Voice of Justice

Voice of Justice

2018/09/16

11. Ukuzizwela Ukunakekelwa Ngokucophelela NguuNkulunkulu KoMuntu Esinda Kwinhlekelele

EMuling Kwidolobha iBeijing

Ncwaba 16, 2012

Mhla zingama-21 kuNtulikazi, 2012, iBeijing yabona imvula enkulu eminyakeni engamashumi ayisithupha. Kuleyo mvula enzima ngabona imisebenzi kaNkulunkulu futhi ngabona nokuthi umsindisa kanjani umuntu.

Ngaleyo ntambama mina nodadewethu abathathu sasike sahlangana. Ngaphandle laliqhubeka nokuyithela. Ngele-4:30 ntambama umyeni wami, owayengelona ikholwa, wabuya wasixoxela ukuthi kunamanzi amaningi endleleni ezungezayo lapho abantu bengeke bekwazi ukudlula khona. Nakuba kunjalo, ngele-5:00 ntambama wahamba ngokushesha eyongena emsebenzini wasebusuku. Ngaleso sikhathi angizwanga lutho olungajwayelekile, ngaya kopheka isidlo santambama njengo kujwayelekile. Ngele-7:00 ntambama ngokushesha kwangqongqoza emnyango isiqashi singimemeza, futhi ngenkathi ngiphuma ngiyobona, ngabona into eyashaqisa impela: Amanzi emvula ayesevele esegcwele egcekeni esengena ngakuphiko lwangase mpumalanga nolwase ntshonalanga lwendlu, ngale nkathi amanzi phansi eqhubeka nokuphakama. Mina nendodana yami sazama ukuvimba lokhu kugeleza kwamanzi, sehluleka. Ngokukhathazeka, ngaguqa phansi emanzini, ngamemeza uNkulunkulu, “O Nkulunkulu, ngiyakuncenga ukuba ungivulele indlela yokuthi ngiphume.” Ngawo lo mzuzu kwafona inkampani yomyeni wami ibuza ukuthi wayesekhaya yini, ngenkathi ngiphendula ucingo amanzi ayesevele esefinyelela kwingxenye enkulu yendlu. Ngabona manje ukuthi izinto sezonakele kanjani, futhi ngaqala ngakhathazeka ngomyeni wami ngingazi ukuthi kwenzekeni kuyena. Ngaguqa futhi phansi emanzini ukubiza uNkulunkulu ekukhathazekeni kwami, “O Nkulunkulu! Kulapho kuphela ekubhekaneni nalezi zikhukhula ezinyazimayo ukuthi ngizizwela mina uqobo ulaka Lwakho, nokubona okwami uqobo ukukuhlubuka kanye nokukukhaphela. Ubungeguqulele izinhliziyo zethu kuWena, futhi siphile kalula sibambelele kuWena kodwa ngisabambelele emndenini, kumyeni wami nengane futhi angibadedeli. O Nkulunkulu! Yimanje kuphela la ngiqonda khona ukuthi phakathi kwabantu akekho ongaletha noma yini kunoma ubani, futhi akekho ongasindisa omunye; ngithembele kuWe kuphela. Umyeni wami sekuphele amahora ama-4 esendleleni eya emsebenzini, kodwa namanje akakafinyeleli enkampanini, futhi angazi ukuthi kungabe kwenzekeni endleleni. Ngiyamnikela ngokuzikhethela ezandleni Zakho, nanoma yikuphi okwenzekayo, ngiyalalela ngokuzikhethela okusungulile nokuhlelile Wena!” Ngaqhubeka nokuthandaza ngale ndlela ngiphinda phinda, kwathi ngabo9 ebusuku umyeni wami wema ngokushesha phambi kwami emanzi te. Ngambonga uNkulunkulu ngangapheza enhliziyweni yami ngokumsindisa. Ngalesi sikhathi amanzi egumbini ayesevele esefinyelele ngezansi kwethanga lami futhi ngathatha umyeni wami ngathi, “Khuleka kanye nami, impilo yethu ekaNkulunkulu ukuba simnikeze.” Umyeni wanqekuzisa ikhanda ngokuvumelana, futhi saguqa phansi ndawonye emanzini ngomkhuleko. Sisakhuleka, ngokushesha ngezwa isiqashi simemeza, “Amanzi aseyabohla! Aseyabohla!” Enhliziyweni yami ngangijabule; ngaphandle amanzi ayesehla, kona angabohla kanjani amanzi? Lokhu kwakuwubu Somandla bukaNkulunkulu! Waze wamuhle impela, waze wathembeka impela uNkulunkulu; Uyamthanda kakhulu umuntu. Thina asibalulekile futhi siyahlubuka. UNkulunkulu uyasihawukela, futhi ezwe ukukhala kwethu bese esisindisa enhlekeleleni. Angiwazi ngempela amagama angaveza indlela engibonga ngayo futhi nengimncoma ngayo uNkulunkulu.

Emva kwale mvula enzima, umyeni wami,umamezala wami kanye nozakwethu nabo bakholwa wuNkulunkulu, futhi ngambonga uNkulunkulu ngokusindiswa kwabo. Ngalesi sehlo ngaqonda ngeqiniso ukuba uNkulunkulu wehlisa izinhlekelele ukuba angabhubhisi isintu kodwa ukuzokwenza insindiso yaso. Ngakolunye uhlangothi, uyasivusa thina, bantwana bakhe abayizimpumputhe kanye nabahlubukile abakholwa Wuye bebe benhliziyo ziyisigamu futhi bamkhohlise futhi bamhlubuke Yena. Ngakolunye uhlangothi, kakhulu kungukusindisa yonke imiphefumulo empofu eyayinge Yakhe phambilini kodwa esaphila ngaphansi kombuso kaSathane. Le nqubo yensindiso iqukethe ukunakekelwa ngokucophelela nguNkulunkulu. Njengoba amazwi kaNkulunkulu esho:“Namuhla, angehleli nje kuphela esizweni sikadrako omkhulu obomvu, ngiphinde ngiphendulele ubuso Bami kwizulu nomhlaba jikelele, ukuze izulu nomhlaba kuthuthumele. Ingabe ikhona indawo engakutholi ukwahlulela Kwami? Ingabe ikhona indawo engenazo izishayo engizehlisele phansi? Yonke indawo engiya kuyo ngiye ngasakaza “izimbewu zenhlekelele” zalo lonke uhlobo. Lena ngenye yezindlela engisebenza ngazo, futhi ngokungangabazeki iyisenzo sokusindiswa kwabantu, futhi engibanikeza kona kusawuhlobo oluthile lothando. Ngifisa ukwenza abantu abaningi kakhulu ukuba bangazi, bakwazi ukungibona, futhi ngaleyo ndlela bakwazi ukuhlonipha uNkulunkulu abangakaze bambone iminyaka eminingi, kodwa ongokoqobo namuhla” (Izwi Leshumi ku Amazwi KaNkulunkulu Aya Emhlabeni Uwonkana kuIzwi Livela Lisenyameni). Angikwazi ukusiza ngaphandle kokunikela udumo lwami kuNkulnkulu futhi: “O Nkulunkulu, uthando Lwakho luyiqiniso, ngoba sengibonile ukuthi noma ungenzani konke kuwukuzosisindisa. Manje ngiyakwazisa ukuba nguSomandla nobuhlakani Bakho, futhi ngibona nothando Lwakho, nensindiso Yakho kanti futhi ngokucacile izinhloso zakho zokulangazela. Angisakwazi ukungabi nandaba nokungabongi. Ngifisa kuphela ukunikela ngako konke engiyikho ukuze ngiqhubezele ivangeli lombuso Wakho, ukubuyisela imiphefumulo eminingi elahlekile emndenini Wakho, kanti futhi ngale ndlela nginikele inhliziyo yami ngokuzimisela Kuwe ukuze ngizuze uthando Lwakho!”


Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla


Awekho amazwana:

Thumela amazwana