Voice of Justice

Voice of Justice

2017/12/13

Inkinga Enkulu: Ukukhaphela (1)

Umsebenzi Wami usuzophela. Iminyaka eminingi esiyichithe sindawonye isibe inkumbulo engabekezeleleki yenkathi edlule. Ngiye ngaphindaphinda amazwi Ami futhi angiyekanga ukuthuthuka emsebenzini Wami omusha. Empeleni, iseluleko Sami siyisakhi esidingekayo engxenyeni ngayinye yomsebenzi engiwenzayo. Ngaphandle kweseluleko Sami, nonke benizonhlanhlatha futhi nilahlekelwe kakhulu. Umsebenzi Wami usuzophela futhi ufinyelele esiphethweni; ngisafuna ukwenza umsebenzi wokunikeza iseluleko, okuwukuthi, nginikeze amazwi eseluleko sokuba nisilalele. Ngethemba ukuthi ngeke nichithe imizamo Yami yokuzikhadla futhi ngaphezu kwalokho, nizoqonda konke ukunakekela nokucabanga engikwenzile, namukele amazwi Ami njengesisekelo sendlela yokuziphatha njengomuntu. Noma ngabe nifuna ukulalela amazwi noma cha, noma ngabe nijabulela ukwamukela amazwi noma ukuwamukela ngokungakhululeki, kufanele niwathathe njengabalulekile. Ngaphandle kwalokho, izimo zenu zokuthatha kalula izinto kanye nokungabi nandaba nokuziphatha kuzongenza Ngingajabuli ngempela futhi, ngaphezu kwalokho, Kuzongicasula. Nginethemba elikhulu lokuthi nonke nizowafunda ngokuwaphindelela amazwi Ami—izikhathi eziyizinkulungwane—futhi nize niwazi ngenhliziyo. Kungaleyo ndlela kuphela ningeke ningakwenzi lokho engikulindele kini. Nokho, akekho noyedwa phakathi kwenu ophila ngale ndlela manje. Ngokuphambene, nonke nicwile empilweni yokuzitika ngokudla nokuphuza, futhi akekho phakathi kwenu osebenzisa amazwi Ami ukuze nicebise izinhliziyo kanye nemiphefumulo yenu. Yilesi isizathu esenze Ngaphetha ngokuthi isimo sangempela sesintu yiso esiyohlezi Singikhaphela futhi akekho noyedwa ongathembeka ngokuphelele emazwini Ami.

“Umuntu wonakaliswe uSathane kangangokuba akasenakho ukubonakala komuntu.” Lawa mazwi manje asethole ukuqashelwa okuthile abantu abaningi kakhulu. Kuthiwa ngenxa yokuthi “ukuqashelwa” lapha kumane kuwukwamukela okungasho lutho kunokuqhathaniswa nolwazi lweqiniso. Njengoba kungekho noyedwa phakathi kwenu ongahlola ngokunembile noma niziphenyisise ngokuphelele, ngaso sonke isikhathi anikholwa ngokuphelele, ninokungabaza okungaphelele amazwi Ami. Kodwa ngalesi sikhathi ngisebenzisa amaqiniso ukuchaza inkinga enkulu kakhulu eninayo, futhi leyo “eyokukhaphela.” Nonke nilijwayele igama elithi “ukukhaphela” ngenxa yokuthi ngaphambili abantu abaningi baye benza okuthile ukuze bakhaphele abanye, njengokuthi indoda ikhaphele umkayo, umfazi akhaphele indoda yakhe, indodana ikhaphele uyise, indodakazi ikhaphele unina, isigqila sikhaphele inkosi yaso, umngane akhaphele umngane wakhe, isihlobo sikhaphele isihlobo saso, abathengisi bakhaphele abathengi, njalonjalo. Zonke lezi zibonelo ziqukethe umongo wokukhaphela. Kafushane, ukukhaphela uhlobo lokuziphatha lapho othile ephula isithembiso, ephula izimiso zokuziphatha, noma enza ngokuphambene nezimiso zokuziphatha kwabantu, futhi okubonisa ukungabi nabuntu. Njengomuntu, kungakhathaliseki ukuthi uyakhumbula ukuthi uke wenza okuthile kokukhaphela omunye noma uma kakade uye wakhaphela abanye kaningi, empeleni, uma nazalwa kulomhlaba khona-ke niye nenza okuthile kokukhaphela iqiniso. Uma ukwazi ukukhaphela abazali bakho noma abangane khona-ke ungakwazi nokukhaphela abanye, futhi ngaphezu kwalokho ungakwazi nokukhaphela Mina futhi wenze izinto engizizondayo. Ngamanye amazwi, ukukhaphela akusona nje isimo sokuziphatha okubi, kodwa yinto eshayisana neqiniso. Lolu hlobo lwento yiyo kanye engumthombo wokuthi isintu simelane Nami futhi singangilaleli. Yingakho ngiye ngakufingqa ngalamazwi alandelayo: Ukukhaphela kuyimvelo yomuntu. Le mvelo iyisitha esingokwemvelo somuntu ngamunye ofana Nami.

Ukuziphatha kokungangilaleli Mina ngempela kuwukukhaphela. Ukuziphatha okungethembeki Kimi kuwukukhaphela. Ukungikhohlisa nokusebenzisa amanga ukuze ngiphambeke kuwukukhaphela. Ukuba nemibono eminingi nokuyisakaza yonke indawo kuwukukhaphela. Ukungavikeli ubufakazi Bami nalokho engikuthandayo kuwukukhaphela. Ukuzenzisa lapho umuntu engishiyile enhliziyweni yakhe kuwukukhohlisa. Lokhu kuziphatha konke kuyizinto ngaso sonke isikhathi eningakwazi ukuzenza, futhi zivamile phakathi kwenu. Akekho kinina ongacabanga ukuthi lokho kuyinkinga, kodwa Mina angicabangi kanjalo. Angeke ngibheke ukungikhaphela njengendaba engasho lutho, futhi ngaphezu kwalokho ngeke ngikushalazelele. Manje ngisebenza phakathi kwenu kodwa selokhu anishintshile. Uma ngelinye ilanga kungekho ozoninakekela futhi anibheke, ingabe nonke ngeke yini nibe amakhosi entaba?[a] Ngaleso sikhathi, ubani ozohlanza umonakalo ngemva kwenu lapho nenza inhlekelele enkulu? Kungenzeka nicabange ukuthi ezinye izenzo zokukhaphela ziyinto nje yangaleso sikhathi kunokuba kube ukuziphatha okuphikelelayo, futhi akufanele kubhekwe kabi kangako, kunenze ningahlonishwa. Uma nikukholelwa ngempela lokho, ngakhona-ke nintula ukuqonda. Lapho umuntu ecabanga ngokwengeziwe ngale ndlela, uba ngumfuziselo wokuhlubuka ngokwengeziwe. Imvelo yomuntu iwukuphila kwakhe, iyisimiso athembela kuso ukuze aphile, futhi akakwazi ukusiguqula. Kungokufanayo ke nangokukhaphela—uma ungenza okuthile ukuze ukhaphela isihlobo noma umngane, lokhu kubonisa ukuthi kuyingxenye yokuphila kwakho futhi kuyinto owazalwa nayo. Lokhu kuyinto okungekho muntu ongayiphika. Ngokwesibonelo, uma umuntu ethanda ukweba izinto zabanye abantu, khona-ke lokhu “kuthanda ukweba” kuyingxenye yokuphila kwakhe. Ukuthi nje ngezinye izikhathi uyeba, futhi ngezinye izikhathi akebi. Kungakhathaliseki ukuthi uyeba noma cha, lokho akubonisi ukuthi ukweba kwakhe kuwuhlobo nje lokuziphatha. Kunalokho, kubonisa ukuthi ukweba kuyingxenye yokuphila kwakhe, lokhu, kuyimvelo yakhe. Abanye abantu bazobuza: Ngoba kuyimvelo yakhe, khona-ke kungani ngezinye izikhathi aye abone izinto ezinhle kodwa angazebi? Impendulo ilula kakhulu. Kunezizathu eziningi zokuthi kungani angazebi, njengalapho into inkulu kakhulu khona ukuba ayihlwithe ngaphansi kwamehlo aqaphile, noma asikho isikhathi esikahle sokuba enze kanjalo, noma into ibiza kakhulu, iqashwe ngeso lokhozi, noma akanasithakazelo esingako kuleyo nto enhle, noma akakacabangi ngaleso sikhathi ukukusebenzisa, nokunye. Zonke lezi zizathu zingenzeka. Kodwa kungakhathaliseki ukuthi yini, noma uyeba noma cha, lokhu ngeke kubonise ukuthi lo mqondo umane uvele ngaphakathi kuye ngaleso sikhashana. Ngokuphambeneyo, lokhu kuyingxenye yemvelo yabo okunzima ukuyenza kabusha. Umuntu onjalo akaneliswa nje ukweba kanye, kodwa imicabango yokuthatha izinto zabantu zibe ngezakhe iyavuseleleka noma nini lapho ebona into enhle noma isimo esikahle. Yingakho ngithi lo mqondo awubi khona ngaso sonke isikhathi, kodwa usemvelweni yakhe lo muntu.

Noma ubani angasebenzisa amazwi akhe kanye nezenzo zakhe ukuze kubonise ubunjalo bakhe. Lobu bunjalo bakhe empeleni buyimvelo yakhe. Uma ungumuntu okhuluma ngokugwegwesa kakhulu, khona-ke unemvelo engaqondile. Uma imvelo yakho inobuqili ngempela, khona-ke indlela owenza ngayo izinto iba nobuqili nobugebengu obukhulu, futhi ubakhohlisa kalula abantu. Uma imvelo yakho iyimbi kakhulu, kungenzeka amazwi akho azwakale emnandi ukuwalalela, kodwa izenzo zakho ngeke zifihle ububi bakho. Uma imvelo yakho inokuvilapha okukhulu, khona-ke konke okushoyo kuyoba okuhloselwe ukugwema ukusolwa nomthwalo wobuvila nangokuzihudula kwakho, futhi izenzo zakho ziyoba ngezonyawo lonwabu nezokuzihudula, futhi ube kahle kakhulu ekufihleni iqiniso. Uma imvelo yakho inozwela kakhulu, khona-ke amazwi akho azoba nokucabangela futhi izenzo zakho ziyovumelana kakhulu neqiniso. Uma imvelo yakho inokwethembeka okukhulu, khona-ke amazwi akho kufanele abe qotho futhi indlela owenza ngayo izinto kufanele ibe nokuthobeka, ngaphandle kokwenza inkosi yakho ukuba ingakwethembi. Uma imvelo yakho inenkanuko enkulu noma ukuhahela imali, khona-ke inhliziyo yakho iyovama ukugcwaliswa yilezi zinto futhi uyokwenza izinto eziphambukile nezinokungcola ungaqondile okuyokwenza kube nzima ngabantu ukuba bazikhohle futhi ngaphezu kwalokho bayonengwa yizo. Njengoba nje ngishilo, uma unemvelo yokukhaphela khona-ke kuyoba nzima ngawe ukuzikhulula kuyo. Ningathembeli enhlanhleni yokuthi aninayo imvelo yokukhaphela ngenxa nje yokuthi anizange none muntu. Uma kuyilokho enikucabangayo khona-ke ninokuvukela okukhulu. Amazwi engiwakhulumile njalo aqondiswe kubo bonke abantu, hhayi nje kumuntu oyedwa noma uhlobo lomuntu. Ngenxa nje yokuthi awukangikhapheli Mina entweni eyodwa lokhu akusho ukuthi ngeke ungikhaphele ezintweni zonke. Abanye abantu balahlekelwa ukuqiniseka ekufuneni iqiniso ngesikhathi seziphazamiso emshadweni wabo. Abanye abantu balahlekelwa yisibopho sabo sokwethembeka Kimi ngesikhathi sokuwohloka komndeni. Abanye abantu bayangishiya ngenxa yokuthi bafuna injabulo nesasasa lesikhashana. Abanye abantu bangamane bangene esihosheni esinyama kunokuba baphile ekukhanyeni futhi bathole injabulo yokusebenza koMoya oNgcwele. Abanye abantu abanaki isiqondiso sabangane ngenxa yokuthi bafuna ukwanelisa ukuhahela kwabo umcebo, futhi namanje ngeke bawavume amaphutha abo bese beguquka. Abanye abantu baphila isikhashana kuphela ngaphansi kwegama Lami ukuze bathole isivikelo Sami, ngesikhathi abanye bezinikela kancane kuphela ngenxa yokuthi babambelela ekuphileni nasekwesabeni ukufa. Ingabe lokhu kanye nokunye ukuziphatha kabi futhi ngaphezu kwalokho izenzo ezingahlonipheki ukuziphatha nje kwabantu okukade bangikhaphela ekujuleni kwezinhliziyo zabo? Yiqiniso, ngiyazi ukuthi ukukhashelwa abantu kwakungahleliwe phambilini, kodwa ukubonakaliswa okwengokwemvelo kwemvelo yabo. Akekho umuntu ofuna ukungikhaphela, futhi ngaphezu kwalokho akekho ojabulayo ngenxa ngokwenza okuthile ukuze angikhaphele. Ngokuphambeneyo, bayathuthumela ngokwesaba, akunjalo? Ngakho ingabe nicabanga ngokuthi ningakukhulula kanjani lokhukukhaphela, nokuthi ningasishintsha kanjani isimo samanje?

Imibhalo yaphansi:

a. Isisho sesiShayina, incazelo engokoqobo ithi “abaphangi abahlala ezintabeni futhi bazibiza ngokuthi bangamakhosi.”





Awekho amazwana:

Thumela amazwana