Voice of Justice

Voice of Justice

2019/03/30

Ukukholwa KuNkulunkulu Kumele Kugxile Eqinisweni, Hhayi Emasikweni Enkolo

iziprofetho zeBhayibheli,ivangeli

Mangaki amasiko enkolo owagcinayo? Kukangaki uhlubuka ezwini likaNkulunkulu futhi uhamba indlela yakho? Kukangaki lapho wenze izwi likaNkulunkulu ngenxa yokuba ucabanga ngokweqiniso ngemithwalo Yakhe futhi ufuna ukufeza isifiso Sakhe? Qonda izwi likaNkulunkulu futhi ulenze. Yiba nemigomo ezenzweni zakho; lokhu akusikho ukuhambisana nemithetho noma ukwenze njalo ngokungathandi kodwa ukuze ubonwe. Kunalokho, lokhu kuwukwenza iqiniso kanye nokuphila ngezwi likaNkulunkulu.

2019/03/28

Yilabo Abazi Umsebenzi KaNkulunkulu Namuhla Kuphela Abangasebenzela UNkulunkulu

UMoya oNgcwele,ukukholwa ngeqiniso


        Ukuze unikeze ubufakazi ngoNkulunkulu futhi uhlazise udrako omkhulu obomvu kumele ube nesimiso, kanye nomgomo: Enhliziyweni yakho kumele uthande uNkulunkulu, futhi ungene emazwini kaNkulunkulu. Uma ungangeni emazwini kaNkulunkulu, awunakuba nayo nhlobo indlela yokuhlazisa uSathane. Ngokukhula ekuphileni kwakho, ulahla udrako omkhulu obomvu futhi umhlazisa ngokuphelele, futhi yileyo kuphela indlela yokuhlaza ngempela udrako omkhulu obomvu.

2019/03/26

Mayelana Nenqubo Yokuthandaza

Umthandazo,Iqiniso
         
        Aninaso isikhathi sokuthandaza empilweni yenu yansuku zonke. Abantu bahlezi bengawunaki umthandazo. Imithandazo yabo yayivame ukuchitha icala nje phambi kukaNkulunkulu. Akekho owayeke anikele ngokupheleleyo ngenhliziyo yakhe phambi kukaNkulunkulu futhi axoxe ngomkhuleko oyiqiniso noNkulunkulu.

2019/03/24

Labo Abalalela UNkulunkulu Ngenhliziyo Yeqiniso Bayozuzwa Ngokuqinisekileyo NguNkulunkulu

iziprofetho zeBhayibheli,ivangeli

        Umsebenzi kaMoya oNgcwele uyaguquka usuku nosuku, unyukela phezulu isinyathelo ngasinye; isambulo sakusasa singaphezulu kwesanamuhla, isinyathelo ngesinyathelo sikhuphuka sinyukela phezulu njalo. Unjalo umsebenzi uNkulunkulu aphelelisa ngawo umuntu. Uma umuntu engakwazi ukuhambisana naye, angashiywa emuva noma ngasiphi isikhathi.

2019/03/22

INkathi Yombuso YiNkathi Yezwi


ENkathini Yombuso, uNkulunkulu usebenzisa izwi ukungenisa inkathi entsha, ukuguquka izindlela zomsebenzi Wakhe, nokwenza umsebenzi waso sonke isikhathi. Lesi yisimiso uNkulunkulu asebenza ngaso eNkathini Yezwi. be yinyama womuntu ukuze akhulume ngezindlela ezahlukene, ehlomisa umuntu ukuthi abone uNkulunkulu ngeqiniso, oyiZwi elivela enyameni, nangobuhlakani nezimangaliso Zakhe. Umsebenzi onjalo wenzelwe ukufinyelela kangcono emigomweni yokunqoba umuntu, yokumphelelisa, neyokumsusa.

2019/03/20

Ukubhekana Nezilingo Ezibuhlungu Kuphela Okungakwenza Wazi Ubuhle BukaNkulunkulu

Iqiniso,umusa kaNkulunkulu


Ngempela ngempela umthanda kangakanani uNkulunkulu namhlanje? Futhi kungakanani konke okwaziyo uNkulunkulu akwenzile kuwe? Lezi yizinto okufanele uzifunde. Ngenkathi uNkulunkulu efika emhlabeni, konke lokho akwenzile kumuntu navumele umuntu ukuthi akubone ukwenze ukuze umuntu amthande Yena futhi amazi ngempela Yena.

2019/03/18

Ukuthanda uNkulunkulu kuphela Okuwukukholwa kuNkulunkulu Ngeqiniso

umusa kaNkulunkulu,Iqiniso

Namhlanje, njengoba ufuna ukuthanda nokwazi uNkulunkulu, kolunye uhlangothi, kufanele ubekezelele ubunzima kanye nokucwengwa, futhi kolunye, kumele ukhokhe inani. Asikho isifundo esibaluleke ukwedlula isifundo sokuthanda uNkulunkulu, futhi kungathiwa isifundo abantu abasifundayo esikhathini sabo sonke sokuphila bekholwa ukuthi ungamthanda kanjani uNkulunkulu. Okusho ukuthi, uma ukholwa kuNkulunkulu kufanele umthande uNkulunkulu.

2019/03/16

Yilabo Abazi UNkulunkulu Kuphela Abangafakaza ngoNkulunkulu

Iqiniso,uJesu

Kungumthetho waseZulwini nesimiso sasemhlabeni ukukholelwa kuNkulunkulu nokwazi uNkulunkulu, kanti namuhla—ngesikhathi lapho uNkulunkulu osesimweni somuntu enza umsebenzi Wakhe—yisikhathi esihle sokwazi uNkulunkulu. Ukwanelisa uNkulunkulu kwenzeka ngokuba nesisekelo sokuqonda intando kaNkulunkulu, futhi ukuze uqonde intando kaNkulunkulu, kudingeka wazi uNkulunkulu.

2019/03/14

Indlela UPetru Amazi Ngayo UJesu

uJesu insindiso kaNkulunkulu

Esikhathini uPetru asichitha enoJesu, wabona izinto eziningi ezenza uJesu athandeke, izinto okufanele zilingiswe, futhi eziningi zaboniswa yena. Nakuba uPetru abubona ngezindlela eziningi ubuntu bukaNkulunkulu kuJesu, futhi abona ubuntu obuningi obuthandekayo, ekuqaleni wayengamazi uJesu. UPetru, waqala ukulandela uJesu lapho eneminyaka engama-20 yobudala, futhi waqhubeka emlandela iminyaka eyisithupha. Phakathi naleso sikhathi, wayengamazi uJesu, kodwa wayekulungele ukumlandela ngobuqotho ngoba emazisa.

2019/03/12

Labo Abathanda UNkulunkulu Bayophila Phakathi Kokukhanya Kwakhe Ingunaphakade

Iqiniso,Umthandazo,ukuphila kwaphakade

Ingqikithi yokukholelwa kwabantu abaningi kuNkulunkulu iwukuqiniseka ngenkolo: Abanawo amandla okuthanda uNkulunkulu, bakwazi kuphela ukumlandela njengerobhothi, abakwazi ukulangazelela uNkulunkulu ngeqiniso noma ukumdumisa. Bamane bamlandela ngokuzenzakalelayo. Abantu abaningi bayakholelwa kuNkulunkulu, kodwa bayingcosana kakhulu abathanda uNkulunkulu; bamhlonipha kuphela uNkulunkulu ngenxa yokwesaba inhlekelele, noma bababaza uNkulunkulu ngoba uphakeme futhi unamandla—kodwa ekumdumiseni nasekumbabazeni kwabo alukho uthando noma ukulangazelela kwangempela.

2019/03/10

Ingabe Usuyaphila?

ukulandela intando KaNkulunkulu insindiso kaNkulunkulu

Lapho usuzuze ukuphila ubuntu obujwayelekile, futhi uye wapheleliswa, nakuba ungenakukwazi ukukhuluma isiprofetho, noma ezinye izimfihlakalo, uzophila futhi uzokwambula isithombe somuntu. UNkulunkulu wadala umuntu, ngemva kwalokho umuntu wonakaliswa uSathane, futhi lokhu konakala kwenze abantu baba “yizidumbu”—futhi lapho usushintshile, uyohluka kule mizimba efile. Amazwi kaNkulunkulu anikeza ukuphila emoyeni wabantu futhi abenze bazalwe kabusha, futhi lapho umoya wabantu uzalwe kabusha bazobe sebephila. Ukukhuluma “ngababafileyo” kubhekisela ezidunjini ezingenawo umoya, kubantu abamoya wabo ufile.

2019/03/08

Ukuba Nesimo Esingaguquki Ukuba Yisitha SikaNkulunkulu

Iqiniso,umusa kaNkulunkulu

Ngemva kweminyaka eyizinkulungwane ezimbalwa zenkohlakalo, umuntu waba ndikindiki wangahlakanipha, waba idimoni eliphikisa uNkulunkulu kangangokuba ukuhlubuka komuntu kuNkulunkulu kuqoshwe ezincwadini zomlando kanti umuntu ngokwakhe akakwazi ukunikeza izizathu ezanele zalokhu kuhlubuka kwakhe – ngoba umuntu wonakaliswe kakhulu uSathane, wadukiswa nguSathane kangangokuthi akazi nokuthi abheke ngaphi.Ngisho nanamuhla, umuntu usamkhaphela uNkulunkulu: Lapho umuntu ebona uNkulunkulu uyamkhaphela, futhi noma engamboni uNkulunkulu nalapho futhi uyamkhaphela.

2019/03/06

Bonke Abantu Abangamazi UNkulunkulu Bangabantu Abaphikisana NoNkulunkulu

yazi uNkulunkulu,intando kaNkulunkulu,uNkulunkulu wokuhlakanipha


Ukuze kuqondwe inhloso yomsebenzi kaNkulunkulu, umphumela okufanele umuntu afinyelele kuwo, kanye nentando kaNkulunkulu ngomuntu, yilokhu okufanele wonke umuntu olandela uNkulunkulu afinyelele kukho. Manje into abantu bonke abayiswele ukwazi umsebenzi kaNkulunkulu. Umuntu akazi futhi akaqondi ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu kumuntu uyini empeleni, umsebenzi kaNkulunkulu uwonke, kanye nentando kaNkulunkulu kusukela ekudalweni komhlaba.

2019/03/04

Umsebenzi Nokungena (6)

UNkulunkulu uSomandla,umusa kaNkulunkulu,Iqiniso

Umsebenzi nokungena kuyizinto ezizuzwa ngokoqobo futhi eziqondiswe emsebenzini kaNkulunkulu nasekungeneni komuntu. Umuntu akabuqondisisi ubuso bukaNkulunkulu bangempela nomsebenzi kaNkulunkulu olethe ubunzima obukhulu ekungeneni kwakhe. Kuze kube namuhla, abantu abaningi abakawuboni umsebenzi uNkulunkulu awufeza ngezinsuku zokugcina noma ukuthi kungani uNkulunkulu ebekezelela ukuhlazeka okungaka bokuza enyameni abhekane nosizi lomuntu.

2019/03/02

Umsebenzi Nokungena (9)

UNkulunkulu uSomandla,Iqiniso

Izimfundiso zamasiko kanye nemibono engashintsheki bekulokhu kukhona kusukela kwaba khona umoya womuntu ofana nowengane, zihlasele umphefumulo womuntu ngaphandle kobuntu obuncane, njengokungathi kunomuzwa noma kuzwa okuthile. Izindlela zala mademoni zigcwele inkohlakalo eyedlulele, kunjengokungathi “imfundo” kanye “nokukhulisa” kuphenduke izindlela zesiko inkosi yodeveli ebulala ngazo umuntu; isebenzisa “imfundiso ejulile” yayo ukwemboza umphefumulo wayo omubi, yembathe isikhumba semvu ukuze yethenjwe abantu, bese idlala ngabo lapho belele ukuze ibashwabadele ngokuphelele.