Voice of Justice

Voice of Justice

2017/12/29

Isixwayiso Kulabo Abangalenzi Iqiniso

Labo phakathi kwabafowethu nodadewethu abahlale beveza ububi babo bayizincelebane zikaSathane futhi bayaliphazamisa ibandla. Laba bantu ngelinye ilanga kumele baxoshwe futhi baqothulwe. Ekukholelweni kwabo kuNkulunkulu, uma abantu ngaphakathi bengabi nenhliziyo ehlonipha uNkulunkulu, uma bengabi nenhliziyo elalela uNkulunkulu, ngeke bagcine nje ngokungakwazi ukwenzela uNkulunkulu noma yimuphi umsebenzi, kodwa ngokuphambene bayoba abantu abaphazamisa umsebenzi kaNkulunkulu futhi abangcolisa uNkulunkulu. Lapho umuntu okholelwa kuNkulunkulu engamlaleli uNkulunkulu noma ahloniphe uNkulunkulu kodwa esikhundleni salokho amngcolise, leli kuyoba yihlazo elikhulu elenziwa yikholwa. Uma ukukhuluma nokuziphatha kwekholwa kuhlale kunganakiwe futhi kungalawulwa njengokomuntu ongakholwa, kusho ukuthi lelo kholwa likhohlakele ukwedlula umuntu ongakholwa; bafana namademoni. Labo ebandleni abakhuluma into enoshevu, labo phakathi kwabafowethu nodadewethu abasakaza inhlebo, babange ukushayisana kanye nokungezwani kufanele baxoshwe ebandleni. Kodwa laba bantu sebevinjelwe njengoba manje sekungenye inkathi yomsebenzi kaNkulunkulu, ngoba nakanjani bazoqothulwa. Labo abonakaliswe uSathane bonke banesimo esikhohlakele. Kodwa kuyilapho abanye abantu benesimo esikhohlakele kunabanye abangenjalo, futhi abagcini nje ngokuba nesimo sobusathane esikhohlakele, kodwa nendlela abakheke ngayo yimbi ngokwedlulele. Yonke into lolu hlobo lomuntu oluyenzayo noluyishoyo ayivezi nje kuphela isimo salo esikhohlakele sobusathane, kodwa bona ngokwabo bangoSathane udeveli bangempela. Okuwukuphela kwento abayenzayo ukuphazamisa umsebenzi kaNkulunkulu, ukuphazamisa ukungena empilweni kwabafowethu nodadewethu, nokuphazamisa impilo enhle yebandla. Lezi zimpisi ezembathe isikhumba semvu kumele ziqothulwe kungekudala, futhi akumele siphathwe ngendlela yokuzicabangela lezi zincelebane zikaSathane; umuntu kumele azidedisele kude nazo. Ukwenza lokhu kuphela okungenza umuntu abe sohlangothini lukaNkulunkulu futhi labo abangakwenzi lokho bamunye noSathane. UNkulunkulu uhlale esezinhliziyweni zalabo abakholelwa ngobuqotho kuNkulunkulu futhi bahlale benenhliziyo ehlonipha uNkulunkulu, inhliziyo ethanda uNkulunkulu. Labo abakholelwa kuNkulunkulu kumele benze izinto ngokuqapha nangenhliziyo ecophelelayo, futhi konke abakwenzayo kufanele kuhambisane nezimfuno zikaNkulunkulu, bakwazi ukwanelisa inhliziyo kaNkulunkulu. Akufanele baqinise ikhanda, benze noma yini abayithandayo; engahambisani nobungcwele. Abantu abakwazi ukubukisa ngophawu lukaNkulunkulu futhi bakhulume ngalo ngokucasuka noma kuphi, ukubukisa nokukhohlisa yonke indawo; ukwenza lokhu kuwukuhlubuka okwedlulele. Imindeni inemithetho nezizwe zinemithetho, ngakho imiyalo yomndeni kaNkulunkulu iqine kangakanani? Ayiyedluli yini eyalabo abaphethe? Abantu bakhululekile ukwenza abakufunayo, kodwa imiyalo yokuqondisa kaNkulunkulu ayinakushintshwa umathanda. UNkulunkulu unguNkulunkulu ongabavumeli abantu bamcasule futhi uNkulunkulu angababulala abantu—ingabe abantu abakwazi lokhu?

Wonke amabandlaanabantu abaphazamisa ibandla, abantu abaphazamisa umsebenzi kaNkulunkulu. Bonke laba bantu bamelela uSathane emndenini kaNkulunkulu. Lolu hlobo lomuntu luhle kakhulu ekuzenziseni, nasekuzeni ngenhlonipho phambi kwaMi, lunqekuzisa ikhanda futhi lukhothame, lwenzise okwezinja ezingcolile, lunikele ngakho “konke” ukuze lufeze izinhloso zalo, kodwa luveze ububi balo phambi kwabafowethu nodadewethu. Lapho bebona umuntu enza iqiniso bayamhlasela bamkhiphe inyumbazane, futhi lapho bebona umuntu ongcole ukwedlula bona, bayamdumisa futhi bamthophe, baphathe abanye ngonya ebandleni. Kungashiwo ukuthi amabandla amaningi analolu hlobo “lwenyoka eyingozi,” lolu hlobo “lwenja” ngaphakathi kwawo. Bahlangana ngamakhanda, baqwayize amehlo futhi baphakamiselane izandla bodwa, futhi akekho kubo owenza iqiniso. Onoshevu omningi “idemoni eliholayo,” futhi noma ubani ohlonishwa kakhulu uyabahola, aphakamise ifulege labo. Laba bantu bayedlulela ebandleni, basakaze imibono yabo ephambene, bakhulule ukufa, benze umathanda, basho abakuthandayo, kungekho muntu ongalokotha abavimbe, bagcwele isimo sobusathane. Ngemva nje kokuphazamisa, ifu lokufa liyangena ebandleni. Labo abenza iqiniso ebandleni bayayekwa futhi abakwazi ukwenza okusemandleni, kuyilapho labo abaphazamisa ibandla besakaza ukufa ebandleni. Okukhulu nakakhulu, ukuthi iningi liyabalandela. Lolu hlobo lwebandla lumane lulawulwa uSathane futhi uSathane inkosi yalo. Uma abantu bebandla bengasukumi baxoshe lawo mademoni aholayo, nabo bazochithwa kungekudala. Kusukela manje kumele kwenziwe okuthile ngalolu hlobo lwebandla. Uma labo abakwazi ukwenza iqiniso kancane bengafuni, ibandla lizovalwa. Uma kungenamuntu ebandleni ozimisele ukwenza iqiniso, kungekho muntu ongafakazela uNkulunkulu, kusho ukuthi ibandla kufanele likhishwe inyumbazane ngokugcwele, futhi ukuxhumana kwalo namanye amabandla kumele kuqedwe. Lokhu kubizwa ngokungcwaba ukufa nokuxosha uSathane. Uma kunezinyoka ezinoshevu eziningana ebandleni, kanye nezimpukane ezingaqondi ezizilandelayo, uma ibandla lingayiqedi lembumba nokukhohlisa kwalezi zinyoka ngemva kokuthola iqiniso, lezi ziwula zizoqothulwa ekugcineni. Nakuba lezi zimpukane ezincane kungenzeka azenzanga lutho olubi, zikhohlisa kakhulu, zinekhono nobuchule futhi wonke umuntu onjalo uzoqothulwa. Akekho noyedwa ozoshiywa! Labo abangabakaSathane bayobuyiselwa kuSathane, kuyilapho labo abangabakaNkulunkulu nakanjani beyohamba bafune iqiniso; lokhu kunqunywa ukwakheka kwabo. Bonke labo abalandela uSathane mababhujiswe! Akunazwela oluyoboniswa laba bantu. Labo abafuna iqiniso mabalungiselwe futhi bavunyelwe bajabulele izwi likaNkulunkulu ezinhliziyweni zabo. UNkulunkulu ulungile; akabaphathi abantu ngokungenabulungisa. Uma ungudeveli, ngeke ukwazi ukwenza iqiniso. Uma ungumuntu ofuna iqiniso, nakanjani ngeke uthunjwe uSathane—lokhu akuthandabuzwa.

Labo abangafuni ukuthuthuka bahlale befuna abanye ukuba babe nombono ophambene futhi bavilaphe njengabo, labo abangalenzi iqiniso banomona ngalabo abenza iqiniso. Labo abangalenzi iqiniso bahlale befuna ukukhohlisa labo abadidekile futhi abangaqondi. Izinto ezitshalwa yilaba bantu zingakwenza uphelelwe amandla, ushelele uwe, ube nezimo ezingezinhle futhi ngaphakathi ugcwale ubumnyama; zikubangela ukuba uqhele kuNkulunkulu, zikwenza uthande inyama futhi uzitike ngenjabulo. Labo abangalithandi iqiniso, abahlale bengenandaba noNkulunkulu, abazazi futhi isimo sabo senza abantu benze izono futhi bangcolise uNkulunkulu. Abalenzi iqiniso futhi ababavumeli abanye ukuthi balenze. Bathanda isono futhi akukho abangakuthandi ngabo. Abazazi futhi bavimba abanye ukuba bangazazi, bavimba abanye ukuze bangalangazeleli iqiniso. Labo ababakhohlisayo ngeke bakubone ukukhanya futhi bawela ebumnyameni, abazazi, futhi alibakhanyeli iqiniso futhi baqhela ngisho nakakhulu kuNkulunkulu. Abalenzi iqiniso futhi bayabavimba abanye ekwenzeni iqiniso, balethe labo bantu abayiziwula phambi kwabo. Kunokuthi bathi bayakholelwa kuNkulunkulu, kungaba ngcono bathi bakholelwa kokhokho babo, ukuthi lokho abakholelwa kukho yizithixo ezisezinhliziyweni zabo. Kungaba kuhle ngalabo bantu abathi balandela uNkulunkulu ukuze avule amehlo abo ukuba bake bacabangisise ngabakholelwa kukho: Ingabe nikholelwa kuNkulunkulu ngempela, noma kuSathane? Uma wazi ukuthi okholelwa kukho akuyena uNkulunkulu kodwa yizithixo zakho, kungaba kuhle ungasho ukuthi uyikholwa. Uma ungazi ngempela ukuthi ukholelwa kubani, kungaba kuhle futhi ukuthi ungazibizi ngekholwa. Ukusho lokho kungaba ukwedelela! Akekho okuphoqa ukuba ukholelwe kuNkulunkulu. Ningasho ukuthi niyakholelwa kiMi, njengoba ngawezwa kudala lawo mazwi angifisi ukuphinde ngiwezwe, ngoba enikholelwa kukho izithixo ezisezinhliziyweni zenu nezinyoka ezinoshevu eziphakathi kwenu. Labo abanqekuzisa amakhanda lapho bezwa iqiniso, abahleka kuze kuvele elomhlathi lapho bezwa kukhulunywa ngokufa bayinzalo kaSathane, futhi bonke bazoqothulwa. Ebandleni kunabantu abaningi abangaqondi, futhi lapho kwenzeka into engamanga, bama ohlangothini lukaSathane. Lapho bebizwa ngezincelebane zikaSathane bazizwa bethukwa. Kuthiwa abanakuqonda, kodwa bahlale besohlangothini olungenalo iqiniso. Asikho nesisodwa isikhathi esibucayi lapho bake bema khona ngasohlangothini lweqiniso, ngisho nesisodwa isikhathi abake bama ngaso balwela iqiniso, ngakho ingabe abanakho ngempela ukuqonda? Kungani behlale bemi ohlangothini lukaSathane? Kungani bengasho nelilodwa igama elifanele noma elicabangela iqiniso? Ingabe ngempela lesi simo sibangelwe ukudideka kwesikhashana? Lapho umuntu eba nokuqonda okuncane, yilapho bengakwazi khona ukuma ohlangothini lweqiniso. Kuvezani lokhu? Ingabe akubonisi ukuthi labo abangaqondi bathanda ububi? Ingabe akubonisi ukuthi labo abangaqondi bayinzalo eqotho kaSathane? Kungani behlale bemi ohlangothini lukaSathane futhi bekhuluma ulimi olufana nolwakhe? Wonke amazwi nezenzo zabo, kanye nezinkulumo zabo kufakazela ngokwanele ukuthi abalona uhlobo oluthanda iqiniso, kodwa kunalokho, bangabantu abazonda iqiniso. Ukuthi bengama ohlangothini lukaSathane kufakazela ngokwanele ukuthi uSathane ubathanda ngempela labo develi abancane abalwa ukuphila kwabo konke ngenxa kaSathane. Ingabe wonke la maqiniso awakhanyi bha? Uma ngempela ungumuntu othanda iqiniso, kungani-ke ungabahloniphi labo abenza iqiniso, futhi kungani ubalandela ngokushesha labo abangalenzi iqiniso ngomzuzu abashintsha ngawo kancane isimo sabo? Hlobo luni lwenkinga lolu? Anginandaba ukuthi unokuqonda noma cha, anginandaba ukuthi ukhokhelwe imali eningi kangakanani, anginandaba ukuthi unamandla amaningi kangakanani, futhi anginandaba noma uyinyoka esebandleni noma ungumholi ophakamisa ifulege. Uma unamandla amakhulu, kungenxa yosizo lwamandla kaSathane; uma uhlonishwa kakhulu, kusho ukuthi kunabaningi abakuzungezile abangalenzi iqiniso; uma ungakaxoshwa, lokho kungenxa yokuthi manje akusona isikhathi somsebenzi wokuxosha, kunalokho isikhathi somsebenzi wokuqothula. Akujahiwe ukuxosha wena njengamanje. Ngidinga nje ukulinda lolo suku lufike ngemva kokuqothulwa kwakho ukuze ngikujezise. Noma ubani ongalenzi iqiniso uzoqothulwa!

Labo abakholelwa ngobuqotho kuNkulunkulu yilabo abazimisele ukwenza izwi likaNkulunkulu, futhi yilabo abazimisele ukwenza iqiniso. Labo abangamfakazela ngobuqotho uNkulunkulu bayilabo futhi abazimisele ukwenza izwi laKhe, futhi bayilabo abangama ngempela ohlangothini lweqiniso. Labo abaceba ukuphamba futhi abenza okungalungile bonke bangabantu abangenalo iqiniso futhi bonke bahlambalaza uNkulunkulu. Labo abaxabanayo ebandleni bayizincelebane zikaNkulunkulu, futhi bafuze uSathane. Lolu hlobo lomuntu lukhohlisa kakhulu. Labo abangenakho ukuqonda futhi abangakwazi ukuma ohlangothini lweqiniso bonke bafukamela izinhloso ezimbi futhi bangcolisa iqiniso. Laba bantu bamfuze bangamshiya uSathane; ngeke besahlengeka futhi akuthandabuzwa ukuthi bonke bazoqothulwa. Labo abangalenzi iqiniso akufanele bavunyelwe babe semndenini kaNkulunkulu, nalabo abalingcolisa ngamabomu ibandla. Kodwa manje akusona isikhathi sokwenza umsebenzi wokuxosha. Bayomane bembulwe futhi baqothulwe ekugcineni. Awukho omunye umsebenzi ophilayo ozokwenziwa kulaba bantu; labo abangabakaSathane abakwazi ukuma ohlangothini lweqiniso, kuyilapho labo abafuna iqiniso bengama ohlangothini lweqiniso. Labo abangalenzi iqiniso abafaneleki ukuzwa indlela yeqiniso futhi abafaneleki ukufakaza ngeqiniso. Iqiniso akulona elezindlebe zabo kodwa likhulunyelwa izindlebe zalabo abalenzayo. Ngaphambi kokwembulwa kwesiphelo sawo wonke umuntu, labo abaphazamisa ibandla futhi baphazamise umsebenzi bayoqale bashiyelwe kolunye uhlangothi. Lapho umsebenzi usuphelile, laba bantu bayokwembulwa ngokulandelana ngaphambi kokuqothulwa kwabo. Phakathi nesikhathi sokunikeza iqiniso, basuke benganakiwe ngaleso sikhathi. Lapho lonke iqiniso lembulwa kubantu labo bantu kufanele baqothulwe, njengoba leso futhi kuyoba isikhathi lapho bonke abantu behlukaniswa ngokwezinhlobo zabo. Ngenxa yokuhlakanipha kwabo okungatheni, labo abangaqondi bayokwehlela encithakalweni ezandleni zabantu ababi futhi bayophambukiswa abantu ababi futhi ngeke bakwazi ukubuya. Laba bantu kufanele baphathwe ngale ndlela, njengoba bengalithandi iqiniso, ngoba abakwazi ukuma ohlangothini lweqiniso, ngoba balandela abantu abakhohlakele, futhi ngenxa yokuthi bahlangana nabantu ababi bangcolise uNkulunkulu. Bazi kahle kamhlophe ukuthi labo bantu abangcolile basakaza okubi kodwa baqinisa izinhliziyo zabo babalandele, benze okuphambene neqiniso. Ingabe laba bantu abangalenzi iqiniso kodwa abenza izinto ezilimazayo nezimbi bonke abenzi okubi? Nakuba kunabanye phakathi kwabo abazibiza “ngamakhosi” nalabo ababalandelayo, ingabe sonke isimo sokungcolisa kwabo uNkulunkulu asifani? Iziphi izaba abangaba nazo zokuthi uNkulunkulu akabasindisi? Iziphi izaba abangaba nazo zokuthi uNkulunkulu akalungile? Ingabe ababhujiswanga ububi babo? Ingabe akukhona ukuhlubuka kwabo okuyobashonisa esihogweni? Labo abenza iqiniso ekugcineni bayosindiswa futhi bapheleliswe ngeqiniso. Labo abangalenzi iqiniso ekugcineni bayophelela encithakalweni ngenxa yeqiniso. Lezi iziphetho ezilindele abenza iqiniso nabangalenzi. Ngiluleka labo abangacabangi ukwenza iqiniso ukuba bahambe ngokushesha ebandleni ukuze bagweme ukwenza izono eziningi. Lapho kufika isikhathi, ngisho nokuzisola kuyobe sekwephuze kakhulu, ikakhulukazi kulabo ababanga ukwahlukana, kanye nalezo zinyoka ezisebandleni kumele bahambe ngokushesha. Laba bantu bakheke njengezimpisi ngeke bashintshe, kungcono bahambe kusenethuba ebandleni, bangaphinde baphazamise ukuphila okuhle kwabafowethu nodadewethu, ukuze bagweme ukujeziswa uNkulunkulu. Labo phakathi kwenu ababalandelayo, niyobe nenza kahle uma nisebenzisa leli thuba ukuze niziveze. Ingabe niyobalandela ababi niphume ebandleni, noma niyohlala niqhubeke nokwethembeka? Kumele nicabangisise ngale ndaba. Ngininika ithuba lokugcina lokukhetha. Ngilinde impendulo yenu.

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla



Awekho amazwana:

Thumela amazwana