Voice of Justice

Voice of Justice

2018/01/15

South African Gospel Music "Uthando Lweqiniso LukaNkulunkulu" Thank God for His Salvation



South African Gospel Music "Uthando Lweqiniso LukaNkulunkulu" Thank God for His SalvationI


Ngimi phambi kukaNkulunkulu futhi namhlanje.
Inhliziyo yami inokuningi engingakusho 
uma ngibona ubuso Bakhe obuhle.
Ngishiye umlando wami wokuduka ngemuva.
Izwi Lakhe lingigcwalisa ngenjabulo 
nokuthakasa okuvela emseni Wakhe.
Amazwi kaNkulunkulu athambile lawa anginisela futhi
angondle ukuze ngikhule.
Amazwi Akhe aqinile lawa angikhuthaza ukuba ngisukume futhi.
Nkulunkulu, siyakuhlabelelela namhlanje 
ngenxa yezibusiso Zakho.
Sikunika udumo namhlanje ngoba usiphakamisile.
Nkulunkulu weqiniso Onamandla osithandile!
Siyakuthanda! O Nkulunkulu! Ngeqiniso!
II
Ngifuna ukujabula ezwini lakho izinsuku zami zonke.
Ngibheka Kuwe, Nkulunkulu wami, 
ukuze ngithole ukukhanya kohambo nohambo.
Uyanisela wondle abantu Bakho othandweni.
Usiholela kude kwethonya lokudukiswa udeveli.
Amazwi kaNkulunkulu athambile lawa anginisela futhi
angondle ukuze ngikhule.
Amazwi Akhe aqinile lawa angikhuthaza ukuba ngisukume futhi.
Nkulunkulu, siyakuhlabelelela namhlanje 
ngenxa yezibusiso Zakho.
Sikunika udumo namhlanje ngokuba usiphakamisile.
Nkulunkulu weqiniso Somandla osithandile!
Siyakuthanda! Nkulunkulu! Ngeqiniso!
III
Bafowethu nodadewethu! Asiphakame sidumise!
Jabulelani lo mzuzu esiwuchitha ndawonye.
Sikhululiwe emaketangeni emithwalo yenyama,
Ake sikhombise uthando lwethu kuNkulunkulu ngezenzo eziyizo,
siphelelise umsebenzi wethu ngenhliziyo nangamandla.
Siyakuthanda, Nkulunkulu Somandla! Asisoze sakushiya!
Amazwi kaNkulunkulu athambile lawa anginisela futhi
angondle ukuze ngikhule.
Amazwi Akhe aqinile lawa angikhuthaza ukuba ngisukume futhi.
Nkulunkulu, siyakuhlabelelela namhlanje 
ngenxa yezibusiso Zakho.
SiKunikeza udumo namhlanje.
IV
Amazwi kaNkulunkulu athambile lawa anginisela 
futhi angondle ukuze ngikhule.
Amazwi Akhe aqinile lawa angikhuthaza ukuba ngisukume futhi.
Nkulunkulu, siyakuhlabelelela namhlanje 
ngenxa yezibusiso Zakho.
Sikunika udumo namhlanje ngokuba usiphakamisile.
Nkulunkulu weqiniso Somandla osithandile!
Siyakuthanda! O Nkulunkulu! Ngeqiniso!
Ngokuba Usiphakamisile.
Nkulunkulu weqiniso Somandla osithandile!
Siyakuthanda! O Nkulunkulu! Ngeqiniso!

Khetha kulokhu: Landela iWundlu Nihlabelele Izihlabelelo Ezintsha

Awekho amazwana:

Thumela amazwana