaNkulunkulu ethathe isimo sesintu zenza umsebenzi kaNkulunkulu uBaba, futhi abafani ngokuthi omunye wenza umsebenzi wokuhlenga kanti omunye wenza umsebenzi wokunqoba. Bobabili bamele uNkulunkulu uBaba, kodwa omunye uyiNkosi yokuhlenga egcwele umusa nothando kanye nesihe, kanti omunye uNkulunkulu wokulunga ogcwele ulaka nokwahlulela. Omunye nguMkhuzi Ophakeme owethula umsebenzi wokuhlengwa, kanti omunye uNkulunkulu olungileyo ozofeza umsebenzi wokunqoba. Omunye uyiSiqalo, omunye uyiSiphetho. Omunye yinyama engenasono, omunye inyama efeza ukuhlengwa, iqhube umsebenzi, futhi ayibi neze eyesono. Bobabili banguMoya ofanayo, kodwa bahlala ezinyameni ezihlukene futhi bazalwa ezindaweni ezihlukene. Futhi bahlukaniswe iminyaka eyizinkulungwane eziningi. Kepha, wonke umsebenzi Wabo uyahambisana ngokuvumelana, awuxabani, futhi kungakhulunywa ngawo kanye kanye. Bobabili bangabantu, kodwa omunye yingane yomfana kanti omunye usana lwentombazane.

kwesithi “Uqonda Ukuthini Mayelana NoNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Ngisho noma kulesi sigaba uNkulunkulu osesimweni somuntu ubekezelela ubunzima noma wenza inkonzo Yakhe, wenza kanjalo ukuze aphelelise incazelo yokuba sesimweni somuntu, ngoba lokhu kungokokugcina esesimweni somuntu. UNkulunkulu angaba sesimweni somuntu kabili kuphela. Angeke kwenzeke okwesithathu. Okokuqala ukuthathwa komzimba wobuntu kwakungowesilisa, okwesibili kwakungowesifazane ngakho umfanekiso wenyama kaNkulunkulu uphelele emqondweni womuntu; ngaphezu kwalokho, kokubili ukuthathwa komzimba wobuntu sekuwuqedile kakade umsebenzi kaNkulunkulu enyameni. Okokuqala lapho uNkulunkulu eqala ukuba semzimbeni waba nobuntu obujwayelekile ukuze aphelelise incazelo yokuba Kwakhe semzimbeni womuntu. Ngalesi sikhathi unobuntu obujwayelekile futhi, kodwa incazelo yokuba Kwakhe enyameni ihlukile: Ijulile, futhi umsebenzi Wakhe ubaluleke nakakhulu. Isizathu sokuba uNkulunkulu aphinde abe yinyama ukuba kupheleliswe incazelo yokuba Kwakhe sesimweni somuntu. Lapho uNkulunkulu esesiphethe ngokuphelele lesi sigaba somsebenzi Wakhe, okuwukuthi, uNkulunkulu esebenza enyameni, uzobe uphelile futhi uzobe ungasekho umsebenzi okumele wenziwe enyameni. Okuwukuthi, kusukela manje kuqhubeka uNkulunkulu ngeke aphinde afike abe yinyama ukuze enze umsebenzi Wakhe.

kwesithi “Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni

Isiqephu Esikhethiweyo Sezwi LikaNkulunkulu

Ukuba Semzimbeni Wobuntu Okubili Kuphelelisa Ukubaluleka Kokuba Semzimbeni Wobuntu

Isigaba ngasinye somsebenzi owenziwe nguNkulunkulu sibaluleke ngempela. Ngesikhathi uJesu efika, wayengowesilisa, kanti manje ungowesifazane. Ngalokhu, uyabona ukuthi uNkulunkulu udale kokubili owesilisa nowesifazane ebadalela umsebenzi Wakhe futhi Kuye awukho umehluko wobulili. Lapho uMoya Wakhe ufika, ungathatha noma yisiphi isimo senyama ngokuthanda, futhi inyama imele Yena. Kungaba owesilisa noma owesifazane, bobabili bamele uNkulunkulu uma nje kuyinyama Yakhe ethathe umzimba wobuntu. Lapho uJesu efika njengowesifazane, ngamanye amazwi, lapho usana lwentombazane, hhayi lomfana, olwalufanele lube olukhuleliswe uMoya Ongcwele, leso sigaba somsebenzi besizoqedelwa sonke ngendlela efanayo. Uma kunjalo, lesi sigaba somsebenzi bekuzodingeka ukuba siqedelwe ngowesilisa futhi umsebenzi ubuzoqedelwa ngendlela efanayo. Umsebenzi owenziwe kuzo zombili izigaba ubalulekile; awukho umsebenzi ophindwayo noma ongqubuzana nomunye. Ngesikhathi somsebenzi Wakhe, uJesu wayebizwa ngeNdodana ezelwe iyodwa, okukhombisa ubulili besilisa. Ngakho kungani iNdodana ezelwe iyodwa ingabalwa kulesi sigaba? Kungenxa yokuthi izidingo zomsebenzi zenze ukuba kube noguquko ebulilini obehlukile kobukaJesu. KuNkulunkulu akukho kuhlukanisa ngobulili. Umsebenzi Wakhe wenziwa ngendlela afisa ngayo futhi awuvinjelwa lutho, ukhululeke ngokukhethekile kodwa isigaba ngasinye sibaluleke ngempela. UNkulunkulu waba yinyama kabili, futhi lokhu kucace bha ukuthi ukuthatha Kwakhe umzimba wobuntu ezinsukwini zokugcina, kungokokugcina. Uze ukuzokwambula yonke imisebenzi Yakhe. Uma kulesi sigaba ubengazange abe yinyama ukuze enzele umuntu umsebenzi wokufakaza, umuntu ubezohlala ebambelele emcabangweni wokuthi uNkulunkulu ungowesilisa kuphela, hhayi owesifazane. Ngaphambi kwalokhu, bonke bebekholwa ukuthi uNkulunkulu angaba owesilisa kuphela futhi owesifazane ubengeke akwazi ukubizwa ngoNkulunkulu, ngoba bonke bebethatha indoda njengenamandla kunowesifazane. Bebekholelwa ukuthi akekho owesifazane okufanele abe negunya, kodwa yindoda kuphela. Baze bathi indoda yinhloko yowesifazane nokuthi owesifazane kufanele ayilalele futhi ngeke ayedlule. Ngesikhathi kukhulunywa kudala ukuthi indoda iyinhloko yowesifazane, bekumayelana no–Adamu no–Eva ababekhohliswe yinyoka, hhayi kowesilisa nowesifazane abadalwe nguJehova ekuqaleni. Yiqiniso, owesifazane kufanele alalele futhi athande umyeni wakhe, njengoba nendoda kufanele ifunde ukusekela umndeni wayo. Le yimithetho nezinqumo ezibekwe uJehova lezo abantu okufanele baphile ngazo emhlabeni. UJehova wathi kowesifazane “ukunxanela kwakho kuyakuba sendodeni yakho, yona iyakukubusa.” Lokhu kwashiwo kuphela ukuze abantu (okusho ukuthi bobabili owesilisa nowesifazane) babengaphila impilo ejwayelekile ngaphansi kombuso kaJehova, ukuze izimpilo zabantu zibe nokwakheka zingalahlekelwa ukumiswa kahle. Ngakho–ke, uJehova wenza imithetho efanele elawula indlela owesilisa nowesifazane okufanele baziphathe ngayo, kodwa lena yayibhekiswe kuphela kuyo yonke indalo ephila emhlabeni hhayi emzimbeni wenyama yobuntu kaNkulunkulu. UNkulunkulu wayengafana kanjani nendalo Yakhe? Amazwi Akhe abeqondiswe kuphela kubantu bendalo Yakhe; ayeyimithetho ebekelwe owesilisa nowesifazane ukuze labo bantu baphile impilo ejwayelekile. Ekuqaleni, ngesikhathi uJehova edala umuntu, wadala bobalili owesilisa nowesifazane; ngakho-ke, umzimba Wakhe wenyama yobuntu wehlukaniswa futhi phakathi kowesilisa noma owesifazane. Akazange anqume umsebenzi Wakhe ngamazwi awakhuluma ku-Adamu no-Eva. Ngalezi zikhathi ezimbili athatha ngazo umzimba wenyama bezinqunywe ngokuhambisana kahle ngokuphelele nokucabanga Kwakhe ngesikhathi eqala ukudala abantu. Okusho ukuthi, uqede umsebenzi wokuba semzimbeni wobuntu kabili, okusekwe ngowesilisa nowesifazane abangazange bonakaliswe. Uma umuntu esebenzisa amazwi akhulunywa nguJehova ku-Adamu no-Eva abakhohliswa yinyoka emsebenzini wokuba semzimbeni womuntu kukaNkulunkulu, ingabe uJesu naye akufanele athande iNkosikazi Yakhe njengoba kufanele? Ingabe uNkulunkulu usenguNkulunkulu? Uma kunjalo, angawuqeda umsebenzi Wakhe? Uma kungalungile ukuba umzimba wobuntu kaNkulunkulu ube ngowesifazane bekungeke yini kube yiphutha elikhulu futhi lapho uNkulunkulu edala owesifazane? Uma ngabe umuntu esakholelwa wukuthi ukuba uNkulunkuku athathe umzimba wobuntu njengowesifazane akulunganga, ngabe ukuthatha umzimba wobuntu kukaJesu, ongazange ashade ngakho ongekwazi ukuthanda inkosikazi Yakhe, kube yiphutha ngokunjalo njengokuba semzimbeni wobuntu kwamanje? Njengoba usebenzisa amazwi uJehova awakhuluma ku-Eva ukukala iqiniso lokuba semzimbeni wobuntu kukaNkulunkulu namhlanje, kuzofuneka usebenzise amazwi kaJehova ku-Adamu ukwehlulela iNkosi uJesu owaba yinyama ngeNkathi oMusa. Ingabe lokhu okubili akufani? Njengoba wahlulela iNkosi uJesu ngowesilisa ongazange akhohliswe yinyoka, awukwazi ukwahlulela iqiniso lokuba semzimbeni wobuntu namuhla ngowesifazane okhohliswe yinyoka. Akulungile lokhu! Uma wahlulela kanjalo, lokhu kubonisa ukungabi nangqondo kwakho. Ngesikhathi uJehova kabili eba yinyama, ubulili bokuba senyameni Kwakhe kwakuhlobene nowesilisa nowesifazane abangazange bakhohliswe yinyoka. Ube yinyama kabili ngokuhambelana nalowo wesilisa nowesifazane abangazange bakhohliswe yinyoka. Ungacabangi ukuthi ukuba ngowesilisa kukaJesu bekufana nokuka-Adamu owakhohliswa yinyoka. Akahlobene nhlobo naye, bangabesilisa ababili abanezimo ezehlukene. Ngempela ngeke kube yikhona ukuthi ukuba ngowesilisa kukaJesu kukhombisa ukuthi uyinhloko yabo bonke abesifazane kuphela kodwa hhayi yabo bonke abesilisa? Akayona iNkosi yawo wonke amaJuda (kuhlanganise kokubili abesilisa nabesifazane)? UnguNkulunkulu uqobo Lwakhe, hhayi nje inhloko yabesifazane kuphela kodwa neyabesilisa. UyiNkosi yazo zonke izidalwa kanye nenhloko yazo zonke izidalwa. Ungasho kanjani ukuthi ubulili bukaJesu buwuphawu lokuba yinhloko yabesifazane? Ingabe lokhu akukona ukuthuka uNkulunkulu? UJesu ungowesilisa ongakaze onakaliswe. UnguNkulunkulu; UnguKristu; UyiNkosi. Angaba kanjani owesilisa njengo-Adamu owonakalisiwe? UJesu uyinyama embethwe nguMoya Ongcwele kakhulu kaNkulunkulu. Ungasho kanjani ukuthi unguNkulunkulu onobulili buka-Adamu? Ngakho ngeke yini wonke umsebenzi kaNkulunkulu ube kade ungalunganga? Ingabe uJehova angafaka kuJesu ubulili buka-Adamu owakhohliswa? Ingabe ukuba semzimbeni wobuntu manje ngomunye umsebenzi kaNkulunkulu osenyameni ohlukile ngobulili kuJesu kodwa ofanayo ngesimo? Ingabe usalokotha uthi uNkulunkulu osemzimbeni wobuntu ngeke abe ngowesifazane ngoba kwaba ngowesifazane owaba ngowokuqala ukukhohliswa yinyoka? Ingabe usalokotha uthi njengoba owesifazane engulowo ongcole kakhulu nowukuqala kwenkohlakalo yabantu, uNkulunkulu ngeke kwenzeke ukuba abe semzimbeni wobuntu bowesifazane? Ingabe usalokotha uthi “owesifazane uyohlala elalela owesilisa futhi akasoze abonakalise noma amele uNkulunkulu ngokoqobo”? Awuqondanga kahle ngesikhathi esedlule; ungabuye uthuke umsebenzi kaNkulunkulu namanje, ikakhulu umzimba wenyama yobuntu bukaNkulunkulu? Uma ungeke ukubone ngokukhanyayo lokhu, kungcono ubheke ulimi lwakho, funa ubuwula nokungazi kwakho kuvezwe nobubi bakho budalulwe. Ungacabangi ukuthi uqonda yonke into. Ngikutshela ukuthi konke okubonile nokwazile akwenele ukuba ungaqonda ngisho okukodwa enkulungwaneni yecebo Lami lokuphatha. Pho kungani uqhosha kangaka? Ithalentana nje nolwazana onalo akwanele ukusetshenziswa ngisho umzuzwana nje emsebenzini kaJesu! Unolwazi olungakanani ngempela? Okubonile nakho konke okuzwile empilweni yakho nalokho okucabangile kungaphansi komsebenzi engiwenza ngesikhashana! Kuhle ukuba ungakhi izici futhi usole. Noma ngabe uzidla kanganani, useyisidalwa esincanyana kunentuthwane! Konke lokho okusesiswini sakho kuncanyana kunalokho okusesiswini sentuthwane! Ungacabangi ukuthi ngoba wazi kakhulu waba mkhulu, ungakhuluma wenze ngokuziqhayisa okungazithibi. Ingabe ulwazi lwakho nobukhulu bakho abuwona umphumela wamazwi engiwakhulumile? Ukholelwa ukuthi azuzwe ngokushikashikeka nangokusebenza okukhathazayo kwakho? Namuhla, ubona ukuba semzimbeni wenyama yobuntu Kwami, ngalokho unemiqondo emihle, lapho kuvumbuka khona imibono engebalwe. Uma bekungekhona ukuba Kwami semzimbeni wobuntu, akukhathalekile ukuthi unamathalente angavamile kangakanani, ubungeke ube nemibono eminingi kangaka. Akukhona lapho imicabango yakho yavela khona? Uma uJesu ubengakaze abe senyameni okokuqala, yini obuzoyazi ngokuba semzimbeni wenyama yobuntu? Akungenxa yolwazi lwakho lokuba semzimbeni wenyama yobuntu okokuqala lokho okwenza ube nesibindi sokwahlulela ukuba semzimbeni wenyama yobuntu okwesibili ngobuqhalaqhala? Kungani kufanele ukuhlolisise kunokuba ube ngumlandeli olalelayo? Usungene kulo mfula weza phambi kukaNkulunkulu osemzimbeni wenyama yobuntu. Ungavunyelwa kanjani ukuba ufunde? Kuhle ukuba ufunde umlando womndeni wakho, kodwa uma ufunda “ngomlando womndeni” kaNkulunkulu angakuvumela kanjani uNkulunkulu wanamuhla ukuba wenze njalo? Ingabe awuyona impumputhe? Awuzidonseli amanzi ngomsele?

Uma nje umsebenzi kaJesu ubuwenziwe ngaphandle kokugcwaliswa kwalesi sigaba ezinsukwini zokugcina, umuntu ubezohlala ebambelele emqondweni wokuthi uJesu kuphela oyiNdodana kaNkulunkulu, okusho ukuthi uNkulunkulu unendodana eyodwa kuphela nokuthi noma ubani oza ngemva kwalokho nelinye igama ngeke abe yiNdodana eyodwa kaNkulunkulu, kangakanani uNkulunkulu ngoKwakhe? Umuntu unomcabango wokuthi lowo osebenza njengomnikelo wesono noma othatha amandla enzela uNkulunkulu futhi ahlenge sonke isintu yiNdodana eyodwa kaNkulunkulu. Kukhona abanye abakholelwa ukuthi inqobo nje uma kungowesilisa ozayo, angathathwa njengeNdodana eyodwa kaNkulunkulu nomele uNkulunkulu. Futhi kukhona ngisho nalaba abathi uJesu uyiNdodana kaJehova, iNdodana Yakhe ekungukuphela kwayo. Ingabe lokhu akuwona umcabango ojulile womuntu? Uma lesi sigaba somsebenzi asenziwanga enkathini yokugcina, ngalokho bonke abantu bebezombozwa ubumnyama uma kuza kuNkulunkulu. Uma kunjalo, owesilisa ubezocabanga ukuthi usesikhundleni esiphezulu kunowesifazane, kanti abesifazane bebengeke bakwazi nokuhambela phezulu. Ezikhathini ezinjalo, akekho owesifazane obengathola insindiso. Abantu njalo bakholelwa ukuthi uNkulunkulu ungowesilisa, nokuthi uyabenyanya abesifazane futhi ngeke amnikeze insindiso owesifazane. Uma kunjalo, akulona iqiniso ukuthi bonke abesifazane abadalwe nguJehova nabonakalisiwe abasoze balithole ithuba lokusindiswa? Ngakho bekungeke kubonakale sengathi kube yize ukuba uJehova adale owesifazane, okusho ukudala u-Eva? Futhi ingabe owesifazane ubengeke abhujiswe phakade? Ngakho-ke, lesi sigaba somsebenzi ezinsukwini zokugcina esokusindisa wonke umuntu hhayi abesifazane kuphela kodwa wonke umuntu. Lo msebenzi ungenxa yabo bonke abantu hhayi ngenxa yabesifazane kuphela. Uma kukhona ocabanga ngokunye, uzobe uyisiwula esiphindiwe!

Umsebenzi osuwenziwe manje ususheshise umsebenzi weNkathi yoMusa; okusho ukuthi, umsebenzi wecebo lokuphatha weminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha usheshile. Yize iNkathi Yomusa isiphelile, umsebenzi kaNkulunkulu uqhubekele phambili. Kungani ngisho isikhathi nesikhathi ukuthi lesi sigaba somsebenzi sakhela phezu kweNkathi Yomusa neNkathi Yomthetho? Lokhu kusho ukuthi umsebenzi walolu suku ungukuqhubeka komsebenzi owenziwe ngeNkathi yoMusa nokuphakanyiswa kwalowo owenziwe ngeNkathi yoMthetho. Izigaba ezintathu zihlangene kakhulu futhi esinye sixhumene nesinye. Kungani ngibuye ngithi lesi sigaba somsebenzi sakhele kulokho okwenziwa uJesu? Uma lesi sigaba singakhelanga emsebenzini owenziwe uJesu, kulesi sigaba-ke ukubethelwa, umsebenzi wokuhlenga owenziwe ngaphambilini, bekuzodingeka ukuba kwenziwe. Lokhu bekungeke kuzwakale. Ngakho-ke, akusho ukuthi umsebenzi usuphele nya, kodwa ukuthi inkathi iqhubekele phambili, futhi nomsebenzi usube mkhudlwana kunakuqala. Kungathiwa lesi sigaba somsebenzi sakhelwe esisekelweni seNkathi yoMthetho nedwala lomsebenzi kaJesu. Umsebenzi wakhiwa ngesigaba nesigaba, kanti lesi sigaba akukhona ukuqala kabusha. Ukuhlangana kuphela kwezigaba ezintathu zomsebenzi okungathiwa icebo lokuphatha leminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha. Lesi sigaba senziwe esisekelweni somsebenzi weNkathi yoMusa. Uma lezi zigaba ezimbili zomsebenzi zingahlobane, kungani kungenakubethelwa kulesi sigaba? Kungani ngingathwali izono zabantu? Angizange ngize ngokukhuleliswa uMoya Ongcwele noma ngibethelwe esiphambanweni ukuze ngithwale izono zabantu. Kodwa, ngilapha ngokoqobo ukuba ngijezise abantu. Uma ngingabajezisanga abantu ngemva kokubethelwa, futhi manje angifiki ngokukhulelisa kukaMoya Ongcwele bengingeke ngifaneleke ukujezisa abantu. Ngempela kungenxa yokuthi ngimunye noJesu ukuthi ngiza ngoKwami uqobo ukuzojezisa nokwahlulela abantu. Lesi sigaba somsebenzi sakhele ngokuphelele phezu kwesigaba esingaphambili. Yingakho kungumsebenzi onjalo kuphela ongaletha umuntu ensindisweni ngesigaba ngasinye. Mina noJesu sivela eMoyeni owodwa. Noma izinyama zethu zingenabudlelwano, uMoya Wethu munye; Yize lokho esikwenzayo nomsebenzi esiwenzayo kungefani, Umsuka Wethu uyefana; Inyama Yethu ithatha izimo ezihlukene, lokhu kwenziwa yinguquko eNkathini nesidingo somsebenzi Wethu; Izinkonzo Zethu azifani, ngakho umsebenzi esiwenzayo nesimilo esisiveza ebantwini nakho akufani. Kungakho lokhu umuntu akubonayo nakutholayo namuhla kungafani nokwedlule; lokhu kwenziwa ukuguquka kwezikhathi. Yize ubulili nesimo senyama Yabo sehlukile noma bengazalwa emndenini munye, nangasikhathi sinye, uMoya Wabo munye. Noma inyama yabo ingenabo ubudlelwane begazi nomzimba nganoma iyiphi indlela, lokhu akukuphikisi ukuthi bayimizimba esenyameni yobuntu bukaNkulunkulu ngezikhathi ezimbili ezingefani. Yiqiniso elingephikwe ukuthi bayinyama esemzimbeni wobuntu bukaNkulunkulu, yize bengenagazi elifanayo noma ulimi oluvamile lwabantu (omunye ubengowesilisa okhuluma ulimi lwamaJuda omunye engowesifazane okhuluma isiShayina kuphela). Yingalezi zizathu abenza ngazo umsebenzi ekufanele bawenze emazweni ahlukene futhi ngezikhathi ezehlukene. Ngaphandle kokuba Moya munye; nomsuka munye, impela akukho ukufana koqobo phakathi kwamagobolondo enyama Yabo yangaphandle. Bafana ngobuntu kuphela, kodwa ukubukeka nokuzalwa kwenyama Yabo akufani. Lokhu akunamthelela emisebenzini Yabo ehlukene noma ulwazi umuntu analo Ngabo, ngoba, phela, bawuMoya munye futhi akekho ongabahlukanisa. Noma bengahlobene ngegazi impilo Yabo yonke iholwa uMoya Wabo, ukuze benze umsebenzi ongefani ngezikhathi ezingefani, ngenyama Yabo ingahlobene ngokwegazi. Ngokufanayo, uMoya kaJehova akuyena ubaba woMoya kaJesu, njengoba noMoya kaJesu ungeyona indodana yoMoya kaJehova. BaMoya munye. NjengoNkulunkulu osemzimbeni wenyama yobuntu wale mihla noJesu. Yize bengahlobene ngegazi, Bamunye, lokhu kungenxa yokuthi uMoya Wabo munye. Angenza umsebenzi womusa nesisa, kanye nalowo wokwahlulela ngokulunga nokujeziswa kwabantu, nowokuqalekiswa kwabantu. Ekugcineni, angenza umsebenzi wokubhubhisa umhlaba nokujezisa ababi. Ingabe akakwenzi lokhu ngoKwakhe? Ingabe lokhu akukona ukuba ngusomandla kukaNkulunkulu? Wayengamisela abantu imithetho akhiphe nemiyalelo, futhi wayengabuye ahole ama-Israyeli asendulo ukuba aphile izimpilo zawo emhlabeni aphinde awahole ukuba akhe ithempeli nama-altare, ebusa phezu kwawo wonke ama-Israyeli. Ngenxa yamandla Akhe, uhlale nabo emhlabeni iminyaka eyizinkulunwane ezimbili. Abakwa-Israyeli bebengelokothe bahlubuke; bonke babehlonipha uJehova kakhulu begcina imiyalelo. Wonke lo msebenzi wenziwa ngenxa yamandla Akhe nobuninimandla Bakhe. ENkathini yoMusa, uJesu weza ukuzohlenga sonke isintu esiwile (hhayi ama-Israyeli kuphela). Ukhombise umusa nesisa kubantu. UJesu owabonwa abantu eNkathini yoMusa ubegcwele isisa futhi wayehlala enothando ngoba wayeze ukuzosindisa abantu ezonweni. Wayekwazi ukuxolela abantu izono zabo kwaze kwaba sekubethelweni Kwakhe okwasindisa abantu ngempela ezonweni. Ngaleso sikhathi, uNkulunkulu wavela kubantu ngomusa nangesisa; okusho ukuthi ube ngumhlatshelo wabantu wabethelwa ngenxa yezono zabantu ukuze baxolelwe ungunaphakade. Ubenomusa, uzwelo, ukubekezela nothando. Futhi bonke labo ababelandela uJesu ngeNkathi yoMusa babefuna ukuba nokubekezela nothando kuzo zonke izinto. Babekezelela konke ukuhlupheka, futhi abazange baziphindiselele ngisho sebeshaywa, beqalekiswawa, noma bekhandwa ngamatshe. Kodwa akunjalo kulesi sigaba sokugcina, kufana njengoba umsebenzi kaJesu nokaJehova ubungafani yize uMoya wabo umunye. Umsebenzi kaJehova ubungewona owokuqeda inkathi kodwa ukuyihola nokungenisa impilo yabantu emhlabeni. Noma kunjalo, umsebenzi manje ukunqoba labo bantu abonakaliswe kakhulu ezizweni zabeZizwe nokungaholi kuphela umndeni waseShayina kodwa umhlaba wonke jikelele. Uyawubona lo msebenzi wenziwa kuphela eShayina, kodwa empeleni, usuqalile ukwanda naphesheya. Kungani abantu abavela kwamanye amazwe njalo nje befuna indlela yeqiniso? Kungenxa yokuthi uMoya usuqalile ukwenza umsebenzi Wakhe, futhi amazwi manje aseqondiswe kubantu bomhlaba wonke jikelele. Lo sekuyingxenye yomsebenzi. UMoya kaNkulunkulu sewenze umsebenzi omkhulu kakhulu ukusuka ekudalweni komhlaba; wenze imisebenzi ehlukene ngezinkathi ezahlukene; futhi ezizweni ezahlukene. Abantu benkathi ngayinye babona isimilo Sakhe esehlukile, esivezwa ngokwemvelo yimisebenzi ehlukene ayenzayo. UnguNkulunkulu, ogcwele umusa nesisa, ungumnikelo wesono wabantu futhi ungumelusi wabantu kepha ubuye abe ukwahlulela, isijeziso nesiqalekiso kubantu. Angahola umuntu ukuba aphile emhlabeni iminyaka eyizinkulungwane ezimbili abuye ahlenge abantu abonakele esonweni. Futhi kulolu suku, uyakwazi nokunqoba abantu abangamazi abenze babe ngaphansi kombuso Wakhe, ukuze bonke bazithobe ngaphansi Kwakhe ngokuphelele. Ekugcineni, uzoshisa konke okungcolile nokungalungi kubantu emhlabeni wonke jikelele, ukubakhombisa ukuthi akayena uNkulunkulu womusa, wesisa, wobuhlakani, wezimangaliso nobungcwele kuphela, kodwa ngaphezu kwalokho, unguNkulunkulu owahlulela abantu. Kulabo abakhohlakele phakathi kwabantu, ungukushisa, ukwahlulela kanye nokujezisa; kulabo okufanele bapheleliswe, Yena uwukuhlupheka, ukulungiswa, ukulingwa kanye nokunethezeka, ukuhlinzekwa, ukunikezwa amazwi, ukuphatha nokuthena. Kanti kulabo abakhishiwe, uyisijeziso kanye nokushaywa. Ake ungitshele, ingabe uNkulunkulu akayena uSomandla? Angawenza wonke umsebenzi, hhayi ukubethelwa kuphela njengoba ubucabanga. Uthathela uNkulunkulu phansi kakhulu! Ukholelwa ukuthi yonke into ibizophela ngemva kokuhlengwa kwabo bonke abantu ngokubethelwa Kwakhe? Nokuthi, okulandela lokhu, ubuzomlandela ukuya ezulwini bese udla isithelo esisemthini wokuphila uphinde uphuze emfuleni wokuphila. … Bekungaba lula kanjalo? Ngitshele, uzuzeni? Unakho ukuphila kukaJesu? Ngempela wahlengwa nguye, kodwa ukubethelwa kwaba umsebenzi kaJesu ngoKwaKhe. Msebenzi muni owenzile njengomuntu? Unobunkulunkulu obungaphandle kuphela kodwa awuyiqondi indlela Yakhe. Yile ndlela omveza ngayo? Uma ungakakutholi ukuphila kukaNkulunkulu noma wabona ukuphelela kokulunga kwesimilo Sakhe, ngakho awukwazi ukusho ukuthi ungulowo onokuphila, futhi awufanele ukudlula esangweni lombuso wasezulwini.

Akuwona uMoya wodwa uNkulunkulu kodwa angabuye abe yinyama, ngaphezu kwalokho, ungumzimba wenkazimulo. UJesu, yize ungakaze umbone, wafakazelwa ama-Israyeli, okusho ukuthi, amaJuda angaleso sikhathi. Uqale eyinyama, kodwa ngemva kokubethelwa, waba ngumzimba wenkazimulo. Unguwo wonke uMoya ojikelezelayo futhi angenza umsebenzi kuzo zonke izindawo. Angaba nguJehova, uJesu, noMesiya futhi ekugcineni angaba uNkulunkulu uSomandla. Ungukulunga, ukwahlulela nokujezisa, ukuqalekisa nolaka, kodwa ubuye abe umusa nesisa. Wonke umsebenzi owenziwe Nguye ungammela. Umbona njengoNkulunkulu onjani? Ungekwazi ukumchaza ungamane uthi, “Ngeke ngikwazi ukuchaza ukuthi unguNkulunkulu onjani”? Ungafiki esiphethweni sokuthi uNkulunkulu uzohlala enguNkulunkulu womusa nesisa, ngenxa yokuthi uNkulunkulu wenze umsebenzi wokuhlenga esigabeni esithize. Ungaqiniseka ukuthi unguNkulunkulu onjalo kuphela? Uma enguNkulunkulu onomusa nothando, kungani ezophetha inkathi ngezinsuku zokugcina? Kungani ezokwehlisa izinhlekelele eziningi kangaka? Uma kunjengoba ucabanga, ukuthi unomusa nothando kubantu kuze kube sekupheleni, kuze kube senkathini yokugcina, kungani-ke ezokwehlisa izinhlekelele zisuka ezulwini? Uma ethanda abantu njengoba ezithanda nanjengoba ethanda iNdodana Yakhe eyodwa, kungani ezokwehlisa izinkathazo nezichotho zisuka ezulwini? Kungani evumela abantu babulawe yindlala nezifo? Kungani evumela abantu bahlushwe yilezi zinhlekelele? Akekho kini ongalokotha asho ukuthi unguNkulunkulu onjani, futhi akekho ongachaza. Ungaqiniseka ukuthi unguMoya? Ungalokotha uthi uyinyama kaJesu? Futhi ungalokotha uthi unguNkulunkulu oyohlala ebethelelwa abantu?

Umthombo Izwi Livela Lisenyameni

Imibhalo engezansi:

a. Umbhalo wokuqala awuwufaki “umsebenzi we.”

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana