Voice of Justice

Voice of Justice

2019/02/28

Isenzo (1)

umusa kaNkulunkulu,Iqiniso

Esikhathini esedlule, bekunokuchezuka okuningi ngendlela abantu ababebona ngayo izinto, futhi bekungaba okungenangqondo. Ngenxa yokuthi babengawaqondi amazinga okudingakalayo zikaNkulunkulu, bekunezindawo eziningi lapho izinto abantu abazenzayo zahamba ngokungafanele. UNkulunkulu ufuna abantu baphile ngobuntu obujwayelekile. Ngokwesibonelo, izindlela zabantu besimanje mayelana nokudla nezingubo abazigqokayo.

2019/02/26

Ungakunaka Kanjani Ukuthunywa Kwakho Kwesikhathi Esizayo

khonza uNkulunkulu,insindiso kaNkulunkulu,ubufakazi,


        Ungakwazi yini ukuveza isimo sikaNkulunkulu wesikhathi ngolimi olufanele olunokubaluleka kwenkathi? Uma ubheka odlule kukho emsebenzini kaNkulunkulu, ngabe ungasichaza ngemininingwane isimo sikaNkulunkulu? Ungasichaza kanjani ngokuyikho, ngendlela efanele? Ukuze ngalokhu, abanye bafunde ngodlule kukho.

2019/02/24

Lapho kuya kuNkulunkulu, kuthini ukuqonda kwakho?


Abantu sebekholwe kuNkulunkulu isikhathi eside, nokho abaningi kubo abaliqondi igama elithi “Nkulunkulu.” Bayalandela nje ngokudideka. Abaqondi ukuthi kungani umuntu kumele akholwe kuNkulunkulu noma ukuthi ngempela uyini uNkulunkulu. Uma abantu bazi ukukholwa nokulandela uNkulunkulu kuphela, kodwa bengazi ukuthi uyini uNkulunkulu, futhi bengamqondi uNkulunkulu, ngabe lokhu akusilo yini ihlaya elikhulu emhlabeni? Nakuba abantu manje sebebone izimfihlakalo eziningi zasezulwini futhi sebezwile ngolwazi olujulile umuntu abengakaze abe nalo ngaphambili, basebumnyameni ngamaqiniso amaningi alula, futhi angakacatshangwa okwamanje.

2019/02/22

Kushoni Ukuba Umuntu Woqobo

umusa kaNkulunkulu,Iqiniso

Ukuphatha umuntu umsebenzi Wami, nokumenza ukuba anqontshwe Yimi kwakumiswe endulo ngenkathi ngidala umhlaba. Abantu abazi ukuthi ngizobanqoba ngokuphelele ezinsukwini zokugcina, futhi abakaqapheli ukuthi ubufakazi Bami bokunqoba uSathane ukunqoba labo bantu abangalaleli. Kodwa besengisitshelile isitha Sami ngenkathi sishikashikeka Nami ukuthi ngizoba umnqobi walabo abathathwe uSathane nokukade baphenduka abantwana bakhe, nezisebenzi zakhe ezithembekile ezilinde umuzi wakhe.

2019/02/20

Yini Oyaziyo Ngokukholwa?

ivangeli,UMoya oNgcwele


        Kumuntu kukhona izwi lokukholwa elingenasiqiniseko, nokho umuntu akazi ukuthi yini eyakha ukukholwa, ingasaphathwa eyokuthi kungani enokholo. Umuntu uqonda okuyingcosana futhi umuntu ngokwakhe akanalwazi; umane abe nokukholwa Kimi ngokungacabangi nangokungabi nalwazi. Nakuba engazi ukuthi kuyini ukukholwa nokuthi kungani ekholelwa Kimi, uyaqhubeka nokukwenza ngokuthatheka.

2019/02/18

Akekho Umuntu Osenyameni Ongabalekela Usuku Lolaka

UNkulunkulu uSomandla Amazwi KaNkulunkulu


        Namuhla, ngikukhuzela ukuthi kusinde wena, ukuze umsebenzi Wami uqhubeke ngempumelelo, nokuthi umsebenzi Wami wokuqala wenziwe ngokufanele nangokuphelele emhlabeni jikelele, ngokuveza amazwi Ami, negunya, nokuphakama kanye nokwahlulela abantu bakuwo wonke amazwe nezinhlanga. Umsebenzi engiwenza phakathi kwenu uyisiqalo somsebenzi wami emhlabeni jikelele.

2019/02/16

Umsindisi Usebuyile “Esefwini Elimhlophe”

UNkulunkulu uSomandla ivangeli


        Ezinkulungwaneni eziningi zeminyaka, umuntu ubelokhu elangazelela ukubona ukufika koMsindisi. Umuntu ubelokhu elangazelela ukubona uJesu uMsindisi esefwini elihlophe njengoba ehla, engumuntu, phakathi kwalabo ababemlangazelele nababefisa ukumbona izinkulungwane zeminyaka. Umuntu ubelokhu elangazelela ukubuya koMsindisi futhi ezozihlanganisa nabantu, okungukuthi, uJesu uMsindisi ukuba abuye kubantu asehlukane nabo iminyaka eyizinkulungwane.

2019/02/14

Umsebenzi Wokusabalalisa IVangeli Umsebenzi Futhi Wokuhlenga Umuntu

UNkulunkulu uSomandla insindiso kaNkulunkulu
        
        Bonke abantu badinga ukuqonda inhloso yomsebenzi Wami emhlabeni, okungukuthi, injongo yokugcina yomsebenzi Wami kanye nezinga ekumele ngifinyelele kulo kulo msebenzi ngaphambi kokuba ungaqedwa. Uma, emva kokuhamba nami kuze kube kulolu suku, abantu bengaqondi ukuthi umsebenzi Wami umayelana nani, lokho akusho ukuthi bekuyize ukuhamba Nami? Abantu abahamba Nami kumele bayazi intando Yami.

2019/02/12

Umsebenzi ENkathini Yomthetho

Amazwi KaNkulunkulu Iqiniso

Umsebenzi uJehova awenza kuma-Israyeli wamisa phakathi kwesintu indawo kaNkulunkulu yokudabuka emhlabeni, futhi okwakuyindawo engcwele ayekhona kuyo. Wawugcina umsebenzi wakhe ukubantu bakwa-Israyeli kuphela. Ekuqaleni, akazange asebenze ngaphandle kwakwa-Israyeli; kunalokho, wakhetha abantu abathola befanelekile ukuze anciphise ububanzi bomsebenzi Wakhe. Kwa-Israyeli yindawo lapho uNkulunkulu adala khona u-Adamu no-Eva, futhi ngothuli lwaleyo ndawo, uJehova wenza umuntu; le ndawo yaba yisizinda somsebenzi Wakhe emhlabeni.

2019/02/10

Indaba Eyiqiniso Ngomsebenzi Wenkathi Yokuhlengwa


        Lonke uhlelo Lwami lokuphatha, uhlelo oluhlanganisa iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha, lunezigaba ezintathu, noma izinkathi ezintathu: Inkathi yoMthetho ekuqaleni; Inkathi yoMusa (ephinde yaziwe ngokuthi Inkathi yokuHlengwa); neNkathi yoMbuso ezinsukwini zokugcina.

2019/02/08

Kumele Wazi Ukuthi Bonke Abantu Bathuthuke Kanjani Kuze Kufike Esikhathini Samanje

UMoya oNgcwele Iqiniso

Wonke umsebenzi kule minyaka eyizi-6,000 uye ngokushintsha kancane kancane ngokuhambisana nesikhathi. Ushintsho kulo msebenzi lwenzeke ngokuhambisana nesimo somhlaba wonke. Umsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha uguquke kancane kancane ngokulandela ukushintsha kwemikhuba yabantu bebonke; hhayi ukuthi kwakuhlelwe ekuqaleni kokudala. Ngaphambi kokuthi kudalwe umhlaba, noma emva nje kokuthi udaliwe, uJehova wayengakasihleli isigaba sokuqala somsebenzi, leso somthetho; isigaba sesibili, leso esomusa; noma isigaba sesithathu, esokunqoba, lezi okokuqala ayezozisebenza phakathi kweqembu labantu–abanye beyizizukulwane zikaMowabi, kanti kusukela ngalokhu uzonqoba umhlaba wonke.

2019/02/06

Okumayelana Namagama nokuthi Unguban

uJesu Iqiniso

Uma ufisa ukulungela ukusetshenziswa uNkulunkulu, kufanele wazi umsebenzi kaNkulunkulu; kufanele wazi umsebenzi awenza esikhathini esidlule (eTestamenteni Elisha neliDala), futhi ngaphezu kwalokho, kufanele wazi umsebenzi Wakhe wanamuhla. Okusho ukuthi, kufanele wazi izigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu eminyakeni eyizi-6,000. Uma ucelwe ukuba usabalalise ivangeli, angeke ukwazi ukwenza kanjalo ngaphandle kokwazi umsebenzi kaNkulunkulu. Umuntu angakubuza ngokushiwo nguNkulunkulu wakho ngeBhayibheli, iTestamente Elidala, nomsebenzi namazwi kaJesu kwangaleso sikhathi.

2019/02/04

Abaphelelisiwe Kuphela Abangaphila Impilo Enohlonze

UNkulunkulu uSomandla intando kaNkulunkulu

        Eqinisweni, umsebenzi owenziwa manje owokuthi abantu bafulathele uSathane, bafulathele ukhokho wabo omdala. Zonke izahlulelo ngezwi zihlose ukudalula isimo esikhohlakele sesintu nokwenza abantu baqonde isiqu sempilo.Lezi zahlulelo eziphindaphindiwe zonke zigwaza izinhliziyo zabantu.Isahlulelo ngasinye sinomthelela ngqo emphumeleni wabo kanti sihloselwe ukudala amanxeba ezinhliziyweni zabo khona bezoyeka zonke lezo zinto ngaleyo ndlela bagcine beyazi impilo; bazi lo mhlaba ongcole kangaka, futhi bazi ubuhlakani bukaNkulunkulu nokuba nguSomandla futhi bazi lesi sintu esonakaliswe nguSathane.

2019/02/02

Umuntu Oye Wachaza UNkulunkulu Ngokwemibono Yakhe Angazithola Kanjani Izambulo ZikaNkulunkulu?


Umsebenzi kaNkulunkulu uyaqhubeka nokuthuthuka, futhi nakuba inhloso yomsebenzi Wakhe ingaguquki, izindlela asebenza ngazo ziyaguquguquka njalo, kanjalo nangalabo abalandela uNkulunkulu. Ubuningi bomsebenzi kaNkulunkulu, busho ukuthi abantu sebemazi kahle uNkulunkulu, nesimo somuntu siguquka ngokuhambisana nomsebenzi Wakhe. Kodwa-ke, kungenxa yokuthi umsebenzi kaNkulunkulu uyaguquka yingakho labo abangawazi umsebenzi woMoya oNgcwele nalabo abangenangqondo abangalazi iqiniso babe abaphikisi bakaNkulunkulu.