Voice of Justice

Voice of Justice

2018/09/14

12. Ngesikhathi Sesigameko Ngabona Ukuvikela KukaNkulunkulu

UYongxin, Idolobha IYibin,Isifundazwe ISichuan 

Sasingakaze sikholwe kuNkulunkulu ngaphambilini. Ngowezi-2005, siphakanyiswe wuNkulunkulu, umyeni wami, ubabezala, umalume, nami sonke samukela umsebenzi kaNkulunkulu wezinsuku zokugcina. Kungekudala, ibandla langihlelela umsebenzi wokugcina izincwadi ziphephile. Kamuva, umuzi wethu waba semlilweni, futhi ngesikhathi salo mlilo semukela ukuvikela kukaNkulunkulu okumangalisayo. UNkulunkulu impela unguMninimandla onke.

Ngolunye usuku kuMbasa kowezi-2006, emuva kwesidlo sasemini ngakwelo-1 ntambama, lalikhithika kanzima phandle. Umyeni wami undodakazi nami sasingaphakathi, sizifudumeza ngasemlilweni futhi sixhoza ummbila, ngenkathi sizwa ngokushesha izwi liphuma ngaphandle limemeza kakhulu, “Umuzi wenu uyasha! Sheshani, phumelani ngaphandle niwucime!” Saphuthuma sagijimela phandle, futhi sabona ukuthi umlilo wawusuvele usushise uphahla lwekhishi kanye nendlu yezingulube. Abantu abathathu abangakholwa basisiza ukuba silwe nomlilo, futhi bamemeza, “Wozani nizosiza kuliwe nomlilo!” Imizana emibili engomakhelwane yakuzwa ukumemeza kwethu, futhi ngokushesha abantu abangama-30 noma angama-40 bafika ukuzosisiza silwe nomlilo. Ngaleso sikhathi, ngezwa omunye ethi, “Lo mndeni awukholwa yini kuNkulunkulu? Umlilo ubehlele kanjani bona? Manje njengoba umuzi wabo usushile, bhekani ukuthi basakholwa yini kuNkulunkulu.” Kulesi sikhathi, angizange ngikunake ababekusho, ngabona ukuthi umlilo wawuya udlondlobala kakhulu. Umoya onamandla waqhubeza amalangabi asabekayo wawaqondisa ngqo ohlangothini olukhulu lomuzi wethu. Ngangikhathazeke kakhulu enhliziyweni yami, ngoba endlini kwakunezincwadi zebandla kanye nesivuno sokusanhlamvu somndeni. Kulo mzuzu wexhala, ngakwazi kuphela ukulokhu ngimemeza uNkulunkulu: “O Nkulunkulu! Ngicela ukuthi unakekele futhi uvikele izincwadi zebandla kanye nesivuno sethu, ungavumi ukuthi kushe.” Emva kokuba ngikhulekile, isimanga senzeka. Umoya waphenduka wabheka kwenye indawo; kulapho kuphela engehlelwa khona ukukhathazeka enhliziyweni yami, njengoba ngase ngazi ukuthi izinto ezazingaphakathi komuzi wethu zonke zazivikelekile. Ngenkathi sizwa abantu ababelwa nomlilo bekhuluma ngenani lemali izinto ezazishile ezazilibiza, sakhumbula ngokushesha ukuthi kwakunezingulube ezimbili egoqweni. Umyeni wami wagijima ukuyozisindisa; kungekudala engene ngaphakathi, kwahhidlika ngokushesha imvithi evuthayo yavimba umnyango. Ngenkathi ngibona lokhu inhliziyo yami yagxumela emphinjeni wami, futhi ngakhala ngokukhathazeka kuNkulunkulu enhliziyweni yami, ngincenga Yena ukuthi abheke futhi avikele umyeni wami. Abangakholwa bakhathazeka bonke ngokuthi umyeni wami wayesengozini enkulu. Nokho, besabuka bonke, umyeni wami ekugcineni waqhamuka emlilweni ephephile futhi ephilile, edudula izingulube ezimbili ezisisindo sazo ngama-50 wamakhilogramu iyinye. Ngalesi sikhathi, inhliziyo yami yaba nokuzotha ekugcineni. Umlilo wavutha isikhathi esingangehora noma ngaphezulu, sekukonke ushisa ikhishi kanye namagoqo ezingulube amabili, okwaholela ekulahlekelweni okulinganiselwa kuma-yuan ayizinkulungwane ezine.

Kwaba kwemva kwesikhashana kuphela lapho sazi khona ukuthi lonke leli kloba laliqalwe yingane idlala ngomlilo. Ngalesi sikhathi ngakhumbula amazwi kaNkulunkulu, “Kuso sonke isinyathelo somsebenzi uNkulunkulu awenzayo phakathi kubantu, ngaphandle kubonakala kuwukusebenzisana phakathi kwabantu, kusengathi kudalwe ukuhlela komuntu, noma ukungenela komumtu. Kodwa ekusithekeni, sonke isinyathelo somsebenzi, nakho konke okwenzekayo, ukubheja okwenziwe nguSathane phambi kukaNkulunkulu, futhi kudinga ukuthi abantu bame baqine ebufakazini babo kuNkulunkulu. Njengesibonelo, bheka nje ngenkathi uJobe evivinywa, uSathane wayebhejelana noNkulunkulu, futhi okwenzeka kuJobe kwakuyizenzo zabantu, nokungenela kwabantu. Ngemva kwaleso naleso sinyathelo uNkulunkulu asenzayo kuwe kukhona ukubhejelana kukaSathane noNkulunkulu – ngemuva kwakho konke kunempi. … Lapho uNkulunkulu noSathane belwa emkhakheni womoya, ningamenelisa kanjani uNkulunkulu, futhi ningama kanjani niqine ebufakazini benu Kuye? Kufanele nazi ukuthi konke okwenzeka kini kuyisivivinyo esikhulu futhi yisikhathi lapho uNkulunkulu edinga ukuthi nethule ubufakazi. … uma ningazuza ukukhonzwa ngabafowenu nodadewenu, amalungu emindeni wenu, nawo wonke umuntu onizungezile; uma, ngelinye ilanga, abangakholwa befika, bakuthande konke enikwenzayo, babone ukuthi konke uNkulunkulu akwenzayo kuyamangalisa, niyobe senibethulile ubufakazi” (“Ukuthanda uNkulunkulu Kuphela Ukukholwa KuNkulunkulu Ngeqiniso” kwincwadi Izwi Livela Lisenyameni) Emazwini kaNkulunkulu ngaqonda ukuthi namuhla ngenkathi umndeni wami ubhekene nokusha komuzi wethu, emehlweni nje kwakubonakala ukuthi wawuqalwe yingane eyayidlala ngomlilo, kodwa ezingeni likamoya empeleni kwakuwuSathane kanye noNkulunkulu bebheja. USathane wayefuna ukusebenzisa lokhu ukungenza ngigxeke uNkulunkulu, ngimlahle uNkulunkulu, futhi ngimphike uNkulunkulu. Ngenkathi abangakholwa bethi, “Umuzi walo mndeni uyasha, bhekani ukuthi basakholwa yini kuNkulunkulu” lokhu kwakuyisilingo sikaSathane esasibhekene nami. Ukuba ngalandela abangakholwa ekugxekeni uNkulunkulu nasekwahluleleni uNkulunkulu, ngabe ngalahlekelwa wubufakazi. Ngase ngiqonda intando kaNkulunkulu, ngathandaza kuNkulunkulu: “O Nkulunkulu! Lokho ebengibhekene nako namuhla bekuyisivivinyo Sakho kimi, futhi kuyisilingo sikaSathane. Ngicela unginike ukholo namandla, futhi ungigcine ngingakhonondi kulolu daba ukuze ngikwazi ukumela ubufakazi ngaWe phambi kukaSathane. Ngiyakholwa ukuthi zonke izindaba kanye nezinto zisezandleni Zakho. Isiphetho sami lisezandleni Zakho, futhi ngizolalela ubukhosi kanye nokuhlela Kwakho.”

Ngalobo busuku, umndeni wethu wahlangana ndawonye njengokwejwayelekile ukudla kanye nokuphuza amazwi kaNkulunkulu, ngase ngibuza umyeni wami, “Amapulangwe akho ashile, uyamsola uNkulunkulu?” Wathi, “Yini okungakhonondwa ngayo? Ngenkathi ngiya esibayeni sezingulube, nonke benikhathazekile ngempilo yami, futhi nesaba ukuthi kukhona obekuzokwenzeka kimi, nokho enhliziyweni yami bengingesabi nakancane, futhi ekugcineni ngiqhamuke ngiphephile futhi ngiphilile. Ingabe lokhu akukhona ukuvikela kukaNkulunkulu? Uma bekungekhona ukuvikela kukaNkulunkulu, umuzi wethu wonke ngabe ushile, futhi ngokwempilo yami kulukhuni ukusho. Sinakho esinakho namhlanje, futhi kumele simbonge uNkulunkulu ngokusinakekela Kwakhe kanye nokusivikela, futhi simbonge ngothando Lwakhe kithina.” Ngempela, ngesikhathi salesi sigameko, ngimbonile ngempela uNkulunkulu esinakekela futhi esivikela. Emva kokuba umuzi wethu usushile, uma uNkulunkulu wayengalethanga abantu abangamadazini amaningi ukuza bazocima umlilo, ukuthembela emandleni omndeni wethu kuphela kwakungeke kube nendlela yokucima umlilo. Ngenkathi umoya ududula umlilo uwubhekisa ohlangothini olukhulu lwendlu yethu, uma kwakungeyena uNkulunkulu esebenzisa amandla akhe amakhulu ukuguqula indlela yomoya, ngabe izincwadi zebandla, ummbila wethu kanye nomuzi wethu kwakuzosha konke. Ngenkathi umyeni wami eba nesibindi sokubhekana namalangabi ukusindisa izingulube, uma kwakungekhona ukuvikela kukaNkulunkulu, ngaphansi kokuqina kangaka kwalowa mlilo omkhulu umyeni wami wayengase ashe afe, wayengeke nje aphume kalula ngaphandle kokulimala nonwele ekhanda lakhe. Ngokwanda kokuxoxa, kwanda ukubona amandla amakhulu nothando lukaNkulunkulu. Asigcinanga ngokungakhonondi kuphela, kodwa izinhliziyo zethu zazigcwele ukubonga okukhulu kuNkulunkulu.

Kusukela kulesi sigameko, ngabona ngamehlo ami uqobo ukuba namandla onke kukaNkulunkulu kanye nezenzo Zakhe ezimangalisayo, ngazizwela futhi umusa nokuthandeka Kwakhe. Nakuba emva komlilo, isimo somndeni wethu sathi ukuba sibi kunangaphambili, ayiyiguqulanga nakancane inhliziyo yami elandela uNkulunkulu. Kungakhathaleki ukuthi abanye bathini, ngikholwa ngokuqinile noma uNkulunkulu angenza kanjani, uhlale ehlose ukusindisa abantu, futhi unokubaphelelisa. Ngiyazi ukuthi ngokwesimo sami kwakungelula ukuba nobufakazi. Ngesikhathi salesi sivivinyo, ngakwazi ukuba nobufakazi nokujabhisa uSathane, futhi konke kuwumphumela womsebenzi kaNkulunkulu. Kusukela manje, ngizofunda amazwi amaningi kaNkulunkulu, ngizihlomise ngeqiniso eliningi, futhi kuzo zonke izinhlobo zezivivinyo ngibe nobufakazi ngoNkulunkulu ngesimo sami sangoqobo. Yonke inkazimulo mayinikezwe uNkulunkulu uSomandla!

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Awekho amazwana:

Thumela amazwana