Voice of Justice

Voice of Justice

2018/09/16

For Whom Man Should Live

I
Bekungacacile ukuthi abantu kumele baphilele bani.
Manje sengiyitholile impendulo.
Bengijwayele ukuziphilela mina,
ngifuna kuphela isithunzi nodumo.
Ukuthandaza kuNkulunkulu kugcwalise amazwi amahle,
kuyilapho ngibambelele endleleni yami yokuphila yangempela.

Ukholo olusekelwe ekusaseni nasekudalelweni,
anginalo iqiniso noma ubuqiniso.
Amasiko nemithetho, aminyanisa ukholo lwami;
ngishiywe ngingenalutho.
Ngehlulekile ukuphila njengomuntu,
angilufanelekele uthando lukaNkulunkulu.
II
Inhliziyo yami iphaphanyisiwe manje,
ingitshela ukuthi ngibuyisele uthando lukaNkulunkulu.
Ngiyazizonda ngoba bengingenanembeza,
ngingamlaleli uNkulunkulu futhi ngidabukisa inhliziyo yaKhe.
Bengingenandaba nhlobo nenhliziyo kaNkulunkulu;
ngingenandaba nangamazwi aKhe.
Ngingenanembeza, ngingenangqondo,
bengingabalwa kanjani njengomuntu?
Ukwahlulela kukaNkulunkulu kungenza ngibone,
bengonakaliswe kakhulu uSathane.
Leli zwe elibi, linezicupho yonke indawo;
iqiniso yilo okumele likhethwe yikholwa.
O Nkulunkulu othandekayo,
ungithande kangangokuba wenze
konke ongakwenza ukuze ungisindise.
Ongenzele kona, ngizokugcina engqondweni!
Angeke ngikukhohlwe nanini.
Ukunakekela inhliziyo kaNkulunkulu, kuyintando yami.
Ngizimisele ukuphishekela iqiniso.
Ukuzikhandla ngenxa kaNkulunkulu,
ukuzinikela ukuze ngibuyisele uthando lwaKhe,
ukuzinikela ukuze ngibuyisele uthando lwaKhe.

Khetha kulokhu: Landela iWundlu Nihlabelele Izihlabelelo Ezintsha

Awekho amazwana:

Thumela amazwana